Okwakwenza Bangesabi Ukukhuluma
UMA kubhekwa emuva, kungashiwo ukuthi ukungqubuzana koFakazi BakaJehova nobuNazi, noma i-National Socialism, kwakungenakugwenywa nakancane. Ngani? Ngenxa yezimfuno eziqinile zamaNazi ezazingqubuzana nezinkolelo ezintathu zoFakazi eziyisisekelo ezisekelwe eBhayibhelini. Lezo zinkolelo yilezi: (1) UJehova uNkulunkulu unguMbusi Ophakeme. (2) AmaKristu eqiniso awathathi hlangothi kwezombangazwe. (3) UNkulunkulu uyobavusa abaye bakholeka kuye kwaze kwaba sekufeni.
Lezi zinkolelo ezisekelwe eBhayibhelini zaqinisa ukuma okuqinile koFakazi BakaJehova ngokumelene nezimfuno zamaNazi zokungamesabi uNkulunkulu. Ngakho, ngesibindi badalula indlela ubuNazi obabububi ngayo.
OFakazi BakaJehova benqaba ukudumisa uHitler. Benqaba ngoba babheke kuNkulunkulu ukuze bathole insindiso futhi baye banikezela ukuphila kwabo kuye yedwa. IBhayibheli lithi ngoJehova: “UngoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.
Eqinisweni, ukuthi “Heil Hitler” kwakusho ukuthi insindiso ivela kuHitler. Ngakho oFakazi babengenakukholeka kuNkulunkulu kodwa ngesikhathi esifanayo badumise umuntu othile. Ukuphila kwabo kanye nobuqotho nokwethembeka kwabo kwakungokukaNkulunkulu.
OFakazi BakaJehova babenezibonelo zangaphambili ezisobala zokwenqaba ukulalela izimfuno zikaHitler ezingalungile. Ngokwesibonelo, lapho abaphostoli bakaJesu bekhulu lokuqala beyalwa ukuba bayeke ukumemezela izindaba ezinhle ngoKristu, benqaba. Bathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” IBhayibheli lithi ngenxa yokuma kwabo okuqinile, iziphathimandla ‘zababhambabula, futhi zabayala ukuba bayeke ukukhuluma ngesisekelo segama likaJesu.’ Nokho, abaphostoli benqaba ukulalela lowo myalo wokwedelela uNkulunkulu. “Baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.”—IzEnzo 5:29, 40-42.
AmaKristu amaningi okuqala afa ngoba alalela uNkulunkulu kunabantu. Amashumi afa ezinkundleni zaseRoma ngoba empeleni enqaba ukudumisa uKesari ngokwenza isenzo sokumkhulekela. Kodwa kubantu abanjalo kwakuwudumo nokunqoba ukuzibonakalisa bekholekile kuNkulunkulu kuze kube ngisho nasekufeni, njengoba nesosha eliyiqhawe lizimisele ukufela izwe lakubo.
Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova basekela uhulumeni owodwa vó, uMbuso kaNkulunkulu, abanye baye bababheka njengosongo. Kodwa lokho kungamanga aluhlaza. Njengoba belingisa abaphostoli bakaJesu, “abayona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Abathathi hlangothi kwezombangazwe. Ngenxa yobuqotho babo kuNkulunkulu, balalela imithetho yohulumeni babantu abangaphansi kwabo. Ngempela, bayisibonelo ‘ngokuzithoba kwabo emagunyeni aphakeme.’ (Roma 13:1) Abakaze basekele isenzo sokuvukela noma imuphi uhulumeni wabantu!
Nokho, kunomngcele ongenakweqiwa ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Kuwumngcele phakathi kwesibopho soFakazi BakaJehova kubantu nesibopho sabo kuNkulunkulu. Banikeza uKesari, noma amagunya kahulumeni, okungokwakhe kodwa banikeza uNkulunkulu okungokwaKhe. (Mathewu 22:21) Uma noma ubani ezama ukufuna kubo lokho okungokukaNkulunkulu, lowo mzamo uyokwehluleka.
Kuthiwani uma uFakazi esongelwa ngokufa? OFakazi BakaJehova banethemba eliqinile emandleni kaNkulunkulu okubabuyisela ekuphileni. (IzEnzo 24:15) Ngakho oFakazi banesimo sengqondo esifanayo nesamaHeberu amathathu asemasha eBabiloni lasendulo. Lapho esongelwa ngokufa esithandweni somlilo, atshela iNkosi uNebukadinesari: “Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula . . . Makwazeke kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”—Daniyeli 3:17, 18.
Ngakho, njengoba kuphawuliwe ngaphambili, lapho uHitler eqala ukuziphakamisa njengonkulunkulu, ukushayisana kwemibono kwakungenakugwenywa. IThird Reich, eyayisilungele impi, yazithola ibhekene nebutho elincane loFakazi BakaJehova elalifungele ukuba qotho kuNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu onguMninimandla onke, uJehova. Nokho, ngisho nangaphambi kokuba impi iqale, umphumela wawusunqunyiwe.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ukukholeka Kuze Kube Sekufeni
UWOLFGANG KUSSEROW wayengomunye wababulawa ngenxa yokuthi walondoloza ukukholeka kuNkulunkulu futhi wenqaba ukusekela ubuNazi. Ngaphambi nje kokuba anqunywe ngo-March 28, 1942, wabhalela abazali bakhe nezingane zakubo: “Manje, njengendodana yenu yesithathu nomfowenu, kumelwe nginishiye kusasa ekuseni. Ningadumali, ngoba siyofika isikhathi lapho siyophinde sibe ndawonye. . . . Yeka ukuthi injabulo yethu iyoba nkulu kangakanani ngaleso sikhathi, lapho siphinde sibonana! . . . Manje sihlukanisiwe, futhi ngamunye wethu kumelwe abhekane novivinyo; khona-ke siyovuzwa.”
Ngaphambi nje kokubulawa kwakhe ngo-January 8, 1941, uJohannes Harms wathi encwadini yokugcina ayibhalela uyise: “Isigwebo sami sentambo kakade sesikhishiwe futhi ngiboshwa ngamaketanga imini nobusuku—amabala (asephepheni) abangelwe ozankosi . . . Baba othandekayo, ngiyakunxusa ngoboqotho, hlala ukholekile, njengoba ngiye ngazama ukuhlala ngikholekile, khona-ke siyophinde sibonane. Ngizobe ngicabanga ngawe kuze kube sekugcineni.”