Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 4/8 k. 31
  • “Ukuvulela Abantwana Enkolweni Yomzali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuvulela Abantwana Enkolweni Yomzali
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwabantwana—Ingabe Kumelwe Linqunywe Inkolo?
    I-Phaphama!—1988
  • Ukuwinwa Kwabantwana—Inkolo Nomthetho
    I-Phaphama!—1997
  • INkantolo Ephakeme YaseNorway Isekela Amalungelo Angokwenkolo
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 4/8 k. 31

“Ukuvulela Abantwana Enkolweni Yomzali

LESO kwakuyisihloko esikhulu sephephabhuku lezomthetho laseCanada, iLawyers Weekly. Indaba ehambisana naso yanikeza imininingwane yesinqumo esiphawulekayo esakhishwa yiNkantolo Enkulu yaseNova Scotia, eCanada. Kulesosinqumo, inkantolo yagcizelela ilungelo labazali abangabawinanga abantwana ukuba bayekelele izingane zabo ezinkolelweni ezingokwenkolo yabazali.

Icala lalihilela abazali abahlukana ngo-1983, lapho umfazi awina khona bobabili abantwana, abafana abaneminyaka engu-8 nengu-10. Indaba ecaleni yavuka muva nje lapho ubaba eba ngomunye woFakazi bakaJehova. Umama wazama ukuvimbela ubaba ekuvuleleni izingane enkolweni yakhe phakathi nokumvakashela kwazo.

Ekunqumeni, uMahluleli weNkantolo Enkulu yaseNova Scotia uDonald M. Hall wathi nakuba umama abawina abantwana, akanakuphazamisa ukubavulela kukababa abafana ezinkolelweni zakhe ezingokwenkolo. UMahluleli uHall wathi wayanelisiwe “engenakho ngisho nokuncane ukungabaza, ukuthi akukho-ngozi engehlela izingane ngenxa yokuvulelwa kwazo esontweni likayise, abangane bakhe esontweni, kanye nezinkolelo nemikhuba yesonto.”

UMahluleli uHall wanezela: “Kimina kubonakala sengathi izindinganiso nezimfundiso eziyisisekelo zesonto ziyoba usizo ezinganeni ekunqumeni ngokwazo izindinganiso ezifanele nezindinganiso zokuziphatha njengoba zikhula.”

ILawyers Weekly yaphawula: “Bobabili uMnu. Pole [ummeli kababa] noJohn M. Burns, weW. Glen How & Associates eseGeorgetown, Ont., inhlangano emelela oFakazi BakaJehova kulo lonke lelozwe, bathi ‘kuyinkambo embi ngokuphelele’ ngabameli ukusebenzisa izinkolelo ezingokwenkolo nenkululeko yokumangala kubazali ekuwineni abantwana.”

INkantolo Enkulu yaseNova Scotia yavuma, ngoba uMahluleli uHall wathi: “Akufanelekile ukungabaza izinkolelo zomuntu ecaleni elinjengaleli ngaphandle kokuba kunezizathu eziqinile, futhi empeleni kungaba ngokungekho emthethweni.” Lesisinqumo salandela ukwahlulela okufanayo ngokuvumelana noFakazi BakaJehova okwenziwa yinkantolo yaseOntario ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela