Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intsha Yanamuhla—Ingabe Iyizisulu Ezithonyeka Kalula
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Umumo Wezinkanyezi Kufanele Uthonye Ukuphila Kwakho?
    I-Phaphama!—2000
  • Ukukhulekelwa KukaSathane Esikhathini Sethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukulahlekelwa Izinzwa Zokuzwa Ngafunda isihloko senu esasikhuluma ngokulahlekelwa izinzwa zokuzwa kwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (October 22, 1989, ngesiNgisi) Kuyiqiniso ukuthi ukuwuvulela kakhulu umculo kulimaza izinzwa zokuzwa. Angizange ngilalele lapho abantu bengitshela ukuthi ngithobe umculo wami ukhalele phansi. Manje sengiyakhokha ngokungalaleli. Ngineminyaka engu-19 ubudala futhi ngiba isithulu ngendlela edabukisa kakhulu.

K. G., United States

Isayensi yezinkanyezi Isihloko senu esasikhuluma ngesayensi yezinkanyezi (November 22, 1989, ngesiNgisi) sathi isayensi yezinkanyezi yaseMpumalanga neyaseNtshonalanga yayihlukanisa izodiac ibe izingxenye ezingu-12 futhi yethe inyanga ngayinye ngesilwane esithile. Lokhu akulona iqiniso. Isayensi yezinkanyezi yaseNtshonalanga ichaza uphawu olulodwa lwezodiac inyanga ngayinye. Kodwa eMpumalanga, lezimpawu zisebenza kuwo wonke unyaka.

C. B., France

Kuyiqiniso ukuthi umjikelezo wezilwane ezingu-12 (isilwane ngasinye simelela unyaka ngamunye) ngokuvamile usetshenziswa amaShayina ekuchazeni unyaka umuntu azalwa ngawo. Khona-ke kuyisiko elithandwayo ngomuntu ongumShayina ukuba akhulume ngaye ngokwakhe ‘njengowonyaka wenkunzi’ noma owanoma yimuphi umfanekiso owawungowonyaka azalwa ngawo. Nokho, njengoba kwashiwo esihlokweni sethu, zona kanye lezilwane ezingu-12 zisetshenziselwa futhi ukuchaza imijikelezo yezinkanyezi yamahora angu-12, izinsuku, kanye nezinyanga.—ED.

Ukusabela komfundi esihlokweni esasikhuluma “NgobuSathane” Kumagazini kaFebruary 22, 1990, umfundi wezwakalisa ukushaqeka ngesembozo somagazini owawukhuluma ngobuSathane. (October 22, 1989, ngesiNgisi) Lapho ngiseyingane, abazali bami basenza sahileleka enkolweni yobuSathane, ezicini zayo ezimbi nezinobudlova kakhulu. Leyonkumbulo yagqitshwa, yavalelwa ngaphakathi kimi kwaze kwaba kulonyaka, futhi manje ngilwisana nayo. Lowomagazini wangisiza ngempela. Futhi ngasazisa kakhulu isembozo. IPhaphama! yenzelwe ukuphaphamisa abantu! Lapho sihambisa umagazini emsebenzini wethu wokushumayela, asizange sithole noyedwa owawenqaba lowomagazini. Sasiyohambisa amakhulu engeziwe!

L. H., United States

Ngiyabonga kakhulu ngokwaziswa enakukhipha kwesithi UbuSathane. Nami ngiseyingane ngangihilelekile enkolweni yobuSathane. Izinto ezesabekayo engiye ngadlula kuzo azikhulumeki. Kodwa kuyaduduza ukwazi ukuthi akudingeki ukuba ngiphike ukuthi ngangiyisisulu sokuxhashazwa imikhuba engamasiko nokuthi ngisengawuzuza umusa kaNkulunkulu. Lezihloko azizange ziwathalalise amaqiniso. Izingane ziyahlushwa, ziyadlwengulwa, futhi zibulawe. Abantu badinga ukwazi ngalokhu!

P. M., United States

Ukuthomba Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kwenzekani Emzimbeni Wami?” (January 22, 1990) UMama washona lapho ngineminyaka emibili, futhi lapho umjikelezo wami wokuya esikhathini uqala, ngangingenaye umuntu engangingaxoxa naye ngakho. Ubaba wayenamahloni kakhulu, futhi ukuziphakamisa kwangenza ngehluleka ukulalela udadewethu omdala. Sengimdadlana manje, kodwa angikakwazi okuningi. Isihloko senu sangichazela kangcono kunezinye izincwadi eziningi. Ngiyanibonga kakhulu ngokuqonda lokho esibhekana nakho.

D., United States

Abasemzini Kusukela mina nomyeni wami sashada eminyakeni eyishumi edlule, bekulokhu kunezimpi ezingapheli nabasemzini. Njengoba uJesu abikezela, izinkinga zanda ngemva kokuzinikezela kwami kuJehova cishe eminyakeni eyisihlanu edlule. (Mathewu 10:35) Enyangeni edlule, ukungezwani kwanda kwaze kwafinyelela eqophelweni lokuzizwa ngigula ngezinye izikhathi. Kodwa anginawo amazwi okuchaza ukwazisa kwami ngezihloko ezazikhuluma ngabasemzini. (February 22, 1990) Kwanikwa ukuqonda okukhulu ngemizwa nangokwesaba kukamamezala kangangokuthi sengiqala ukuqonda ukuthi kungani ezinye izinto zashiwo futhi zenziwa esikhathini esidlule. Ngokuzikhandla okukhulu ngasengxenyeni yami, mhlawumbe ngolunye usuku sonke singaba abangane.

J. P., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela