Ukubhekana Nokuphuthuma Kwanamuhla
INDODA esebenzayo ichitha izimpelasonto zayo ibuka imidlalo yebhola kuTV bese ikhononda ngokuthi ayinasikhathi sokuyisa abantwana bayo ezoo. Inkosikazi yomuzi ilandela ngokwenkolo uchungechunge IweTV isonto ngalinye bese ikhala ngokuthi inesikhathi esincane sokunakekela imisebenzana yayo yasekhaya. Ingabe inkinga iwukuntuleka kwesikhathi noma iwukusetshenziswa kabi kwaso?
Ukusetshenziswa kahle kwesikhathi kudinga ukulandelwa kwezimiso ezibekwe eBhayibhelini kwabaseFilipi 1:10, NW: “Uqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”
Yebo, okokuqala yazi izinto zakho eziza kuqala ukuze kuthi uma okuthile kufanele kunganakwa, kube yinto engabalulekile kangako. Zama ukwenza uhlu lwayo yonke imisebenzi okudingeka yenziwe, mhlawumbe ngesonto futhi uyehlukanise ibe izigaba ezimbili: (1) Lokho okumelwe ngikwenze (2) lokho engingathanda ukukwenza.
Umsebenzi wokuziphilisa, ukuthenga esitolo, nokulungisa izinto zasekhaya kanye nokusebenzisa isikhathi unomkhaya, kungawela esigabeni sokuqala. NgomKristu weqiniso, ukuba khona emihlanganweni yebandla, ukuhlanganyela komuntu ukholo lwakhe nabanye, nesifundo seBhayibheli kumelwe nakho futhi kunikezwe indawp yokuqala.—Mathewu 6:33.
Uma uhlu lubonakala lukwehlula, mhlawumbe eminye imisebenzi okumelwe yenziwe ayidingekile ngempela. Noma ungase uzame ukuyihlanganisa imisebenzi. Ngokwesibonelo, uma unemisebenzana yasekhaya, kungani ungafundisi izingane zakho indlela yokwenza eminye yawo? Lokhu ngeke nje kuphela kwandise amandla akho okwenziwa kwezinto kodwa kuyokunikeza amathuba ayigugu okuwajabulela nezingane zakho.
Kodwa kuthiwani ngohlu lwezinto “ongathanda ukuzenza”? Amathuba maningi. Kodwa kumane nje kuwukuthi awunakuzenza zonke izinto. Ngakhoke bala izindleko zemisebenzi enjalo. (Luka 14:28) Ingabe iyonciphisa—noma yenezele—ukucindezeleka ekuphileni kwakho? Ingabe iyokwenezela emthwalweni wezindleko zasekhaya? Ingabe kungenzeka iphazamise izinto okudingeka ukuba zenziwe?
Gwema ugibe lokuzifaka esimisweni esicinene—umpintshanise izinto eziningi ngendlela yokuba uze wehle wenyuka ngokuphiyazela. Zinikeze isikhathi esanele sokufeza imisebenzi yakho. Umakhi wenkontileka osathola umhlalaphansi wanikeza insizwa ayeyimemele inkomishi yetiye iseluleko esinengqondo. Insizwa yasenqaba isimemo, ithi: “Kumelwe ngibe sedolobheni ngo-4:50 ntambama.”
“Luhlobo luni lwesivumelwano sokubonana lolo?” ubuza umakhi. “Zama ukwenza izithembiso zakho zokubonana zibe ngamahora agcwele,” eluleka, “uma kungenjalo uzokwenza ngomjaho owedlulele.”
Isizathu Sokuba Ukubhekana Nokuphuthuma Kube Nzima
Lokhu kusikisela kungase kubonakale kuwusizo. Kodwa khumbula ukuthi ukucindezeleka nokuphuthuma kumane nje kungamafa ezikhathi “ezinzima” esiphila kuzo. (2 Thimothewu 3:1-5) Izwe lanamuhla ngokuqinisekile liyizwe lokuphuthuma. Kodwa iqiniso lokuthi ubuhlobo babantu buyawohloka nezinkinga zezwe ziyanda libonisa ukuthi konke lokhu kujaha akubafikisi ndawo abantu.
Eqinisweni, izwe liphila esikhathini elisitshelekiwe. “Isikhathi sesinciphile,” kuxwayisa iBhayibheli. (1 Korinte 7:29) UJesu Kristu wakhomba phambili kuso kanye lesikhathi esiphila kuso manje, ethi usizi lwezwe olukhona manje luwubufakazi bokuthi uMbuso wakhe useduze. (Luka 21:10, 11, 28-31) Ngakhoke uSathane uDeveli ‘unolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!’ (isAmbulo 12:12) Sonke isimiso sakhe sezwe sigijimela ekubhujisweni, futhi yonke imizamo yakhe yokuvimbela lokhu iyize!
Iqiniso, akukho ongakwenza ngendlela izwe eliphikelele kuyo. Kodwa ungenza okuningi ekuqinisekiseni ukuthula ekuphileni kwakho siqu. Cha, imilaliso eluthayo ayiyona impendulo; futhi ngisho namasu okusingatha isikhathi awasizi muntu. Okusiza kakhulu ulwazi nokuqonda iBhayibheli. lBhayibheli?
Yebo, ngoba iBhayibheli libonisa ukuthi kuyadingeka ukuba amaKristu aqhubeke ‘ehlala kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.’ (1 Thimothewu 2:2) Ingabe lokho kungenzeka? Kungenzeka, ngoba nakuba usengaphansi kokucindezeleka lwalezinsuku zokugcina’ ezinzima, iBhayibheli lingakusiza ukuba ube nombono omusha ekuphileni.
Cabangela ngokwesibonelo umsebenzi wakho. Uma ukuphila kwakho kugxile ‘ekumesabeni uNkulunkulu nasesizotheni’ kunasezintweni ezibonakalayo, ngeke ujahe kangako ukuqongelela izinto ongeke uzifinyelele. Ukwazi ukuthi “ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi,” unganeliswa ‘ukudla nezambatho.’ (1 Thimothewu 6:8, 10) Futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wakho uyothatha kuphela indawo yesibili ekuphileni kwakho, ungase ube ngisho nanesikhathi sokuphumula okudingekile. “Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.”—Umshumayeli 4:6.
Abanye bayakwazi ukunciphisa umsebenzi wabo wokuziphilisa. Enye indoda eyayingumqondisi wefemu enkulu iyakhumbula: “Ngemva kweminyaka engama-23 yokuzikhandla, ngangihola kahle, nginakekelwa mahhala ngokwezempilo, nemali yomhlalaphansi ekahle, njalonjalo. Kodwa ukuze uthole zonke lezizinto, kumelwe uchithe isikhathi sakho esiningi namandla emsebenzini wakho. Ekugcineni awusenasikhathi okungesakhe Futhi nganoma isiphi isikhathi okubekwa ngaso okuthile phambi kwakho ngaphandle komsebenzi, uzithola uthi, ‘Ngiyadabuka, kodwa ngimatasa kakhulu.’” Ngakhoke lendoda yasishiya isikhundla sayo esinesithunzi. Iqiniso, lokhu kwasho ukuphila ukuphila okuvamile nje. Kodwa futhi kwasho isikhathi esengeziwe ngomkhaya wayo nemisebenzi yobuKristu.
Ukubeka Izinto Eziza Kuqala Eziqondile
Ngokuqaphela izikhathi ezinzima esiphila kuzo, umKristu weqiniso akanakuba nesimo sokungazinaki izinto ezingokomoya. Cabanga ngoZakewu, indoda iBhayibheli eliyibiza ngokuthi umthelisi ocebile. Efisa ukwazi okuningi ngoJesu, wake wakhwela emthini ukuze ambone kahle njengoba ayedlula edabula edolobheni. Umlando ufundeka kanje: “Esefikile uJesu kuleyondawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho. Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.”—Luka 19:2-6.
Cabanga ngezinzuzo uZakewu azithola ngokuthokozisa uJesu nangokuxoxa naye ngezinto ezingokomoya! UJesu wamsiza uZakewu ukuba abeke izinto zakhe eziza kuqala ngendlela eqondile, ukuze uZakewu ayeke ukugxila ekutholeni izinto ezibonakalayo. “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami,” etshela uJesu, “kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”—Luka 19:8.
AmaKristu eqiniso namuhla ngokufanayo anentshiseko yokuzuza ngokusebenzisa amathuba okuxoxa ngezinto ezingokomoya. Ukuzuza izinto ezibonakalayo akuseyona into eyinhloko eza kuqala kuwona. Kunalokho, lapho ethola izincwadi zobuKristu eziwasiza ukuba afunde ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe, ukuzifunda kuba yikhona okuza kuqala. Futhi lapho kunemihlangano yamaKristu akanye nawo, alwela ukuba angalahlekelwa nawumzuzu owodwa weseluleko nokuhlangana okwakhayo.
Esinye isibonelo esihle kithi yileso sikaLoti. Ingelosi kaNkulunkulu yayimxwayisile ngokuthi iSodoma neGomora kwakuzobhujiswa. Ebonisa isithakazelo sothando kwabanye, uLoti “wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: Sukani niphume kulendawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kodwa uLoti ngokwakhe ‘walibala,’ okwashukumisela ukuba ingelosi imnxusele ukuba abalekele endaweni kaNkulunkulu yokulondeka ngaphandle kokulibala, ithi: “Shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenzelutho, ungakafiki khona.”—Genesise 19:14, 16, 22.
Izwe lanamuhla liye lafana neSodoma neGomora emhlabeni wonke futhi ngokufanayo libhekene nembubhiso. Kungakho ukuxwayisa abanye ngalembubhiso ezayo eyabikezelwa eBhayibhelini kuyinto eza kuqala ekuphileni koFakazi BakaJehova. Ingabe uyokubeka njengokuza kuqala ekuphileni kwakho ukuhlola lesixwayiso?
Ukuphuthuma ufuna iminako engasizi lutho ngokuqinisekile akuyikukuzuzisa lutho ngaphandle kobuhlungu benhliziyo nokucindezeleka kwemizwa. Kungcono kakhulu ukufunda ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe zokuletha isimiso esisha sezinto lapho ukuphila kungasayikuba umjaho wobuhlanya!—2 Petru 3:13; Isaya 65:17, 21-25; IHubo 37:10, 11.
Okwamanje, funda ukuba matasa ngokukhiqizayo, hhayi ngokuphamazela. Futhi lapho kuziwa ekufundeni ngezinjongo zikaNkulunkulu, ungalibali! Kubheke njengokuza kuqala kuwe!
[Ibhokisi ekhasini 22]
Izixwayiso Zokuhlakanipha Ngokujaha Okungaqondile!
“Oshesha ukuceba akuyikuyekwa.”—izAga 28:20.
“Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.”—izAga 21:5.
“Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.”—izAga 29:20.
“Ungabinamawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu.”—Umshumayeli 5:2.
[Isithombe ekhasini 21]
Ukuphuthuma ngokuvamile kubangelwa ukuhlelwa
kwesikhathi okungaqondile nokuba nezinto eziningi esimisweni somuntu
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wamsiza uZakewu ukuba abeke izinto eziza kuqala eziqondile ekuphileni kwakhe