Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/15 kk. 10-11
  • Ukuvakashela E-Uzbekistan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela E-Uzbekistan
  • I-Phaphama!—2015
I-Phaphama!—2015
g 10/15 kk. 10-11
Izindonga zase-Itchan Kala eKhiva, e-Uzbekistan

Izindonga zase-Itchan Kala eKhiva

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Uzbekistan

Ibalazwe lase-Uzbekistan

ITRANSOXANIA. IZwe Eliphakathi KweMifula. ITartary. ITurkistan. Maningi amagama aye asetshenziselwa ukubiza indawo manje ehlanganisa ne-Uzbekistan, “iZwe Lama-Uzbek.” Kusukela ekhulwini le-15, amadolobha ase-Uzbekistan ayewusizo kubahwebi ababehamba eMzileni Kasilika, inxanxathela yemigwaqo eyake yaxhumanisa iChina neMedithera. Ukotini yiwona osutholakala kakhulu ezimbonini zendwangu zase-Uzbekistan. Kubuye kudayiswe nokhaphethi abahle abenziwe ngokotini, ngovolo, noma ngosilika.

Isiko lama-Uzbek liye lathonywa abantu abaningi emlandweni. Abanqobi abadumile namabutho abo anamandla badabula izintaba nezingwadule zase-Uzbekistan. Bahlanganisa u-Alexander Omkhulu, owahlangana nesithandwa sakhe uRoxane kule ndawo; uGenghis Khan, waseMongolia; noTimur (ophinde aziwe ngelika-Tamerlane), owomdabu wakule ndawo owabusa omunye wemibuso emikhulu kunayo yonke emlandweni.

Amadoda amabili angama-Uzbek avunulile

Imvunulo

Izakhiwo eziyisikhumbuzo ezinhle, neziyimibalabala ezinophahla oluyindilinga olunanyekwe ngama-tiles aluhlaza okwesibhakabhaka, zihlobisa amadolobha esimanje ase-Uzbekistan. Eziningi zalezi zakhiwo zisetshenziswa njengezikole.

UMzila Kasilika. Wawusuvele usetshenziswa ngaphambi kwenkathi yethu evamile futhi usebenza kahle, kwaze kwaba yilapho kuvulwa umzila wasoLwandle oya eNdiya ekupheleni kwekhulu le-15 C.E. Le nxanxathela yemizila eyayisetshenziselwa ezentengiselwano, ingxenye yayo enqamula endaweni manje ebizwa nge-Uzbekistan, yaba nendima enkulu kwezentengiselwano.

Abesifazane ababili abangama-Uzbek benza okhaphethi bakasilika

Kwenziwa okhaphethi ngosilika

ULwandle I-Aral. Ngenxa yokuphambukiswa kwamanzi ngenjongo yokunisela, uLwandle i-Aral​—olwake lwaba ichibi elingelesine ngobukhulu emhlabeni​—seluyoma. I-Uzbekistan izama ukuyilungisa le nkinga, ibambisene namanye amazwe ase-Asia Ephakathi.

Ukushintshwa kwezinhlamvu zokubhala e-Uzbekistan. Ziningi izilimi ezazikhulunywa kule ndawo, futhi ngemva kokunqoba kwamaSulumane ngekhulu lesi-8, kwakhulunywa isi-Arabhu. Ngemva kokuba leli zwe libe ingxenye yeSoviet Union, kwaqale kwasetshenziswa izinhlamvu zokubhala zesiLatini, kwabe sekusetshenziswa ezesiCyrillic esikhundleni sazo ekupheleni kwawo-1930. Ngo-1993, kwaba nomthetho omusha owethula izinhlamvu zesi-Uzbek, ezisekelwe endleleni yokubhala yesiLatini.

Izithelo ezomisiwe emakethe yase-Uzbekistan

Izithelo ezomisiwe emakethe

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: Izigidi ezingu-30

  • Inhloko-dolobha: ITashkent

  • Isimo sezulu: Lomisile ezindaweni eziningi, imvula ayini kakhulu futhi kunomswakama omncane

  • Izwe: Kunamathafa ngasentshonalanga, nezintaba ngasempumalanga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela