Njengommeli, Ngavivinya UNkulunkulu
ABAZALI BAMI babeyazisa imfundo. Ngakho, naphezu kobunzima bezimali, basithumela sonke thina zingane eziyisishiyagalombili ezikoleni zamaKatolika.
Ubusuku ngabunye phakathi nenyanga kaMay, umkhaya wakithi wawusho ngekhanda umthandazo weRosary. Ngezikhathi ezithile phakathi nalenyanga yokuzinikela okukhethekile kwamaKatolika kunina kaJesu, mina nomfowethu sasakha ialtare lezimbali ekhaya nesithombe sikaMariya.
Phakathi neNkathi Yokuzila sonke sasivuka ngehora lesithupha ekuseni ukuze siye eMiseni. Ngelinye ihlobo lapho ngangikhonza njengomfanyana osiza ealtare, ngangisiza emaMiseni amabili noma amathathu ngosuku. Ngaze ngacabangela ngisho nokuba umpristi.
Kuvuka Ukungabaza
Nokho, izinto zaguquka. Esikoleni semfundo ephakeme ngangihileleke ngempela kwezemidlalo ehlangene nokugijima, okwaholela ekubeni ngithole umfundaze webhola likanobhutshuzwayo owangisiza ukuba ngikhokhele izindleko zaseyunivesithi. Esikoleni semfundo ephakeme yilapho engaqala khona futhi ukuba nokungabaza ngenkolo yami. Ngikhumbula kwelinye ikilasi elalifundiswa umpristi. Saqala ngokuphikisa ngokuthi uNkulunkulu akekho, futhi umgomo kwakuwukuba ekugcineni kuphethwe ngokuthi ukhona ngempela uNkulunkulu ongumninimandla onke. Inkinga yaba ukuthi lapho sisaqhubeka nje nengxoxo, umpristi wehluleka ukuphendula imibuzo yethu ngokuphathelene nokuziphendukela kwemvelo. Kwakudumaza futhi ukumbona embandaza emibuzweni enjengokuthi: “Kungani sikubiza ngokuthi baba kuyilapho uJesu athi kumelwe singabizimuntu ngokuthi baba?”—Mathewu 23:9.
Ngalesosikhathi, ngazama ukunqoba ukungabaza kwami futhi ngaqhubeka ngithandaza futhi ngiya eMiseni. Kodwa lapho umfundaze wami ungiyisa eYunivesithi yaseWashington, izinto zaba zimbi kakhulu. Njengabafundi abaningi abangabagijimi, ngokushesha ukukhulekela kwami kwaba ngenxa yezinzuzo zami zobugovu. Ngaphambi komdlalo ngamunye ngangiya eMiseni futhi ngithandazele ukunqoba. Ngemva komdlalo ngangimkhohlwa uNkulunkulu lapho ngihlukana nabadlali engikanye nabo. Ngokufanayo, iMpi yaseVietnam yayibambene ngezihluthu, okwangibangela ukuba ngingabaze indlela izinto ezazenziwa ngayo. Ngonyaka wami wokugcina ngisekholiji, ngangibhema insangu nsuku zonke.
Ukuba Nomuzwa Wokungafaneleki
Ngokulandelayo, ngo-1968, kwaba khona isikole somthetho eYunivesithi yamaKatolika yaseSan Diego. Lapha ngazama ukuzuza ngoNkulunkulu. Ngaba nomuzwa wokuthi uma ngiya eMiseni, ngangingaqiniseka ngokuthi wayeyoqikelela ukuthi ngithole amamaki amahle. Phakathi nonyaka wami wokuqala ngahlangana noMelinda; sashada ngehlobo elilandelayo. Ngakusasa ngemva komshado wethu, saya eMiseni kodwa safika sekuthe ukwephuza. Ngemva kokuma isikhashana ngemuva esontweni, saqalaza sase sibukana. Saba nomuzwa wokuthi lalingasifanele. Sahamba futhi asizange siphinde siye eMiseni.
Ngesikhathi kuzalwa izibulo lethu, uJoshua, eminyakeni embalwa kamuva, ngangiwummeli ngisebenza neqembu labameli ababevikela abantu abampofu ababemangalelwe ngobugebengu ezivumelwaneni. Kimi lona wawubonakala uwumsebenzi omuhle, ngoba ngangibe njengomvukeli ngenxa yeziphithiphithi ezibangelwe yiMpi yaseVietnam. Ngaba nomuzwa wokuthi ngangingakhungathekisa uhulumeni owonakele ngokuwuphoqelela ukuba usebenzise imali ezinkantolo. Ngesikhathi esifanayo ngangingase ngisize abantu.
Umzanyana Unezimpendulo
Ngake ngabelwa ukuba ngibe ummeli wendoda eyayinqabe ukuya empini. Kwatholakala ukuthi ingomunye woFakazi BakaJehova futhi yayizimisele ukuba ingabulali abanye kodwa kunalokho iphishekele indlela yokuthula. (Isaya 2:4) Incazelo nezincwadi eyanginikeza zona akuzange kube nethonya kimi. Nokho, indaba yabuye yavuka ivela emthonjeni ohlukile. UMelinda wayenomzanyana owayenguFakazi. Lokhu kwaba okuphawulekayo lapho uMelinda engakwazi ukuphendula imibuzo elula yendodana yethu uJoshua ngokuphathelene noNkulunkulu.
UMelinda wakhuliswa njengomKatolika futhi wafunda eyunivesithi eyayiphethwe umJesuit. Nalapha waphelelwa ukholo kuNkulunkulu. Empeleni, lapho eseholidini eRoma, wathandaza ukuthi uma nje ayengabona upapa ngokuqinisekile wayeyovuseleleka okholweni lwakhe. Wambona ethwelwe emahlombe amadoda athile. Kunokuba kwakhe ukholo lwakhe, lokhu kwamqinisekisa ukuthi lena kwakungeyona indlela yokuzithoba kaJesu.
Khonake, kulula ukubona ukuthi kungani uMelinda ehluleka ukuphendula imibuzo kaJoshua. Nokho, wajabula ukuthola izimpendulo ezenelisayo encwadini ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu, ayithola kumzanyana. Kamuva, wahlangana nomngane wakhe ayefunda naye esikoleni semfundo ephakeme manje owayesengomunye woFakazi. UMelinda wambuza: “Kungenzeka kanjani nje nempela ukuba ube omunye woFakazi BakaJehova, futhi ungalikholelwa kanjani iBhayibheli? Liziphikisa kakhulu.” Ngokuhlakanipha uFakazi wabuza uMelinda ukuthi wake walifunda yini lonke iBhayibheli. Impendulo kaMelinda yokuthi, “Cha,” yavula indlela yokuvakashelwa nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
Ukuhlola IBhayibheli Ngokucubungulisisa
Ngatshela uMelinda ukuthi wayengaqhubeka nesifundo sakhe seBhayibheli uma nje kungekho muntu ozongikhathaza. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva ngahlangana nombhangqwana owawuqhuba isifundo, kodwa ngawuphatha ngonya. Lapho uMelinda ebuza ukuthi, “Kungani?” ngathi: “Laba bekungesibo abantu. BekungoFakazi BakaJehova!” Lokho kwabangela ingxabano emkhayeni wethu. Ekugcineni, ngidangele ngathi: “Bameme oFakazi. Ngizobaphatha kahle, futhi ngizokubonisa ukuthi uyisilima kangakanani ngokufunda iBhayibheli.”
Umbhangqwana woFakazi, uDan noSharon, bafika, futhi besebenzisa iBhayibheli kuphela, bamelana nemibuzo yami yokuhlola ngokucubungulisisa. Kwangimangalisa ukuthi uDan wayebonakala enempendulo engokweBhayibheli yayo yonke imibuzo engangiyibuza. Kwaba nezikhathi ezinjalo ezintathu ezazinjengenkantolo yamacala. Ekugcineni uDan wancika esihlalweni futhi wathi: “Uyazi, ngiyakuthanda ngempela.” Lokho kwaqeda ubutha. Sekunomoya wobungane uDan wangibonisa isiprofetho esimangalisayo esitholakala kuDaniyeli isahluko 9 esiphathelene nokuza kukaMesiya. Ngahlatshwa umxhwele kangangokuba ngathukuthela—ngingathukutheleli yena kodwa ukuqeqeshwa okungokwenkolo engangikutholile okwakumane nje kushwampuluza.
Ngokutadisha lesi kanye nezinye iziprofetho zeBhayibheli isimo sami ngasemiBhalweni sashintsha ngokushesha. Ngaqala ukucabanga ukuthi ukuvukela kwami uhulumeni womuntu, nokusebenzisa kwami imilaliso, kungase kungabonakalisi inhliziyo embi kodwa ukusabela esimisweni okumelwe sithathelwe indawo uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu.
Inkinga Yami Yemilaliso
Ngangisijabulela ngempela isifundo sami seBhayibheli ngosizo lwencwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Nokho ngangisasebenzisa insangu, ngicabanga, ‘Uma ngaphumelela esikoleni sokufundela ubumeli ngiyisebenzisa, ngokuqinisekile ngingalifunda iBhayibheli ngendlela efanayo.’ Ngaya kweminye imihlangano eHholo LoMbuso, kodwa ngangingafuni ukuqhubeka njengoba ngase ngidiniwe amakilasi ngemva kweminyaka eyi-19 yokufunda esikoleni.
Ngavuma ukuya nomkami ezifundweni ezincane nezingenamicikiliso kangako zaphakathi nesonto. Emasontweni amathathu okuqala, isikhathi ngasinye engangilungela ngaso ukuba ngiphume ehhovisi umuntu engangiwummeli wakhe wayengena futhi angiphe insangu enamandla. Ngemva kokuyibhema ngokuqinisekile ngangingabi neze sesimweni sokuya emhlanganweni wobuKristu. Ngakho ngangishayela uMelinda ucingo futhi ngimtshele ukuba ahambe angangilindi. Ekugcineni wabuza: “Ingabe uyazi ukuthi ubani owenza lokhu kuwe?” Lokho kwangenza ngabhekana ngqo nokuthile engangingazange ngicabange ngakho. Ngangingakuthandi ukusetshenziswa, futhi ikakhulukazi ukusetshenziswa uDeveli. Ngesonto elilandelayo kwenzeka isilingo esifanayo ehhovisi lami, kodwa ngayenqaba insangu.
Ngacabanga, ‘Ingabe kungenzeka ukuthi ukubhema kwami insangu kuyisiphazamiso esikhulu kunokuba ngicabanga?’ Lapho umkhaya wethu uya eholidini lezinsuku eziyishumi, ngazimisela ukuba ngivivinye uJehova, ngomqondo ongokomfanekiso. Ngosizo lwakhe ngangingenakulokotha ngisebenzise insangu phakathi nalesosikhathi. Yamangalisa indlela engangizizwa kahle ngayo ngesikhathi ngibuya. Futhi, isifundo sethu seBhayibheli sosuku ngalunye ohambweni lwethu sangiqinisekisa ngokwengeziwe kunanini ngaphambili ngeqiniso leZwi likaNkulunkulu. Yeka isibusiso esalethwa yilolohambo!
Ngikhumbula umhlangano wokuqala ngemva kwalokho. Esikhundleni sokuba ngibe umuntu oyisibukeli ongenzi lutho, ngangihlanganyela ngentshiseko. Yeka indlela okwajabulisa ngayo kuMelinda ukubona umehluko ebuntwini bami! Ngokushesha abangane bethu bakuqala nengangibhema nabo insangu bathathelwa indawo abangane abanemfudumalo, abahlanzekile abaphakathi koFakazi.
Umsebenzi Wami Wobumeli—Uvivinyo
Ngo-1975 mina noMelinda sabonisa ukuzinikezela kwethu kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Kamuva ngalowonyaka kwazalwa indodana yethu yesibili, uJesse. Ngokuqinisekile kwabonakala sengathi ngangijabulela isibusiso sikaJehova. Nokho, ukusebenza kwami ngamacala obugebengu kwakwenza ukuba ngihambe kakhulu ngiye emadolobheni akude, okwakusho ukungabikho ekhaya nasebandleni. Ngaqala ukusizonda lesimiso njengoba uthando lwami ngenkonzo yobuKristu lwalukhula.
Kolunye uhambo, ngahlangana noFakazi abaningi ababengabameli nodokotela. Ngokukhethekile ngahlatshwa umxhwele ababili babo, ngoba babengamadoda azinikele, lawo nakuba ayengabameli, ayesebenzise iminyaka eminingi esenkonzweni yesikhathi esigcwele kaJehova uNkulunkulu. Kwavusa kimi isifiso sokusebenzisa ikhono lami lobumeli ekuvikeleni abantu bakaNkulunkulu nasekumkhonzeni ngendlela ethuthukisiwe. Isinyathelo esikhulu sokusebenzela kulokho saba lapho ngiqala ukunikela ngamahora angama-60 inyanga ngayinye enkonzweni yobuKristu. Lokhu ngakwenza iminyaka eminingana, ngaphuthwa inyanga eyodwa kuphela okwazalwa ngayo indodana yethu yesithathu, uRyan.
Ngolunye usuku umdala webandla lakithi wasikisela ukuba ngibe isikhonzi sesikhathi esigcwele. Ngaphendula ngokuthi, “Ayikho indlela yokuba ngenze okwengeziwe kunalokho engikwenzayo manje, njengoba nginomsebenzi engiwunakekelayo nomkhaya wami engiwondlayo.” Kodwa ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngakhathazwa umbuzo othi, ‘Empeleni, kungani ngingabi senkonzweni yesikhathi esigcwele?’ Lendaba ngayiyisa kuJehova ngomthandazo, ngikhumbula amazwi kaMalaki 3:10, lapho emema khona abantu ukuba bamvivinye futhi babone ukuthi akanakubabusisa yini.
Izingqinamba Ezintathu Okumelwe Ngizinqobe
Lapho ngicubungula isimo sami, kwabonakala ukuthi nganginezingqinamba ezintathu zokungabi senkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngokuqinisekile ngangizodinga imali ukuze nginciphise ukulahlekelwa umholo uma nginciphisa umsebenzi wami njengommeli. Ngakhoke isithiyo sokuqala sasiwukuthi nganginendlu okwakuzodingeka ngiyithengise. Isithiyo sesibili sasihlangene nalesi. Kulendlu kwakuhlala uFakazi, futhi ngangingafuni ukumphoqelela ukuba aphume. Isithiyo sesithathu sasiwukuthi ngangihlanganyela isivumelwano somthetho.
Ngathandaza kuNkulunkulu: “Uma ufuna ukuba ngibe senkonzweni yesikhathi esigcwele, ngisize ukuba ngithengise lendlu ngaphandle kokubangela uFakazi engikanye naye izinkinga ngisize futhi ukuba ngiqede isivumelwano engisihlanganyelayo somthetho. Uma lezizinto ezintathu zingenziwa, ngingayingenela inkonzo yesikhathi esigcwele.” Esikhathini esingangesonto kamuva, lowoFakazi weza nesigijimi esishaqisayo. Wathi wayethemba ukuthi ngangingenakuphatheka kabi, kodwa wayesezophuma endlini ngenxa yokuthi wayesethole umsebenzi omusha kwelinye idolobha!
Ngosuku ayethutha ngalo ngaya ukuyomsiza ukuba aqedele ukuqoqa izimpahla zakhe. Endleleni, ngama esitolo esithengisa ngezimpahla zokusebenza futhi ngathenga uphawu oluncane oluthi For Sale. Ngemva kokulayisha iloli lakhe, ngabeka uphawu efasiteleni elingaphambili futhi ngahluthulela umnyango. Lapho ngifika ekhaya, uMelinda wangitshela ukuthi owesifazane othile wayekhulume naye futhi washiya izinombolo zakhe zocingo. Lapho ngimshayela ucingo, ngamangala lapho engitshela ukuthi ‘uyifuna ngamehlo amnyama indlu.’ Iyiphi lendlu ayekhuluma ngayo? Wathi ngaphambi kokuba ashade, watshela umyeni wakhe wesikhathi esizayo ukuthi wayezoshada naye uma emthembisa ukuthi uma kungenzeka indlu abelokhu eyilangazelela ithengiswa, uyomthengela yona. Wayesho indlu manje engangifuna ukuyithengisa. Yebo, ngathi wayengayithenga!
Ngokushesha ngemva kwalokho omunye walabo engangihlanganyela isivumelwano somthetho nabo wangitshela ngesinqumo sakhe sokwenza omunye umsebenzi khonake ezoqeda isivumelwano sethu. Ngaya ekhaya ngintantatheka ukuze ngitshele uMelinda namadodana ami ngalokho uJehova ayekwenzile. Bonke bavuma ukuthi kwakungaba yinto enhle ngami ukuba ngingenele inkonzo yesikhathi esigcwele, okuyinto engayenza ngoJune 1979.
Ingabe Uwubusisile Umkhaya Wethu?
NgoSeptember 1979, ngamiswa ukuba ngibe umbonisi ebandleni lethu. UMelinda wahlanganyela enkonzweni eyandisiwe izinyanga eziningi futhi manje ukanye nami enkonzweni yesikhathi esigcwele. Amadodana ethu amathathu, nawo, akhuthele emsebenzini wobuKristu wokushumayela futhi asilethela injabulo enkulu. Ngosizo lweZwi likaNkulunkulu nangebandla, mina noMelinda siye safunda ukuba abazali abangcono, futhi lokhu kuye kwalethela abantwana bethu isibusiso.
Ngonyaka odlule kube nesinye isibusiso lapho ngamukelwa ukuba ngiye endlunkulu yeWatchtower Society eNew York ngiyokwenza umsebenzi wokwakha wesikhashana lapho. Izinsuku ezimbalwa zokuqala zokusebenza ngezandla zazingokuhlangenwe nakho okwehlukile kimi. Khonake kwavuleka ithuba elikhethekile ngenxa yesidingo sesikhashana sosizo olwengeziwe olungokomthetho endlunkulu, futhi ngakujabulela ukuba usizo.
Manje sengiphindele eSan Diego, futhi kumelwe ngisho ukuthi izibusiso ezinkulu nenjabulo ngikuthola emsebenzini wansuku zonke wokushumayela. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku ngangqongqoza emnyango wenye indoda, kodwa yangixosha ngonya. Ngaya kwezinye izakhamuzi zezinye izindlu. Lapho ngiphuma kulesakhiwo yona leyondoda yaphuma futhi yangicela ukuba ngingene ngaphakathi. Lapho yangitshela ukuthi empeleni beyithandazela usizo ngokuphila kwayo kuNkulunkulu, okwase konakele. Lapho ngingqongqoza, kwayithukuthelisa ngoba ngaphazamisa umthandazo wayo. Ngemva kokungiphatha ngonya, yaqaphela ukuthi mhlawumbe ukuhambela kwami bekuyimpendulo emthandazweni wayo. Yathi, “Ngakho, noma yini ofuna ukungitshela yona, ngiyazi ukuthi ngimelwe ngiyilalele.” Yalalela futhi ngemva konyaka sifunda iBhayibheli nayo iye yaba isikhonzi esibhapathiziwe.
Ukusabela ezicelweni zalabo abasemajele endawo kuye kwangilethela isibusiso esikhethekile. Ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abaseJele leSifunda saseSan Diego, kanye nabanye abaningi engibathola enkonzweni, kwenza ngibe nokuphila okumatasa ngempela. Ngezinye izikhathi kuye kudingeke ukuba ngenze ushintsho emsebenzini wami wobumeli nowokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele. Nokho, ngokuvamile ngiye ngihlele ukuvela phambi kwenkantolo ngesikhathi sasekuseni futhi ngibe nesikhathi esiningi sasekuseni esisalele inkonzo yasensimini. Ntambama ngiba sehhovisi. Ntambama nakusihlwa ngiphindela enkonzweni futhi ngiqhube izifundo zami zeBhayibheli.
Lapho ngicabanga ukuthi ukuphila kwami ngabe kunjani ngokusebenzisa kwami imilaliso nesimo sami sokuvukela, ngimane nje ngibe nokwazisa ngempela ngendlela uJehova aye wangibusisa ngayo ngokungidonsela ebuhlotsheni naye nebandla lobuKristu. Ngaphandle kwesibusiso sakhe, ngiyazi ukuthi bengingenakuba nokuphila komkhaya okujabulisayo lokho engikujabulelayo, ngaphezu kokuba yingxenye yenhlangano yomhlaba wonke yobuKristu enobunye. Mangikuqinisekise ngobuqotho ukuthi uma umvivinya uJehova, uyokukuthululela isibusiso kuze kube yilapho ungasasweli lutho.—Njengoba ilandiswa uJim McCabe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
Ngacabanga, ‘Ingabe kungaba ukuthi insangu iyisiphazamiso kakhulu ngicabanga?’
[Isithombe ekhasini 22]
Ngitadisha iBhayibheli neziboshwa
[Isithombe ekhasini 23]
Abafana bethu bajabulela ukuhlanganyela nathi ekukhulekeleni