Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/8 kk. 14-15
  • “Sasingabathakathi” Silwa Nezinkunzi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Sasingabathakathi” Silwa Nezinkunzi
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingozi Nokufa
  • Uhlobo Olwehlukile Lwempi
  • Ukulwa Nezinkunzi—Ubuciko Noma Ubudlova?
    I-Phaphama!—1990
  • Nikela Ngokungcono Kakhulu KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Ukuzijabulisa Ngamagangangozi—Kungani Kukhanga Kangaka?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuzingelwa Kwabathakathi EYurophu
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/8 kk. 14-15

“Sasingabathakathi” Silwa Nezinkunzi

IZINKUNZI zazinkulu. Ngayinye kumelwe ukuba yayinesisindo esiyingxenye yethani. Mina nodadewethu ababili sasivame ukulwa nezinkunzi ezincane, kodwa lezi zaziyizilo ezikhulé ngokuphelele, ezinezimpondo ezesabekayo. Njengoba ungase ulindele, sasingenqaba ukulwa nazo, kodwa isixuku sasizosabela kanjani kulokho? Sasikhokhe imali yaso yokungena ukuze sibone amaLas Meigas (Abathakathi) belwa nezinkunzi, futhi sasingafuni ukusiphoxa. Samasha ngokungabaza sangena enkundleni yezinkunzi.

Kungenzeka uyazibuza ukuthi amantombazame amathathu azalwa umuntu oyedwa ayenzani elwa nezinkunzi. Nokho, ngokuqinisekile kwakungekhona okokubonisa ukuthi abesifazane bayefana nje nabesilisa kulomsebenzi. Kwakumane kuyisidingo esimsulwa esingokomnotho esasiqhubezela kulomsebenzi wamadoda.

Sisebasha, sashiya idolobha lakithi enyakatho-ntshonalanga yeSpain sabhekisa amabombo eMadrid, lapho sasinethemba lokuthola khona umsebenzi. Kodwa lapho singawutholi, sathatha iseluleko somunye umngane owayekade elwa nezinkunzi futhi sanquma “ukuzama inhlanhla yethu ezinkunzini.” Sazibiza ngokuthi amaLas Meigas (Abathakathi) ngoba lelo kwakuyigama elaliyichaza kalula indawo yethu yendabuko eSpain futhi nangenxa yokuthi sasinethemba lokuthakatha izinkunzi. Ngemva nje kweminyaka emibili yokuqeqeshelwa umsebenzi okunzima, saba abalwa nezinkunzi ngokuzimisela.

Izingozi Nokufa

Sasivame ukulwa nezinkunzi ezincane ezineminyaka emibili noma emithathu ubudala, ezingenalo kangako ulaka namandla. Kodwa lokho akusho ukuthi ingozi yayingekho, ngoba zivame ukushesha nokuba lula kakhudlwana. Nokho, sasinenhlanhla, futhi ngaphandle kokwephuka iqakala, ukuklwebheka okuningana okubi, nokuba nenxeba emlenzeni, asilimalanga kakhulu. Ngisho nalapho sibhekene nalezozinkunzi ezinkulu ezindala, saphuma enkundleni singalimele.

Phakathi nenkathi yonyaka yokulwa nezinkunzi, ngokuvamile sasilwa nezinkunzi ezine ekuseni nezinye ezine ntambama. Ekugcineni, sasingabulala inkunzi cishe kalula kakhulu ngendlela esasingase sendlale ngayo imibhede yethu. Eqinisweni, phakathi nenkathi eyiminyaka eyisishiyagalolunye, salwa futhi sabulala izinkunzi ezingu-1 500 ezinkundleni zokulwa kulo lonke elaseSpain, kanye nasePortugal naseFrance. Umgomo wethu kwakuwukusayina isivumelwano sokulwa eNingizimu Melika, lapho sasizohola khona imali enkulu ngempela, eyanele ukuba sithenge ipulazi futhi sifuye izinkunzi ezilwayo.

Nakuba kwakuyisidingo sokuziphilisa esasenza saqalisa, kungekudala isifiso sokuthola okuhlangenwe nakho, udumo, nengcebo kwaba isisusa esiyinhloko. Naphezu kwengozi, sasikujabulela! Yiqiniso, njalo, sasizwa ngokufa komuntu olwa nezinkunzi, futhi lokhu kwakusithinta izinsukwana, kusikhumbuza kabuhlungu ngezingozi ezihilelekile. Kodwa sasikukhohlwa ngokushesha lokhu kukhathazeka kwesikhashana. Njengoba singena enkundleni yokulwa, esikhundleni sokufiselana inhlanhla, sasithi: “Shona khona empini!”

Uhlobo Olwehlukile Lwempi

Khona-ke, ngo-1984, kwenzeka okuthile okwenza mina nodadewethu uMilagros, noElda ukuba siyihlole kabusha imigomo yethu, yebo, indlela yethu yokuziphilisa. Sonke sobathathu saqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kwasihlaba umxhwele esakufunda ngoMbuso kaNkulunkulu nangePharadesi lesikhathi esizayo elithenjiswe nguNkulunkulu. Kodwa kwase kuqhamuka isinqumo esinzima. Ingabe umsebenzi wethu wawuvumelana nalokho esasikufunda?

Ekugcineni, izinto ezimbili zasiqinisekisa ukuthi sasingenakuqhubeka nomsebenzi wethu njengabalwa nezinkunzi. Okokuqala nje, saphawula umoya enkundleni yokulwa. Ubuhlanya besixuku babufana nalobo basesekisini yaseRoma. Ingabe kwakuyindawo efanele abesifazane abangamaKristu?

Inkinga yesibili yayiphathelene nesivikelo saphezulu. Cishe bonke abalwa nezinkunzi, njengoba bengamaKatolika, bafuna isivikelo kuMadonna wabo othandwayo noma “usanta.” Ngiye ngabona abanye bemisa ngisho nethempeli eliphathekayo ekamelweni labo ehotela ukuze bathandaze, benethemba lokuthi lokhu kuzobaphephisa ekulimaleni enkundleni yokulwa. Nokho, saqaphela ukuthi sasingenakucela uJehova ukuba asivikele kuyilapho sinonya ezilwaneni futhi sifaka ukuphila kwethu engozini ngamabomu ukuze sihole imali nokuba sithakazelise isixuku. Sanquma ukukuyeka ukulwa nezinkunzi.

Ngokushesha ngemva kokuba senze lesinqumo inkontilaka yokulwa eNingizimu Melika esasiyilindé isikhathi eside yaphumelela. Ithuba lokuhola isizumbulu semali lalisezandleni zethu. Kodwa sabambelela esinqumweni sethu, futhi ngoOctober 3, 1985, sabonakala okokugcina “njengaBathakathi.” Cishe onyakeni kamuva, sabhapathizwa, futhi manje siyazikhandla ukuze ‘silwe ukulwa okuhle kokukholwa.’—1 Thimothewu 6:12.

Sisasebenza ndawonye kodwa endaweni yokudlela kunasenkundleni yokulwa. Sijabula kakhulu ngokuthi siye sathola okungcono kakhulu kunodumo nengcebo—ubuhlobo obuhle noNkulunkulu umninimandla onke nethemba eliqinisekile lekusasa. Sibheke phambili esikhathini lapho siyokwazi khona ukunakekela ngothando izinkunzi zasendle ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho umuntu noma isilwane ‘kungayikulimaza noma konakalise ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumesaba uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.’ (Isaya 11:9).—Njengoba ilandiswa uPilar Vila Cao.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela