Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 1/8 k. 19-k. 21 isig. 6
  • Ngingakulungisa Kanjani Ukuphila Kwami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakulungisa Kanjani Ukuphila Kwami?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indodana Evukelayo Ishiya Ikhaya
  • ‘Yasanguluka’
  • Ukulungisa Izindaba NoNkulunkulu
  • Qondisa Imikhondo Yezinyawo Zakho
  • “NguJehova! NguNkulunkulu Ogcwele Isihe, Onomusa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ungayisiza Kanjani Ingane “Yolahleko”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ababuyayo Bamukelwa Ngezandla Ezimhlophe
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • ‘Buyelani KuMalusi Wemiphefumulo Yenu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 1/8 k. 19-k. 21 isig. 6

Intsha Iyabuza. . .

Ngingakulungisa Kanjani Ukuphila Kwami?

“NGANGINGENAKUNGENA nje ngaphakathi,” kusho uJohn. Wazithola eme ngaphandle eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Lapho esemncane wayeshiye ubuKristu futhi waphishekela ukuphila kobugebengu, izidakamizwa, nokuziphatha okubi ngokobulili. Ngemva kweminyaka eminingi ephila ngaleyondlela, wayengakalikhohlwa iBhayibheli, ngakho waya eHholo LoMbuso—kodwa wayesaba kakhulu ukungena. “Awuqondi,” esho kothile owayemkhuthaza ukuba angene ngaphakathi. “Sengone kakhulu. Angikholwa ukuthi uJehova uyoke angithethelele ngalokhu engikwenzile.”

Intsha engenakubalwa ivukela imithetho yabazali bayo, inkolo, nokuziphatha okuhle. Kuyashaqisa futhi kudabukisa kakhulu lapho intsha ekhuliswé abazali abesaba uNkulunkulu yenza lokhu. Nakuba eningana iye yathatha leyonkambo, ngokuhamba kwesikhathi enye iqala ukuba nomuzwa obeleselayo wokuba ondingasithebeni ongenakufihlwa ngisho nayindlela yokuphila ngokuvukela. (IzAga 14:13) Enye intsha, ngemva kokushaywa yilelizwe elibi, ifuna ukulungisa ukuphila kwayo bese ibuyela emaqinisweni eBhayibheli eyawafunda lapho iseyizingane. Kodwa empeleni ingakwazi yini ukwenza kanjalo?

Indodana Evukelayo Ishiya Ikhaya

Umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko, noma esaphazayo, otholakala kuLuka 15:11-32 uyicacisa kakhulu lendaba. Lokhu kulandisa kufundeka kanje: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. Encane yawo yayisithi kuyise: Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami; wawahlukanisela impahla. Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude.”

Ngokuqinisekile lona osemusha akazange avukele ngoba uyise enokhahlo, exhaphaza, noma enesandla esiqine ngokweqile! NgokoMthetho kaMose, indodana yayifanelwe isamba esithile sempahla kayise, nakuba ngokuvamile kwakuze kube yilapho uyise esefile. (Duteronomi 21:15-17) Yeka ukuthi kwakuwukuba ukhanda limtshel’ okwakhe kanjani ukuba ifune isabelo sayo kusengaphambili! Nakuba kunjalo, uyise wavuma ngothando. (Qhathanisa noGenesise 25:5, 6.) Khona-ke, ngokusobala isimo sengqondo salensizwa—hhayi esikayise—sasingalungile. Njengoba isazi u-Alfred Edersheim sakubeka, kungenzeka ukuthi yayingakuthandi “ukuhleleka nokuyala kwakubo” futhi ‘yayinesifiso sobugovu senkululeko nenjabulo.’

Njengoba isihloko esandulele kuloluchungechunge savuma, akubona bonke abazali abanomusa nabacabangelayo.a Nokho, lapho umzali enokhahlo noma engacabangeli, ukuvukela akulona ikhambi; ekugcineni kuyalimaza. Cabangela futhi umfanekiso kaJesu. Ngemva kokuduka nezwe, lensizwa ‘yachitha imfuyo yayo ihamba ngokonakala. Isisaphazé konke, kwavela indlala enkulu kulelozwe; yaqala ukuswela.’ Ngisho nalokhu akuzange kuyenze isanguluke. Isenokuzithemba, “yayisiya kukhonza komunye umuntu walelozwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga-muntu.”

Isazi seBhayibheli uHerbert Lockyer sithi: “AmaJuda ayelalele uJesu kumelwe ukuba ashaqeka lapho ezwa lamazwi, ‘ukondla izingulube,’ ngoba kumJuda, akukho ukwehliswa okwakwedlula lokhu.” Ngokufanayo namuhla, labo abashiya amaqiniso eBhayibheli bavame ukuzithola besezimweni ezinzima, ngisho ezihlazisayo. Enye intombazane engumKristu eyeqa kubo iyavuma: “Yonke imali yami ngangiyisebenzisela izidakamizwa, ngakho ngangingasenamali yokuthenga ezinye izinto. Ngakho ngaqala ukweba noma yini ukuze ngisekele imikhuba yami.”

‘Yasanguluka’

Nokho, yasabela kanjani indodana yolahleko esimweni sayo esihlasimulisayo? UJesu wathi ekugcineni ‘yasanguluka.’ (NW) Amazwi esiGreki okuqala asho ukuthi, “Isibuyele kuyo ngokwayo.” Ngamanye amazwi, “yayisanganiswe” yizwe lamaphupho, iphuphuthekile ingayiboni ngempela indlela isimo sayo esasidabukisa ngayo.—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 2:24-26.

Ngokufanayo namuhla enye intsha iye yasanguluka. Ukuvuna imiphumela emibi yokuphila kokungazithibi—ukuboshwa, ukulimala ngokungathi sína, isifo esithathelwana ngobulili—kungaba okuhlangenwe nakho okusangulukisa ngempela. Ekugcineni amazwi ezAga 1:32 ashaya emhloleni kabuhlungu: “Ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala.”

Cabanga ngo-Elizabeth osemusha, owashiya abazali bakhe wahileleka ezidakamizweni. Uthi: “Ngamkhohlwa uJehova.” Nokho, lapho evakashele eNew York, wadlula ngasendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Waba yini umphumela? Uyakhumbula: “Ngadabuka kakhulu. Ngangenzeni? Ngakuvumela kanjani ukuphila kwami ukuba kungene shí enhlekeleleni enjena?”

Lapho ekugcineni indodana yolahleko ibhekana neqiniso, yaqunga isibindi yenza isinqumo—sokuya ekhaya ilungise ukuphila kwayo! Kodwa uyise wayeyosabela kanjani ngemva kokuhlushwa nokukhashelwa indodana yakhe? Ukulandisa kuyaphendula: “Kuthé isekude, uyise wayibona, waba-nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.” Yebo, ngaphambi kokuba lona osemusha avume izono ayesekulungiselele kahle, uyise wathatha isinyathelo kuqala sokubonisa uthando nokuthethelela!

Ukulungisa Izindaba NoNkulunkulu

Noma kunjalo, indodana yolahleko yathi kuyise: “Ngonile kulo izulu naphambi kwakho.” (Omalukeke sizenzele.) Sifundani kulokhu? Intsha eye yaphambuka ezindleleni zikaNkulunkulu ngeke ikulungise ukuphila kwayo ‘ingakalungisi izindaba’ noNkulunkulu ngokwakhe! (Isaya 1:18, qhathanisa ne-NW.) Siyabonga ngokuthi uJehova wenza ukuba ukubuyisana okunjalo kwenzeke. Yiqiniso, ubaba emfanekisweni kaJesu umelela uJehova uNkulunkulu. Futhi uNkulunkulu ubonisa isimo sengqondo sokuthethelela esifanayo ngokutshela izoni eziphendukayo: “Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini.” (Malaki 3:7; qhathanisa neHubo 103:13, 14.) Kodwa njengamaJuda ayephambuka ezikhathini zeBhayibheli, abantu abanjalo kumelwe benze lesisinqumo: “Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.”—IsiLilo 3:40.

Lokhu kusho ukuhlolisisa komuntu inkambo yakhe yesono. Lapho osemusha ophambukile ezihlola, kufanele ashukumiseleke ukuba avume izono zakhe kuJehova uNkulunkulu. Umhubi wathi: “Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. . . . Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; . . . Wena wathethelela icala lesono sami.”—IHubo 32:3-5.

Kuthiwani uma osemusha eye wahileleka ezonweni ezingathi sína ngempela—mhlawumbe ukukhipha isisu, ukuziphatha okuxekethile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, noma ubugebengu? Ngokuqondakalayo, onjalo angase azizwe engakufanelekele ukuthethelelwa. UJohn, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayezizwa ngaleyondlela. Yingakho ayeme ethe phùhle ngaphandle eHholo LoMbuso kwaze kwaba yilapho umdala webandla othile onomusa emkhumbuza ukuthi iNkosi uManase yakwa-Israyeli wasendulo nayo yayinecala lezono ezingathi sína—kuhlanganise nokubulala! Kodwa uJehova wayithethelela. (2 IziKronike 33:1-13) “Lowomdala wasindisa ukuphila kwami,” kusho uJohn. Azi ukuthi wayengathethelelwa, uJohn waba nesibindi sokungena eHholo LoMbuso acele usizo.b

Ngokufanayo, intsha eningi esebunzimeni obunjalo idinga usizo lokulungisa izinto noNkulunkulu, futhi abadala bebandla bangasiza kakhulu kulesisici. Bangalalela ngozwela nangokuqonda lapho osemusha ‘evuma izono zakhe.’ Bangayala futhi banikeze usizo olungokoqobo. Ngokwesibonelo, bangase bahlele ukuba othile ‘afundise lona osemusha iziqalo zezifundiso’ zeZwi likaNkulunkulu ngesifundo seBhayibheli sasekhaya. Futhi uma ophambukile ekuthola kunzima ukuthandaza, umdala angamthandazela. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo.”—Jakobe 5:14-16; Heberu 5:12.

Qondisa Imikhondo Yezinyawo Zakho

Yiqiniso, ukulungisa izinto noNkulunkulu kumane kuyisiqalo. Njengoba indodana yolahleko yaxolisa kuyise, intsha ephambukile kufanele izame ukulungisa izinto nabazali bayo. Ukuxolisa okuqotho kungasiza kakhulu ekudambiseni ubuhlungu abaye babuzwa futhi kuqinise ukusekela kwabo. Omunye osemusha oweqa kubo wabuya esenomntwana oyivezandlebe uyakhumbula: “Umama nobaba bangibonisa uthando olujulile.”

Osemusha othanda ukujabulisa uNkulunkulu kudingeka ‘enzele izinyawo zakhe izindlela eziqondile.’ (Heberu 12:13) Lokhu kungase kusho ukushintsha indlela yakhe yokuphila, imikhuba, nabangane. (IHubo 25:9; IzAga 9:6) Kubalulekile futhi ukuba nesimiso sesifundo somuntu siqu. Enye intombazane eyayivukela ithi: “Ngifunda iBhayibheli nsuku zonke nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokunginikeza elinye ithuba.”

UJohn uyifingqa kahle indaba, ethi: “Ngibheka emuva esikhathini engasichitha. Ngicabanga ngendlela izinto engabe zaba yiyo, kodwa ayikho indlela engingakulungisa ngayo okwenzeka.” Ngokujabulisayo, sikhulekela uNkulunkulu onesihe obamema ngokufudumele abaye bamshiya ukuba babuyele kuye. Kungani ungasamukeli isimemo sakhe?

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Ngilalele Abazali Bami?” kumagazini wethu ka-December 22, 1994.

b Uma ungakhuliswanga njengomKristu kodwa usasibona isidingo sokushintsha indlela yakho yokuphila, isiqalo esihle siwukuvakashela eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Cela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Ngalendlela ungathola usizo lomuntu siqu lokulungisa ukuphila kwakho.

[Isithombe ekhasini 20]

AmaKristu avuthiwe angakusiza ukuba ulungise ukuphila kwakho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela