“Usizo Lwami Luvela Kujehova”
Ukuba Ongashadile Futhi Waneliseke Enkonzweni KaJehova
“SIBANINGI esijabula kakhulu ngisho noma singashadile,” kusho owesifazane ongumKristu eSpain. Siyini isizathu sokuba aneliseke? “Siyajabula ngokuthi asinazo izinkathazo eziningi, okusenza sikwazi ukukhonza uNkulunkulu wethu, uJehova, ngokugcwele.”
Leyo mizwa ivumelena nalokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu ngokungashadi. Lapho umphostoli uPawulu ekhuluma ngezindaba ezihilela umshado, wanikeza lokhu kuqonda okuphefumulelwe: “Kubantu abangashadile nabafelokazi ngithi, kuhle ukuba bahlale benjengami.” UPawulu wayengashadile. Kodwa yisiphi isizathu asinikeza sokutusa ukungashadi? Wathi umuntu oshadile uhlukene phakathi, kuyilapho indoda noma owesifazane ongashadile ‘ekhathazeka ngezinto zeNkosi.’ (1 Korinte 7:8, 32-34) Ukukhonza uJehova kuyinto eyinhloko eyenza umuntu ongashadile ajabule futhi aneliseke.
Ukungashadi Ngenxa Yenjongo Ekhethekile
Amazwi kaPawulu angase abadide abantu basemazweni agcizelela ukubaluleka komshado nokuba nezingane. Nokho, uJesu Kristu—ngokwakhe owayengashadile kodwa owayejabule futhi enelisekile—waphawula injongo ekhethekile yamaKristu angashadile. Wathi: “Kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yombuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.”—Mathewu 19:12.
Ngokuvumelana nalawo mazwi, abaningi baye bathola ukuthi ukungashadi kubenza bakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphandle kweziphazamiso ezivamile zokuphila kwasemshadweni. (1 Korinte 7:35) Izinkulungwane zamaKristu zikhonza uJehova ngenjabulo ngaphandle kwabangane bomshado, futhi zithola injabulo ngokuzigcina zimatasa zisiza abanye.a
AmaKristu amaningi angashadile ayabona ukuthi akubona abantu abashadile kuphela abajabulayo nokuthi akubona bonke abantu abangashadile abangajabuli. Womabili la maqembu, ngezinye izikhathi aba nenjabulo kanye nosizi. Empeleni, iBhayibheli lisho liqinisile ukuthi umshado ngokwawo ubanga ‘usizi enyameni.’—1 Korinte 7:28.
Ukungashadi Ngenxa Yezimo
Abaningi abakashadi, hhayi ngoba bethanda kodwa ngenxa yezimo. Bangase bafise ukuthokomala, ubungane nokusondelana ngokomzwelo okungatholakala elungiselelweni lomshado. Nokho, kwabanye izimali noma ezinye izici zingabangela ukuba umuntu angakwazi ukushada manje. Amanye amaKristu—amaningi kuwo okungodadewethu abangokomoya abathandekayo—aye ahlala engashadile ngenxa yokuthi azimisele ukulalela iseluleko seBhayibheli sokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Ngobuqotho afuna umngane womshado kuphela phakathi kwabakhulekeli bakaJehova abazinikezele nababhapathiziwe.
Ngezinye izikhathi, abanye babo baba nesizungu. Ngemva kokuvuma ukuthi uzizwa ngale ndlela, omunye umKristu ongashadile uthi: “Siyawazi umthetho kaJehova futhi asifuni ukumdumaza nganoma iyiphi indlela. Singase sifise ubungane obuthola kumuntu oshade naye, kodwa kungakhathaliseki ukuthi abantu bezwe bazama kaningi kangakanani ‘ukusikhethela abangane bomshado,’ sima siqinile. Asifuni nokuba phakathi kwamadoda noma abesifazane abangakholwa.” AmaKristu anjalo kufanele siwatuse ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli nangokulondoloza izindinganiso eziphakeme zokuziphatha ukuze ajabulise uJehova naphezu kwanoma yikuphi ukucindezeleka ngokomzwelo angase abhekane nakho.
UNkulunkulu Unikeza Usizo Oluningi
UJehova uqotho kulabo ababonisa ubuqotho kuye ezindabeni ezinjengokwenqaba ukushada nabantu abangamkhonzi. Kokuhlangenwe nakho kwayo, iNkosi uDavide yakufakazela lokhu: “Koqotho wena [Jehova] uyokwenza ngobuqotho.” (IHubo 18:25) Kulabo abamlalela ngokwethembeka, uNkulunkulu uyathembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) Silingisa uJehova, singawancoma kakhulu amaKristu angashadile abo bonke ubudala anamathela ngokwethembeka eZwini likaNkulunkulu. Singathandazela nokuba uJehova awaqinise ukuze abhekane ngokuphumelelayo nezinselele zawo.—AbaHluleli 11:30-40.
AmaKristu amaningi angashadile athola ukuthi ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli kwenza ukuphila kwawo kube nenjongo. Ngokwesibonelo, cabanga ngoPatricia, owesifazane ongashadile ophakathi neminyaka yawo-30 futhi oyiphayona, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele. Uthi: “Nakuba ukungashadi kunobunzima obuningi, kuye kwanginika ithuba lokuba iphayona elivamile. Njengoba ngingashadile, isimiso sami sishintshashintsha kalula, singivumela ukuba nesikhathi esengeziwe sokutadisha. Ngiye ngafunda nokuncika kuJehova ngokwengeziwe, ikakhulukazi phakathi nezikhathi ezinzima.”
Leyo mizwa isekelwe esithembisweni seBhayibheli esiqinisayo: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.” (IHubo 37:5) Ngempela, bonke abakhulekeli bakaJehova, abashadile noma abangashadile, bangathola induduzo namandla kula mazwi aphefumulelwe: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, July/August.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Indoda engashadile ikhathazeka ngezinto zeNkosi, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa yiNkosi.”—1 KORINTE 7:32
[Ibhokisi ekhasini 8]
ONGAKWENZA UKUZE UTHOLE IMIVUZO NGOKUNGASHADI
UJesu, ongazange ashade, wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34.
Amadodakazi kaFiliphu amane ayengashadile azigcina ematasa ‘eprofetha.’—IzEnzo 21:8, 9.
Odadewethu abangamaKristu angashadile abamemezela isigijimi soMbuso bayingxenye ‘yebutho elikhulu labesifazane abalandisa izindaba ezinhle.’—IHubo 68:11.