Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
I-Uganda
Abantu base-Uganda abomele iqiniso baye basabela othandweni lukaNkulunkulu futhi bakhuthazelela isikhathi esinobudlova obukhulu emlandweni waleli zwe. Yizwa ukuthi bakwazi kanjani ukuqhuba imihlangano esigangeni, ngisho nalapho bevinjelwe. Funda ukuthi kusho ukuthini ukuthi Obwakabaka bwa Katonda nokuthi kukuhlanganisa kanjani wena nalaba bafowethu nodadewethu abathembekile.
I-Albania
Kwasinda kanjani ukukhulekela kweqiniso lapho zonke izinkolo zivalwa? Ingabe abafowethu babezokwazi ukuma baqine naphezu kokuhlukunyezwa isikhathi eside? Isiphi iseluleko umgcini wobuqotho owayesezofa asanikeza izinsizwa ezaziboshiwe? Thola izimpendulo kulo mlando oqinisa ukholo wokwethembeka nobuqotho.
IBelize
Izinceku zikaJehova ezithobekile nezikhuthele ziye zahlahla indlela ekufundiseni iqiniso kuleli zwe elinengxubevange yamasiko. Funda ukuthi kwenzekani “eNkundleni Yempi,” ubone ukuthi oFakazi BakaJehova benzenjani ngesikhathi kuneSiphepho esibi kakhulu uHattie. Funda ngohambo lwasolwandle lokuyoshumayela endaweni enhle, iBelize Barrier Reef.