Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 7/8 k. 23-k. 25 isig. 8
  • Ingabe Ukwakha Amaphupho Akulungile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukwakha Amaphupho Akulungile?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kuyingozi Empilweni Yengqondo Yakho?
  • Ukusebenzisa Iso Lakho Lengqondo Ngokunenzuzo
  • Izingozi
  • Ngingakuqeda Kanjani Ukwakha Amaphupho angaka?
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Uyazindla Noma Umane Uphuphe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 7/8 k. 23-k. 25 isig. 8

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ukwakha Amaphupho Akulungile?

Into yokugcina oyikhumbulayo umsindo kathisha wakho ethethela isibalo esithile, kodwa awusekho ekilasini; ingqondo yakho isizulele ebhishi umkhaya wakini owayivakashela ngehlobo eledlule. Uzwa isihlabathi esishisayo nelanga elishisayo. Uzwa umsindo wamagagasi ashaya ogwini, umsindo wezingane ezidlalayo, umsindo . . . wezingane ofunda nazo ezigigithekayo? Yebo, iphupho lakho elimnandi selishabalele futhi endaweni yalo sekumi uthisha othukuthele, ebeke isandla okhalweni, eseyifuna ngoshova impendulo yombuzo ongawuzwanga.

UKWAKHA amaphupho—kuvame kakhulu phakathi kwazo zonke izinhlobo zabantu, abasha nabadala, kangangokuba umcwaningi othile odumile wakubiza ngokuthi “kungesinye sezici eziyinhloko ekuphileni komuntu.” Abanye bakholelwa ukuthi cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yamahora esisuke singalele ngawo isetshenziswa ukwakha amaphupho ohlobo oluthile. Izazi zesayensi aziqiniseki ngempela ukuthi kungani lemicabango edlulayo yakheka nokuthi yakheka kanjani, futhi azivumelani zonke ngokuthi kuyini ngempela ukwakha amaphupho. Esinye isichazamazwi sichaza iphupho ngokuthi “umbono ojabulisayo . . . ukwakheka kombono.” Nokho, abacwaningi abaningi bakuchaza ngomqondo obanzi kuze kuhlanganise cishe noma yiluphi uhlobo lokuphupha ungalele noma umcabango ovele uzenzakalele—kungakhathaliseki ukuthi uyajabulisa noma awujabulisi. Kulesihloko, sizosebenzisa leligama ngomqondo walo obanzi kakhulu, lingahlanganisi nje imicabango edlulayo ezenzakalelayo kodwa naleyo esuke ihlosiwe.

Khona-ke, akuwona wonke amaphupho angangavamile, angawezinto ezinhle zodwa. Amaningi amane nje awuhambo olufushane olumnandi lokubukeza izinto zangesikhathi esidlule. Esihlokweni esikumagazini i-Parents, uDkt. James Comer ucaphuna okuhlangenwe nakho kwakhe siqu ngamaphupho—njengalapho eshayela imoto eya ekhaya ngemva kosuku olunzima esehhovisi, ingqondo yakhe ibuyela emuva ikhumbule ibhola elabawinisa alifaka emdlalweni webhola lomnqakiswano lapho esemusha. “Mhlawumbe kungase kungabi yinto ebalulekile ukucabanga ngayo, kodwa ingisiza ukuba ngizizwe ngingcono,” ephawula. Nokho abanye bakha amaphupho ukuze abasize bacebe ikusasa labo. “Ngangiphupha kakhulu ngokuba umculi odumile emhlabeni wonke,” kukhumbula indoda ethile, ngempela eyaba umculi nomqambi womculo othandwayo we-jazz.

Nokho, amaphupho amaningi abonakala egxila ezenzakalweni ezivamile zansuku zonke—isikole, imibuthano yokuzijabulisa, nomsebenzi wesikole. Ngezinye izikhathi abantu bangase bacabange imicabango enjalo ngamabomu ukuze baqede isidina sesifundo esiyisicefe esikoleni noma isidina somsebenzi wasekhaya. Amanye amaphupho ayazenzakalela. Igama elithile, umsindo, noma umbono abawubona ngamehlo engqondo ngokungazelele kubakhumbuza ngento ethile abayikhathalelayo ngalesosikhathi, okuthile okujabulisayo kwangesikhathi esidlule, noma isenzo esithile sangesikhathi esizayo, bese ingqondo yabo iqala ukuzula. IBhayibheli lithi: “Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi.” (UmShumayeli 5:3) Ngempela, umuntu omatasa kakhulu ngeminako yakhe siqu nezinto alangazelela ukuzifinyelela angagcina esegxile ngokuphelele emaphusheni ezinto ezibonakalayo.

Nakuba kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi amaphupho asemini angajabulisa kangakanani, angaphazamisa futhi nokugxilisa kwakho ingqondo emihlanganweni yobuKristu, esikoleni, noma emsebenzini. Amanye amaphupho angase ngisho angafaneleki—noma alimaze. Khona-ke ingabe ukwakha amaphupho kuwumkhuba okufanele ugqashule kuwo?

Ingabe Kuyingozi Empilweni Yengqondo Yakho?

Ezikhathini ezedlule, izisebenzi zezempilo, odokotela, kanye nabafundisi babekwenyanya ukwakha amaphupho. Ngakho enye insizwa yatshelwa udokotela owelapha ngokusebenzisa ingqondo ukuthi: “Kufanele sikusize uyeke ukwakha amaphupho.” Ngokwalokho okwashiwo umcwaningi othile uDkt. Eric Klinger, iseluleko esinjalo sasisekelwe ezimfundisweni zalokho okuthiwa umsunguli wokwelapha imizwelo ngokuhlaziya ingqondo, uSigmund Freud, owayebheka ukwakha amaphupho njengokuwubuntwana nokuwukuphazamiseka okungokomzwelo. Kanjalo enye incwadi yokusebenza kwengqondo yathi: “Ngokuvamile ukuzula kwengqondo kuwumphumela wokwehluleka noma ukungabi nasithakazelo endaweni okuyo ekuzungezile, futhi eqinisweni kuwukubalekela isimo esingokoqobo.” Isizukulwane sabafundisi kanye nezisebenzi eziphathelene nempilo yengqondo bafundiswa ukuthi ukwakha amaphupho kufanele kuqedwe. Kwaze kwashiwo nokuthi ukwakha amaphupho okweqile kungaze ngisho kuphumele nasekusanganeni.

Nokho, izimfundiso zikaFreud ziye zahoxa ngenxa yamaphuzu aye atholakala ekucwaningeni okujulile. Encwadini yakhe ethi Daydreaming, uDkt. Eric Klinger uphawula ukuthi phakathi kwezinye izinto, abacwaningi bathi:

Ukuzula kwengqondo kuyinto evamile nelungile.

Ngokwesilinganiso, abantu abakha amaphupho njalo baphile saka engqondweni njengalabo abangawakhi amaphupho.

Ukwakha amaphupho akuholeli ekubeni nemibono ecatshangelwayo.

Ukwakha amaphupho akubangeli ukusangana. Abantu abasangene abathambekeli ekwakheni amaphupho ngaphezu kwanoma ubani omunye.

Ukusebenzisa Iso Lakho Lengqondo Ngokunenzuzo

Khona-ke, akumangalisi ukuthi akukho lapho iBhayibheli lilahla khona ukusebenzisa kahle iso lengqondo. Ngempela, ikhono lezingqondo zethu lokubona ngeso lengqondo, ngokwamazwi omhubi, liwubufakazi bokuthi ‘senziwe ngokumangalisayo.’ (IHubo 139:14) Uma lisetshenziswa ngokunenzuzo, lelikhono lingaba okuthile okuwusizo. AmaKristu atshelwa ukuba ‘angabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo.’ (2 Korinte 4:18) Lokhu kungahlanganisa nokuzama ukubona ngeso lengqondo izwe elisha likaNkulunkulu lokulunga. Incazelo yeBhayibheli yaleliPharadesi lomhlaba wonke lesikhathi esizayo ishukumisa ukucabanga kwethu ngokuphathelene nalokhu!—Isaya 35:5-7; 65:21-25; IsAmbulo 21:3, 4.

Ukubheka kwakho izinto ngeso lengqondo kungaba nenzuzo futhi uma unomsebenzi onzima okufanele uwenze. Ngokwesibonelo, intsha yoFakazi BakaJehova ngokuvamile ithola izabelo zokunikeza izinkulumo eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ngaphandle kokuyiprakthiza ngokuyisho ngokuzwakalayo, zama ukuyibukeza engqondweni. Yiba nombono wezilaleli zisabela ekwazisweni nasenkulumweni oyinikezayo. Lokhu kungakusiza ukuba wenze ukulungisa okudingekayo enkulumweni yakho futhi kukwenze ube nesibindi ngokwengeziwe.

Ungabukeza futhi ngengqondo ukusingatha izimo ezinzima. Mhlawumbe uyaqaphela ukuthi umKristu okanye naye unokuthile akubambele khona, futhi ufuna nixoxe ngalenkinga. (Mathewu 5:23, 24) Kunokuba uye kulomuntu ungazange ulungiselele, ungakuphindaphinda engqondweni okuzobe kwenzeka, uzama izindlela ezihlukahlukene zokubhekana nalenkinga. Lokhu kuyovumelana nesimiso seBhayibheli: “Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula.”—IzAga 15:28.

Ingabe othile ukonile noma ukucasulile? Phawula iseluleko esinikezwa kumaHubo 4:4: “Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule.” Lokhu akusho ukuphindaphinda engqondweni yakho izinto ezibuhlungu, akusho futhi ukugxila ekucabangeni ngokucacile ngendlela ozomhila ngayo omunye ngamazwi ukuze umehlule. Ngaphezu kwalokho uJesu waxwayisa ukuthi “yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba-necala,” njengoba kuyakuba njalo ‘nakoshoyo kumfowabo ukuthi: Silima.’ (Mathewu 5:22) Kodwa ukucabanga ngezinye izinto ongakhetha ukuzenza—ezingahlanganisa ukumane nje umthethelele okonile—kungakusiza ukuba ulungise izindaba naye ngomoya ophansi, nangendlela enengqondo.

Ukwakha amaphupho kungafeza indima enengqondo ekuxazululeni izinkinga. UDkt. Klinger uthi: “Amaphupho ngokwawo ayindlela yokuthola amakhambi awubuhlakani ezinkinga. Abantu abakha amaphupho ngokubona izinto ngeso lengqondo ngezinye izikhathi bathola amakhambi abebengeke bawacabange ukube bebezoxazulula izinkinga becabanga ngokucophelela.”

Kukhona ngisho nobufakazi bokuthi ukwakha amaphupho kungakusiza ukuba uthuthukise indlela owenza ngayo imisebenzi enyakazisa umzimba. Ngokwesibonelo, omunye umqeqeshi wabashibilika eqhweni utshela abafundi ukuba bakhe engqondweni umfanekiso wendawo ewummango abasondela kuyo, bazibone bewathatha kahle wonke amajika nezindawo ezishonayo zalendlela. Abacwaningi bakholelwa ukuthi ukwenza kanjalo empeleni kushukumisa ingxenye yobuchopho elawula imisipha, kuyenze ilungele ukuthatha isinyathelo. Yiqiniso, akukho okungathatha indawo yokuprakthiza kwangempela, kodwa ukubukeza engqondweni kungase kukusize ukuba uthuthukise ikhono lakho lokudlala insimbi yomculo noma ukubhala ngomshini. UDkt. James Comer uthi: “Ngamafuphi ukwakha amaphupho akukhona ukuchitha isikhathi kodwa kunalokho kungokuthile okudingekayo okusenza sisebenze kangcono.”

Izingozi

Nakuba kunjalo, “konke kunesikhathi sakho.” (UmShumayeli 3:1) Nakuba ukwakha amaphupho kungase kube yinto elungile lapho uphumule endlini yakho, kunezikhathi lapho ukwenza kanjalo kungaba okungafanele noma ngisho nokuyingozi. Ingabe ushayela imoto? Khona-ke kudingeka uqaphe kakhulu futhi uphaphamele ingozi. Kuthiwani uma uhlolwa noma ulalele inkulumo yeBhayibheli? Khona-ke kudingeka ube ‘namandla okucabanga ahluzekile.’—2 Petru 3:1, NW.

IBhayibheli lisixwayisa futhi ngokugxila ngokungadingekile emicabangweni ephambene. Kumane nje kungokwemvelo ukukhathazeka kancane lapho ubhekene nokuhlolwa okubalulekile noma ingxoxo yokufuna umsebenzi, kodwa awufezi lutho ngokwakha engqondweni imibono ethusayo yokwehluleka nokwenqatshwa. (Qhathanisa nomShumayeli 11:4.) IzAga 12:25 ziyaxwayisa: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa.” UJesu Kristu weluleka izilaleli zakhe: “Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.”—Mathewu 6:34.

Ngokuthakazelisayo, ukwakha amaphupho okweqile noma okungafanele kungaletha futhi ezinye izingozi. Ngokwesibonelo, enye intsha ihlakulela amaphupho obulili. Abanye bathola ukuthi ukwakha amaphupho kuphazamisa ukugxilisa kwabo ingqondo. Isihloko sethu esilandelayo kuloluchungechunge sizonikeza ukusikisela okuthile kokukusiza ukuba ubhekane nezinkinga ezinjalo.

[Izithombe ekhasini 24]

Ukubukeza engqondweni kungathuthukisa indlela umuntu enza ngayo ngokoqobo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela