Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 1/8 k. 26-k. 30 isig. 7
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Melana Nalo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Melana Nalo!
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbono Oqondile Ngobulili
  • Isimo Esilungile Ngakwabesifazane
  • Isimo Esifanele Ezinganeni
  • Ezinye Izimo Eziyingozi
  • Ukugqashula Ekuluthweni Izithombe Ezingcolile Zobulili
  • Yini Oyoyenza?
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Usongo Lungokoqobo!
    I-Phaphama!—1987
  • Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Ingabe Uyaluqaphela?
    I-Phaphama!—1987
  • Vikela Ingane Yakho Ezithombeni Ezingcolile Zocansi
    Usizo Lomndeni
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 1/8 k. 26-k. 30 isig. 7

Ubhadane Lwezithombe Ezingcolile—Melana Nalo!

LABO abathanda imali abahahayo, nalabo abaye ‘balandela inyama ukuze bayisebenzise ngendlela engeyona engokwemvelo,’ baye bagcwalisa umhlaba ngokwaziswa okuthathelwanayo okusemabhayisikobho, amavideo, imidlalo, izincwadi, omagazini, nomculo—ubhadane lwezithombe ezingcolile zobulili. (Juda 7, NW) Ngakhoke iSigungu soMmeliJikelele waseU.S. esicwaninga Ngezithombe Ezingcolile Zobulili, ekuhambeleni kwaso izitolo eziyi-16 nje kuphela, sakwazi ukwahlukanisa “izihloko ezihlukene zomagazini eziyizi-2 325, izincwadi ezingama-725, nezihloko zamafilimu eziyizi-2 370” zezindaba nezithombe ezingcolile zobulili.

Ngaphandle komcabango wengozi eziwubangelayo ekuphileni kwabanye, ‘labenzi bezithombe ezingcolile zobulili’ behlisa ngokungenaluzwela isimo sokuziphatha somphakathi futhi benezele emiqedazweni yokuhlobonga, ukuphinga, ukulalana kwezihlobo, izifo ezithathelwana ngokobulili, ukuphendukezeIwa kobulili, ukudivosa, amakhaya ahlukene, izingane eziphazamisekile, nabangane bemishado abalimele ngokomzimba nangokwengqondo.

Ingabe ungawuvikela umkhaya wakho kulesisifo? Uma uye wacwila ezindabeni nasezithombeni ezingcolile zobulili, ingabe ikhona indlela yokugqashula? Impendulo kuyo yomibili lemibuzo inguyebo! Kanjani?

Izinkinga zezindaba nezithombe ezingcolile zobulili zikhula endaweni yezimo ezingalungile ezinethonya lapho kunokumelana okuncane khona ‘nemisebenzi yenyama.’ (Galathiya 5:19) Izinkinga ezinjalo ziyachuma lapho abantu bentula noma bengalunaki ulwazi oluqondile bese bevumela ukwaziswa okungalungile ukuba kungcolise ingqondo. Khonake, isivikelo sethu esingcono kakhulu ezithombeni ezingcolile zobulili, siwukwakha ukugonywa kwengokomoya nokomuntu ngamunye ngokuhlakulela izimo ezinempilo ezisekelwe olwazini oluphilayo. Ukwenza lokhu kudinga ukuthi samukele ngokungahlehli, njengemithi evimbela igciwane lezithombe ezingcolile zobulili, imibono yeBhayibheli elandelayo.

Umbono Oqondile Ngobulili

Isimo sokuqala esivamile esingalungile sokuba kumelwane naso ileso sobulili ngokwabo. UJehova uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane benesifiso sobulili ngenjongo yokuzala, kanye nokubanikeza injabulo njengombhangqwana oshadile. (Genesise 1:27, 28; 2:18; Mathewu 19:4-6) Ngakhoke uma ubuhlobo bobulili bubhekwa ngabangane abashadile njengendlela yokubonisana uthando hhayi njengendlela yokuxhaphaza abanye noma yokumane nje umuntu azanelise ngokwakhe, kuyosisiza ukuba simelane nezithombe ezingcolile zobulili.—1 Korinte 7:3; IzEnzo 20:35.

Ukusebenzisa kabi ubulili kuwukwedelela uMklami wabo futhi kuletha ingozi kobusebenzisa kabi. Ukulambela ukudla nakho futhi kuklanywe uNkulunkulu ngokwenzuzo yethu nenjabulo. Kodwa uma kusetshenziswa kabi ngokweqisa noma ngokudla ukudla okungcolile, kungaphumela ekulimaleni. Ngakhoke, ungahahi—ukhulekele ubulili njengesithombe. Kunalokho, lawula ‘amalungu akho . . . ukuhuheka, ukukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.’—Kolose 3:5, 6; Efesu 5:5.

Lapho amasiko asendulo ekhonza ubulili njengesithixo, ‘aguqula iqiniso likaNkulunkulu, alenza amanga; ahlonipha, akhonza okudaliweyo kunoMdali.’ Lokho kwaholela “ekuhuhekeni okuyihlazo,” ukweqisa okwawangcolisa. Ngakhoke, “abesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwabangokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane.”—Roma 1:25-27.

Isimo Esilungile Ngakwabesifazane

Izinto eziningi eziqukethe izithombe ezingcolile zobulili kulezinsuku zingezabesifazane abenziwa izisulu zokudlwengulwa, ukululazwa, nobudlova. Ngakhoke umkhaya wakho kumelwe ubone izithombe ezingcolile njengokuhlaselwa okukhohlakele kwabesifazane. Izithombe ezingcolile zobulili zidlulisela umqondo oyengayo wokuthi abesifazane badalelwa ukuphathwa kabi futhi bayakufuna ukuphathwa kanjalo—ukuthi eqinisweni bathola injabulo lapho bedlwengulwa futhi belinyazwa ngandlelathile. Lawo ngamanga aluhlaza.

Akekho owesilisa oziphethe kahle ongaba nesimo esinjalo kwabesifazane. UNkulunkulu wabadala bobabili owesilisa nowesifazane. Owesifazane wayezoba umsizi wendoda, wayengezukuba ongaphansi kwayo ofanele ukuphathwa kabi. (Genesise 2:18) Kunokuphatha kabi umzimba wanoma imuphi owesifazane, iBhayibheli litshela amadoda ukuba aphathe ‘abesifazane abadala njengonina, nabesifazane abasha njengodadewabo ngenhlanzeko epheleleyo.’ (1 Thimothewu 5:2) Futhi esikhundleni sokuba abeke abafazi ngaphansi kokucindezela kobulili okusekelwa izithombe ezingcolile zobulili, “amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo.”—Efesu 5:28, 29.

Isimo Esifanele Ezinganeni

Minyaka yonke, izingane ngezinkulungwane—ngokuvamile izinganyana nje—ziyoniwa ngokobulili, ezinye zoniwa omakhelwane bazo nabangane bemikhaya, ezinye zoniwa imikhuba yokulalana kwezihlobo yabazali bazo siqu namanye amalungu omkhaya. Izithombe ezingcolile zobulili zifeza ingxenye enkulu ekusikiseleni ukuthi lokhu kuphathwa kabi kuyemukeleka. Izinkulungwane ezengeziwe ziyathunjwa, zidlwengulwe, futhi abenzi bezithombe ezingcolile zobulili abonakele badlale ngazo ngokobulili. Yeka ukuyengwa okunonya kwezingane ezingenacala, ezingenakuzivikela!

“Abantwana bayifa elivela kuJehova,” kusho iBhayibheli. (IHubo 127:3) Amalungu omkhaya wakini kudingeka alivikele lelofa noMthombo walo futhi angazicabangi izimo ezingezinhle ngabancane emikhayeni yawo siqu noma kweminye. Ukoniwa ngokobulili kwabasebancane kwenza umonakalo ongokomzimba nongokomzwelo futhi kuyonakalisa.

Kungamanga aluhlaza ukuthi izingane ziyazuza ngokoniwa okunjalo.

Nokho, izithombe ezingcolile zobulili zisekelwe emangeni ahlazisa uNkulunkulu, ukuhlanekezelwa okukhohlakele kobulili, kwabesifazane, nokwezingane. Isithelo esicasulayo esivela ekusakazeni amanga sisitshela lowo okumelwe abe uyise wamanga anjalo. (Johane 8:44) Ngokuqaphela lokhu, amaKristu aqotho afisa ukugcina ubuhlobo obuhlanzekile noYise wawo wasezulwini awanakwenza lutho ngezithombe ezingcolile zobulili!

Ezinye Izimo Eziyingozi

Kubekwa izaba ezihlukahlukene ukuze kuvunyelwe noma kubekezelelwe ukusetshenziswa kwezithombe ezingcolile zobulili. Kumelwe uyibone ingozi kulezizaba uma ungenakuyamukela ingozi eyenziwa yilolubhadane.

‘Ukusetshenziswa kwezithombe ezingcolile zobulili kunganezela ubuhle ekuphileni kobulili emshadweni wenu. Okuphambene—ukonakala—kuye kwaba umphumela kwabaningi. Abanye, abazondla ngezithombe ezingcolile zobulili, abasakwazi ukujabulela ukuphila okuvamile kobulili. Yakha imibono ngomagazini ababi kakhulu, enye indoda yasuka ekuphoqeleleni ukuphendukezelwa kobulili kumkayo yaya ezindabeni zobungqingili babesilisa nobabesifazane. Umkakhe uyabuza ngokukhala: “[Kungani] umyeni wami eba nobulili nomagazini kodwa hhayi nami?” Omunye wesifazane uthi umyeni wakhe uhlala bonke ubusuku ebuka izithombe ezingcolile zeTV, nokho ‘akanasithakazelo ebuhlotsheni bobulili obuvamile.’ Kwezinye izimo, imishado yawohloka lapho amadoda eqhubeka nokwenza ubulili obuphendukezelwe obubonwa emabhayisikobho noma komagazini.

‘Izithombe ezingcolile zobulili ezingeningi ezingezimbi kangako ngeke zilimaze muntu. Lokho kuwukukhohlisa okufanayo nokuthi ‘ukusetshenziswa okuncane kwemilaliso engenamandla kangako ngeke kulimaze muntu.’ Isazi sokusebenza kwengqondo sasemtholampilo siyachaza: “Ngithola ukuthi kunesimo esidlondlobalayo lapho umuntu efuna khona ngokwandayo ukubona noma ukuzungezwa kakhulu izincwadi eziphambene ezingcolile . . . izincwadi nokunye okwengeziwe okuthe ngqo kokunika umuntu ‘ukwaneliseka okukhulu.’” Abanye bayavuma, bekhomba ekuthambekeleni kwanamuhla ngasezincwadini ezigcwele izithombe ezinobudlova.

‘Kunezindaba ezilotshwe kahle zezihloko ezithakazelisayo kwabanye omagazini bobulili besigaba esingcono. Uma nje ngibafunda futhi ngincoma kuphela isithombe esihle kakhulu, ngeke kungilimaze. Kodwa kungani ukhwathaza emgqonyeni kadoti ufuna ukudla okuhle okunempilo? Futhi ungayikhohlwa ingozi yangempela ‘yokubuka owesifazane, umkhanuke.’ (Mathewu 5:28) Ngokuphathelene nesithombe esihle kakhulu, iphepha eliphambili, nomkhiqizo omuhle kakhulu, khumbula, igolide elemboze umgqomo kadoti alikushintshi okuphakathi.

Ukugqashula Ekuluthweni Izithombe Ezingcolile Zobulili

Kodwa kuthiwani uma unothando olunamandla ngezithombe ezingcolile zobulili futhi ukuthola kunzima ukuziyeka? Isazi sokusebenza kwengqondo esicashunwe ngenhla sabuye sathi: “Ngithola ukuthi kukhona ukuluthwa izithombe ezingcolile zobulili. Umuntu . . . ‘uyabambeka’ . . . abuye afune okwengeziwe ngokuphindaphindiwe.” Nokho, njengezinye izinto eziluthayo, umuntu angagqashula. Uma unalenkinga, isinyathelo sokuqala esisobala siwukuyeka ukondla ingqondo yakho ngokungcola ngokwakho, uwunqamule umthombo wokungcola. (Mathewu 5:29, 30) Yebo, hlukana nazo zonke izinto ezingase zibe isilingo sokuba uphendukele ekwakheni imibono engekho. Ingabe wawuyosibekezelela isithombe sasendulo esidumisa umphambili ekhaya lakho? Khona-ke kungani uvumela lezizinto zesimanje zokukhulekelwa kobulili lapho? AmaKristu akuqala ashesha ukulahla ngisho nezinto ezibizayo ezazisongela ubuhlobo bawo obuhlanzekile noJehova.—IzEnzo 19:19.

Futhi, njengezinye izinto eziluthayo, ukugqashula kudinga ukuba umuntu oluthekile avume ngokuzithoba ukuthi unenkinga, ukuthi ufuna ukuyishiya ngempela, khonake abese efuna ngentshiseko usizo olufanelekile. AmaKristu okusanda kubhekiselwa kuwo nje ayezimisele ngempela ukufuna usizo kwabakholwa nawo abavuthiwe besikhathi sawo. (IzEnzo 19:18) Imithandazo yakho siqu eqotho neyabafowenu abangokomoya iyonikeza umthombo wamandla ongatholakali kwenye indawo.—Jakobe 5:13-16.

Ukugcwalisa ingqondo ngamanzi ahlanzekile eqiniso nokuyigcina igcwele isifundiso esimsulwa ‘sentando kaNkulunkulu ephelele’ kuyokwenza kube nokwenzeka ngezithombe ezilimaza umqondo ukuba zinyamalale kancane kancane. Ngalendlela inkambo ebingagcina lezithombe zengqondo zikhanya futhi ziqhubeka zikungcolisa iyosuswa.—Roma 12:2; Efesu 4:17-24.

Uthando lweqiniso ngoNkulunkulu nomakhelwane luyokusiza ukuba ugqashule emkhubeni wezithombe ezingcolile zobulili futhi lukuvikele ekubeni ungahileleki nanini futhi kuzo. Izithombe ezingcolile zobulili ziwumbiko wokukhulekelwa kobulili kwanamuhla. Zimelela yonke into ephikisana noNkulunkulu nokulunga. Kumelwe zenqatshwe ngokusobala. Zigweme njengobhadane oluyizo!

Kunalabo abasekela ukungazinaki njengento edlulayo eyozelapha ngokwayo lapho abantu sebenele noma sebekhathele yiyo. Kodwa ingabe ileyondlela yokusingatha ukungcola okusongela ukuphila? Asakhi umgodi wokungcola ovuzayo ngokungawunaki, siwuvumele ukuba ugcwale uchichime, sithemba ukuthi nakanjani uyozilungisa. Uwena okumelwe uthathe isinyathelo!

Yini Oyoyenza?

Kungase kube iqiniso ukuthi akubona bonke abathintwa yilokhu ngokufanayo. Nokho, uma sivuma ukuthi inhloso yezinto ezinjalo nezizathu ezenza zibhekwe ukuthi azizinhle, khonake sinesinqumo sikanembeza okumelwe sisenze, njengoba nje besingenza nganoma iluphi olunye usongo enhlalakahleni yethu. Lolubhadane kumelwe kumelwane nalo.

Bhekana neqiniso lokuthi ubhadane lwezithombe ezingcolile zobulili luyisibonakaliso sokwehla kwezimiso zokuziphatha zesikhathi sethu njengoba kwabikezelwa eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:1-6) Umlando nokuhlangenwe nakho kusitshela ukuthi naphezu kwemithetho, abantu abafuna izincwadi ezinezindaba nezithombe ezingcolile zobulili bayoyithola indlela yokuzenza, ukuzisakaza, nokuzithenga.

Khonake kukhona labo abaphathelene namalungelo nezithakazelo zabesifazane abakukhalela kabi ukuxhashazwa nokuphathwa kabi kwabesifazane ngabakhiqizi bezithombe ezingcolile zobulili nabaluthwe yizo kodwa ngesikhathi esifanayo, abayobonakalisa ukungavumelani nokuvalwa okuphelele kwezithombe ezingcolile zobulili. Bakhuluma kahle “ngezincwadi ezivusa uthando nesifiso sobulili” ukuba zisetshenziswe yibo lezo ezibonisa lokho abaphathelene namalungelo nezithakazelo zabesifazane abakubiza ngokuthi “ukubonakaliswa kobulili phakathi kwabantu ababili abafisanayo futhi abaye bangena kulobuhlobo bevumelene.” Amadoda angongqingili nawo futhi afisa ukuzigcinela ilungelo lokwenza nokubheka ezawo siqu izithombe zobulili ezingcolile zobungqingili “obungalimazi.”—2 Petru 2:18, 19.

Ngokusobala, uma silalela ukuzithethelela kwalaba kanye nabanye ‘abahlwanyelela inyama,’ ngokushesha siyolahleka enkimbinkimbini yezinkulumo ezicutshungulwa ngokweqisa zemiqondo yokuzicabangela ngokuphathelene nokuthi ikuphi okuyizithombe ezingcolile zobulili nokuthi ikuphi okungezona, okuvusa uthando lobulili, nobuciko. (Galathiya 6:8) Kungakhathaliseki ukuthi abantu bakubiza kanjani lokhu, uma ngenxa yokuvuswa kwenkanuko yobulili, kubonisa lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi kungokuphambene nomthetho wemvelo futhi kungcolile—ukuhlobonga, ukuphinga, ubungqingili, ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu nezilwane, ukulalana kwezihlobo, ukudlwengula—khonake umKristu uyazi ukuthi okunjalo akumfanele ukuba akubuke, ngoba lokhu akumelwe ‘kuphathwe nangegama phakathi’ kwamaKristu.—Efesu 5:3-5; Heberu 13:4; 1 Korinte 6:9-11; Levitikusi 13:6-30.

Kukho konke lokhu okungenhla, kumelwe kukhanye ukuthi izithombe ezingcolile zobulili kumelwe zifakwe phakathi kwalezozinto ‘okuyihlazo nokukhuluma ngazo.’ Zenza ubulili bube ngobobulwane. Ngakhoke, “maningakhohliswamuntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu luyeza. . . . Ngakhoke ningabingabahlanganyeli nabo . . . Ningahlanganyeli nabo imisebenzi engenazithelo yobumnyama, kodwa, kunalokho, nibasole.”—Efesu 5:6-15, NW.

Yebo, melana ngokuphumelelayo nesifo sezithombe ezingcolile zobulili ngokuzibona ukuthi ziyini: ithuluzi lokukhulekelwa kobulili. Zenqabe ngamandla kanye namanga azo, ukungcola, nokukhonza izithombe. Khumbula: “Abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” AmaKristu eqiniso aye “abethela esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.” Ngakhoke, “hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.” (Galathiya 5:16-24) Ukuhlulwa ubhadane lwezithombe ezingcolile zobulili kusho ukufa, kodwa ukwenza intando kaNkulunkulu kusho ukuphila.—1 Johane 2:15-17.

[Ibhokisi ekhasini 29]

“Njengoba uprofesa weSikole Sezomthetho saseNew York uErnest van den Haag aye waphawula, ‘Abanye baphikisa ngokuthi izithombe ezingcolile zobulili azinathonya langempela. Lokhu kubonakala kungenawo amandla athonyayo. Izincwadi—ukusuka eBhayibhelini ukuya kuKarl Marx kuya kuMein Kampf kaHitier—ziyazithonya izimo zabantu nezenzo, njengoba kwenza zonke izindlela zokuxhumana.”’—Umagazini iFamily Circle

[Isithombe ekhasini 28]

Ukufundwa ngokuhaha kwezincwadi zezithombe ezingcolile zobulili kuye kwaphazamisa ukujabulela kwemibhangqwana eshadile, ukuphila okuvamile kobulili

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela