Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 104
  • Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Mkhethe kahle umuntu ozomethemba
  • Umholi ongamethemba
  • Ubani Ongamethemba?—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Osopolitiki Abakhohlakele—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ungabethemba Abafowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 104
Usopolitiki ukhuluma nesixuku sabantu njengoba ekhankasa.

Mary_Ukraine/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?

Kulo nyaka ka-2024, kuzoba nokhetho lohulumeni abahlukahlukene emhlabeni wonke ngezinga elingakaze lenzeke ngaphambilini. Noma kunjalo, abantu abaningi abasabethembi abezepolitiki.

  • Iningi labantu baseMelika ababuzwa lathi “abezepolitiki abaningi bazicabangela bona,” hhayi ngoba befuna ukusiza abantu ababamelelayo.a—I-Pew Research Center, Septhemba 19, 2023.

Ngokufanayo, nentsha ayisabethembi abezepolitiki.

  • “Intsha yanamuhla ithanda ukuthola izixazululo ezinkingeni zayo kodwa lapho ibuzwa ithi osopolitiki abazitholi izixazululo zayo.”—I-The New York Times, Januwari 29, 2024.

  • “Ngokwenhlolo-vo ethile, kutholakale ukuthi intsha ithemba abantu abanabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana futhi abafaka amavidiyo kunosopolitiki.”—I-The Korea Times, Januwari 22, 2024.

Singabethemba yini abezepolitiki ukuthi bangenza ikusasa libe ngcono?

Mkhethe kahle umuntu ozomethemba

Kuhle ngabantu ukuba baqaphe ukuthi ubani abamethembayo. IBhayibheli lithi “oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

  • Ukuze uthole amacebiso azokusiza uhlole ukuthi ukwaziswa okuthile kuyiqiniso noma kungamanga, funda isihloko esithi “Zivikele Emangeni.”

Ngaphezu kwalokho, ngisho noma osopolitiki benezinhloso ezinhle futhi bethembekile, kunezinto abangeke bakwazi ukuzenza. Yingakho iBhayibheli lisixwayisa:

  • “Ningabethembi abaholi abangabantu; akekho umuntu ongakusindisa.”—IHubo 146:3, Good News Translation.

Umholi ongamethemba

IBhayibheli lithi uNkulunkulu ukhethe umholi ofanelekayo nothembeke ngokuphelele: uJesu Kristu. (Luka 1:32, 33) UJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, obusa usezulwini.—Mathewu 6:10.

  • Thola ukuthi kungani singamethemba uJesu nokuthi uzozixazulula kanjani izinkinga esibhekana nazo. Funda isihloko esithi “Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?” nesithi “Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?”

a I-Pew Research Center, “Americans’ Dismal Views of the Nation’s Politics,” Septhemba 2023.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela