Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukukhulekela Ngokwamahlelo Kuyamukeleka KuNkulunkulu?
YINI oyicabangayo lapho uzwa igama elithi “ihlelo”? Ingabe amaqembu abantu abagqoke izingubo ezingajwayelekile becula futhi bedansa emajikeni emigwaqo? ingabe abalandeli abaningi abaguqe phambi komfundisi oxakayo wamaHindu? Ingabe izindaba ezisabisayo ngabantwana abathunjiwe noma aboniwe? Noma, mhlawumbe, ingabe ukulandisa okude okwethusayo ngokubulawa kwabantu noma uquqaba lwabantu abazibulele?
Ngokudabukisayo, imibiko yaloluhlobo ivame ukuvela, mhlawumbe ngokuvame kakhulu. Umphumela uwukuthi, kubantu abaningi, igama elithi “ihlelo” seliye lafana nelalokho okungajwayelekile, okungemukeleki, noma mhlawumbe okusongelayo. Kubona, wonke amaqembu angokwenkolo angesiwo amasonto okuthiwa aqashelwa umthetho, ayinhloko, angamahlelo. Ingabe umbono onjalo uyasebenza? Futhi, ngokubaluleke ngokwengeziwe, ingabe lowo umbono weBhayibheli?
Liyini Ihlelo?
Ngokuthakazelisayo, amaJuda amaningi ekhulu lokuqala aba nombono onjalo kanye ngabalandeli bakaJesu Kristu, ngomphostoli uPawulu ngokukhethekile. Ngenxa yokushumayela kwakhe kwentshiseko izindaba ezinhle ngoJesu Kristu, ababusi abangamaJuda babeka uPawulu icala lokuba “yishinga evusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, eyinhloko yehlelo lamaNazaretha.” (IzEnzo 24:5) Lapha igama elithi “ihlelo” lihunyushwe egameni lesiGreki elithi, haiʹre·sis, elisho “ukukhetha,” okungukuthi, “ukukhetha umbono ophambene nalowo owamukelwa ngokuvamile.” Ngaleyondlela, “ihlelo” liyiqembu noma indikimba yabantu ekhetha ukulandela inkambo noma inkolelo ehlukile kulokho okwamukelwa ngokuvamile.
Abaholi benkolo abangamaJuda bathola isigijimi esasishunyayelwa uPawulu namaKristu akanye nawo singesihlukile futhi sicasula. Ngaleyondlela, bababiza ngokuthi bayihlelo. Kodwa ingabe babeqinisile? Lutho neze, ngoba uma samukela leyondlela elula kakhulu yokucabanga njengesebenzayo, khona-ke bekuyomelwe sisho ukuthi ubuKristu obashunyayelwa uJesu umNazaretha nomphostoli uPawulu babuyihlelo!
Ngokuphambene ngokuphelele nalokho, iBhayibheli likhuluma ‘ngehlelo labaFarisi’ ‘nehlelo labaSadusi.’ (IzEnzo 15:5; 5:17) Kungani? Ngoba bakhetha ukulandela inkambo noma inkolelo ehlukile kuleyo efundiswa yiBhayibheli. UJesu waveza isiphambeko sabo lapho ethi: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. . . . Izwi likaNkulunkulu nilenza libeyize ngesiko lenu.” (Marku 7:9, 13) Nakuba babecabanga ukuthi babenza inkolo eqashelwa umthetho, eyinhloko, babakha amahlelo alezozinsuku.
Ngenxa yokunamathela ngobugovu emiqondweni yabo ngokuphathelene nalokho okulungile, labobaholi abangokwenkolo ababezibheka njengabalungile bamenqaba uJesu. Ngokomphumela, uJesu wabatshela: “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.”—Mathewu 21:43.
Obani Abangamahlelo Namuhla?
Namuhla, igama elithi “ihlelo” lisetshenziswa ngokukhululekile abalobi benkolo, abagxeki, nabanye, belijikijela njengegabade kunoma ubani ojivaza uhlobo lwabo siqu lomuzwa ongokwenkolo. Kodwa ingabe lokho kuyisisekelo esizwakalayo sokwahlulela? Kunalokho, bekungeke yini kube ngcono kakhulu ukulandela iseluleko esalungiselelwa uJesu futhi sihlole ‘izithelo’ zabo? Wathi: “Niyakubazi ngezithelo zabo.”—Mathewu 7:16.
Ngalendinganiso, ngempela iningi lamaqembu nezinhlangano esizwayo ngazo zingabizwa ngokuthi amahlelo. Kunokuba ziveze “izithelo zikamoya,” ziye zabonakalisa “imisebenzi yenyama” ngobuningi, ehlanganisa “ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha,” nokunye. (Galathiya 5:19-24) Eziningi zalezi zingabhekwa ngokufanelekile njengezikhulekela izithombe, njengoba zenza abaholi abathile abasebenzisa imimoya babe izithixo futhi zilandela izimfundiso zabo kunokuba zilandele iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
Kodwa kuthiwani ngezinkolo okuthiwa zingeziyinhloko? Nokho, ingabe zisekela izindinganiso eziphakeme zeBhayibheli ezindabeni zokuziphatha, noma ingabe zinemiqondo yazo siqu ngazo? (1 Korinte 6:9, 10) Ingabe ziyathandana, uJesu athi kuwuphawu lokuba umfundi weqiniso, noma ingabe zibuswa ubuzwe nezombangazwe ukuba zibulalane ngezikhathi zempi? (Johane 13:35) Ingabe zisekela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, njengoba uJesu enza, noma ingabe zilibheka njengeliyinganekwane futhi esikhundleni salo zisekele amafilosofi abantu nemfundiso yokuziphendukela kwemvelo ehlambalaza uNkulunkulu? (Johane 17:17) Kusobala ukuthi, naphezu “kokuhlonipheka” kwazo, izinkolo okuthiwa eziyinhloko zimane nje zingamahlelo amanga azishaya sabuKristu beqiniso.
Okumelwe Ukwenze
UbuKristu beqiniso abulona ihlelo, futhi abuhlali lapho kuhlukenwe khona. Uma ungowesonto, khona-ke kubalulekile ukuba uhlole ngokunakekela lokho isonto lakho elikufundisayo nohlobo ‘lwezithelo’ amalungu alo azivezayo. Ingabe zisekelwe ngokuphelele eBhayibhelini futhi ziyavumelana na!o? Noma ingabe kuwukuthi isonto lakho nalo liye lakhetha inkambo ehlukile kulokho okufundiswa yiBhayibheli, ngaleyondlela ilenza ihlelo? Isifundo seBhayibheli senkuthalo siwukuphela kwendlela yokwazi ngokuqinisekile.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Umphostoli uPawulu wabekwa icala lokuba “inhloko yehlelo lamaNazaretha.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Ingabe isonto lakho lisekela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu noma lilibheka njengeliyinganekwane?