ISimiso Sesonto Lika-June 25
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 25
INgoma 63 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 22 ¶15-21 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa KweBhayibheli: Hezekeli 1-5 (10 imiz.)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (20 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izaziso. Kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo esekhasini 4, makube nomboniso wokuthi isifundo singaqalwa kanjani ngoMgqibelo wokuqala ku-July.
15 imiz: Sisebenzise Kahle Isikhathi Sakho Lapho Usenkonzweni. (Efe. 5:15, 16) Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo. (1) Singasisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngokuhlakanipha lapho: (a) siqhuba imihlangano yenkonzo yasensimini? (b) imihlangano yenkonzo isiphelile? (c) othile esihamba naye ngemoto exoxa isikhathi eside nomuntu onesithakazelo? (d) senza izimpindelo eziqhelelene kakhulu? (2) Sisonga kanjani isikhathi lapho: (a) kungenzeka siphe imikhaya yethu okudliwayo ngaphambi kokuhlangana siye enkonzweni? (b) wonke umuntu efika ngesikhathi emhlanganweni wenkonzo yasensimini? (c) silalelisisa umqhubi njengoba aba amaqembu futhi singazabi kabusha ngokungenasidingo ngemva komhlangano wenkonzo yasensimi? (d) wonke umuntu azi ukuthi uzoqala kuphi ukushumayela ngaphambi kokuba aye ensimini?
10 imiz: Isipho Senyanga Ngo-July. Ingxoxo. Qokomisa izici zencwadi ehanjiswayo futhi makube nomboniso owodwa noma emibili yendlela engahanjiswa ngayo.
INgoma 29 Nomthandazo