Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 1/8 kk. 20-23
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Ingabe Uyaluqaphela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Ingabe Uyaluqaphela?
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umqedazwe Osakazekayo Ngenxa Yenzuzo
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Melana Nalo!
    I-Phaphama!—1987
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Usongo Lungokoqobo!
    I-Phaphama!—1987
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Vikela Ingane Yakho Ezithombeni Ezingcolile Zocansi
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 1/8 kk. 20-23

Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Ingabe Uyaluqaphela?

UBHADANE oluwumshoshaphansi lusongela wena nabathandekayo bakho. Kakade luthinta izigidi. Njengezinhlayiya zemisebe engabonakali kodwa ezibulalayo ezivele ngengozi yokuqhuma embonini yenuzi, lwehlela phansi ngokunyelela kubo bonke abantu abakhileyo ngaphambi kokuba bakuqaphele ngokugcwele okwenzekayo. Lolubhadane izithombe ezingcolile zobulili.

Ukungaqondi kahle ngalolubhadane kushiya abantu bengayiqaphele ingozi, beluvumela ukuba lusakazeke kalula. Ngokwesibonelo, ukucabanga ngokuthi lesi kumane nje kuyisifo sasemadolobheni amakhulu kungashiya wena nomkhaya wakho ningavikelekile. Namuhla futhi sidlangile nasemadolobheni amancane. Siye sangena emakhaya, ezikoleni, emitatsheni yezincwadi, emajele, nasemisebenzini.

Akuqondile futhi ukucabanga ukuthi “abantu abadala abangcolile” kuphela abangase baveze noma bahlanganiswe nalolusongo emkhayeni wakho. Abaholi bamaVulandlela Abafana, abameli, abadlali bemidlalo yasesiteji, osomabhizinisi, abefundisi, ngisho nabangakathombi kuye kwabikwa ukuthi baye bahileleka kuso—labo ongase ubasole kancane.

Abathwali balesisifo esigogayo baningi: omagazini, izincwadi, amabhayisikobho, amaTV, amavideotapes nemidlalo yevideo, umculo, nezimemezelo zokukhangisa zezentengiselwano. Ngisho nocingo lwakho lungase lube umthwali walesisifo; kwezinye izindawo kuvunyelwe ukuba ukungcola okuvusa inkanuko yobulili kwenziwe ngocingo okwaziwa ngokuthi “idial-a-porn”! Izindawo zamabhayisikobho “abantu abadala”, izitolo amavideo, nezitolo zezincwadi ziyanda.

Imboni ehweba ngephepha lezithombe ezingcolile zobulili yake yaqhosha ngokuthi “ngo-1979 . . . kwakunezitolo zezincwadi zabantu abadala eziningi ngokuphindwe izikhathi ezintathu kuya kwezine eU.S. njengezitolo zokudla zakwaMcDonald.” Kungenzeka ubungakulindele ukuthola lolubhadane luvame kangaka. Kodwa lokho kubonisa kuphela indlela olwanda ngayo ngesinyelela nangomshoshaphansi.

Eqinisweni, izithombe ezingcolile zobulili azisona nje kuphela isifo sekhulu lama-20 leminyaka. Imidwebo eyichilo iye yatholakala kusukela ezikhathini zangaphambili kuqhubeke. Amasiko asendulo ayenobufebe basethempelini nokukhulekelwa kwemifanekiso yomphambili. Esikhathini soMbuso wamaRoma, iPompeii eyonakele yabonakalisa ubuciko bezithombe ezingcolile zobulili. Izithombe ezingcolile zobulili zinomlando omude.

Umqedazwe Osakazekayo Ngenxa Yenzuzo

Okuwumehluko esikhathini sethu indlela lesisifo esiye saqhibuka ngayo saba imboni enkulu ezuzisayo. Besebenzisa amathuluzi esimanje, abakhiqizi bezithombe ezingcolile zobulili baphendulela izinto eziningi, ezigcwele ezitolo ukuba zibe ubhadane olwandile emhlabeni wonke. Lokhu kuboniswe emananini athusayo alandelayo:

ECANADA—Umagazini iChatelaine ubeka ukuthengiswa kwezithombe ezingcolile zobulili eCanada “cishe [ezigidini eziyizinkulungwane eziyizi-9,7 zamaRandi] ngonyaka.” Umbiko kuPornography and Prostitution in Canada uthi imali evela embonini “[eyizigidi eziyizi-800 zamaRandi] ngonyaka” iya ebugebengwini obuhleliwe. Umphathi omkhulu wamaphoyisa waseOttawa ulinganisela ukuthi izithombe ezingcolile zobulili ezithathwa iziphathimandla minyaka yonke zilinganiselwa emalini engaphezu kwezigidi ezingama-32 zamaRandi.

EUNITED STATES—Ngo-1978 uMnyango Wezomthetho waseCalifornia walinganisela ukuthi izithombe ezingcolile zobulili kulesosifundazwe “zaziyibhizinisi [lezigidi eziyizinkulungwane eziyi-9 zamaRandi] minyaka yonke.” Eminye imibiko ibonisa inzalo eyizigidi eziyizinkulungwane eziyi-1,1 zamaRandi ngonyaka ezilethwa “omagazini abayishumi ‘abasolwayo’ abahamba phambili” nezigidi ezingama-830 zamaRandi ngonyaka ezingeniswa amabhayisikobho “abantu abadala.” Isitolo sezincwadi “sabantu abadala” eTimes Square eDolobheni laseNew York singangenisa amaR23 000 ngosuku. Inombolo eyodwa yocingo lwezithombe ezingcolile zobulili edolobheni elifanayo iletha amaR80 000 ngosuku enkampaneni yocingo kuphela. Omunye “umsebenzi” onjalo, owenziwa emadolobheni aseMelika amakhulu angaphezu kweshumi nambili, wenza isilinganiso sezingcingo eziyingxenye yesigidi ngosuku!

Ngenxa yesimo somshoshaphansi sezinye izinto, kunzima ukuthola izinombolo ezithe ngqo. Kodwa omunye umthombo uthi ukuthengiswa kwezithombe ezingcolile zobulili eNyakathoMelika kusukela “[ezigidini eziyizinkulungwane ezingama-27 zamaRandi] ngonyaka kuya [ezigidini eziyizinkulungwane eziyi-114 zamaRandi ngonyaka, kungahlanganise namavideo.”

AMANYE AMAZWE—Ngo-1984 “imboni yobulili echumayo” yaseJapane yathumela ezitolo zezincwadi izinqwabanqwaba “zomagazini abachaza ngokukhanyayo ngobulili bamantombazane eve eminyakeni eyishumi nambili.” Uhulumeni wathatha isinyathelo ngokushesha sokususa lezincwadi ezitolo. Imboni yaseSweden enezigidigidi zamaRandi ithengisa “omagazini abagcwele izithombe ezingcolile zobulili abayingxenye yesigidi” ngenyanga. ElaseNdiya, iMalaysia, neBulgaria aye awuzwa umphumela wezithombe ezingcolile zobulili zamavideo kubantu bakhona abasha. Futhi, ngokombiko ongokomthetho weAssociated Press, ukwanda kwezincwadi “ezitholakalayo kakade” ezivusa inkanuko eChina zabangela ukuba uhulumeni avale izithombe ezingcolile zobulili kuleyondawo ngo-1985.

Ngokukhanyayo, lolubhadane luyadlanga kuyo yonke indawo. Qaphela ukuthi sikhona ngezindlela ezingangena kalula kabi ekhaya lakho noma ezingacoshwa kunoma isiphi isitolo esiseduze.

Kodwa ingabe ngempela kungokulungile ukubiza izithombe ezingcolile zobulili ngokuthi “ubhadane”? Ingabe kuye kwatholwa ukuthi ziyingozi? Singashoke yini ngokwethembeka ukuthi luwusongo lwangempela kuwe nakwabathandekayo bakho? Ingabe ukuhlolwa okuqinile kwezinto ezithwala lesisifo noma ukuvalwa kwazo bekungeke yini kuvimbele amalungelo abantu okufunda nokubuka lokho abakukhethayo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela