Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 3/22 k. 12-k. 14 isig. 9
  • Ingabe Amahlathi Analo Ikusasa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Amahlathi Analo Ikusasa?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izazi Zezindawo Zingawenza Umehluko?
  • Umsuka Walenkinga
  • Amahlathi Emvula—Ingabe Angalondolozwa?
    I-Phaphama!—2003
  • Aphele Ngomzuzwana!
    I-Phaphama!—1990
  • Amahlathi Emvula—Ubani Oyowavikela?
    I-Phaphama!—2003
  • Izinzuzo Zokuba Khona Kwamahlathi Emvula
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 3/22 k. 12-k. 14 isig. 9

Ingabe Amahlathi Analo Ikusasa?

ESIQHINGINI iEaster eNingizimu Pacific, amakhanda amakhulu akhiwe ngamatshe alunguze phezu kwamagquma anotshani, egqolozele engaboni lutho phezu kolwandle. Abantu abawaqopha bafa emakhulwini eminyaka adlule. EUnited States esentshonalanga, incithakalo yezakhiwo zakudala ezindaweni ezingazodwa eziyincithakalo iyona kuphela eyizikhumbuzo zabantu abanyamalala kudala ngaphambi ngisho kokuba abantu abamhlophe bafike lapho. Amanye amazwe eBhayibheli lapho impucuko nezohwebo kwake kwachuma khona manje aseyizingwadule ezipheshulwa umoya. Kungani?

Kuzo zonke lezimo ezintathu, ingxenye yempendulo ingase ibe ukuqedwa kwamahlathi. Abanye ochwepheshe banomuzwa wokuthi kwadingeka ukuba abantu bazishiye lezindawo ngoba bewaqedile amahlathi kuzo. Lingenazo izihlahla izwe laphenduka ugwadule, ngakho umuntu waqhubekela phambili. Kodwa namuhla umuntu usongela ukwenza okufanayo embulungeni yonke. Ingabe uyokwenza? Ingabe akukho okunganqanda lenqubo?

Abaningi bayazama. Ezintabeni zaseHimalaya, kubikwa ukuthi abesifazane baye bankonkoshela izihlahla bezama ngokungenathemba ukuvimbela abagawuli bezihlahla ukuba bangazigawuli. EMalaysia, abantu abahlala emahlathini baye bama uhele ukuze bavimbele abagawuli bezingodo abezayo nemishini yabo emikhulu.

Abantu abayizigidi ezingamakhulu amabili abaphila ngamahlathi emvula banomklomelo obhekene nabo nje kakhulu kulenkinga. Njengoba impucuko iya ithuthuka, izinhlanga zendabuko zibalekela emajukujukwini amahlathi, ngezinye izikhathi kuze kube yilapho zihlangana nabafuduki abasondela beqhamuka ngakolunye uhlangothi. Izinhlanga eziningi ziqedwa izifo ezifika nezihambi. Ezinye, ngenxa yokuphoqeleleka ukuba zizijwayelanise nezwe elingaphandle, zigcina seziphakathi kwabantu abampofu abahlala emadolobheni—bengabodwa futhi bezitika. Kodwa izwe lithi liphaphama libe selisenkingeni. Isimo sokufuna izindawo sesiqale ukushanela imbulunga.

Ingabe Izazi Zezindawo Zingawenza Umehluko?

“Kokubili ulwazi nobuchwepheshe kukhona ukuze kuhlenge amahlathi ezwe asezindaweni ezishisayo,” kuqala incwadi iSaving the Tropical Forests. Leliphuzu liye laboniswa emapaki asemhlabeni wonke. IPaki Lesizwe laseGuanacaste eCosta Rica lizinikele ekutshaleni kabusha amahlathi amakhulu. Izihlahla ziye zatshalwa ngezigidi emazweni anjengeKenya, iNdiya, iHaiti, neChina. Kodwa ukutshala izihlahla akufani ncamashí nobuyisela amahlathi.

Ngezinye izikhathi “ukubuyisela amahlathi” eqinisweni kuwukutshala kwezohwebo uhlobo olulodwa lwezihlahla, ezizovunwa kamuva. Lokhu akufani neze nezinto eziphila futhi zihlale ehlathini lemvula eziyinkimbinkimbi. Ngaphandle kwalokho, abanye bathi ihlathi lemvula lasezindaweni ezishisayo elinomswakama alinakubuyiselwa ebunkimbinkimbini balo bakuqala. Akumangalisi ukuthi izazi eziningi zezinto eziphilayo nendawo eziphila kuyo zigcizelela ukuthi ukulondoloza kungcono kunokubuyisela.

Kodwa ukulondoloza akulula njengoba kuzwakala. Uma ihlathi lilincane kakhulu, ngeke lisimame. Ezinye izazi zezinto eziphilayo zisikisela ukuthi okungenani amaphesenti asukela kwangu-10 kuya kwaku-20 amahlathi emvula asemhlabeni kumelwe abekelwe eceleni ukuze abuye asetshenziswe uma ezogcina ingcebo yawo yezilwane nezitshalo ezinhlobonhlobo. Kodwa okwamanje, amaphesenti amathathu kuphela amahlathi emvula aseAfrika avikelekile. ENingizimu-mpumalanga Asia inani lingamaphesenti amabili; eNingizimu Melika, iphesenti elilodwa.

Futhi ezinye zalezozindawo zivikelwe kuphela ephepheni. Amapaki neziqiwi kuyehluleka lapho kungahleliwe kahle noma kunganakekelwa kahle noma lapho izikhulu ezonakele zithululela izimali zesikhwama samapaki emakhukhwini azo siqu. Ezinye zize ngisho zenze imali ngokunikeza abanobuqili izimvume zokugawula izingodo. Futhi izisebenzi ziyantuleka. EAmazon, unogada oyedwa wabelwa ukuba avikele indawo yehlathi lemvula elingangeFrance ubukhulu.

Izazi zezinto eziphilayo nendawo ezihlala kuyo futhi zishoshozela ukuba abalimi bafundiswe indlela yokulima ngaphandle kokuqeda izakhi zomhlabathi ukuze bangaphoqeleki ukuba baqhubekele phambili bagawule amahlathi engeziwe. Abanye baye bazama ukutshala izinhlobonhlobo eziningi zomkhiqizo ensimini eyodwa, okudumaza izinambuzane ezidla uhlobo olulodwa kuphela lwesitshalo. Izihlahla zezithelo zingavikela umhlabathi ezimvuleni ezisezindaweni ezishisayo. Abanye baye bavuselela inqubo yakudala. Bamba imisele izungeze insimu encane bese befaka udaka nama-alga okuvela kulemisele ezindimeni njengezakhi zezitshalo. Izinhlanzi zingase zifuywe kulemisele njengomthombo owengeziwe wokudla. Izinqubo ezinjalo kakade sezihlangabezane nempumelelo enkulu lapho zizanywa.

Kodwa ukufundisa abantu “indlela yokukwenza” kubiza imali nesikhathi futhi kudinga ikhono. Amazwe asezindaweni ezishisayo ngokuvamile anezinkinga zezomnotho eziningi kakhulu ukuba angenza uhlobo olunjalo lokonga okuthatha isikhathi eside. Nokho, ngisho noma ulwazi lokwenza belusakazekile, belungeke luyixazulule inkinga. Njengoba uMichael H. Robinson ebhala kwethi Saving the Tropical Forests: “Amahlathi emvula abhujiswa ikakhulukazi ngenxa yobumpofu nobugovu hhayi ngenxa yokungazi noma ubuwula.”

Umsuka Walenkinga

Ubumpofu nobugovu. Kubonakala sengathi inkinga yokuqedwa kwamahlathi ifaka izimpande zayo zijule enyameni yomphakathi ongabantu, zijule kakhulu kunendlela izihlahla zamahlathi emvula ezifaka ngayo izimpande zazo emhlabathini omncane wasezindaweni ezishisayo. Ingabe isintu singakwazi ukusiphula lenkinga?

Umhlangano wezikhulu eziyizitatanyiswa zamazwe angu-24 eHague, eNetherlands, ngonyaka odlule wahlongoza ukwakhiwa kwegunya elisha phakathi kweZizwe Ezihlangene, elibizwa ngokuthi iGlobe. NgokweFinancial Times yaseLondon, iGlobe iyoba “namandla amasha okumisa nokuqinisa izindinganiso zezinto eziphilayo nendawo eziphila kuyo.” Nakuba amazwe kuyodingeka ukuba adele inkululeko ethile ayithandayo yezwe yokulawulwa elinye izwe ukuze iGlobe ibe namandla angempela, abanye bathi akunakugwemeka ukuba inhlangano enjalo ibe khona ngolunye usuku. Inhlangano yembulunga yonke, enobunye kuphela engase ikwazi ukulungisa izinkinga zembulunga.

Lokho kunjalo ngokwamaqiniso aziwayo. Kodwa imuphi uhulumeni wabantu noma inhlangano engasusa ubugovu nobumpofu? Yimuphi uhulumeni owake wakususa? Bonke ngokuvamile basekelwe ebugovwini, ngakho babangela ubumpofu. Cha, uma kumelwe silindele inhlangano ethile yabantu ukuba ixazulule inkinga yokuqedwa kwamahlathi, khona-ke amahlathi awanalo ikusasa; futhi eqinisweni, nabantu abanalo.

Kodwa cabanga ngalokhu. Ingabe amahlathi awanikezi yini ubufakazi bokuthi aklanywa umuntu ohlakaniphe ngokujulile? Yebo ayabunikeza! Kusukela ezimpandeni zawo kuya emaqabungeni, amahlathi emvula amemezela ukuthi angumsebenzi wezandla zoMklami Oyingcweti.

Khona-ke, ingabe loMklami Omkhulu uyovumela umuntu ukuba aqede wonke amahlathi emvula futhi abhubhise umhlaba wethu? Isiprofetho esivelele eBhayibhelini siwuphendula ngokuqondile lombuzo. Sifundeka kanje: “Nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho [lukaNkulunkulu], nesikhathi . . . sokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”—IsAmbulo 11:18.

Kunezinto ezimbili eziphawulekayo ngalesosiprofetho. Okokuqala, sikhomba esikhathini lapho umuntu ebeyokwazi khona ngempela ukubhubhisa wonke umhlaba. Lapho lawomazwi ebhalwa cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezidlule, umuntu wayengakawubhubhisi umhlaba futhi engakandizeli enyangeni. Kodwa namuhla ukwenza kokubili. Okwesibili, lesiprofetho siphendula umbuzo wokuthi umuntu uyowubhubhisa ngokuphelele yini umhlaba—ngempendulo engu-cha onkenenezayo!

UNkulunkulu wenza umuntu ukuze anakekele umhlaba futhi awulime, angawenzi ugwadule. KuIsrayeli wasendulo wabeka imigoqo ngokugenca amahlathi, abantu bakhe abakwenza njengoba babenqoba iZwe Lesithembiso. (Duteronomi 20:19, 20) Uthembisa ukuthi sonke isintu esikhathini esizayo esiseduze sizophila ngokuzwana nendawo esiphila kuyo.—1 Johane 2:17; Jeremiya 10:10-12.

IBhayibheli linikeza ithemba, ithemba lesikhathi lapho umuntu eyolima khona umhlaba ube ipharadesi kunokuba awulimaze ngogandaganda ewenza ugwadule, awulungise esikhundleni sokuwuphatha budlakadlaka, awuphathe kahle enombono wesikhathi eside esizayo kunokuba awusenge ngobugovu ngenxa yenzuzo yesikhashana. Amahlathi analo ikusasa. Isimiso sezinto esonakele esibhubhisa wona nawo wonke umhlaba asinalo.

[Isithombe ekhasini 13]

Ukuqedwa kwamahlathi lapha e-Easter Island kungenzeka ukuthi kwabangela ukuba impucuko inyamalale

[Umthombo]

H. Armstrong Roberts

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela