Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 14
  • Lokho Abazali Okufanele Bakwazi Ngezinkulisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Abazali Okufanele Bakwazi Ngezinkulisa
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo okufanele uyibuze
  • Ongakwenza
  • Inkulisa Ukukhethela Ingane Yakho Engcono Kakhulu!
    I-Phaphama!—1987
  • Impikiswano Ngenkulisa
    I-Phaphama!—1987
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 14
Abantwana badlala ngamathoyizi enkulisa.

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Lokho Abazali Okufanele Bakwazi Ngezinkulisa

Abanye abazali abasebenzayo banquma ukuyisa izingane zabo ezingakangeni esikoleni enkulisa—isikhungo esisebenza ngendlela efanayo nekilasi. Ingabe lokho kungafaneleka enganeni yakho?

  • Imibuzo okufanele uyibuze

  • Ongakwenza

Imibuzo okufanele uyibuze

Ingabe inkulisa izophazamisa ukusondelana phakathi komzali nengane? Kungenzeka. Phakathi neminyaka yokuqala, ubuchopho bengane bukhula ngendlela esheshayo, ethinta indlela ebheka ngayo abanye. Zama ukuba nengane yakho kaningi ngangokunokwenzeka phakathi naleso sikhathi sokukhula.—Duteronomi 6:6, 7.

  • Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi yini abazoyenza ukuze bahlale besondelene nengane yabo.

Ingabe inkulisa iyolinciphisa ithonya lakho? Kungenzeka. Incwadi ethi Hold on to your Kids ithi: “Lapho ojahidada bechitha isikhathi esiningi nabanye, yilapho bethonywa khona kakhulu ontanga yabo.”

  • Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi bazokwazi yini ukuhlala benethonya elikhulu ekuphileni kwengane yabo.

Ingabe inkulisa izonika ingane yakho amathuba angcono emfundo lapho isiqala isikole? Abanye bathi yebo. Abanye bathi inkulisa inomthelela omncane noma ayinawo nhlobo ekukhuleni kwengqondo yengane. Kunoma yikuphi, isazi sezengqondo yezingane uPenelop Leach siyabhala: “Zama ukungalokothi ukholelwe ukuthi ‘imfundo’ iyisihluthulelo sokuphila okungcono nokuthi uma ingane yakho ithola imfundo eningi, futhi iyithola sizuka nje, kuzoba ngcono kakhulu. Uma ucabanga kanjalo, ungase uyibukele phansi ‘imfundo’ obulokhu uyinikeza ingane yakho kusukela izalwa.”

  • Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi ingabe kuyazuzisa yini nokuthi kuyadingeka ngempela yini.

Ingabe kungenzeka ukuba omunye wenu, kungaba nguwe noma oshade naye, ahlale ekhona ekhaya? Ezimweni eziningi, bobabili abazali basebenza ukuze nje balondoloze izinga eliphezulu lokuphila. Ingabe izinzuzo zalokho zizifanele izindleko zakho?

  • Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bahlole ukuthi ngeke bakwazi yini ukunciphisa izindleko ukuze umzali oyedwa ahlale ekhaya.

Isinqumo sokuyisa ingane enkulisa kufanele senziwe ngemva kokuba sekubhekisiswe ngokucophelela izinzuzo nokulahlekelwa okungaba umphumela. Kuthiwani uma ngemva kokwenza kanjalo, nibona sengathi ukuyisa ingane enkulisa kuyisinqumo esihle somndeni wenu?

Ongakwenza

IBhayibheli lithi “okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Unalesi simiso engqondweni, cabangisisa ngokucophelela ngaphambi kokukhetha noma yiluphi uhlobo lwenkulisa.

Funda ngongakhetha kukho.

  • Abanye abazali bakhetha inkulisa esakhaya—indawo esakhaya enomnakekeli oyedwa noma abaningana kanye neqembu elincane lezingane.

  • Abanye abazali baba nesihlobo, umnakekeli abahlala naye, noma umzanyana ukuze agade ingane yabo.

Zonke lezi zindlela zinokuthile okuhle nokungekuhle. Kungani ungakhulumi nabanye abazali abaye basebenzisa uhlobo oluthile lwenkulisa? IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso.”—IzAga 13:10.

Kuthiwani uma ukhetha ukuyisa ingane enkulisa? Esimweni esinjalo . . .

Thola ulwazi ngaleso sikhungo

  • Ingabe sinayo ilayisensi yokusebenza noma siqondiswa ngendlela efunwa umthetho? Sizakhele liphi igama, obani abasikhulumela kahle, linjani idumela laso?

  • Ingabe leso sikhungo sihlanzekile futhi siphephile?

  • Yiziphi izinto ezenziwayo kuso?a

Thola ulwazi ngabanakekeli

  • Bathole luphi uhlobo lokuqeqeshwa? Lokhu kungahlanganisa ukuqeqeshelwa imfundo yezingane ezisencane, usizo lokuqala ne-CPR.

  • Ungakwazi yini ukuhlola ukuthi labo abazobe benakekela ingane yakho abanawo yini amarekhodi noma umlando wobugebengu?

  • Ingabe izisebenzi zishintsha njalo? Ukushintsha njalo kungasho ukuthi ingane yakho kuzofanele ijwayelane nabanakekeli abasha njalo.

  • Umnakekeli ngamunye unakekela izingane ezingaki kulesi sikhungo? Uma inani lezingane lilikhulu ngokweqile kunenani elifanele labanakekeli lokho kuyosho ukuthi ingane yakho ingase inganakwa ngezinga elifanele. Yiqiniso, ukuthi ingane yakho idinga ukunakwa okungakanani kungaya nangeminyaka yayo kanye nezinto ekwazi ukuzenzela zona.

  • Ingabe abanakekeli bazimisele ukukhulumisana nawe ngezinto ezikukhathazayo—noma ezikhathaza bona?

a Ngokwesibonelo, ingabe izingane bazilibazisa nge-TV, noma ingabe lesi sikhungo sineminye imisebenzi esiza ingane ikhule kahle ngokwengqondo nangokomzimba?

Ukubukeza: Okufanele Ukwazi Ngezinkulisa

  • Funda ngongakhetha kuko. Abanye abazali bakhetha ukuzigcina ekhaya izingane zabo kunokuba baziyise enkulisa. Abanye bakhetha ukuba isihlobo sibabhekele ingane yabo. Ukukhetha ngakunye kunokuhle nokubi kukho, okufanele abazali bakuhlaziye ngokucophelela.

Uma unquma ukuyisa ingane yakho enkulisa . . .

  • Thola ulwazi ngaleso sikhungo. Ingabe sihlanzekile? Ingabe siphephile? Ingabe siyahambisana nemithetho ebekiwe? Yimiphi imisebenzi eyenziwayo kuleso sikhungo?

  • Thola ulwazi ngabanakekeli. Banaziphi iziqu zemfundo? Ingabe bakhulumisana kahle nabazali? Ingabe inani lezingane umnakekeli okufanele azibheke lincane ngokwanele?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela