Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 102
  • Ukudlondlobala Komzwangedwa—Lithini IBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudlondlobala Komzwangedwa—Lithini IBhayibheli
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okushiwo iBhayibheli
  • Nqoba Isizungu Ngokuba Nabangani—Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo
    Izihloko Ezengeziwe
  • Sidla Lubi Isizungu—Yini Engakusiza?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Kungani Abantu Abaningi Kangaka Benesizungu?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 102
Upopayi wephepha ume wodwa, uqhelile kwabanye abame ndawonye.

Francesco Carta fotografo/Moment via Getty Images

Ukudlondlobala Komzwangedwa—⁠Lithini IBhayibheli

Ngokombiko wamuva womhlaba wonke,a cishe umuntu oyedwa kwabangu-4 unomzwangedwa.

  • “Noma ubani engazithola esengunkom’ idla yodwa, kungakhathaliseki ukuthi ungakanani nokuthi uhlala kuphi.”​—UChido Mpemba, usihlalo weWorld Health Organization’s Commission on Social Connection.

Okungethusa abantu abaningi ukuthi umzwangedwa awuhlaseli nje kuphela abantu abadala noma abantu abaphila bodwa, kodwa uhlasela ngisho nabantu abasha, abaphile saka, abaphumelelayo, nabashadile. Ukuba unkom’ idla yodwa nokuba nomzwangedwa kungadala umonakalo omkhulu empilweni yomuntu.

  • UDkt. Vivek Murthy, ongudokotela ohlinzayo e-U.S. uthi, “Abanye bacabanga ukuthi umzwangedwa uwumuzwa nje ongemuhle, kodwa akunjalo.” Uyaqhubeka: “Umonakalo ongadalwa umzangedwa ulingana nomonakalo ongadalwa ukubhema ogwayi abangu-15 ngosuku.”

Okushiwo iBhayibheli

UMdali wethu akafuni sibulawe umzwangedwa. Selokhu kwathi nhlo, uNkulunkulu ubelokhu efuna ukuthi abantu bajabule, babe nabangani ababajabulisayo.

  • Okushiwo iBhayibheli: “UNkulunkulu wathi: ‘Akukuhle ukuba umuntu abe yedwa.’”—Genesise 2:18.

UNkulunkulu ufuna sibe nobungani naye. Uthembisa ukuthi uzosondela kithi uma senza imizamo yokusondela kuye.​—Jakobe 4:8.

  • Okushiwo iBhayibheli: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu, ngoba uMbuso wamazulu ungowabo.”—Mathewu 5:3.

UNkulunkulu ufuna simkhonze ndawonye nabanye abantu. Uma senza lokho, sizojabula.

  • Okushiwo iBhayibheli: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye, . . . kodwa sikhuthazane.”—Hebheru 10:24, 25.

Ukuze ufunde kabanzi ngokuthi kungani kubalulekile ukulwa nomzwangedwa, funda isihloko esithi “Ukuba Nesizungu Ezweni Eligcwele Ezokuxhumana.”

Siyakumema

OFakazi BakaJehova baba nemihlangano kabili ngeviki, ukuze baqinise ubungani noMdali wabo nabantu abaphila nabo emphakathini. Sicela nawe usijoyine.

  • Thola umhlangano oseduze nawe.

  • Cela isifundo seBhayibheli.

a The Global State of Social Connections, by Meta and Gallup, 2023.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela