Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuzenzela Abazali Abalwayo Ngafunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Okumelwe Ngiyenze Uma Abazali Bami Belwa?” (December 8, 1989) Nakuba ngingasemncane kangako, ngisayikhumbula indlela abazali bami ababevame ukulwa ngayo njalo. Wonke umkhaya ungakhathazeka lapho abazali belwa. Kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi uyakwandisa ukukhathazeka uma uvuna othile njengoba ngangenza. Nginibonga kakhulu ngalesihloko.
G. H., Netherlands
UbuSathane Engingakwenza nje ukuzwakalisa ukubonga okujulile ngesihloko esikhuluma ngobuSathane (Satanism). (October 22, 1989 [yesiNgisi]) Umama wami wayebonakala ekahle ngaphandle, futhi abantu abaningi babemcabangela kahle. Nokho, wayehlanganyela neqembu labantu ababenza ubudemoni. Ngangiyisisulu sezinto ezinjengokuphathwa kabi ngokobulili nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Ngemva kweminyaka eminingi yokuhlupheka, ngazama ngisho nokuzibulala. Noma kunjalo, angizange ngihlanganyele naye emisebenzini yobuSathane, futhi kamuva ngaba omunye woFakazi BakaJehova. Lokhu kwaba isishayo esikhulu kumama ngoba eqaphela ukuthi awekho amandla amakhulu ngaphezu kukaJehova uNkulunkulu.
A. M., United States
Umlando Wenkolo Njengoba ngisanda kuqeda isihloko sokugcina sochungechunge lwezihloko ezithi “Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule,” (December 8, 1989), kumelwe nje nginibhalele ngisho indlela engasijabulela ngayo lesihloko. Yeka ukuthi kuningi kanjani engiye ngakufunda ngobuBuddha, ubuHindu, ubuConfucius, nezinye izinkolo! Ukudingidwa kweLobukholwa kuze kufike kulokho eliyikho osukwini lwanamuhla kwakuthakazelisa ngokukhethekile. Angiboni ngokucacile nje kuphela izinga lokuhileleka kweLobukholwa ezimpini nasekuchitheni igazi kodwa futhi ngiyakwazi ukubona ngokucacile ilungelo lokuba ngithole inkolo yeqiniso.
G. V., Federal Republic of Germany
Isihloko sokugcina ochungechungeni lwenu sasingesinye sezihloko ezinhle kakhulu engizifunde kuyiPhaphama! selokhu ngaqala cishe eminyakeni engu-40. Lesihloko sasihluba udlubu ekhasini ekukhulumeni ‘ngezindlela zamanga, zokudukisa, zokukhohlisa, nezenzondo eziye zenza inkolo yamanga yaba yimbi kokubili emehlweni kaNkulunkulu nawomuntu.
M. M., Spain
Izindlela Eziyishumi Zokuyeka Ukubhema Ngemva kokubhema iminyaka engu-40 nokuzama ukuyeka ngokusebenzisa ukutshopa, ukulutha, namaphilisi azo zonke izinhlobo, isithombe senu esisekhasini elingaphambili sogebhezi olubhema ugwayi sangithinta ngokujulile. (July 8, 1989) Ngosizo lomthandazo, ngizokuyeka ukubhema.
B. H., United States
Ngineminyaka ecishe ibe ngu-15 ubudala. Uthisha wami wasicela ukuba sicabange ngezizathu eziyishumi zokungabhemi bese kuvela namasu ayishumi okukuyeka. Izihloko zePhaphama! zaba usizo kakhulu kimi ngokuthi yimi kuphela engathola izimpendulo zayo yonke lemibuzo. Uthisha wangihalalisela futhi wanginikeza amamaki amahle.
S. C., France
Ukukhetha Izingubo Zokugqoka Ezifanele Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi, “Intsha Iyabuza . . . Iyini Imfihlo Yokukhetha Izingubo Zokugqoka Ezifanele?” (October 8, 1989) Ngaphambi kokuba ngisifunde, ngangingacabangi neze ngohlobo lwezingubo zokugqoka engangizithenga. Kodwa manje ngisebenzisa ukusikisela kwenu futhi ngithenga kuphela izimpahla zohlobo oluphambili nezihlala isikhathi eside.
M. E., Nigeria