Ikhasi Lesibili
Kuye kwatholakala ukuthi kusukela ngo-1970 kuya ku-1980 inani labantu abalambayo ezweni landa cishe ngezigidi ezingu-1,5 ngonyaka. Kodwa ingxenye yokuqala yawo-1980 yaba nokwanda okukhulu kwenani labalambayo cishe ngezigidi eziyi-8 ngonyaka, lifinyelela izigidi ezingama-512 ngo-1985—kuye kwenzeka lokhu naphezu kokuba isigungu Sezizwe Ezihlangene Sokudla Kwezwe siye saphathiswa umsebenzi emuva ngo-1974 wokuqeda indlala yezwe phakathi neminyaka eyishumi.
Manje, imfundiso yenkolo yenkululeko inxuselwa njengekhambi—ihilela amasonto emshikashikeni wokushintsha ezombangazwe zobuzwe nezimo zezenhlalo ukuze zisuse izimbangela zobumpofu.
Umagazini iPhaphama! yesiNgisi ka-August 8, 1987, wakhuluma kafushane ngomphumela wemfundiso yenkolo yenkululeko ebumpofwini bamaZwe Asathuthuka. Kulomagazini, umlobeli wePhaphama! eMexico uqhubekela phambili ehlola umbuzo wokuthi ingabe imfundiso yenkolo yenkululeko ingabasiza ngempela yini abampofu.