Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/8 k. 16-k. 19 isig. 8
  • Ukulwa Nezinkunzi—Ubuciko Noma Ubudlova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulwa Nezinkunzi—Ubuciko Noma Ubudlova?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiko Lasendulo
  • Uhlobo Olwehlukile Lwenkunzi
  • Amazinga Okulwa Nenkunzi
  • Ukushefa Nokufa
  • Umbono WamaKristu
  • Ingabe “Izinja EzingoDeveli”?
    I-Phaphama!—1992
  • “Sasingabathakathi” Silwa Nezinkunzi
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • “Imidlalo Eyingozi”—Ingabe Kufanele Uyizame?
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/8 k. 16-k. 19 isig. 8

Ukulwa Nezinkunzi—Ubuciko Noma Ubudlova?

Ngomlobeli wePhaphama! eSpain

ULUCIO wayeneminyaka engu-19 kuphela lapho kwenzeka. Kwakuyisikhathi sasentwasahlobo eSeville, futhi inkundla yokulwa nezinkunzi edumile iMaestranza yayigcwele. Kodwa uLucio wayesondele kakhulu ibanga elingangesithunzi lapho inkunzi ibhonga idlula ngakuye. Uphondo olukhulu lwakopolota iso lakhe langakwesokudla.

Lapho ephuma esibhedlela, waprakthiza ukusebenzisa ijazi ngobuciko izinyanga ezintathu ngokungayekethisi. Naphezu kokuphunyelwa iso, wayengazimisele ukulahla iphupho lesikhathi sakhe sokuphila. Ekupheleni kwehlobo, wabuyela ekulweni enkundleni yokulwa yaseSeville futhi wathwalwa enkundleni enqobile. Wavuma, “Kwakuwukugembula, kodwa kunjalo ekulweni nezinkunzi.”

Ukuma komzimba okuphawulekayo komuntu olwa nezinkunzi kuye kwashukumisa abaqambi, ababhali, nabenzi bamabhayisikobho. Mhlawumbe ngenxa yalokhu, izigidi zezivakashi zinomuzwa wokuthi ukuvakasha eSpain noma eMexico kuyobe akuphelele uma kungahlanganisanga ukuya enkundleni yokulwa nezinkunzi.

Kodwa izivakashi akuzona neze kuphela ezigcwalisa izinkundla zokulwa. Izilwi ezaziwayo zikhanga izinkulungwane zabathandi balezimpi bendawo abanolwazi ezinkundleni ezinkulu zaseMadrid, eSeville, naseDolobheni laseMexico. Kumthandi walomdlalo isilwi esikhulu siyingcweti, esiqhathaniseka noGoya noma uPicasso, ingcweti edelela ukufa ukuze yenze ubuhle ngokunyakaza.

Kodwa akubona bonke abantu baseSpain abamdlalo wokulwa nezinkunzi usegazini labo. Ekuhloleni kwamuva, amaphesenti angu-60 abonisa ukuthi anesithakazelo esincane noma awanaso kuwo. Amaqembu amaningana eSpain aseqalé ukwenza umkhankaso wokuqeda ‘lomkhosi wesizwe,’ ethi “ukuhlupha akubona ubuciko futhi akulona isiko.”

Isiko Lasendulo

Njengoba kuhlaba abanye umxhwele, kuyacasula kwabanye, ukumelana komuntu nenkunzi kuyisiko lasendulo. Sekuyisikhathi eside abantu baseMedithera behlonipha umoya wokungabi nakunqotshwa wenkunzi yasendle. OFaro baseGibithe babezizingela behamba ngezinyawo, kuyilapho amakhosana namakhosazana ase-Krethe ayechukuluza inkunzi ehlaselayo ngokushaya ungqimphothwe phezu kwezimpondo zayo.

Phakathi nenkulungwane yokuqala yeminyaka yesiKhathi sethu Esivamile, ukubusa kwamaRoma nokwamaSulumane kwashiya izimpawu zakho kulokho okwakuzoba umbukwane oyisiko waseSpain. Izindawo zokubuka imidlalo zaseRoma eziwohlokayo zashintshelwa ekubeni izinkundla zokulwa, ezisenokufana okuthile nesekisi yaseRoma. Ukugwaza inkunzi umuntu esehhashini kwaqaliswa amaMoor futhi manje kwafakwa kulomcimbi.

Kodwa akuzange kwenzeke kwaze kwaba ikhulu le-18 leminyaka ukuba ukulwa nezinkunzi kuqale ukufana nombukwane wosuku lwanamuhla. Kwakungalesosikhathi lapho ukulwa nezinkunzi okungokoqobo kwadlula ekubeni okwezikhulu kwadlulela ekubeni okwabantu abaphansi abakufundele. Ngalesikhathi uGoya wasungula iyunifomu yabakufundele ebenza bahluke, namuhla eyaziwa ngokuthi itraje de luces, “isudi yokukhanya,” ngenxa yokuthi igcwele imifekethiso ecebile yegolide nesiliva. Ukunakekela futhi kwagxiliswa ekutholeni izinkunzi ezifanelekile.

Uhlobo Olwehlukile Lwenkunzi

Inkunzi engeyasendle ngempela yanyamalala endaweni yayo yokugcina emahlathini aseYurophu Ephakathi ekhulwini le-17 leminyaka. Kodwa eminyakeni engamakhulu amathathu edlule, inkunzi yasendle yaseSpain iye yasinda ngenxa yokuzalaniswa ngokukhetha kwezinkunzi ezilwayo. Umehluko oyinhloko phakathi kwenkunzi yasendle nenkunzi efuyiwe yindlela esabela ngayo lapho isongelwa. Inkunzi enobudlova yaseIberia iyoqhubeka ihlasela noma yini noma ubani onyakaza phambi kwayo.

Ukulwa nezinkunzi kuxhomeke kulesisici, leso abafuyi bemfuyo abahlala bezama ukusithuthukisa. Izinkunzi ziyatetenyiswa iminyaka emine kuze kube yilesosikhathi esisho ukufa lapho zizithola zidudulelwa enkundleni ngendelelo. Ngaphambi kokuba ingene enkundleni, inkunzi isuke ingakaze isibone isilwi noma ijazi—uma ike yakubona, ibizokhumbula amaqhinga futhi ibizoba ingozi kakhulu. Kodwa ngomzwelo wemvelo ihlasela leyondwangu enyakazayo, kungakhathaliseki ukuthi ibomvu noma imuphi omunye umbala (izinkunzi azikwazi ukubona umbala). Esikhathini esingangemizuzu engu-20, sekuphelile; isidumbu esingaphili, esingamakhilogremu angu-450 sihudulelwa ngaphandle kwenkundla.

Amazinga Okulwa Nenkunzi

Emkhosini wokuvula okhangayo, bonke abanengxenye, kuhlanganise nezilwi ezintathu, abasizi bazo, nabajoji, bahambahamba bebukisa enkundleni. Isilwi ngasinye siye sabelwa izinkunzi ezimbili futhi silwa nazo ngayinye esikhathini sokulwa kwaso okubili. Kukho konke ukulwa iqembu lomculo liphelezela lesisenzo ngomculo oyisiko ovusa usinga, kuyilapho ukukhala kwecilingo kumemezela ukuqalisa ngakunye kwamatercio amathathu, noma izenzo, zedrama.

Izinga lokuqala liqala ngemva kokuba isilwi sesenze izinyathelo zokuqala eziningana zokudlulisa inkunzi ngejazi elikhulu, echukuluza inkunzi. Umjoji ungena enkundleni egibele ihhashi, ephethe umkhonto. Inkunzi ichukuluzelwa ukuba ihlasele ihhashi, elizinhlangothi zalo zivikelwe ngokokuvikela okugxishiwe. Umjoji uzivikela ekuhlaselweni ngensabula, egwaza izinyama zomqala nezeziphanga zenkunzi. Lokhu kwenza buthaka izinyama zomqala, kuphoqelela inkunzi ukuba igobe ikhanda lapho ihlasela, okungokubaluleke kakhulu ekuyibulaleni kokugcina. (Bheka umfanekiso ngenhla.) Ngemva kokunye ukuhlasela okubili, umjoji ogibele ihhashi uyaphuma enkundleni, bese kuqala itercio yesibili yempi.

Lelizinga lihilela abasizi besilwi, izingwazi, ezindima yazo ukufaka izinsabula ezinsasa ezine noma eziyisithupha, nezimfushane ezinezinsasa zensimbi, eziphangeni zenkunzi. Ingwazi ithatha ukunakekela kwenkunzi ngokuklabalasa nomnyakazo iqhele ngamamitha angu-20 noma angu-30. Njengoba inkunzi ihlasela, ingwazi igijimela kuyo, iceze ngomzuzu wokugcina ngci kuyilapho ifaka izinsasa ezimbili eziphangeni zenkunzi.

Engxenyeni yokugcina yempi, isilwi sibhekana nenkunzi— sisodwa. Leliqophelo elinzima empini libizwa ngokuthi inkathi yeqiniso. Manje isilwi sisebenzisa indwangu esendukwini, indwangu ebomvu noma enoboya, ukuze akhohlise isilwane. Uhlala eseduze nenkunzi, eyichukuluzela ukuba ihlasele ngamandla ayo wonke kodwa ayiphambukise ngenduku enendwangu njengoba inkunzi iya isondela emzimbeni wakhe. Kuye kwathiwa leliqophelo lempi “aliwona ngempela umzabalazo phakathi komuntu nenkunzi kodwa kunalokho liwumzabalazo phakathi komuntu naye ngokwakhe: uzoba nesibindi sokuvumela izimpondo ukuba zisondele kangakanani, uzozifaka kangakanani engozini ukuze ajabulise isixuku?”

Lapho isilwi sesibonise ubuciko baso enkunzini manje esikhungathekile, silungiselela ukuyibulala. Lena inkathi engumvuthwandaba yempi. Isilwi siyaqiniseka ukuthi inkunzi imi endaweni ekahle ukuze siyibulale, amanqina ayo amé ndawonye. Khona-ke siya ngasenkunzini, sifinyelele izimpondo zayo, futhi sifake inkemba yaso phakathi kweziphanga kuyilapho ezama ukugwema ukuhlatshwa okusheshayo ngezimpondo. Njengoba efuna, inkemba ihlukanisa umthambo omkhulu wenhliziyo futhi ibangele ukufa cishe okungujuqu. Lokhu akuvamile ukwenzeka. Izinkunzi eziningi zidinga ukuzanywa kaningana.

Ngisho nasemizuzwini yazo yokufa, inkunzi ingabulala. Eminyakeni eyisihlanu edlule isilwi esiyisilomo esineminyaka engu-21 ubudala esaziwa ngokuthi uYiyo safulathela ngemva kokugwaza inxeba lokujuqa. Nokho, inkunzi yavuka, futhi olunye lwezimpondo zayo lwavula inhliziyo yalesilwi esineshwa.

Ukushefa Nokufa

Kwabaningi ukulwa nezinkunzi kuwumbukwane okhangayo novusa amadlingozi. Kodwa kunezinto ezimbi ezingaphezu kweyodwa ngakho. Omunye umthandi wawo waphawula ukuthi “kulelibhizinisi elibi into okuwukuphela kwayo ehloniphekayo inkunzi, futhi yona bayikhubaza ngokuyishefa izihloko zezimpondo zayo ukuze ibe nobunzima ekuboneni isisulu sayo.”a

Abaqondisi bomdlalo wokulwa nezinkunzi banedumela elibi lokonakala, okwaholela esinye isilwi ukuba sikhulume ngokubhuqa ukuthi sasingazesabi izinkunzi “nakancane kunangendlela . . . [ayesaba] ngayo amadoda aphethe izinkundla zokulwa.” Nakuba izilwi eziphezulu zingahola izigidi zamaRandi, lomncintiswano unobudlova futhi ukulimala nokufa kuyizingozi zasikhathi sonke. Kuzilwi ezidumile ezilinganiselwa ku-125 eminyakeni engu-250 edlule, ezingaphezu kuka-40 ziye zafela enkundleni. Iningi lezilwi lihlatshwa izimpondo okungenani kanye, ngezinga elikhulu noma elincane, phakathi nenkathi ngayinye yokulwa nezinkunzi.—Duteronomi 25:4; IzAga 12:10.

Umbono WamaKristu

Ngemva kokucabangela osekushiwo, umKristu kumelwe akubheke kanjani ukulwa nezinkunzi? Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi isimiso esiyisisekelo sokubonisa umusa ezilwaneni sasisasebenza kumaKristu. Wacaphuna uMthetho kaMose, lowo ngokuqondile owawunemfuneko yokuba umlimi ongumIsrayeli aphathe inkunzi yakhe ngokuyicabangela. (1 Korinte 9:9, 10) Ukulwa nezinkunzi akunakuchazwa neze njengendlela enobuntu yokuphatha inkunzi. Yiqiniso, ukulwa nezinkunzi kubhekwa ngabathile njengobuciko, kodwa ingabe lokho kuthethelela ukubulawa okuyisiko kwesilwane esihloniphekile?

Esinye isimiso okumelwe sicatshangelwe siwubungcwele bokuphila. Ingabe umKristu kumelwe abeke ukuphila kwakhe engozini ngamabomu ukuze nje abonise amandla akhe obudoda noma ukuze ajabulise isixuku? UJesu wenqaba ukulinga uNkulunkulu ngokufaka ukuphila kwakhe engozini ngokungadingekile.—Mathewu 4:5-7.

UErnest Hemingway wabhala kuyiDeath in the Afternoon: “Ngicabanga ukuthi, ngokombono wesimanje wokuziphatha, okungukuthi, umbono wamaKristu, ukulwa nezinkunzi akunakuthethelelwa; ngokuqinisekile kunobudlova obukhulu, kuhlala kunezingozi, zangamabomu noma ezingalindelwe, futhi kuhlala kunokufa.”

Ezinkulungwaneni eziya kobukela umdlalo wokulwa nezinkunzi, abanye bayajabula, abanye bayadumala, futhi abanye bayenyanya. Kungakhathaliseki ukuthi kungase kubhekwe kanjani abantu, uMdali wenkunzi akanakubukela lombukwane ngenjabulo. Nakuba kubhekwa ngabaningi njengobuciko, kuwubudlova ngempela obumelene nezimiso zaphezulu.

[Umbhalo waphansi]

a Ukushefa izimpondo zenkunzi akuvunyelwe, kodwa kusenziwa kabanzi eSpain.

[Isithombe ekhasini 18]

Umjoji ogibele ihhashi ugwaza izinyama zenkunzi ezisemqaleni nasesiphangeni ngensabula, izithena amandla

Isilwi sesizofaka inkemba yaso enkunzini

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela