Imfundiso Yenkolo Yenkululeko, lBhayibheli, Nawe
“Yonke imibhalo iphefumlelwe nguNkulunkulu futhi ingasetshenziswa ngokuyinzuzo ekufundiseni, ekusoleni iphutha, ekuqondiseni ukuphila kwabantu nokubafundisa ukubangcwele.”—2 Thimothewu 3:16, The Jerusalem Bible
INGABE uyakukholelwa lokho? Yini ebaluleke kakhulu kuwe: Ukukhonza uNkulunkulu ngendlela yena afuna ukuba umkhonze ngayo noma ukumkhonza ngendlela wena ocabanga ukuthi ingengcono kakhulu? ‘Yebo’ uyasho, ‘ukuphela kwendlela yindlela kaNkulunkulu!’ Ingabe ngempela unomuzwa wokuthi indlela kaNkulunkulu ingengcono kakhulu? Uma kunjalo, khona-ke uyovumelana namazwi angenhla ashiwo umphostoli uPawulu.
Yebo, uNkulunkulu ukhulumile, futhi ungalifunda iZwi lakhe. Sikumema ukuba ucabangele imfundiso yenkolo yenkululeko ngombono weBhayibheli. Ingabe imfundiso yenkolo yenkululeko isekelwe eBhayibhelini?
‘Anisibo Abezwe’
UJesu wake watshela abafundi bakhe: ‘Anisibo abezwe.’ Ngabo lobobusuku, ubusuku bangaphambi kokufa kwakhe, ethandaza kuYise, wathi: “Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” Khona-ke, cishe ngokushesha, waphinda: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 15:19; 17:14, 16.
Izinkolo eziningi zeLobukholwa aziwenzi umzamo wokuhluka ezweni. Mhlawumbe uye wafunda ngakho ezindabeni. Nomaphi lapho ubheka khona—eMelika, e Asia, eYurophu noma, eAfrika—kunendaba efanayo. Cishe abefundisi bazo zonke izinkolo bakwezombangazwe. Kodwa ukuhileleka kwabo kwezombangazwe zezwe kungenye yezinto ezingqubuzana neZwi likaNkulunkulu.
Ingabe Ubudlova Buvumelekile?
Abefundisi benkolo yenkululeko bathi ubudlova buvumelekile uma busetshenziselwa ukusiza abampofu. Ngisho neVatican manje isho ngokusemthethweni ukuthi ubudlova buvumelekile ‘njengethemba lokugcina.’ UPapa John Paul II, encwadini eya kubo bonke ababhishobhi eBrazil, uye wamemezela ukuthi “Imfundiso Yenkolo Yenkululeko akukhona nje kuphela ukuthi ifike ngesikhathi kodwa futhi iwusizo futhi idingekile eLatin America.” Ingabe yilokho iBhayibheli elikushoyo?
Lapho esemhlabeni, uJesu Kristu akazange ahileleke ezinhlanganweni zezenhlalo zezwe. Ngokuphambene, lapho umphostoli uPetru ephendukela ‘enkembeni’ ukuze avikele iNdodana kaNkulunkulu, uJesu wamkhuza ngokuthi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.”—Mathewu 26:52.
Kodwa kuthiwani ngezimpi ezalwiwa uIsrayeli? NgokweBhayibheli, uIsrayeli wayengayazi impi ngaphambi kokukhululwa kwakhe eGibithe. (Eksodusi 13:17, 18) Lapho kufika isikhathi, babeqondiswa uNkulunkulu. Nokho, uJehova wamyala ngokuqinile uIsrayeli ukuthi kwakumelwe anqobe izwe ayelithembise okhokho bakhe kuphela.—Genesise 17:7, 8; Duteronomi 2:5, 9, 19.
Nakuba amaKristu engahileleki empini engokoqobo emelene negazi nenyama, nokho ahilelekile empini, ukulwa okungokomoya. Njengoba umphostoli uPawulu abonisa ngokucacile: “Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene . . . nabawomoya bobubi emkhathini.”—Efesu 6:12.
Ngakho-ke abefundisi beLobukholwa babuthethelela kanjani ubudlova banamuhla?
iZwi likaNkulunkulu Endaweni Yesithathu!
Umfundisi wenkolo yenkululeko uGustavo Gutierrez watshela iPhaphama! ukuthi imfundiso, enjengemfundiso yenkolo yenkululeko, ivela ‘ekuqondweni nasekwamukelweni kwayo umphakathi wamaKristu.’ Yebo, umbono ovamile nokuhlakanipha komuntu kubekwa ngaphambi kweZwi likaNkulunkulu. Ingabe uyavumelana nalokhu?
UCarlos D________ wayengumKatolika othembekile oye wachitha iminyaka eyi-11 esekholiji lamaKatolika. “Ngangizinikezele ukukhonza uNkulunkulu . . . nginomgomo wokuba umpristi omuhle,” kusho uCarlos. Nokho, ngokuhamba kweminyaka, okuthile kwaqala ukumkhathaza.
Uthi, ‘Phakathi kokunye, ngaqaphela ukuthi iBhayibheli lalishiywa ngemuva. Isiko lofata besonto laliza kuqala. Bese kuza igunya likapapa lapho ekhuluma iex cathedra, futhi ekugcineni—endaweni yesithathu—iBhayibheli.’a
Emva kokushiya iSonto lamaKatolika, uCarlos wachitha iminyaka efuna iqiniso kwezinye izinkolo eziningi. Enganelisiwe, akazange akholelwe ebukhoneni bukaNkulunkulu kwaze kwaba yilapho etholana noFakazi BakaJehova futhi amukela isifundo seBhayibheli sasekhaya. UCarlos manje unguFakazi kaJehova ozinikezele.
UMaria V_________naye futhi wayengumKatolika oshisekayo. Uthi: “Ngangiya eMiseni cishe nsuku zonke. Futhi ngangiseqenjini
elalibizwa ngokuthi iLa Action Catolica de Senoritas [Inhlangano yamaKatolika Yabesifazane Abasha].” UMaria wafundisa ikatekhisimu iminyaka eminingi. Ukuqeqeshwa kwakhe kwakuhlanganisani? ‘NgoMgqibelo ngamunye umpristi wayekhuluma nathi ngamafilosofi kaPlato nabanye. Iningi lethu lalingezwa lutho. Ngangazi ukuthi kukhona okungalungile. Lokho engangikufunda kwakungazigcwalisi izidingo zami ezingokomoya.’ Yini eyashintsha ukuphila kwakhe?
“Isoka lami lalifikelwa njalo iPhaphama!, futhi lalibadlulisela kimi omagazini.” Khona-ke uMaria wathola incwadi ethi Ukusuka ePharadesi eliLahlekile ukuya ePharadesi elizuziwe futhi waqala ukuzifundela yona. “Ngaqala lapho-ke ukuzwisisa iBhayibheli ngempela—sengathi kwakususwe inkungu emehlweni.”
Bobabili uMaria nesoka lakhe baba oFakazi BakaJehova abazinikezele futhi ngemva kwalokho bashada. Esikhundleni sokufundisa ikatekhisimu, uMaria manje uqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyi-12 nabanye abathanda ukufunda iqiniso leBhayibheli.
Ulwazi lweZwi likaNkulunkulu futhi luye lwazuzisa abantu abaningi abaqotho abavela esizindeni esimpofu ngokwezinto ezibonakalayo.
Ithemba LeBhayibheli—UMbuso KaNkulunkulu
Komunye wemithandazo eyaziwa kahle eyidlula yonke, uJesu Kristu waqokomisa eliwukuphela kwethemba lesintu lezimo zezwe ezingcono. Wacela, “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho, emhlabeni njengasezulwini.” (Omalukeke sizenzele)—Mathewu 6:9, 10.
Ingabe uyawuthanda uhulumeni kaNkulunkulu, noma ukhetha ukubusa komuntu. Lena inselele sonke okumelwe sibhekane nayo. Ngenxa yezimo zezwe zamanje, nawe ngokufanayo ungase ube nomuzwa wokuthi sidinga okuthile kunalokho umuntu aye wakufeza. Kodwa yini uMbuso kaNkulunkulu ongayenzela abampofu namuhla?
URafael R_________ uvela emkhayeni ompofu onabantwana abayisishiyagalolunye. Uyakhumbula, “Ngayeka isikole ngemva konyaka wami wokuqala ukuze ngisize umkhaya wakithi ngezidingo zokuphila. Ngemva kokuvuna edolobhaneni lakithi, ngangiya emasimini ngiyokhothoza okwakushiywe esivunweni ukuze sithole ukudla.”
Nokho, lapho eneminyaka eyi-15, uRafael waqala umkhuba obizayo nolulazayo. Waqala ukusebenzisa imali yakhe—leyo encane ayeyisebenzele—ophuzweni oludakayo. “Ezikhathini ezimbili,” kusho uRafael, “ngikhumbula ngihlasela ukuze ngithole imali yokuthenga iziphuzo ezengeziwe.”
Ekugcineni, uRafael washada futhi waba nabantwana abayishumi okwakumelwe abondle. Noma kunjalo umkhuba wakhe wokuphuza waba mubi kakhulu. Umkakhe uCarmen uthi: “Ezintweni ezibonakalayo, sasingenalutho ngokuphelele. Ngazama ukuthola imadlana ngokuhlanza izingubo ukuze ikati lingalali eziko. Ukudla kwethu kwasekuseni nokwantambama ngokuvamile kwakuba inkomishi yetiye nocezu lwesinkwa. Ukudla kwasemini kwakuba yisojana mhlawumbe kanye namazambane ambalwa noma ithanga. Sasisuke sinenhlanhla impela uma sidla inyama ngezinye izikhathi kanye ngesonto.” Ngakho-ke umkhuba kaRafael wokuphuza wathinta nabanye. Kodwa ingabe lalikhona ithemba ngalomkhaya?
“Ngokuqinisekile,” kusho uCarmen, “nakuba lalingekho kwaze kwaba yilapho siqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova lapho umyeni wami aqala khona ukushintsha. Safunda ngesithembiso soMbuso —ukuthi uJehova ngokushesha uzoqeda ubumpofu nokucindezelwa ezweni. Ekugcineni imithandazo yami kuNkulunkulu yaphendulwa!” URafael wayeka ukuphuza futhi waqala ukubeka uMbuso kaNkulunkulu endaweni yokuqala. Ulwazi lweBhayibheli lwamsiza ukuba embathe “umuntu omusha.” (Efesu 4:22-24) Ngenxa yalokho, yena nomkhaya wakhe abasalwisani nobumpofu obukhulu kakhulu. URafael uthi: “Asicebile, futhi asinawo umuzi wethu siqu, kodwa sinazo izidingo zokuphila, futhi siyajabula.”
Imfundo yobuKristu iyasiza futhi nasekuthuthukiseni amakhono abefihlekile. Ngenxa yokuyeka isikole esemncane, uRafael wayengakwazi ukufunda nokubhala. Nokho, ngokuba khona nokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu, akazange nje kuphela aphumelele kahle kulokhu kodwa futhi unikeza izinkulumo ebandleni lakubo futhi uqhuba njalo isifundo somkhaya seBhayibheli nomkhaya wakhe. Akupheleli lapho.
URafael nomkhaya wakhe baye bathola enye inzuzo ekubekeni izithakazelo zoMbuso kuqala. “Lapho umyeni wami egula ngenxa yenkinga yakhe yokuphuza,” kukhumbula uCarmen, “sathola ukusekela kothando kwebandla.” Kwakuluhlobo luni lokusekela lolu? Njengoba uCarmen echaza “Abazalwane nodade baba usizo ngokomoya nangokwezimali.” Yebo, kunokusekela kothando kwebandla phakathi kobuzalwane babantu bakaJehova emhlabeni wonke.
Ngakho iBhayibheli liyalinikeza ithemba elingokoqobo ngabampofu. UJesu wake wathi: “Bekani izinhliziyo zenu embusweni [kaNkulunkulu] kuqala nasekulungeni kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto [izidingo zokuphila] niyonikezwa zona.” (Mathewu 6:33, The Jerusalem Bible) Futhi njengoba kubonakala endabeni kaRafael, kunezinzuzo eziningi ezingaphezu nje kwezinzuzo ezibonakalayo.
Ingabe ulwazi oluqondile lweBhayibheli lungakusiza nawe?
Indlela Ohileleke Ngayo
Umphostoli uPawulu wake weluleka amaKristu eqiniso osuku lwakhe: “Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye.” (2 Korinte 13:5) Futhi uJesu, lapho ekhuluma noYise, wathi “ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Ingabe ukholo lwakho lusekelwe ekwazini ‘uNkulunkulu oyedwa oqinisileyo’? Ingabe unjengabantu baseBereya, labo iBhayibheli elithi ngabo ‘babenomqondo ovuleke ngokwengeziwe.’ “Balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.”—IzEnzo 17:11, qhathanisa neThe Jerusalem Bible.
Ingabe “unomqondo ovulekile” ngeZwi likaNkulunkulu. Ingabe ulitadisha njalo iBhayibheli? Lena ukuphela kwendlela ‘yokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.’ (Roma 12:2) EBhayibhelini, uyothola isithembiso sikaNkulunkulu sokungaqedi nje kuphela ubumpofu, ukucindezelwa, nomzabalazo wezizwe zonke emhlabeni kodwa ‘nezinyembezi, ukufa, ukukhala, nokudabuka.’ (isAmbulo 21:4) Lokhu ngempela kuyoba inkululeko yeqiniso.
[Umbhalo waphansi]
a I-ex cathedra: Lapho upapa ekhuluma ngegunya ngezindaba “zemfundiso yokholo lobuKristu noma umthetho wezimiso zokuziphatha okumelwe ugcinwe yiSonto,”
[Izithombe ekhasini 9]
“Ngangizinikezele ekukhonzeni uNkulunkulu . . . nginomgomo wokuba umpristi omuhle”—uCarlos
“Ngaqala lapho-ke ukuzwisisa iBhayibheli ngokuqinisekile—kwaba sengathi kwakususwe inkungu emehlweni”—uMaria
[Isithombe ekhasini 10]
‘Asicebile, nokho sinazo izidingo zokuphila, futhi siyajabula’—uRafael