Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 25, 2012. Kufakwe nosuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Ukusinda kukaJeremiya ngesikhathi esasinzima kwezomnotho kusinikeza siphi isiqinisekiso? (Jer. 37:21) [May 7, w97 9/15 k. 3 isig. 4–k. 4 isig. 1]
2. AmaKristu anethemba lasemhlabeni alingisa isibonelo esihle sika-Ebhedi-meleki ngaziphi izindlela? (Jer. 38:8-13) [May 7, su k. 179 isig. 9]
3. Njengoba uJehova asebenzisa abaqaphi bakaNebukhadirezari ukuze avikele uJeremiya noBharuki, ingabe kuyafaneleka ngamaKristu ukuba afune isivikelo emaphoyiseni ahlomile namuhla? (Jer. 39:11-14) [May 14, w84-ZU 1/1 k. 30 (w83-E 7/15 k. 31)]
4. Ziyini “izinto ezinkulu” okungenzeka uBharuki wayezifunela zona, futhi indlela asabela ngayo eselulekweni sikaJehova isisiza ukuba sigxile kuphi? (Jer. 45:5) [May 21, w06 8/15 k. 18 isig. 1; k. 19 isig. 6]
5. Lapho echaza isijeziso esifanele esasizokwehlela u-Edomi, yini ephawulekayo ngomahluko uJehova awenzayo phakathi kwakhe ‘nabavuni bamagilebhisi’ ‘namasela’? (Jer. 49:9, 10) [May 28, w07 11/1 k. 13 isig. 4]
6. Iziphi izifundo ezisangulukisayo esingazifunda kulokho okwehlela iNkosi uZedekiya ngemva kokuba iye ‘yadlubulunda enkosini yaseBhabhiloni’? (Jer. 52:3, 7-11) [June 4, w88 9/15 k. 17 isig. 8; w81-ZU 9/15 k. 26 isig. 5–k. 27 isig. 1; k. 28 isig. 2 (w81-E 4/1 k. 13 izig. 3-4; k. 14 isig. 6)]
7. Siyini “isenabelo sezinyawo” zikaJehova ‘nedokodo’ lakhe? (IsiL. 2:1, 6) [June 11, w07 6/1 k. 9 isig. 2]
8. Wayesho ukuthini uJeremiya lapho ethi uJehova ‘wayeyomkhumbula futhi akhothamele phezu’ kwakhe, futhi kungani lokhu kubaluleke kakhulu kithi? (IsiL. 3:20) [June 18, w07 6/1 k. 11 isig. 3]
9. Kungani kuzuzisa ukuba umuntu afunde ukuthwala ijoka lokuhlupheka esemusha? (IsiL. 3:27) [June 18, w07 6/1 k. 11 isig. 5; w87 2/15 k. 24 isig. 1]
10. Isibonelo sikaHezekeli singasisiza kanjani ukuba sikhulume ngesibindi naphezu kokunganakwa abanye? (Hez. 3:8, 9) [June 25, w08 7/15 kk. 8-9 izig. 6-7]