Izimfa Esakhiweni Esikhulu
Ngumlobeli wePhaphama! eFrance
NGALOLOSUKU imibhoshongo emikhulu iNotre Dame yendlu yesonto eParis yabonakala ifanekisela ukuqina kweSonto lamaRoma Katolika lakudala lamasiko. Egcekeni elibanzi elingaphambi kwesakhiwo esikhulu sekhulu le-12 leminyaka, udwendwe lwesonto olungokomthetho lwalugubha umkhosi wokukhumbula ukuHlwithelwa kukaMariya ezulwini.
Nokho, kuyamangalisa ukuthi ngawo lowoAugust 15, 1986, amamitha nje ambalwa ngaphesheya kweSeine River, udwendwe oluphikisayo lwakheka ngaphambi kwesonto lamaKatolika iSaint-Nicolas-du-Chardonnet. Njengoba udwendwe lwaluhamba emigwaqweni yeLatin Quarter, lwalulandelwa izinkulungwane ezimbalwa zamaKatolika, okubikwa ukuthi ayemaningi kunalawa ayesemkhosini ongokomthetho owawuseNotre Dame. Nokho, yomibili imikhosi yayihlelwe abapristi beSonto lamaRoma Katolika, futhi yomibili yayidumisa uMariya. Kungani kwakukhona izindwendwe ezimbili eziphikisanayo ezazigubha umkhosi ofanayo wamaKatolika?
Lesisenzakalo silubonisa kangcono uqhekeko manje oluhlukanisa iSonto lamaKatolika. Lusakazekela kuzo zonke izingxenye, ludabula isakhiwo esikhulu futhi lusiqhekeza kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla futhi kusukela phezulu kuya phansi.
AmaKatolika Afuna Uguquko NamaKatolika Abambelele Emasikweni Esonto
Kwesobunxele kunamaKatolika afuna inguquko, noma ahambisana nombono obanzi. Amaningi alawa ayengwa okuthiwa imfundiso yenkolo yenkululeko, eyaqala eLatin America. Ngalawa, ubunye bezinkolo, ngisho nobukhomanisi akuwona amagama athusayo. Kodwa ngisho naseLatin America, akuwona wonke amaKatolika avumelana nemfundiso yenkolo yenkululeko. Ngokwesibonelo, eBrazil abefundisi bamaKatolika ngokwabo behlukene phakathi baba amaKatolika afuna uguquko namaKatolika abambelele emasikweni esonto.
AmaKatolika abambelele emasikweni esonto awalufuni uguquko, anomuzwa wokuthi uMhlangano Wesibili WaseVatican wavulela izinguquko umnyango lezo ezidalula ubuKatolika bakudala bamasiko. Bagcizelela ukuthi iMisa lishiwo ngesiLatini futhi bayenqaba ukudlelana namaProthestani noma abafuna inguquko yezombangazwe.
Phakathi nendawo kunamaKatolika avamile, ngokungangabazeki amaningi kakhulu kodwa angashiseki kakhulu. Womabili afuna inguquko nalawo abambelele emasikweni esonto anomuzwa wokuthi ubuKatolika obungathathi-hlangothi bulahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yezinguquko ezincane kakhulu noma eziningi kakhulu. Amaningi awesimanje anomuzwa wokuthi izinguquko azifinyeleli endaweni efanele nokuthi ukuhileleka kwesonto kwezombangazwe ngenxa yabahluphekayo kuntula kakhulu isibindi nokuzimisela. AmaKatolika abambelele emasikweni esonto akholelwa ukuthi ubuKatolika bangemva komhlangano wesibili waseVatican buziqeda ngokwabo.
Uqhekeko oluqhubekayo ludabula phakathi kwalokhu kuthambekela okuyinhloko, kuwo wonke amazinga. AmaKatolika ahlukene ezindabeni zokholo nezokuziphatha. Ezindabeni zokholo, noma izinkolelo, izimfundiso ezingokomthetho zamaKatolika ezinjengesihogo somlilo, isihlanzo, isono sendabuko, ngisho noZiqu-zintathu akusavunyelwanwa ngazo ngaphakathi eSontweni lamaKatolika. Ukuhlolwa kombono womphakathi wamuva eFrance, okuthiwa “kuyindodakazi endala yesonto,” kwabonisa ukuthi abangamaphesenti angama-71 bamaKatolika aseFrance okwaxoxwa nabo babonisa ukungabaza ngokuphila ngemva kokufa, abangamaphesenti angama-58 bakuphika ukuba khona kwesihogo, abangamaphesenti angama-54 babonisa ukungakholelwa esihlanzweni, futhi abangamaphesenti angama-34 abamamukelanga uZiqu-zintathu.
Kuyavunywa ukuthi, kunamalungu amaningi eSonto lamaKatolika emhlabeni wonke asazikholelwa ngentshiseko lezimfundiso. Kodwa lokho kusiza kuphela ekufakazeleni ukuthi amaKatolika ahlukene ezindabeni zokholo.
“Impikiswano Enkulu . . . Ukuhlonipha IRoma”
Ngokuphathelene nokuziphatha, amaKatolika ahlukene ngokujulile ezindabeni ezinjengobulili ngaphambi komshado, ukuphinga, nobungqingili. AmaKatolika amaningi aqotho ashaqiswa ngokujulile yisimo sengqondo sokuyekelela samalunga esonto lawo, kuhlanganise nabanye babefundisi ngisho nezazi zezenkolo ezithile. AmaKatolika anokuziphatha okuhle angase aduduzwe iqiniso lokuthi upapa uye wakhuluma ngokunamandla ngokumelene nokuziphatha okubi ngokobulili. Kodwa ingabe lokhu akumane yini kugcizelele iqiniso elethusayo lokuthi amaKatolika amaningi ngokwengeziwe asongela igunya likapapa ezindabeni ezinjalo?
Muva nje iObserver yaseLondon yabhala: “Ukungezwani phakathi kukaPapa nabaningi bomhlambi wakhe kuye kwabonakala ngokungavumelani okwaziwa kahle kokuphikisana ngokukhishwa kwezisu, izinto ezakhiwe zokulawula inzalo, ukuvunyelwa kwabesifazane ebupristini nokuhlanganyela esidlweni kwamaKatolika adivosile. Impikiswano enkulu ukulalela eRoma.”
UmBhishobhi uJames Malone, owayengumongameli woMkhandlu Wesizwe (waseMelika) wabaBhishobhi bamaKatolika, waxwayisa “ngokunganeliswa okukhulayo nokuyingozi ngezici zesonto eUnited States ezivela eSifundeni-mbhishobhi Esingcwele.” Wakhuluma “ngokungqubuzana ngemibono,” “ukwahlukana,” “nenzondo ekhulayo.”
Ngakolunye uhlangothi, amaKatolika abambelele emasikweni esonto alwa ngokusobala nopapa ngoba anomuzwa wokuthi akayiqinisi ngokwanele imithetho. Oholayo kulokhu kuvukela umbhishobhi omkhulu wamaKatolika aseFrance. Uye wadala inhlangano eye yalihlukanisa ngokuqhubekayo iSonto lamaRoma Katolika, njengoba isihloko esilandelayo sizochaza.