Liyini Ithemba Ngezwe Elingenazikhali?
YEKA ukukhululeka obekuyoba yikho ukuba bekungasuswa umthwalo ocindezelayo webhizinisi lezikhali futhi kuqedwe namathala ezikhali zembulunga yonke? Iliphi ithemba elikhona ngesiphetho esinjalo? Umlando ubonisa ukuthi izizwe ngeke zikwenze lokhu ngokuzithandela. Ngaphezu kwalokho, izikhali zimane nje ziwuphawu lwalokhu. Inkinga kumelwe inqotshwe emsukeni wayo ukuze ixazululeke ngokuphelele. Ingabe lowomsuka ungalandelelwa, futhi uma kunjalo, ubani ongawunqoba?
Ibhizinisi lezikhali lithola ukusekelwa kwalo kwesinye seziqalekiso ezinkulu kakhulu zesintu, impi. Kodwa impi ayizange ihlume ebhizinisini lezikhali. Kunalokho, ibhizinisi lezikhali elahluma empini. Khona-ke, ingabe umsuka wobubi uyimpi? Cha, impi imane nje iwumxhantela ibhizinisi lezikhali elichuma kuwo. Lowomxhantela ukutholaphi ukusekelwa kwawo?
Obani abanamandla okuqhatha impi? Zonke izimiso zibeka amandla okwenza kanjalo ezandleni zohulumeni bawo, ngokuvamile abasungula izimpi ukuze bathuthukise noma bavikele izithakazelo zezizwe. Ohulumeni basekelwa ngabantu. Ngakho inkinga ihlobene naso sonke lesimiso sezinto sabantu, esithonywe ubuzwe, ukuncintisana kwezomnotho, ukulawulwa kwamanye amazwe, nobuhlanga. Khona-ke, ingabe lesimiso siwumsuka wenkinga? Cha. Ukuhlola ngokuseduze kuzobonisa ukuthi lesimiso esibi sithola ukusekelwa kwaso emsukeni ocashile, umthombo onganakwa abantu abaningi.
Umsuka Ocashile Uyadalulwa
Lowomsuka udaluliwe eBhayibhelini. Lencwadi endala yembula ukuthi isidalwa somoya esinamandla, sishukunyiswa isifiso sobugovu, saziphakamisa ngokumelene noNkulunkulu. (Jobe 1:6-12; 2:1-7) Sibizwa ngokuthi uSathane (okusho, iSitha) uDeveli (okusho, umMangaleli, iNhlebi). Sangenisa isono nokufa emkhayeni wesintu. (Genesise 3:1-7) Ngakho-ke, sibizwa ngokuthi “omubi.” Sabangela ukuhlasela kokuqala okubulalayo emlandweni wesintu, lokho kukaKayini noAbela.—1 Johane 3:12; Genesise 4:8.
IiBhayibheli futhi lidalula uSathane ngokuthi “unkulunkulu walelizwe,” “udrako” omkhulu onikeza isimiso sembulunga yonke sokubusa kwezombangazwe ‘amandla, nesihlalo sobukhosi, nokubusa.’ UJesu Kristu wakwenza ngesibindi ukuthi “uSathane . . . wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni” futhi wamchaza ngokuthi “umbusi wezwe.”—2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9; 13:1, 2; Johane 8:44; 14:30.
Nokho, lomsuka obulalayo awunakuphila phakade. Ukufundwa kweBhayibheli kukhuluma ngalenkathi yenhlekelele emlandweni wesintu njengezinsuku zokugcina zesimiso sezinto sikaSathane, okusho ukuthi “unesikhathi esifushane” esisele ngaphambi kokuba yena namaqhinga akhe kuqedwe nyá. Ilungiselelo lokukhululeka kulelithonya likaSathane lichazwa ngokomfanekiso umphostoli kaJesu uJohane: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsake kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.”—IsAmbulo 12:12; 20:1-3.
Ukususwa Komthwalo Wezikhali
Lapho umsuka usungenakukwazi ukusebenza, wonke amathonya awo amabi ayophela. Ukuze enze lenkathi eyinkulungwane yeminyaka yokuthula okubuyiselwe emhlabeni ibe nokwenzeka, uJehova, uNkulunkulu onguMninimandla onke ngokwakhe, uyosusa umthwalo ocindezelayo wezikhali: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kubesemikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.
Izigidi zabantu kakade sezizilungiselela ukuba ziphile ngaphansi kwezimiso ezinjalo zokuthula. OFakazi BakaJehova kakade sebeyasigcwalisa lesiprofetho: “Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) Ngakho-ke, abahlanganyeli kunoma yiluphi uhlobo lwebhizinisi lezikhali. NjengoJesu nabafundi bakhe, bagcina ukuma okuqinile kokungathathihlangothi ezindabeni zezombangazwe futhi abahlanganyeli kunoma iyiphi impi yesikhashana noma ingxabano, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.—Johane 17:16.
Ngokwesiprofetho seBhayibheli esigcwalisekile, isikhathi siseduze lapho kungasayikuba khona sikhali esiyovivelwa impi, lapho wonke umcebo womhlaba uyosetshenziselwa kuphela ukuthuthukisa inhlalakahle yezakhamuzi zawo. INkosi Yokuthula, uJesu Kristu, iNkosi yomhlaba wonke, iyakuqinisekisa lokhu: “Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakubayigugu emehlweni ayo.” Ngakho-ke, thokozani! Izwe elingenazo izikhali ngokushesha lizoba yinto engokoqobo!—IHubo 72:12-14.
[Isithombe ekhasini 10]
Isikhathi siyasondela lapho kungasayikuba khona impi. Kunalokho, umhlaba uyoba ipharadesi elinokuthula
[Imithombo]
U.S. Marine Corps photo
Tahiti Tourist Promotion Board