ISimiso Sesonto Lika-July 2
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 2
INgoma 116 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 23 ¶1-8, ibhokisi ek. 180 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa KweBhayibheli: Hezekeli 6-10 (10 imiz.)
No. 1: Hezekeli 7:14-27 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungayiphi Indlela UJonathani Ayeyisibonelo Esihle Sokuthobeka?—1 Sam. 23:16-18 (5 imiz.)
No. 3: Ingabe Imfundiso Yokuguquka Kwesinkwa Newayini Kube Umzimba Negazi LikaKristu Iyiqiniso?—rs k. 82 ¶3–k. 83 ¶4 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Indlela Yokubonisana Nabaninikhaya—Ingxenye 1. Ingxoxo esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 251 kuya ekhasini 253, isigaba 2. Makube nomboniso oqokomisa iphuzu elilodwa noma amabili akule ndaba.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Izintshumayelo Ezisikiselwayo Zokuhambisa Omagazini Ngo-July. Ingxoxo. Khetha izihloko ezimbili noma ezintathu bese usebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani ziyobakhanga abantu ensimini yenu. Usebenzisa izihloko ezingaphandle ze-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, ngemva kwalokho cela zisikisele nomBhalo ongasetshenziswa. Yenza okufanayo nangezihloko ze-Phaphama!, uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi walabo magazini. Makube nomboniso wendlela yokuwuhambisa.
INgoma 31 Nomthandazo