Omagazini Abanikeza Induduzo Yangempela
“NGITHANDA ukunibonga kakhulu ngezihloko ezinhle neziwusizo enisinikeze zona ukuba sizisebenzise, ikakhulukazi eminyakeni embalwa edlule. Lapho ngithola ezinye zazo, ngiye ngakhala dlí ngibonga uJehova ngoba abangane bethu abaningi abaseqinisweni bebekudinga ngempela ukwaziswa okunjena. Ngibhekisele komagazini abanjengalabo abakhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana, ukukhulela emikhayeni yemilutha yotshwala, ukudlwengulwa, nobudlova basekhaya.”—ULinda W. S., Indiana, U.S.A.
Lawomazwi ayeyisethulo senye yezincwadi eziningi ezikhuthazayo esiye sazithola eminyakeni yamuva nje ngokuqondene nalokho okuqukethwe omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, abanyatheliswa i-Watch Tower Society basakazwe oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.
Lapho sicabangela ukuthi kusakazwa amakhophi e-Nqabayokulinda angaphezu kuka-16 000 000 ngezilimi ezingu-120 nokuthi kusakazwa amakhophi e-Phaphama! angaba ngu-13 000 000 ngezilimi ezingu-75, khona-ke singawuqonda umphumela walamaphephabhuku emhlabeni wonke. OFakazi BakaJehova bawanikeza abantu lapho besenkonzweni yabo yendlu ngendlu nasekufakazeni ngokwethukela, okubhekisela ezenzakalweni ezingahlelwanga kusengaphambili, njengalapho beyothenga, bethela uphethiloli, behamba ngamabhasi, ngezitimela, nangezindiza, noma nganoma isiphi isikhathi esifanelekile ekuphileni kwansuku zonke. Nokho, abanye oFakazi baye bathola izindlela abazisungulela zona neziphumelelayo zokuhambisa labomagazini nawe ongase uthande ukuzizama.
Ukuvakashela Izinhlangano Zochwepheshe
Isikhonzi esithile esijikelezayo sasibhalela okulandelayo ngemisebenzi yenkuthalo yomunye uFakazi: “Uqikelela ukuba aqoqe amakhophi amadala omagazini abathile be-Phaphama! abanqwabelene emakhaya abanye oFakazi. Khona-ke uvakashela izinhlangano anomuzwa wokuthi zingase zibonise isithakazelo esikhethekile kwamanye alamakhophi.” Yiziphi izinhlangano aye wazivakashela?
“Uye wagxila ezinhlanganweni zezenhlalakahle, ezikhungweni ezimelene nokukhishwa kwezisu, e-Planned Parenthood, kodokotela bezifo zengqondo, ezazini zokusebenza kwengqondo, eminyangweni yamaphoyisa, emahhovisi okulengisa izigwebo, ezikhungweni zokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala, ezikhungweni zokwelapha nokuvimbela ukuxhashazwa kwabantwana, eminyangweni yezenhlalakahle (acele abasingethe amacala athile), eminyangweni yesifunda yezempilo, ezinkulisa, ezikoleni, ezikhungweni zokunqanda ukucindezeleka, futhi ngesinye isikhathi kumphathi-dolobha othile.” Uye waphumelela kangakanani?
“Selokhu aqala ukugxila kulensimu eyingqayizivele ezinyangeni eziyisithupha ezidlule, usehambise omagazini abadala abangu-1 784 abakhuluma ngezindaba ezihlukene!”
LoFakazi wenza kanjani lapho evakashela lababantu abangochwepheshe? Uthi: “Ngicabanga ukuthi esinye isizathu esenza ukuba lokhu kuvakasha kuphumelele kangaka, ngaphandle kweqiniso lokuthi labomagazini babexoxa ngezinto lababantu ababhekana nazo nsuku zonke, siwukuthi sigqoka futhi sizethule ngendlela yobuchwepheshe.” Ngokuqinisekile abantu abangochwepheshe bayosihlonipha uma sizethemba, sizimisele futhi sigqoke futhi sazilungisa ngendlela efanelekile.
Uyaqhubeka nokulandisa kwakhe: “Sasihambisa i-Phaphama! ekhuluma ngokukhishwa kwezisu (May 22, 1993), ngakho nganquma ukuvakashela isikhungo esimelene nokukhishwa kwezisu. Ngaqala ingxoxo ngombiko wezindaba ophathelene nokukhishwa kwesisu ngobudlabha ngase ngidlulela kumagazini, kanye ne-Nqabayokulinda. Saba nengxoxo emnandi kangangokuthi ngahambisa nencwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, abayamukela ngenjabulo.” Ngokulandelayo wavakashela esikhungweni se-Planned Parenthood lapho aphumelela khona ngendlela efanayo.a
Ukuthatha isinyathelo kuqala ngalendlela kungaqhubeka nokwandisa inani labantu abasabela kahle. Ngokwezincwadi esizamukele siyazi ukuthi abantu abangochwepheshe ngokuvamile bahlabeka umxhwele ngokucwaninga kanye nendlela enhle omagazini bethu ababhalwe ngayo. Lokhu kuyiqiniso kangangokuthi kwamanye amazwe, njengaseSuriname, eNingizimu Melika, i-Phaphama! isetshenziswa abafundi nothisha njengomagazini oyinhloko wezemfundo. OFakazi kuleyondawo bahambisa inani eliphakeme lomagazini, futhi abathakazelayo bawulindela ngenjabulo umagazini ngamunye.
Omunye umbiko ovela eNigeria walandisa ngesiteshi somsakazo esasicaphuna ngokuqondile amazwi kumagazini i-Phaphama! onesihloko esithi “Abesifazane—Bafanelwe Inhlonipho.” (July 8, 1992) Lokho kubonisani? Ukuthi singabahambisa ngokuphumelelayo labomagazini kubaqondisi beziteshi zomsakazo neze-TV. Kudingeka nje ukutadisha umagazini ngamunye bese sicabanga ukuthi ibaphi ochwepheshe bendawo abasingatha izindaba okuxoxwa ngazo, kungakhathaliseki ukuthi bangabameli, othisha, abeluleki, amaphoyisa, abahlengikazi, odokotela, noma amalungu anoma yimuphi omunye umkhakha wezobuchwepheshe.
Omunye uFakazi uye wasebenzisa indlela ehlukile ngokuqala intshumayelo yakhe ngokubuza, “Uyakuthanda yini ukuphendula imibuzo? Abantu abaningi bayakuthanda. Nansi eminye kulomagazini i-Phaphama! (January 8, 1994, noma ka-September 8, 1994) enesihloko esithi ‘Wake Wazibuza Yini?’ Kungani ungazibhali phansi izimpendulo zakho zalemibuzo, mina-ke ngizobuya ngolunye usuku ukuze siziqhathanise nezimpendulo zeBhayibheli.” Uye waba nezingxoxo eziningi ezithakazelisayo ngokusebenzisa lendlela waqala nezifundo zeBhayibheli eziningana.
Okunye ukusikisela okuwusizo ukubonisa uchwepheshe othile oxoxa naye omagazini bamuva abanezihloko ezingase zimthakazelise. ULinda, ocashunwe ngaphambili, waba nokuhlangenwe nakho okulandelayo ekuxoxeni nomqondisi/umeluleki wesikole esithile esinesimiso sezifundo ezithuthukisiwe. “Njengoba sasiphenya labomagazini, wabona isihloko esithi ‘Izingane Ezicindezelekile’ wayesethi, ‘Uthunyelwe uNkulunkulu namuhla!’ Ngalo kanye lolosuku wayesingatha ingxenye ephathelene nendlela izingane ezingakugwema ngayo ukucindezeleka. Lapho ebona okuhlangenwe nakho okusekhasini elingemuva okumemezela incwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo, wacela ikhophi. Ngambonisa ingcaphuno ekulencwadi ephathelene nokuzibulala, futhi wababaza, ‘Manje sengiyazi ukuthi uthunyelwe uNkulunkulu lapha!’ Wayesanda kululeka umfana owayengasafuni ukuphila. Manje wayenokuningi ayengamsiza ngakho.”
Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi ngokuthatha isinyathelo kuqala nokulungiselela kanye nesimo sengqondo esiqondile, singafinyelela abantu abengeziwe ngeZwi likaNkulunkulu lenduduzo. Njengoba umphostoli uPawulu abhala: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe-namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.”—2 Korinte 1:3, 4.
[Imibhalo yaphansi]
a Ekushumayeleni kwakhe uLinda wacophelela ukuba angathathi uhlangothi ezimpikiswaneni zendaba yokukhishwa kwezisu. OFakazi BakaJehova abachezuki emsebenzini wabo oyinhloko wokumemezela uMbuso kaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 23]
Labomagazini banokwaziswa okuwusizo ezinhlanganweni zezenhlalakahle
[Isithombe ekhasini 24]
Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bangahanjiswa ezimweni eziningi