Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 9/15 k. 29
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bavuma Icala Labo Legazi
  • Ukuntuleka Kwabapristi
  • Ikhambi Eliphelele
  • Ingabe Ukukhulekela Ngokwamahlelo Kuyamukeleka KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1988
  • Liyini IBhabhiloni Elikhulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “IBabiloni” Elingalondekile Limiselwe Ukubhujiswa
    Ukulondeka (ws)
  • Ukulila Nokujabula Ngokuphela KweBhabhiloni
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 9/15 k. 29

Ukuqondisisa Izindaba

Bavuma Icala Labo Legazi

“Sabiza impi [iMpi Yezwe II] ngokuthi yimpi engcwele futhi sathumela abantu ezinkundleni zempi,” kuvuma uShingen Hosokawa, unobhala-jikelele weHhovisi Lethempeli Lehlelo LobuBuddha iTrue Pure Land Otani eJapane. “Asinakwenza ngokunye ngaphandle kokuba sinqotshwe ngamahloni phambi kukaBuddha ongcwele.” Kweyamuva “inkonzo Yesikhumbuzo Yabo Bonke Abafa Empini,” eminyakeni engu-45 ngemva kokuphela kweMpi Yezwe II, lelihlelo, elinamakholwa angaphezu kwezigidi ezinhlanu, lavuma icala lalo “lokuhlanganyela ngokuzithandela [emizamweni yempi] eMpini Yezwe II.” “Asikho isandulela senkonzo yobuBuddha engokwesiko eyake yalisho ngokucacile icala layo siqu empini emcikilishweni ongokwenkolo,” kuphawula iAsahi Shimbun.

Nokho, akumelwe yini izinkolo eziningi ngokwengeziwe “zinqotshwe ngamahloni” ngenxa yokuphoqelela izinsizwa eziningi ukuba ziye empini? NgokweKodansha Encyclopedia of Japan, cishe zonke izinkolo zobuBuddha, ‘zobuKristu,’ nezobuShinto eJapane zamisa iNhlangano Engokwenkolo ngo-1941 “ukuze zakhe inqaba yesizwe engokomoya ngesikhathi sempi.”

Ngokungamangalisi, lapho libhekisela embusweni wezwe wenkolo yamanga ‘njengeBabiloni Elikhulu,’ iBhayibheli lithi: “Futhi kwafunyaniswa kuwe igazi . . . [labo] bonke ababebulewe emhlabeni.” (IsAmbulo 18:2, 24) Ingabe uJehova uNkulunkulu, uMniki wokuphila komuntu, uyofuna ukuba labobathandi benkolo balandise ngecala labo legazi? Isahluko esifanayo sesAmbulo sichaza ngokomfanekiso lokho okuyokwenzeka eBabiloni Elikhulu, sithi: “Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.”—IsAmbulo 18:21.

Ukuntuleka Kwabapristi

Amahlelo obuBuddha eJapane ahlushwa yinkinga yamathempeli ashiyiwe. Omakhelwane bamathempeli angenabo abapristi abahlala kuwo abakufuni ukuzulazula kwemihambima endaweni yethempeli kanye nengozi yokugqashuka komlilo. Ihlelo leZen Buddhist Myoshinji lanquma ukusingatha lenkinga ngokuba lichithe amathempeli noma liwahlanganise nalawo aseduze nawo. Amaphesenti angaphezu kuka-20 amathempeli ehlelo leMyoshinji angu-3 500 kuyo yonke iJapane awanaye umpristi ohlala kuwo noma akhonzwa abapristi abavela emathempelini aseduze.

Kungani kunalesisimo esibucayi? “Ihlelo linenkinga yokuthola abazongena ezikhundleni zabapristi abathatha umhlala-phansi,” kuchaza iDaily Yomiuri, “futhi abapristi abasebancane baye bazenqaba izikhundla emathempelini asezindaweni ezingenabantu abaningi.” Ihlelo lazama ukuqeqesha izisebenzi ezithathé umhlala-phansi njengabapristi kodwa seliluyekile kakade lolohlelo. Nakuba iMyoshinji ithi “lena akuyona inkathi lapho inani lamathempeli akhona liwubufakazi bamandla,” akunakuphikwa ukuthi ithonya lawo liyancipha.

Ngokuthakazelisayo, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ibikezela ukuthi amanzi e-Ewufrathe, isimiso sezwe lonke esingokwenkolo—“iBabiloni Elikhulu”—elihlezi phezu kwawo, ‘ayokusha.’ (IsAmbulo 16:12; 18:2, 9, 11) Ingabe amanzi amelelani? “Amanzi owabonayo . . . angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.” (IsAmbulo 17:15) Ukusha ‘kwamanzi,’ noma abasekeli, ngokucacile kuyenzeka endaweni yaseMpumalanga yeBabiloni Elikhulu.

Ikhambi Eliphelele

“Ukusongela okuqala ukuvela esibhekene nakho manje . . . kunamandla amakhulu kangangokuthi ngaphandle kokuba isinyathelo sokukuhlehlisa siqale manje, kuyoholela ngokungenakugwenywa emiphumeleni ekhubazayo nebizayo ngokomnotho nokuwohloka kwezinhlangano zomphakathi nezombangazwe,” kusho iWorldwatch Institute, eseWashington, D.C., eU.S.A. Ngonyaka odlule umbiko waminyaka yonke walenhlangano waxwayisa ngokuthi amaza okushisa abulalayo, ukomisa, nezikhukhula kwakumane nje kuyizibikezela zezinhlekelele ezingathi sína ngokwengeziwe ezisazokwehlela lomhlaba osukhahlamezekile kakade. Izinto ezaphawulwa embikweni njengokumelwe zinakekelwe ngokuphuthumayo zihlanganisa ukulawula inani labantu, ukusetshenziswa kwamandla ngokuphumelelayo, ukutshalwa kabusha kwamahlathi, nokuvinjelwa kwendlala. Nokho, lenhlangano ithi kudingeka ‘isu lesinyathelo lembulunga yonke’ eliphuthumayo kanye ‘nezinguquko ezinkulu endleleni yomuntu yokuziphatha’ ukuze kutholwe imiphumela emihle.

Ingabe singalindela ukubona isu lembulunga yonke eliyoletha izinguquko ezinkulu esikhathini sethu? Yebo, kodwa hhayi ngemizamo yanoma yimuphi umuntu noma iqembu labantu. Kungani kungenjalo? Ngoba umprofethi uJeremiya wabhala emakhulwini amaningi eminyaka adlule: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Kunalokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi uJehova uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba’ futhi ‘uyonquma’ ukuze azuzise izakhamuzi zomhlaba.—Jeremiya 10:23; IsAmbulo 11:18; Mika 4:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela