Indlela Yokuthola Injabulo Ngesipho Sokuba Ongashadile
“BASHADA futhi ngemva kwalokho baphila kamnandi ukuphila kwabo konke.” Izinganekwane eziningi zezingane ziphetha ngala mazwi. Amabhayisikobho nezincwadi zothando zinomyalezo ofanayo—othi umshado uletha injabulo obuyifuna! Ngaphezu kwalokho, amasiko amazwe amaningi acindezela izintombi nezinsizwa ukuba zishade. UDebby owevile eminyakeni engu-25 wathi: “Abantu bakwenza ube nomuzwa wokuthi intombazane iphilela ukushada nje kuphela. Bakunika umqondo wokuthi ukuphila kuqala lapho usushadile.”
Umuntu ongokomoya akabheki izinto ngale ndlela kuphela. Nakuba umshado kwakuyinto evamile phakathi kwama-Israyeli, iBhayibheli likhuluma ngabesilisa nabesifazane ababengashadile kodwa abasebenzisa ukuphila kwabo ngendlela ezuzisa kakhulu. Namuhla, amanye amaKristu akhetha ukungashadi, kuyilapho amaningi ehlala engashadile ngenxa yezimo. Kungakhathaliseki ukuthi isiphi isizathu sokungashadi, umbuzo obalulekile kuhlale kuyilo: UmKristu ongashadile angayithola kanjani injabulo?
UJesu ngokwakhe akazange ashade, okuyinto eqondakala kalula ngenxa yesabelo ayesinikeziwe. Watshela abafundi bakhe ukuthi abanye abalandeli bakhe nabo ‘babeyokutholela indawo’ ukungashadi. (Math. 19:10-12) Ngala mazwi, uJesu wabonisa ukuthi ukuze sikujabulele ukungashadi kumelwe sikwamukele, noma siyitholele indawo le ndlela yokuphila ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu.
Ingabe iseluleko sikaJesu sisebenza kuphela kumuntu oye wazikhethela ukungashadi ukuphila kwakhe konke ukuze agxile ngokwengeziwe emisebenzini engokwasezulwini? (1 Kor. 7:34, 35) Akunjalo ngempela. Cabanga ngomKristu ongase athande ukushada kodwa okwamanje ongamtholi umngane womshado ofanelekayo. U-Ana, udade ongashadile osevile eminyakeni engu-30, wathi: “Muva nje, umuntu engisebenza naye ongeyena uFakazi wangicela umshado esithubeni. Ngandlela-thile ngazizwa ngijabule, kodwa ngasheshe ukuwucindezela lowo muzwa ngenxa yokuthi ngifuna ukushada kuphela nomuntu ozongenza ngisondelane noJehova.”
Isifiso sokushada “eNkosini” sisiza odadewethu abaningi abanjengo-Ana ukuba bagweme ukushada nomuntu ongakholwa.a (1 Kor. 7:39; 2 Kor. 6:14) Ngenxa yokuthi bahlonipha iseluleko sikaNkulunkulu, banquma ukukutholela indawo ukungashadi okwaleso sikhathi. Bangakwenza kanjani lokhu ngokuphumelelayo?
Funda Ukubona Izinzuzo
Ikhono lokwamukela isimo esingase sibonakale singajabulisi kangako lincike kakhulu esimweni sengqondo somuntu. UCarmen, udade ongashadile osevile eminyakeni engu-40, uthi: “Ngijabulela enginakho, futhi angiphuphi ngalokho engingenakho.” Yebo, ziba khona izikhathi lapho sizizwa sinesizungu noma sikhungathekile. Kodwa ukwazi ukuthi baningi abanye enhlanganweni yabazalwane emhlabeni wonke ababhekana nezinto ezifanayo kungasikhuthaza ukuba siqhubekele phambili singantengantengi. UJehova uye wasiza abaningi ukuba bajabule yize bengashadile nokuba banqobe nezinye izinselele.—1 Pet. 5:9, 10.
Abazalwane nodade abaningi baye bathola izinzuzo zokuba ongashadile. U-Ester, udade ongashadile osevile eminyakeni engu-35, uthi: “Ngicabanga ukuthi imfihlo yenjabulo iwukukwazi ukujabulela izinzuzo zanoma isiphi isimo ongase uzithole ukuso.” UCarmen uyanezela: “Ngikholelwa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngiyashada noma cha, uma ngibeka izithakazelo zoMbuso kuqala, uJehova ngeke angigodlele noma yini enhle. (IHu. 84:11) Ukuphila kwami kungase kungabi yilokho engangikuhlelile ngempela, kodwa ngiyajabula futhi ngiyoqhubeka ngijabule.”
Izibonelo EziseBhayibhelini Zabantu Ababengashadile
Kwakungeyona injongo yendodakazi kaJefta ukuba ihlale ingashadile. Kodwa isifungo sikayise sayibopha ukuba ikhonze endlini engcwele kusukela ebusheni bayo kuqhubeke. Akungabazeki ukuthi lesi sabelo eyayingasilindele saphazamisa lokho eyayikuhlelile futhi sasiphambene nemizwa yayo engokwemvelo. Yalila izinyanga ezimbili lapho iqaphela ukuthi yayingeke ishade futhi ibe nomkhaya. Noma kunjalo, yasamukela isimo sayo esisha futhi yakhonza ethempelini ngokuzithandela ukuphila kwayo konke. Abanye abesifazane abangama-Israyeli babeya unyaka nonyaka beyoyitusa ngenxa yomoya wayo wokuzidela.—AbaHl. 11:36-40.
Abanye ababengabathenwa ngesikhathi sika-Isaya kungenzeka bazizwa bedumazekile ngenxa yezimo zabo. IBhayibheli alisho ukuthi kwabangelwa yini ukuba laba babe ngabathenwa. Njengoba babengabathenwa, babengeke babe amalungu agcwele ebandla lakwa-Israyeli, futhi babengeke bashade noma babe nabantwana. (Dut. 23:1) Noma kunjalo, uJehova wayeyiqonda imizwa yabo, futhi wabancoma ngenxa yokusigcina ngomphefumulo wonke isivumelwano sakhe. Wabatshela ukuthi wayeyobanika ‘isikhumbuzo negama elingeke linqunywe’ endlini yakhe. Ngamanye amazwi, laba bathenwa abathembekile babeyoba nethemba eliqinisekile lokuthola ukuphila okuphakade lapho sekubusa uJesu njengoMesiya. UJehova wayengeke abakhohlwe.—Isaya 56:3-5.
Izimo zikaJeremiya zazihluke kakhulu. Ngemva kokuthuma uJeremiya njengomprofethi, uNkulunkulu wamyala ukuba ahlale engashadile ngenxa yokuthi wayephila ezikhathini ezibucayi nangenxa yesabelo sakhe. UJehova wathi: “Ungamthathi umfazi, futhi ungabi nawo amadodana namadodakazi kule ndawo.” (Jer. 16:1-4) IBhayibheli alisho ukuthi uJeremiya wazizwa kanjani ngalo myalo, nakuba lisiqinisekisa ngokuthi wayeyindoda eyayilijabulela izwi likaJehova. (Jer. 15:16) Eminyakeni eminingi kamuva, lapho uJeremiya ebhekana nokuvinjezelwa okuhlasimulisayo kweJerusalema okwathatha izinyanga ezingu-18, ngokungangabazeki wakubona ukuhlakanipha kokulalela umyalo kaJehova wokuba ahlale engashadile.—IsiL. 4:4, 10.
Izindlela Zokwenza Ukuphila Kwakho Kujabulise
Abantu okukhulunywe ngabo ngenhla eBhayibhelini babengashadile, kodwa uJehova wabasekela futhi bahlala bematasa enkonzweni yakhe. Ngokufanayo namuhla, ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni kungenza lukhulu ekwenzeni ukuphila kwethu kujabulise. IBhayibheli labikezela ukuthi abesifazane abalandisa izindaba ezinhle babeyoba ibutho elikhulu. (IHu. 68:11) Phakathi kwalesi sixuku kunezinkulungwane zodade abangashadile. Ngenxa yokuthi inkonzo yabo iye yathela, abaningi babusiswe ngamadodana namadodakazi angokomoya.—Marku 10:29, 30; 1 Thes. 2:7, 8.
Ngemva kokukhonza njengephayona iminyaka engu-14, uLoli wathi: “Ukuba iphayona kwenza ukuphila kwami kube nenjongo. Njengodade ongashadile, ngihlale ngimatasa futhi lokho kungisiza ukuba ngingabi nesizungu. Ekupheleni kosuku ngalunye ngizizwa nganelisekile ngoba ngiyabona ukuthi inkonzo yami ibasiza ngempela abantu. Lokhu kungijabulisa kakhulu.”
Odade abaningi baye bakwazi ukufunda ulimi olusha futhi baye bandisa inkonzo yabo ngokushumayela kubantu abavela kwamanye amazwe. U-Ana, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Edolobheni engihlala kulo kunezinkulungwane zabantu abavela kwamanye amazwe.” Uyakujabulela ukushumayeza abantu abakhuluma isiFulentshi. Uthi: “Ukufunda ulimi olusha engingalusebenzisela ukuxoxa neningi lalaba bantu kuye kwavula insimu entsha futhi kwenze umsebenzi wami wokushumayela waba othakazelisa kakhulu.”
Ngokuvamile uma ungashadile unezibopho ezimbalwa. Ngenxa yalokho, abanye baye bazisebenzisa kahle izimo zabo ukuze bakhonze lapho kunendingeko enkulu khona. ULidiana, udade ongashadile osevile eminyakeni engu-35 oye wakhonza lapho kunendingeko enkulu khona kwamanye amazwe, uthi: “Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi lapho wenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova, yilapho kuba lula khona ukuba nabangane abahle futhi uzizwe uthandwa. Nginabangane abaningi bezizinda nezinhlanga ezihlukahlukene, futhi lobu bungane buye bakucebisa kakhulu ukuphila kwami.”
IBhayibheli likhuluma ngoFiliphu umvangeli owayenamadodakazi amane angashadile ayeprofetha. (IzE. 21:8, 9) Kumelwe ukuba ayeshiseka njengoyise. Kungenzeka yini ukuthi asebenzisa isipho sawo sokuprofetha ukuze kuzuze amanye amaKristu aseKhesariya? (1 Kor. 14:1, 3) Ngokufanayo, namuhla odade abaningi abangashadile bakhuthaza abanye ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nangokuhlanganyela kuyo.
Ngakolunye uhlangothi, uLidiya wayengumKristu waseFilipi wangekhulu lokuqala futhi iBhayibheli liyamncoma ngomoya wakhe wokungenisa izihambi. (IzE. 16:14, 15, 40) ULidiya—okungenzeka ukuthi wayengashadile noma wayengumfelokazi—wayenomoya wokupha owamenza waba nobudlelwane obuhle nababonisi abajikelezayo, abanjengoPawulu, uSila noLuka. Ukuba nomoya onjalo kuletha izibusiso ezifanayo nanamuhla.
Ukwanelisa Isidingo Sokuthandwa
Nakuba sinomsebenzi onenjongo owenza ukuphila kwethu kwanelise, sonke sinesidingo sokuthandwa nokukhathalelwa. Umuntu ongashadile angasanelisa kanjani leso sidingo? Okokuqala, uJehova uyasithanda, asiqinise futhi asilalele ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi iNkosi uDavide yayizizwa ‘iyodwa futhi ihluphekile,’ kodwa yayazi ukuthi yayingathandaza njalo kuJehova ukuze ayisekele. (IHu. 25:16; 55:22) Yabhala: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” (IHu. 27:10) UNkulunkulu umema zonke izinceku zakhe ukuba zisondele kuye, zibe abangane bakhe abakhulu.—IHu. 25:14; Jak. 2:23; 4:8.
Ngaphezu kwalokho, singathola obaba, omama, abafowethu nodadewethu abangokomoya phakathi kwabazalwane bethu abasemhlabeni wonke labo uthando lwabo oluyocebisa ukuphila kwethu. (Math. 19:29; 1 Pet. 2:17) AmaKristu amaningi angashadile athola ukwaneliseka okukhulu ngokulingisa isibonelo sikaDorka, ‘owayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe.’ (IzE. 9:36, 39) ULoli uyachaza: “Kungakhathaliseki ukuthi ngiyaphi, ngifuna abangane beqiniso ebandleni abayongithanda futhi bangisekele lapho ngizizwa ngidangele. Ukuze ngiqinise lobo bungane, ngizama ukubonisa uthando nesithakazelo kwabanye. Ngiye ngakhonza emabandleni angu-8 ahlukahlukene, futhi ngithola odade ababa abangane beqiniso ngaso sonke isikhathi. Ngokuvamile akubi ontanga—kuba ogogo noma intsha.” Kuwo wonke amabandla, kunalabo abadinga uthando nobungane. Ukuba nesithakazelo esiqotho kwabanjalo kungabasiza kakhulu futhi kunganelisa isifiso sethu sokuthanda nokuthandwa.—Luka 6:38.
UNkulunkulu Ngeke Anikhohlwe
IBhayibheli libonisa ukuthi wonke amaKristu kumelwe azidele ngandlela-thile ngenxa yezikhathi ezinzima esiphila kuzo. (1 Kor. 7:29-31) Ngokuqinisekile, labo abahlala bengashadile ngoba bezimisele ukulalela umyalo kaNkulunkulu wokushada kuphela eNkosini, kufanele sibahloniphe futhi sibacabangele ngokukhethekile. (Math. 19:12) Nokho, lokhu kuzidela okuncomekayo akusho ukuthi abakwazi ukuphila ukuphila okujabulisa ngempela.
ULidiana uthi: “Ngiphila ukuphila okujabulisayo okusekelwe ebuhlotsheni bami noJehova nasekwenzeni inkonzo yakhe. Ngazi abantu abashadile abajabule nabangajabule. Leli qiniso lingenza ngibone ukuthi injabulo yami ayincikile ekutheni ngizowuthola yini umshado noma cha.” Njengoba uJesu abonisa, ngokuyinhloko injabulo ilethwa ukupha nokukhonza, okuyizinto wonke amaKristu angazenza.—Joh. 13:14-17; IzE. 20:35.
Asingabazi ukuthi isizathu esikhulu kunazo zonke sokujabula siwukwazi ukuthi uJehova uzosibusisa nganoma ikuphi ukuzidela esikwenzayo ukuze senze intando yakhe. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—Heb. 6:10.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba lapha sikhuluma ngodade abangamaKristu, lezi zimiso ziyasebenza nakubazalwane.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
“Ngijabulela enginakho, futhi angiphuphi ngalokho engingenakho.”—UCarmen
[Isithombe ekhasini 26]
ULoli noLidiana bajabulela ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona
[Isithombe ekhasini 27]
UNkulunkulu umema zonke izinceku zakhe ukuba zisondele kuye