Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2026)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • Namuhla

ULwesihlanu, Ephreli 17

Maningadukiswa muntu nganoma iyiphi indlela.—2 Thes. 2:3

Singafundani emazwini umphostoli uPawulu awabhalela abaseThesalonika? Lapho sizwa into engahambisani nalokho esikufunde eBhayibhelini noma sizwa indaba eshaqisayo, kudingeka sisebenzise ukuqonda. Ezweni elalikade liyiSoviet Union, izitha zethu zake zasakaza incwadi okwakuthiwa ivela endlunkulu yomhlaba wonke. Le ncwadi yayikhuthaza abanye abazalwane ukuba bazenzele enye inhlangano ezimele. Le ncwadi yayibonakala sengathi eyangempela. Kodwa abafowethu abathembekile abazange bakhohliseke. Babona ukuthi umyalezo osencwadini wawungahambisani nalokho ababekufundisiwe. Namuhla, ngezinye izikhathi izitha zeqiniso zisebenzisa ezobuchwepheshe ukuze zizame ukusidida nokusihlukanisa. Kunokuba ‘sinyakaziswe kalula ekuqondeni kwethu,’ singazivikela ngokucabanga ngokuthi lokho esikuzwayo noma esikufundayo kuyavumelana yini namaqiniso esesiwafundile kakade.—2 Thes. 2:2; 1 Joh 4:1. w24.07 12 ¶14-15

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

UMgqibelo, Ephreli 18

Uma umuntu enza isono, sinomsizi.—1 Joh. 2:1.

Isinqumo esibaluleke kunazo zonke umuntu angasenza isinqumo sokuzinikezela kuJehova nokuba yilungu lomndeni wezikhonzi zaKhe. UJehova ufisa ukuba wonke umuntu enze kanjalo. Kungani? Ufuna wonke umuntu abe umngani wakhe futhi aphile phakade. (Dut. 30:​19, 20; Gal. 6:​7, 8) Nokho uJehova akaphoqi muntu ukuba amkhonze. Uvumela umuntu ngamunye ukuba azinqumele ukuthi uzokwenzani. Yini okufanele yenziwe uma umKristu obhapathiziwe ephula umthetho kaNkulunkulu, enza isono esikhulu? Uma engaphenduki, kumele asuswe ebandleni. (1 Kor. 5:13) Noma kunjalo, uJehova ufisa ngempela ukuba leso soni sibuyele kuye. Empeleni, isizathu esibalulekile esamenza walungiselela isihlengo ukuba akwazi ukuthethelela izoni eziphendukayo. UNkulunkulu wethu onothando unxusa labo abenze izono ezinkulu ukuba baphenduke.—Zak. 1:3; Roma 2:4; Jak. 4:8. w24.08 14 ¶1-2

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ISonto, Ephreli 19

Uma inhliziyo yakho ithola ukuhlakanipha, nenhliziyo yami iyojabula.—IzAga 23:15.

Ngesikhathi umphostoli uJohane ebhala incwadi yakhe yesithathu, abanye babesakaza izimfundiso zamanga ezazibangela ukwahlukana. Noma kunjalo, abanye baqhubeka “behamba eqinisweni.” Balalela uJehova futhi baqhubeka ‘behamba ngokwemiyalo yakhe.’ (2 Joh. 4, 6) La maKristu athembekile awajabulisanga uJohane kuphela kodwa ajabulisa noJehova. (IzAga 27:11) Sifundani thina? Sifunda ukuthi ukwethembeka kuletha injabulo. (1 Joh. 5:3) Ngokwesibonelo, kuyasithokozisa ukwazi ukuthi sijabulisa uJehova. Uyajabula lapho esibona senqaba izilingo ezisezweni bese samukela iqiniso. Izingelosi nazo ziyajabula ezulwini. (Luka 15:10) Nathi siyajabula lapho sibona abanye behlala bethembekile. (2 Thes. 1:4) Lapho izwe likaSathane selibhujisiwe, siyojabula ngokuthi sahlala siqotho kuJehova. w24.11 12 ¶17-18

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela