UbuKatolika BamaZwe Asathuthuka Bugxile Kangakanani?
Ngumlobeli wePhaphama! eMexico
“WONKE amaKristu angabalindi besiboshwa sezombangazwe esabulawelwa esiphambanweni.” ‘UPapa John Paul II ungupapa omkhulu kwezombangazwe kunabo bonke esike sababona!’ “Akunakwenzeka ukuphila ngokholo lwethu ngaphandle kwezombangazwe.” Lawa angambalwa nje emazwini amaningi okuphikisa akhulunywa abefundisi bamaKatolika emhlanganweni wasobala owawuseDolobheni laseMexico ngoDecember 1986.
Emhlanganweni ofanayo, kwakukhona ezilalelini labo ababengavumelani nezikhulumi. Abanye baqala ukumemeza bevikela iSonto lobuKatolika, lapho abanye besekela abefundisi ababevakashile. Nokho, abanye babebindekile—bexakwe ukuntuleka kobunye. Enqamula lokhu kuphazamiseka, umpristi waseNingizimu Afrika uBonganjalo Goba wamemeza: “Bazalwane, kubonakala sengathi sinempikiswano phakathi kwamaKatolika namaKatolika!”
Kungani kwaba nomsindo onjalo? Ingxabano yayiphathelene nani?
Impikiswano:
Isihloko sengxoxo sasiwukusetshenziswa kwemfundiso yenkolo yenkululeko—umzabalazo, osekelwa abapristi nabefundisi emhlabeni wonke, wokukhulula abantu abampofu nabacindezelwe bezizwe zamazwe Asathuthuka “ezimweni zezokuhlalisana nezomnotho ezikhiqiza umcebo ngokuxhashazwa kwabampofu.”
Nakuba abanye beyibiza ngokuthi elungisayo noma eguqulayo abanye babhekisela kuyo ‘njengokubonakaliswa okusha kweSonto lamaRoma Katolika.’ Enhlanganweni wesibili wabaBhishobhi baseLatin America, eMedellin, eColombia (ngo-1968), kwamenyezelwa ukuthi ukuhlupheka kwabantu abasezizweni zamaZwe Asathuthuka kubangwa “yiphutha elingathi sina ohlelweni” nokuthi, ukuze isonto lilandele uKristu, kumelwe lisebenzise “ukukhetha okutuswayo ngabampofu.” Kodwa lokhu kungase kuhlanganiseni?
Umpristi ongumKatolika waseBrazil uleonardo Boff uyaxwayisa, njengoba kubikwa yiphephandaba laseDolobheni laseMexico, ukuthi “uma umphakathi onobunye ungenakuflnyelelwa, kungaphendukelwa ebudloveni” nokuthi “buvumelekile uma amalungelo abalulekile onakaliswa.” Yebo, uBoff, kanye nabanye abameleli bemfundiso yenkolo yenkululeko kuzo zonke izizwe zamaZwe Asathuthuka, ukholelwa ukuthi ubuphekula, izenzo zokuvukela, nempi zingase zidingeke ukuze kukhululwe abampofu “osizini” lwabo.
Nokho, njengoba umagazini iNewsweek ubika, “imfundiso yenkolo yenkululeko inekhono elinamandla lokuqhatha amaRoma Katolika ukuba alwe wodwa.” Lokhu kwaba sobala emhlanganweni owawuseDolobheni laseMexico. Kodwa yini wena oyikholelwayo? Ingabe imfundiso yenkolo yenkululeko iyimpendulo? Futhi kungakhathaliseki ukuthi ungumKatolika oqotho noma wolunye ukholo, ulwazi ngokuthambekela kwamazwe Asathuthuka eSontweni lobuKatolika ingakuzuzisa kanjani wena?