Anton Petrus/Moment via Getty Images
HLALANI NILINDILE!
Impi Yomhlaba Wonke Ingagwemeka?—Lithini IBhayibheli?
Eminyakeni engu-30 edlule, abantu babenomuzwa wokuthi amazwe ahlukahlukene anokuthula futhi abambisene. Kodwa okwenzeka muva nje, kubonisa ukuthi lokho akulona iqiniso.
“Abantu bakhathazekile ngokuthi impi yaseGaza izothinta namanye amazwe aseduze njengoba abakwa-Israyeli neqembu i-Hezbollah sebeqale ukulwa emngceleni waseLebanon.”—I-Reuters, Januwari 6, 2024.
“Amaqembu alawulwa i-Iran ahlasela esezindaweni ezahlukahlukene, futhi i-Iran isiphinde yaqala ukwenza izikhali zenuzi. Manje iRussia neChina sebenze umfelandawonye. Konke lokhu kubangela usongo emazweni asentshonalanga.”—I-The New York Times, Januwari 7, 2024.
“IRussia iyaqhubeka ihlasela i-Ukraine okubangela umonakalo omkhulu.”—I-UN News, Januwari 11, 2024.
“Umnotho waseChina uyasimama kanti nebutho lakhona lezempi liba namandla, iTaiwan izigqaja nakakhulu ngobuzwe bayo, kushubile phakathi kweChina neMelika, konke lokhu kungabangela izinxushunxushu noma nini.”—I-The Japan Times, Januwari 9, 2024.
Kukhona yini okushiwo yiBhayibheli ngeziyaluyalu ezigcwele izwe lonke esizibona namuhla? Ingabe zizoholela ekutheni kube nempi yezwe yomhlaba?
IBhayibheli lazibikezela izinto ezenzeka namuhla
Ayikho impi eqondile eyabikezelwa yiBhayibheli kulezi ezenzeka namuhla. Kodwa labikezela ngezimpi ezaziyoba khona ‘ezisusa ukuthula emhlabeni’ nezibonisa inkathi esiphila kuyo.—IsAmbulo 6:4.
Incwadi kaDaniyeli yabikezela ukuthi “esikhathini sokuphela,” imibuso yezwe encintisanayo ‘yayizongqubuzana’ noma yayizolwela ukubusa phezu kweminye. Lokho kulwisana kwakuyohlanganisa ukubonisa ukuthi izwe ngalinye linamandla kwezempi futhi ‘linomcebo’ noma imali eningi.—Daniyeli 11:40, 42, 43.
Impi ezayo
IBhayibheli libonisa ukuthi izimo zezwe zizoya ziba zimbi nakakhulu. UJesu wabikezela ukuthi “kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe.” (Mathewu 24:21) Lolo “sizi olukhulu” luyoholela empini ebizwa ngokuthi i-Armagedoni, echazwe ngokuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.’—IsAmbulo 16:14, 16.
Nokho i-Armagedoni iyosindisa abantu, ngeke ibabhubhise. Esebenzisa leyo mpi, uNkulunkulu uyoqeda imibuso yabantu, eyimbangela yezimpi ezibulala abantu. Ukuze uthole ukuthi i-Armagedoni ingakuletha kanjani ukuthula okuhlala njalo, funda izihloko ezilandelayo: