Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 13
  • Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Amacebiso okubhalansisa umsebenzi wakho nokuphila
  • Okungaxoxwa ngakho
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?
    I-Phaphama!—2021
  • “Umshado Mawuhlonishwe”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Indlela Yokugcina Ezobuchwepheshe Zisendaweni Yazo
    Usizo Lomndeni
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 13
Indoda nomkayo baphuza ikhofi ndawonye ekhaya ekhishini. Umsebenzi kanye namafoni bakubeke eceleni ukuze kungaphazamisi isikhathi sabo.

USIZO LOMNDENI | UMSHADO

Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”

Kule nkathi yezobuchwepheshe, umqashi wakho, osebenza nabo, noma amakhasimende bangase balindele ukuba utholakale ubusuku nemini, okungenza kube nzima ukwazi ukuthi yini okufanele ize kuqala phakathi komsebenzi nokuphila kwakho okuvamile, okuhlanganisa nomshado wakho, nokungakuvumeli ukuba kushayisane.

  • Okufanele ukwazi

  • Amacebiso okubhalansisa umsebenzi wakho nokuphila

  • Okushiwo abashadile

  • Okungaxoxwa ngakho

Okufanele ukwazi

  • Ezobuchwepheshe zingase zenze ungabonakali umehluko phakathi komsebenzi wakho nomshado wakho. Ngenxa yalokho, ucingo ngalunye oluthola ngemva kwamahora okusebenza noma umyalezo owutholayo kungafana nomlilo odinga ukucinywa ngokushesha.

    “Ukuphila okulula kokubuya emsebenzini uchithe isikhathi nomndeni wakho kubonakala kungenakwenzeka manje, njengoba ama-imeyili asemsebenzini nezingcingo kulokhu kungena futhi umshado ubekelwa eceleni.”—UJeanette.

  • Ukuze umsebenzi wakho ungaphazamisi ukuphila kwakho kwasekhaya, kufanele uthathe isinyathelo. Uma ungenzi uhlelo, maningi amathuba okuba umsebenzi wakho uphazamise umshado wakho.

    “Umuntu oshade naye ngokuvamile uba umuntu wokuqala ongamnaki ngoba ucabanga ukuthi, ‘Hhayi, uzoqonda. Uzongixolela. Ngizobuye ngisithole isikhathi sakhe.’”—UHolly.

Amacebiso okubhalansisa umsebenzi wakho nokuphila

  • Umshado wakho mawuze kuqala. IBhayibheli lithi: “Lokho uNkulunkulu akuhlanganise ndawonye, makungabikho muntu okuhlukanisayo.” (Mathewu 19:6, New American Bible, Revised New Testament) Uma ungeke uvumele muntu ukuba “akuhlukanise” nomuntu oshade naye, kungani ungavumela umsebenzi wakho ukuba wenze lokho?

    “Amanye amakhasimende acabanga ukuthi ngenxa yokuthi ayakukhokhela, kufanele akwazi ukuxhumana nawe noma nini lapho ekudinga. Ngenxa yokuthi ngiyaqaphela ukuthi umshado wami ubaluleke kakhulu, ngiyawatshela ukuthi angitholakali ngezinsuku engingekho ngazo emsebenzini, kodwa ngizowathinta ngokushesha.”—UMark.

    Zibuze, ‘Ingabe izenzo zami zibonisa ukuthi ngibheka umshado wami njengobaluleke ngaphezu komsebenzi wami?’

  • Wenqabe umsebenzi uma kudingeka. IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Ukuba nesizotha kungakwenza ubone ukuthi kungaba ukuhlakanipha ukwenqaba umsebenzi noma ukuwunika abanye.

    “Ngisebenza ngamapayipi, ngakho uma othile edinga usizo lwami oluphuthumayo, uyacindezeleka. Uma ngingakwazi ukufika kuye ngesikhathi asifunayo, ngimdlulisela komunye umuntu.”—UChristopher.

    Zibuze: ‘Ingabe ngizimisele ukuwenqaba umsebenzi owengeziwe uma ukuwamukela kungenza umuntu engishade naye azizwe enganakiwe? Angathini yena?’

  • Yibani nesikhathi ndawonye. IBhayibheli lithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.” (UmShumayeli 3:1) Uma unomsebenzi omningi, leso yisikhathi sokuba wenze noma ubeke isikhathi somshado wakho.

    “Ngokuvamile lapho konke kwenzeka ngesikhathi esisodwa, sivumelana ngesikhathi—ngisho noma kungaba ukudla isidlo ndawonye noma ukuhamba ogwini lolwandle—lapho singaba ndawonye singaphazanyiswa.”—UDeborah.

    Zibuze: ‘Ingabe ngiyasibeka isikhathi esimisiwe sokuba nomuntu engishade naye ngaphandle kweziphazamiso? Angaphendula kanjani yena?’

  • Cima. IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.” (Filipi 1:10) Ingabe ungakwazi ngezikhathi ezithile ukucima imishini yakho yezobuchwepheshe ukuze ungaphazanyiswa ingcindezi yomsebenzi?

    “Ngenza umzamo wangempela wokuyeka ukusebenza ngesikhathi engisibekile. Ngaleso sikhathi ngiyazicima izikhangiso zemiyalezo efonini yami.”—UJeremy.

    Zibuze: ‘Ingabe ngizizwa nginesibopho sokuba ngihlale ngiyivulile ifoni ukuze nje umphathi wami noma amakhasimende ami bangithole lapho bengidinga? Angaphendula kanjani engishade naye?’

  • Zilindele izimo ezingaphezu kwezivamile. IBhayibheli lithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Uma sikhuluma iqiniso, umsebenzi ungase uwuphazamise umshado wakho ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, mhlawumbe uhlobo lomsebenzi womuntu oshade naye ufuna ukuba atholakale ngamahora angemva kwesikhathi somsebenzi. Ungeqisi kulokho okulindele kuye.

    “Umyeni wami unebhizinisi elincane, futhi ngokuvamile kuba nezimo eziphuthumayo okufanele azisingathe ngemva kwamahora omsebenzi. Ngezinye izikhathi, kuyangicasula lokho, kodwa ngenxa yesikhathi esisichitha ndawonye, akubi yinkinga.”—UBeverly.

    Zibuze: ‘Ingabe ngiyawucabangela umsebenzi umuntu engishade naye okufanele awenze, ngingafuni ngenkani okungaphezu kokusemandleni akhe? Angathini yena?’

Isibani esikhanyayo.

Icebiso: Khumbula ukuthi indaba yokulinganisela phakathi komsebenzi nokuphila iyindaba eqhubekayo edinga ukulokhu ihlolwa njalo. Sebenzisa Okungaxoxwa ngakho okukulesi sihloko ukuze ubone ukuthi yikuphi lapho wena nomuntu oshade naye okudingeka nithuthukise khona kule ndaba.

Okushiwo abashadile

UJoseph noHannah.

“Sithanda ukusebenzisa izimpawu ezithi ‘ungaphazamisi’ emishinini yethu yezobuchwepheshe ukuze sivimbe imiyalezo ephazamisayo lapho sidla isidlo sakusihlwa ndawonye. Isikhathi esibekelwe umndeni kufanele sigadwe ngokucophelela.”—UJoseph, nomkakhe uHannah.

UKara noDaniel.

“Ukugcina ukuphila kwethu kulula kusisize kakhulu. Lapho ukuphila kwakho kulula, kuba lula ukugcina izinto zisendaweni yazo, ngoba usuke ungenazo izinto eziningi ezifuna isikhathi sakho.”—UKara, nomyeni wakhe uDaniel.

Okungaxoxwa ngakho

Okokuqala, ngamunye wenu akacabange ngale mibuzo elandelayo eyedwa. Ngemva kwalokho, xoxani ngezimpendulo zomuntu ngamunye.

  • Ingabe umuntu oshade naye wake wakhononda ngokuthi uthatha umsebenzi wakho uze nawo ekhaya? Uma kunjalo, ingabe uyavuma?

  • Yikuphi ngokukhethekile lapho ucabanga ukuthi ungathuthukisa khona endabeni yokulinganisela emsebenzini nokuphila?

  • Ingabe wake wacabanga ukuthi umuntu oshade naye ubonakala engakwazi ukushiya umsebenzi “emsebenzini”? Uma kunjalo, yiziphi izikhathi ozikhumbulayo?

  • Yiziphi izinguquko, uma zikhona, ongathanda ukuzibona kumuntu oshade naye uma kuziwa ekulinganiseleni emsebenzini nokuphila?

Ukubukeza: Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”

  • Beka umshado wakho endaweni yokuqala. Ungawuvumeli umsebenzi wakho ugxambukele emshadweni wenu.

  • Yenqaba uma kudingeka. Kwezinye izimo, kungase kube ukuhlakanipha ukwabela abanye umsebenzi noma ngisho ukuwenqaba.

  • Yibani nesikhathi ndawonye. Musa ukungawunaki umshado wakho ikakhulukazi lapho unomsebenzi omningi.

  • Cima. Ngezikhathi ezithile, cimani imishini yenu yezobuchwepheshe ukuze ningalokhu niphazanyiswa izimfuno zomsebenzi.

  • Zilindele izimo ezingaphezu kwezivamile. Ukulinganisela phakathi komsebenzi nezimo zokuphila kudinga ukulokhu kubukezwa futhi kulungiswa njalo. Ungeqisi kulokho okulindele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela