Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/15 kk. 12-13
  • Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    I-Phaphama!—2010
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 10/15 kk. 12-13
Abazali bavulela indodana yabo endala ebuyela ekhaya

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya

INSELELE

Babizwa ngesizukulwane somahamb’ abuye​—intsha esikhulile eshiye ikhaya yazama ukuzimela kodwa yabhekana nobunzima kwase kudingeka ibuyele ekhaya. Ingabe kwake kwenzeka lokho kuwe?

Ngisho noma ubathanda abazali bakho, ukubuyela ekhaya kungaba nzima. Ngokwesibonelo, intokazi okuthiwa uSaraha ithi: “Ukuhlala ngedwa kwangenza ngazethemba ngokwengeziwe ngoba kwakumelwe ngizimele. Kodwa ukubuyela ekhaya kwangenza ngaphinde ngazizwa njengomntwana.” Insizwa egama layo linguRichard yazizwa ngendlela efanayo. Ithi, “Ngangingafuni ukubuyela ekhaya, kodwa ngangingasakwazi ukuzisekela. Ngazizwa njengesehluleki.”

Uma usesimweni esifanayo, lesi sihloko singakusiza uphinde ukwazi ukuzimela.

IZIMBANGELA

Izinkinga zemali. Intsha eningi ibhekana namaqiniso abuhlungu lapho ihlangabezana nezindleko zokuphila eziphakeme. URichard okukhulunywe ngaye ekuqaleni uyachaza, “Yaphela yonke imali engangiyibekele eceleni ngizama ukuzisekela.” Kwakuyisimo esifanayo nangoShaina, intokazi eyahamba ekhaya ineminyaka engu-24 kodwa yabuya ngemva konyaka nengxenye. Uyavuma, “Ngangingayisebenzisa kangcono imali yami. Ngahamba ekhaya ngingenamali ngabuyela senginezikweletu.”b

Izinkinga zomsebenzi. Ukuphela komsebenzi kungaphazamisa ngisho nezinhlelo ezicatshangelwe kahle zokuzimela​—okuyinto uShaina abhekana nayo. Uyalandisa, “Ngaphothula emkhakheni wezokwelapha ngabhalisa enkampanini eyangisiza ngathola umsebenzi. Kodwa lapho ngilahlekelwa umsebenzi, angibange ngisazi ukuthi ngenzeni. Ngangihlala emaphandleni engekho amanye amathuba omsebenzi emkhakheni engangiwufundele!”

Ukulindela Okungenakwenzeka. Enye intsha esikhulile ingenela ezomsebenzi ingakakulungeli lokho okuhilelekile ukuze iziphilise. Ngokuvamile umsebenzi wayo uba nzima kunalokho ebikulindele. Kuyayidumaza ukuthola ukuthi ukuzimela ebikulangazelela akusakhangi njengoba ibilindele. Ngokuqinisekile isuke ingazilindele izingqinamba eziza nokukhula.

ONGAKWENZA

Khuluma nabazali bakho ngokubuyela ekhaya. Xoxani ngezinto ezinjengalezi: Uzodinga ukuhlala isikhathi esingakanani ekhaya? Njengoba uzobe usekhaya uzosiza kanjani ekukhokheleni izindleko zasendlini? Imiphi imisebenzi yasendlini ongayinakekela? Iziphi izinyathelo ozozithatha ukuze uphinde usimame ngokwezimali? Kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, khumbula ukuthi usuhlala nabazali futhi kumelwe ulandele imithetho abayibekile.​—Isimiso seBhayibheli: Eksodusi 20:12.

Funda ukuphatha kahle imali yakho. Incwadi ethi The Complete Guide to Personal Finance: For Teenagers and College Students ithi: “Indlela osebenzisa ngayo imali yakho yiyo ebonisa ukuthi uyophumelela yini noma cha ekuphatheni imali. . . . Kubalulekile ukusebenzisa isimiso esiyisisekelo sokungasebenzisi imali ezintweni ongazidingi.”​—Isimiso seBhayibheli: Luka 14:28.

Thola iseluleko. Abazali bakho nabanye abantu abakhulile bangakusiza uthole izindlela ezisebenzayo zokulondoloza imali ebhange, ukuhlela indlela oyisebenzisa ngayo nokukhokha izikweletu. Intokazi ebizwa ngokuthi uMarie ithi, “Kwadingeka konke ngikuqale phansi. Ngasizwa umngane wami ukuba ngenze uhlu lwezindleko ezibalulekile nezingabalulekile. Angikholwanga​—izindleko zami eziningi zazingadingeki nhlobo! Ngafunda nokuhlakulela imfanelo ebalulekile ukuze ngikwazi ukuzimela​—ukuzithiba.”​—Isimiso seBhayibheli: IzAga 13:10.

Okubaluleke ngaphezu kokuthi yini oyenzayo ukuba nekhono kulokho okwenzayo

Thatha izinyathelo zokuthola umsebenzi. Funa umsebenzi ngesikhathi obuzobe usebenza ngaso. Isixwayiso: Abanye bangase bakutshele ukuthi “kumelwe ulandele amaphupho akho” uma kuziwa endabeni yomsebenzi. Kodwa ukufuna ‘umsebenzi owufisayo’ kungawanciphisa amathuba okuthola umsebenzi futhi kukwenze ungawaboni amathuba aphambi kwakho! Kunokuchitha isikhathi ugxile ohlotsheni oluthile lomsebenzi, hlale uphaphamele amanye amathuba. Khumbula, okubaluleke ngaphezu kokuthi yini oyenzayo ukuba nekhono kulokho okwenzayo. Empeleni, kuye kwaphawuleka ukuthi lapho izisebenzi ziba nekhono nolwazi olwengeziwe, ziwujabulela nakakhulu umsebenzi wazo. Awudingi ukwenza umsebenzi owuthandayo ukuze uthande umsebenzi owenzayo!

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Abafundi basekolishi e-United States, bavame ukubhekana nenkinga efanayo. Ngokombiko we-Wall Street Journal, umfundi ofunda ngemali yokwebolekwa, uphothula esenesikweletu samaRandi angu-400 000 ngokwesilinganiso.

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Hlonipha uyihlo nonyoko.”​—Eksodusi 20:12.

  • “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?”​—Luka 14:28.

  • “Kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.”​—IzAga 13:10.

KUBAZALI

Sisebenziseni ngokunenzuzo isikhathi abantwana abasekhaya ngaso, nibaqeqeshe babe namakhono abazowadinga ukuze bazimele. La makhono ahlanganisa ukuphatha kahle imali (okuhlanganisa ukusebenzisa imali ngokucophelela nokulinganisela ezikweletini), umsebenzi wasendlini (ukupheka, ukuwasha, uku-ayina izimpahla nokwenza imisebenzi eyisisekelo yokunakekela imoto), nokusebenzelana nabanye (ikhono lokuphilisana kahle nabanye abantu).

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 305 no-306 encwadi ethi “Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo,” Umqulu 1, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala nasengosini ethi www.jw.org/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela