Izizathu Nezindlela Zokuphathisa Abanye
UKUPHATHISA abanye umsebenzi kuyinto eyaqala kudala ngaphambi kokuba kudalwe umhlaba. UJehova wadala iNdodana yakhe ezelwe yodwa, wabe eseyisebenzisa ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ ekudaleni indawo yonke. (IzAga 8:22, 23, 30; Joh. 1:3) Lapho uNkulunkulu edala abantu bokuqala, wabatshela ukuba ‘bagcwalise umhlaba bawunqobe.’ (Gen. 1:28) UMdali wanikeza abantu umsebenzi wokunweba iPharadesi lase-Edene lize ligcwale umhlaba wonke. Ngempela, isici esivelele senhlangano kaJehova besilokhu siwukuphathisa abanye amalungelo okwenza umsebenzi.
Kusho ukuthini ukuphathisa abanye? Kungani abadala kufanele bafunde ukuphathisa abanye imisebenzi ethile yebandla futhi bangakwenza kanjani lokhu?
Okushiwo Ukuphathisa Abanye
Ukuphathisa abanye kuwukunika abanye umsebenzi; ukucela othile ukuba akumelele; ukwabela othile umthwalo wemfanelo noma igunya. Ngakho ukuphathisa abanye kuhilela ukusebenzisa abanye ekufezeni imisebenzi ethile. Ngokuzenzakalelayo, lokhu kuholela ekuhlanganyeleni nabanye igunya.
Labo abanikezwe umsebenzi ebandleni lobuKristu kulindeleke ukuba basifeze leso sabelo, babike ngentuthuko futhi ngokuvamile baxhumane nalowo obanike lowo msebenzi. Nokho, umthwalo wokuqinisekisa ukuthi lowo msebenzi uyafezwa, usemahlombe omzalwane omisiwe obanike lowo msebenzi. Kudingeka abheke ukuthi ikhona yini inqubekela phambili futhi anikeze iseluleko uma sidingeka. Kodwa abanye bangase babuze, ‘Kungani kufanele uphathise abanye umsebenzi uma ungawenza ngokwakho?’
Izizathu Zokuphathisa Abanye
Cabanga ngoJehova edala iNdodana yakhe ezelwe yodwa futhi eyicela ukuba ihlanganyele naye ekudaleni zonke ezinye izinto. Yebo, “kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali.” (Kol. 1:16) UMdali wayengazenza ngokwakhe zonke izinto, kodwa wanquma ukuyihlanganyela neNdodana yakhe injabulo yokufeza umsebenzi wokudala. (IzAga 8:31) Lokhu kwasiza iNdodana ukuba ifunde okuningi ngezimfanelo zikaNkulunkulu. Ngomqondo othile, uYise wasebenzisa lelo thuba ukuze aqeqeshe iNdodana yakhe ezelwe yodwa.
Lapho uJesu Kristu esesemhlabeni, walingisa uYise ngokungawenzi yedwa umsebenzi. Waqeqesha abafundi bakhe kancane kancane. Wathuma abaphostoli abangu-12 futhi kamuva abanye abafundi abangu-70 ukuba bamandulele bayoshumayela ezindaweni ayezoya kuzo. (Luka 9:1-6; 10:1-7) Lapho esefika kulezo zindawo, wathola sekubekwe isisekelo esihle ayezokwakhela kuso. Lapho esehamba emhlabeni, uJesu waphathisa abafundi bakhe abaqeqeshiwe imithwalo yemfanelo emikhulu, ehlanganisa nomsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke.—Math. 24:45-47; IzE. 1:8.
Ukuphathisa abanye nokubaqeqesha kwaba izici zebandla lobuKristu. Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu: “Lezi zinto ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye.” (2 Thim. 2:2) Yebo, abanokuhlangenwe nakho kufanele baqeqeshe labo nabo abayokwazi ukuqeqesha abanye.
Ngokuphathisa abanye eminye imisebenzi eyabelwe yena, umdala angahlanganyela nabanye injabulo yokufundisa nokwalusa. Beqaphela ukuthi abantu banamakhono alinganiselwe, abadala banesizathu esizwakala ngisho nangokwengeziwe sokucela abanye ukuba basize emithwalweni yemfanelo yebandla. IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Ukuba nesizotha kuhilela nokuqaphela ukulinganiselwa kwethu. Uma uzama ukwenza yonke into ngokwakho, ungase ukhathale futhi ungabi nesikhathi ongasichitha nomkhaya wakho. Ngakho, ngempela kuyinkambo yokuhlakanipha ukungazami ukuyithwala wedwa imithwalo yemfanelo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomzalwane okhonza njengomxhumanisi wendikimba yabadala. Angase acele abanye abadala ukuba babale izimali zebandla. Ngokuhlola amarekhodi ezimali, labo badala bangajwayelana nezimo zezimali zebandla.
Ukuphathisa abanye umsebenzi kubanika ithuba lokuzuza amakhono nolwazi oludingekayo, kubuye kwenze lowo ophathisa abanye ukuba akwazi ukubona amakhono alabo abaphathisile. Ngakho, lapho abadala becela abanye ukuba benze imisebenzi edingekayo ebandleni, kungabanika ithuba lokuvivinya abazalwane abangaba izinceku ezikhonzayo ukuthi ‘bayafaneleka yini.’—1 Thim. 3:10.
Okokugcina, ngokuphathisa abanye, abadala babonisa ukuthi bayabethemba. UPawulu waqeqesha uThimothewu ukuba abe isithunywa sevangeli ngokusebenza naye. Kwagcina kwakheke ubuhlobo obuqinile phakathi kwala madoda amabili. UPawulu wabiza uThimothewu ngokuthi “umntwana woqobo okholweni.” (1 Thim. 1:2) Ngokufanayo, kwakheka ubuhlobo obuqinile phakathi kukaJehova noJesu njengoba babesebenza ndawonye ekudaleni zonke ezinye izinto. Ngokuphathisa abanye umsebenzi, abadala bangahlakulela ubuhlobo obuhle nabo.
Okwenza Abanye Babe Madolonzima
Nakuba abanye abadala bezazi izinzuzo zokuphathisa abanye, bakuthola kunzima ukukwenza ngoba mhlawumbe benomuzwa wokuthi bazophelelwa igunya. Bangase bacabange ukuthi kumelwe bazibambele mathupha ngaso sonke isikhathi. Kodwa, khumbula ukuthi ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, uJesu wanika abafundi bakhe isabelo esikhulu, nakuba ayazi ukuthi babeyofeza imisebenzi emikhulu kuneyakhe!—Math. 28:19, 20; Joh. 14:12.
Kungenzeka ukuthi abanye abadala ngaphambili baphathisa abanye imisebenzi ethile, kodwa kwangaba nemiphumela emihle. Bangase babe nomuzwa wokuthi bangawenza kangcono futhi ngokushesha umsebenzi. Nokho, cabanga ngesibonelo sikaPawulu. Wayezazi izinzuzo zokuphathisa abanye, kodwa wayeqaphela ukuthi labo ayebaqeqesha babengeke benze ngendlela ayilindele ngaso sonke isikhathi. Ohambweni lwakhe lokuqala lwezithunywa zevangeli, uPawulu waqeqesha uMarku osemncane ayehamba naye. Wadumala kakhulu lapho uMarku eshiya isabelo sakhe futhi ebuyela ekhaya. (IzE. 13:13; 15:37, 38) Noma kunjalo, lokhu akazange kumenze ayeke ukuqeqesha abanye. Njengoba sekushiwo, wamema uThimothewu osemusha ukuba ahambe naye. Lapho uThimothewu esekulungele ukuthwala imithwalo yemfanelo emikhudlwana, wamshiya e-Efesu, emnike igunya lokumisa ababonisi nezinceku ezikhonzayo ebandleni.—1 Thim. 1:3; 3:1-10, 12, 13; 5:22.
Ngokufanayo, abadala bosuku lwanamuhla akufanele bayeke ukuqeqesha abazalwane ngoba nje omunye engenzi kahle. Kubonisa ukuhlakanipha futhi kubalulekile ukufunda ukwethemba abanye nokubaqeqesha. Nokho, yiziphi izinto abadala okufanele bazikhumbule lapho bephathisa abanye?
Indlela Yokuphathisa Abanye
Lapho uphathisa abanye imithwalo yemfanelo, cabangela izimfanelo zalabo bazalwane ofisa ukubasebenzisa. Lapho kuphakama isidingo eJerusalema sokunakekela ukwabiwa kokudla, abaphostoli bakhetha “amadoda ayisikhombisa afakazelwa kahle . . . agcwele umoya nokuhlakanipha.” (IzE. 6:3) Uma ucela umuntu ongenakwethenjelwa ukuba enze umsebenzi othile, angase ahluleke. Ngakho, qala ngokumnika umsebenzi omncane. Lapho ezibonisa ethembekile, angase anikezwe othe xaxa.
Nokho, kuhileleke okwengeziwe. Ubuntu namakhono abantu akufani. Ulwazi nalo luyehluka kuye ngomuntu. Umzalwane onobungane angase enze kahle njengomlindi, kuyilapho umzalwane ohlelekile angase abe usizo olukhulu kunobhala webandla. Udade onekhono lokuhlobisa angase acelwe ukuba ahlobise ihholo ngeSikhumbuzo.
Lapho niphathisa abanye imithwalo yemfanelo, bachazeleni kahle okulindeleke kubo. Ngaphambi kokuba uJohane uMbhapathizi athumele izithunywa kuJesu, wazichazela ayefuna ukukwazi nalokho ezazizokusho lapho zifika kuJesu. (Luka 7:18-20) Ngakolunye uhlangothi, lapho uJesu eyala abafundi bakhe ukuba babuthe izinsalela zokudla ayekulungiselele ngokuyisimangaliso, wayishiyela kubo imininingwane ngalokhu. (Joh. 6:12, 13) Okuningi kuxhomeke emsebenzini okufanele wenziwe nezimfanelo zomsizi. Ophathisa umsebenzi nalowo ophathiswayo kufanele bazi ukuthi kulindelekeni nendlela okufanele bayibike ngayo inqubekela phambili. Bobabili kufanele bazi ukuthi kungakanani okushiyelwa kumuntu owenza umsebenzi ukuba azinqumele. Uma lowo msebenzi kudingeka uqedwe ngosuku oluthile, kungase kukhuthaze kakhulu uma kuxoxwa futhi kuvunyelwana ngalo kunokuba lumane nje lunqunywe.
Lowo onikezwa umsebenzi kufanele anikezwe imali, amathuluzi nosizo aludingayo. Kungase kube usizo ukutshela abanye ngakho. Lapho uJesu enika uPetru “izihluthulelo zombuso wamazulu,” wakwenza phambi kwabanye abafundi. (Math. 16:13-19) Ngokufanayo, kwezinye izimo kungase kube kuhle ukwazisa ibandla ukuthi ubani owabelwe umsebenzi othile.
Nasi isixwayiso: Uma uzama ukulawula umsebenzi ngemva kokuba usuwuphathise othile, uyobe umtshela ukuthi “Empeleni angikwethembi.” Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi umphumela ungase ungabi yilokho kanye obukulindele. Nokho, uma umzalwane onikezwe umthwalo wemfanelo enikezwa inkululeko ethile, uyozuza ukuzethemba, nolwazi lwakhe luyokhula. Nokho, lokhu akusho ukuthi kumelwe ungabi nandaba nendlela awusingatha ngayo lo msebenzi. Nakuba anika iNdodana yakhe indima ethile ekudaleni, uJehova wazibandakanya nalowo msebenzi. Wathi eSisebenzini Esiyingcweti: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” (Gen. 1:26) Ngakho, ngamazwi nangezenzo, wusekele umsebenzi owenziwayo, futhi umncome lowo muntu ngemizamo yakhe. Ukuxoxa kafushane ngomsebenzi awenzile kungamsiza. Uma engawenzanga kahle, unganqikazi ukumnikeza iseluleko noma ukumsiza. Khumbula ukuthi, ngokuyinhloko, umthwalo wemfanelo wokuqinisekisa ukuthi lowo msebenzi uyafezwa usemahlombe akho.—Luka 12:48.
Baningi abaye bazuza lapho amadoda amadala anesithakazelo sangempela kubo ebaphathisa imisebenzi ethile ebandleni. Ngempela, bonke abadala kudingeka balingise uJehova, bazi izizathu nezindlela zokuphathisa abanye.
[Ibhokisi ekhasini 29]
UKUPHATHISA ABANYE
• kuyindlela yokuhlanganyela nabanye injabulo yokufeza okuthile
• kuyindlela yokufeza okwengeziwe
• kubonisa ukuhlakanipha nesizotha
• kuyindlela yokuqeqesha abanye
• kuyindlela yokubonisa ukuthi uyabethemba abanye
[Ibhokisi ekhasini 30]
IZINDLELA ZOKUPHATHISA ABANYE
• Khetha abantu abawufanelekelayo umsebenzi
• Chaza ngokucacile/xoxani
• Cacisa lokho okulindelekile
• Banikeze izinto abazozidinga
• Yiba nesithakazelo emsebenzini abawuphathisiwe, futhi uzwakalise ukubethemba
• Zimisele ukuthwala umthwalo wokuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyenziwa
[Izithombe ekhasini 31]
Ukuphathisa abanye kuhlanganisa ukwabela abanye umsebenzi nokulandelela inqubekela phambili