Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke
E-AFRIKA
INANI LAMAZWE 57
INANI LABANTU 878 000 158
INANI LABAMEMEZELI 1 171 674
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 2 382 709
EBenin
UClaude nomkakhe uMarie-Claire sebeneminyaka engu-27 beyizithunywa zevangeli ezishisekayo. Ngo-February, uMarie-Claire washelela waphuka unyawo. Ngemva kwamasonto amabili, uClaude wawa waphuka unyawo ngesikhathi esebenza ekhaya lezithunywa zevangeli. Bobabili bafaka ukhonkolo, uMarie-Claire wawufaka kwesokudla, uClaude wawufaka kwesobunxele. UClaude wancokola, “Mina nomkami asive sizwana, senza izinto ezifanayo!”
UClaude wayekwazi ukuhambahamba, kodwa uMarie-Claire wavaleleka endlini isikhathi eside. Nakuba ahlela ukuziqhubela ekhaya lezithunywa zevangeli izifundo zeBhayibheli ezine kwezingu-12, wayengakwazi ukwenza ezinye izici zenkonzo. Ngakho wanquma ukubeka itafula elinezincwadi phambi kwendlu abese ekhuluma nabadlulayo. Ngo-March wachitha amahora angu-83 eshumayela ngale ndlela. Ingabe uJehova walibusisa leli su lakhe? Ngaleyo nyanga wahambisa izincwadi ezingu-14, izincwajana ezingu-452, omagazini abangu-290 namapheshana angaphezu kuka-500.
ETopiya
U-Arega, ohlala emaphandleni akude, wanquma ukuhlobisa izindonga zomuzi wakhe ngamaphepha. Nakuba abanye abantu bangakubo behlobisa ngamaphephandaba, yena wayefuna amaphepha anemibala emihle. Wabona umlisa mumbe ehambisa incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! emakethe futhi wayamukela, wafika ekhaya wakhipha amakhasi ayo wawanamathisela odongeni. Ngemva kweminyaka emibili, wabona kula maphepha amazwi athi: “UJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu.” Lokhu kwakuhlukile kuZiqu-zintathu ongaqondakali ayemfundisiwe. Kwavuka ilukuluku, wayesehamba amahora angu-9 waya edolobheni eliseduze eyocinga laba bantu abathi uNkulunkulu uneNdodana. Lapho efika okokuqala akabatholanga, wabuyela ekhaya edumele. Waphinde wazama, futhi kulokhu manje abantu bamyalela emzini womzalwane owayemnikeze leya ncwajana. Ukuzimisela kuka-Arega kwavivinywa ngokwengeziwe ngoba kwadingeka alinde isikhathi eside ngaphambi kokuba umzalwane afike ekhaya. Ingxoxo yabo yaholela esifundweni seBhayibheli. Ezinyangeni ezalandela, u-Arega waya ephindelela edolobheni eyofunda ngoNkulunkulu. Lapho exoxela abanye ayekufundile, waphikiswa kakhulu futhi abantu abaningi bamxwaya. Kodwa akazange ayeke futhi nabanye baba nesithakazelo. Lapho sebengu-13 abantu abathakazelayo, kwathunyelwa amaphayona akhethekile amabili kule ndawo. Ngokushesha ayeseqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-40, futhi abantu abacishe babe ngu-40 babeza emihlanganweni. Sekunabamemezeli abashisekayo abangu-8 kule ndawo. Izithombe ezisodongeni emzini walo mfowethu osanda kuhlanganyela sezingaphezu nje komhlobiso.
EGhana
Ngenxa yokuthi omakhalekhukhwini sebexhaphakile e-Afrika, kuthiwa nokungebani sekunawo. Ukuze izinkampani eziningi zihehe abantu, zibanikeza amahora okushaya ucingo mahhala ngezikhathi ezithile ebusuku. Udade ogama lakhe nguGrace wasebenzisa leli lungiselelo. Wakuthola kunzima ukufundela uMonica ngoba uMonica wayehlale ematasa. UGrace wenza konke ayengakwenza ukuze aqhubeke emfundela waze wahlela nokuba afike kwaMonica ngo-5:00 ekuseni. Kodwa izimo zikaMonica zashintsha, waphinde wangaba nesikhathi. UGrace wabe esecabanga ukusebenzisa ilungiselelo lokushaya ucingo mahhala ebusuku. UMonica wavuma base behlela ukufunda ngocingo ngo-4:00 ekuseni. Badumala lapho bethola ukuthi baningi abalusebenzisayo ngalesi sikhathi kangangokuba kwaba nzima ukuba baxhumane. Ngakho bahlela ukuthi bavuke ekuseni kakhudlwana ukuze baqale ukufunda ngo-3:00, nakuba lokhu kwakuyinselele kulab’ omama ababili abasebenzayo. UGrace uthi: “Ngathandaza kuJehova ngimcela ukuba angiphe amandla nesifiso sokuqhubeka ngilandelela isithakazelo sakhe. Ngacupha ucingo lwami ukuba lungivuse futhi ngazimisela ukuvuka uma lukhala. Nakuba ngangivuka ngikhathele ngiyingcuba, angikuvumelanga lokho ukuba kungidikibalise.” Yeka indlela ajabula ngayo ngokuthi wawenza umzamo njengoba ayekhona lapho uMonica ebhapathizwa ngo-2008 eMhlanganweni Wesigodi othi “Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu”! Muva nje, uGrace usebenzise indlela efanayo, njengoba efundela owesifazane oseqale ukuba khona emihlanganweni.
EMozambique
Ngo-August 2008, kwawa ijazi emotweni eyayidlula lawela eduze neqhugwane elakhiwe ngodaka likadade ongumfelokazi ozihluphekelayo. Lo dade walicosha futhi wathola amaphepha emaphaketheni, izikhwanyana ezintathu zobucwebe nemali ecishe ibe ngu-R8 000. Wacela ukuba othile ashayele izinombolo ezazibhalwe emaphepheni abike le mpahla elahlekile. Kusihlwa, kwafika amadoda amane ngemoto. Ephambi kwezinduna zendawo, udadewethu wanikeza umnikazi ijazi lakhe linakho konke okwakuphakathi. Le ndoda yakhala yathi ukube belingatholwanga uFakazi KaJehova ibingeke izithole izinto zayo. Udadewethu othembekile, nakuba ehlupheka, wanikeza ubufakazi emphakathini wakubo obadumisa igama likaNkulunkulu wakhe, uJehova.
AMAZWEKAZI ASEMELIKA
INANI LAMAZWE 55
INANI LABANTU 910 761 124
INANI LABAMEMEZELI 3 575 123
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 3 778 321
EBarbados
Abazali abaningi bakuthola kuwusizo ukufundisa abantababo ukuba babambe ngekhanda amavesi eBhayibheli. Omunye umkhaya eGrenada wajabula lapho uzwa indlela umfana wabo oneminyaka eyisithupha asebenzisa ngayo ivesi leBhayibheli ukuze asekele iqiniso lokuthi uJehova ungophezukonke. Uyise uyabhala: “Ntambama ngelinye ilanga lapho umkami uLaura eyolanda indodana yethu uStefan esikoleni, uthisha wakhe wambizela eceleni wathi: ‘Kumelwe ngikwazise indlela engihlaba umxhwele ngayo ingane yakho. Nakuba ngingazamukeli izinkolelo zenu, kumelwe ngivume ukuthi ngiyayithanda indlela achaza ngayo izinkolelo zakhe.’
“Lapho befika ekhaya, umkami wabuza uStefan ukuthi yini le eyenzeke esikoleni eyenze uthisha wamncoma. Wayesesho ukuthi ekuseni uthisha uthe ‘uJesu unguNkulunkulu.’
“UStefan waphakamisa, lapho uthisha emkhomba, wathi: ‘Cha, Thisha. UJesu akayena uNkulunkulu. IBhayibheli lithi uyiNdodana kaJehova, ngakho ngeke abe uJehova.’
“Uthisha wathi: ‘Mina ngikholelwa ukuthi uJesu unguJehova.’
“UStefan wayesethi: ‘Kodwa iBhayibheli lithi uJehova nguye yedwa oPhezukonke, hhayi uJesu. NguJehova kuphela ongoPhezukonke.’ Wayecaphuna iHubo 83:18, umBhalo esasimsize ukuba awubambe ngekhanda futhi awuqonde. Nakuba uthisha engumuntu ongangeneki, wehlulwa ingane eneminyaka eyisithupha eyayihlome ngolwazi olunembile lwemiBhalo.”
E-Ecuador
Abafowethu abaningana babuyela ngebhasi emakhaya ngemva kokushumayela ensimini yasemaphandleni yabakhuluma isiQuichua. Njengoba ibhasi lalinomshini wokudlala ama-video, bathola imvume yokubukisa abagibeli abaningi ababekhuluma isiQuichua i-video kaNowa noDavide yolimi lwabo. Abeve bamangala ngokuthi kunokuthile okubukelwayo ngolimi lwabo! Ngendlela ababelalele ngayo, kwakuthi uma kugibela othile ebhasini, bamcele ukuba ahlale phansi ngokushesha ukuze angabasithi. Lapho i-video iphela, baningi abayicela. Abanye abagibeli babenemibuzo ngeBhayibheli befuna nezincwadi; abanye babhalisa amagama namakheli abo ukuze bavakashelwe edolobheni futhi bonke bamenyelwa eSikhumbuzweni esasizoqhutshwa ngesiQuichua. Akungabazeki ukuthi lokhu kwaba nesandla enanini elihle kakhulu lababekhona eSikhumbuzweni kuleyo ndawo.
EMexico
Lapho eshumayela endlini ngendlu, uGabino, umzalwane oyiphayona, wangqongqoza kwenye indlu. Akuvulanga muntu. Waphinde wangqongqoza, waphinde wangqongqoza okwesithathu. Wama kancane, wabuye wangqongqoza okwesine. Umnyango wavuleka, kwaphuma indoda edabukile ikhala. Yamngenisa, kodwa yayingakwazi ukukhuluma ngoba yayiphatheke kabi kakhulu. UGabino wayiduduza ngezindaba ezinhle, yaba ngcono. “Uyasibona lesiya sihlalo?” kubuza le ndoda. “Ngesikhathi ungqongqoza okwesithathu, bengimi kuso. Uyayibona leya ntambo elenga laphaya? Ngesikhathi ungqongqoza okwesine, besengiyifake entanyeni. Ngibe sengiyikhipha ngayovula. Ngiyabonga ngokuphikelela kwakho ngoba ukube awuzange, ngabe ngizikhungile.” Wachaza ukuthi wayecindezelwe izinkinga ayenazo nomkakhe. UGabino wahlela ukuba ifundelwe. Ngokuvamile, leli phayona lingqongqoza kanye noma kabili. Kodwa kulokhu ukuphikelela kwalo, mhlawumbe liqondiswa izingelosi, kwaba nemiphumela emihle.
EChile
Ngesikhathi somkhankaso wokumemela abathakazelayo eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, ingane encane yaya kuFakazi yambuza, “Uneminyaka emingaki?” Emangazwe yilo mbuzo, udade waphendula, “Wena uneminyaka emingaki?” Le ntombazanyana yathi ineminyaka eyisithupha futhi yathi unina uyinikeze incwadi wathi iyinike omunye woFakazi BakaJehova. Wayeyitshele nokuba iyinike uFakazi ongeyona ingane kodwa futhi ongagugile. Ngakho udade wayitshela ukuthi uneminyaka engu-25. Yabe isimnika incwadi. Yayithi: “Uma nifika kwami, angibi naso isibindi sokunivulela. Nginesifo sokucindezeleka okukhulu futhi ngiye ngacela usizo kuNkulunkulu. Ngizamile ukunilalela nokufunda iBhayibheli, kodwa ngikuthola kunzima kakhulu. Ngingathanda ukufunda iBhayibheli nomuntu ongangisiza ngibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zomshado ochithekile. Uma ningangisiza, ngicela nize namuhla ntambama ngoba manje ekuseni ngilele. Ngiyabonga.”
Ntambama ngalelo langa, lo dade wavakashela lo mama, wammemela eSikhumbuzweni nasenkulumweni ekhethekile, waduduzeka ngempela. Kusukela lapho, uye waqhubeka ezuza ngokuba khona njalo emihlanganweni futhi uthuthuka kahle esifundweni sakhe seBhayibheli esiqhutshwa ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Kuthiwani ngomntanakhe oneminyaka eyisithupha? Yena nodadewabo oneminyaka engu-12 bayafundelwa.
EPuerto Rico
Udade othile uyabhala: “Ngangihambisa umagazini emgwaqweni lapho ngibona intokazi impompa amasondo emoto yayo. Ngaya kuyo kodwa ngingakakhulumi, yacela INqabayokulinda ne-Phaphama! yathi iyathanda ukubafunda. Nakuba ngacela ukuyifundela, yathi ngeke kulunge ngoba ihlala esitezi sesibili sendlu kanina kanti unina akawuthandi umsebenzi wethu. Lapho ngicela ikheli layo, yanginika igama lomgwaqo lodwa. Ngaya kofuna lapho ihlala khona kodwa dó. Kwathi ngelinye ilanga ngaphindela ngabuza omakhelwane ukuthi bayamazi yini uNancy, ongunina wezingane ezimbili ezincane. Ngajabula lapho ngithola ukuthi uhlalaphi. Noma kunjalo, ngangingamtholi ngakho ngangimshiyela omagazini ngimbhalele nezincwajana. Lapho ngimthola ekugcineni, wakhala wathi ufuna ukuya eHholo LoMbuso. Waya, wajabulela umoya ofudumele wothando lwabafowethu nodade. Wathi wayengakwazanga ukuphendula imiyalezo yami ngoba kwakuthi engakabuyi, unina azidabule izincwajana engangimbhalela zona kanye nomagazini. Saqala ukufundela emzini kadadewabo futhi ngokushesha uNancy waya njalo emihlanganweni. Manje awukho umhlangano omphuthelayo. Usebhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi kuyajabulisa ukubezwa, yena namadodakazi akhe, bephendula emihlanganweni.”
E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI
INANI LAMAZWE 47
INANI LABANTU 4 073 556 172
INANI LABAMEMEZELI 635 896
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 579 554
ENingizimu Korea
Indoda ehlala eduze neHholo LoMbuso yathola iphepha elinomyalezo emotweni yayo eyayipakwe phambi komuzi wayo. Wawuthi: “Ngiklwebhe imoto yakho ngephutha lapho ngipaka. Ngicela ungishayele ucingo, ngizokulungisela yona.” Njengoba yayiyibona indlela abaziphatha ngayo oFakazi abahlanganyela ehholo eliseduze kwakwayo, yacabanga, ‘Kumelwe ukuba lo muntu othembeke kangaka unguFakazi KaJehova.’
Umyalezo wawubhalwe udade ogama lakhe uSu-yeon, futhi lapho ethola ucingo oluvela kule ndoda, waxolisa waphinde wathi uzoyikhanda imoto yayo. Cabanga indlela amangala ngayo lapho le ndoda imbuza, “Awusho, ingabe unguFakazi KaJehova?” Indoda yathi angakhathazeki izozilungisela imoto! Yathi ingathanda ukumbona ngoba kunezinto efuna ukuzazi ngoFakazi. USu-yeon waya kuyo ehamba noyise nomunye umzalwane. Yathi, “Ngiyabazi oFakazi ngoba ngihlala eduze kweHholo LoMbuso. Ningabantu abakahle. Angazi ukuthi abantu banizondani.” Ubaba kaSu-yeon waphendula imibuzo yayo eminingi esebenzisa iBhayibheli nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Manje useyiqhubela isifundo seBhayibheli njalo futhi iyathuthuka ngokomoya.
Amazwe umsebenzi obekelwe imingcele noma ovinjelwe kuwo
Esinye isikhulu sezempi sathinteka lapho sibona umphumela omuhle iqiniso elibe nawo kumkaso, owayengudadewethu ongokomoya. Ngenxa yalokho savuma ukufundelwa iBhayibheli. Umphathi waso wezwa wayesesibiza ukuze bakhulume. Wathi uma nje singayeki ukuhlangana noFakazi BakaJehova, siyothunyelwa lé kwamamangalahlwa. Lesi sikhulu saphendula ngesibindi sathi umkaso wayesenesikhathi eside efunda iBhayibheli futhi sasingabonanga lutho oluyingozi. Ngakho sasingeke siyeke ukutadisha iBhayibheli. Ngemva kwesikhathi, isikhulu sashiya kwezempi. Sikhuluma nje singuFakazi obhapathiziwe, siyiphayona elivamile nenceku ekhonzayo. Okuthakazelisayo ukuthi kwamkamphathi waso useyafundelwa. Umphathi akakwazanga ukumvimba umkakhe, naye oseyiphayona elivamile.
Kwelinye izwe udade waqala isifundo seBhayibheli nentokazi emyeni wayo wayeyiphikisa kakhulu. Njengoba babengakwazi ukufundela emzini wayo, bahlela ukuba bafundele epaki elincane. Njengoba befunda, ikhehla elalizingcebelekele epaki lalilokhu libazungeza, libabuka, lilalele nengxoxo yabo. Langa limbe laya kubo labuza imibuzo ethile ngeBhayibheli. Lenza okufanayo nasesifundweni esilandelayo. Le ntokazi eyayifundelwa yacikeka yathi, “Nginehora elilodwa kuphela lokufunda iBhayibheli, wena uyafika usidle sonke isikhathi sami ngokubuza imibuzo eminingi.” Ngemva kwalokho, udade wahlela ukuba le ndoda ifundelwe omunye umzalwane, yathuthuka ngokushesha yabe isiqala nokuhlanganyela. Njalo ngeSonto omama ababili abangomakhelwane bayo babeyibona ihamba igqoke kahle iphethe nesikhwama. Babefuna ukwazi ukuthi iyaphi, bathola ukuthi “isinenkolo entsha.” Bayilandela befuna ukubona ukuthi iyaphi baze bayofika eHholo LoMbuso. Odade baxoxa nabo bababuza ukuthi bangathanda yini ukufundelwa iBhayibheli. Oyedwa wavuma. Bobathathu—leya ntokazi eyayifundelwa epaki, indoda eyatholakala epaki nomama owayilandela—bathuthuka kahle kakhulu ngokomoya futhi basanda kubhapathizwa.
ECambodia
ULouy, oyiphayona eCambodia, uhamba ngebhayisikili njalo aye endaweni enemizi eyakhiwe ngoqalo yasekelwa ngezingodo. Kunezifundo zeBhayibheli aziqhuba khona. Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kweSikhumbuzo, ngesikhathi esachazela omunye walabo abafundelayo injongo yeSikhumbuzo, izingane zamngunga zambuza imibuzo. Zafika ngobuningi. ULouy wahambisa izimemo zeSikhumbuzo ezingu-57. Ngakusasa waphindela kuleyo ndawo ngebhayisikili eyoqhuba esinye isifundo, futhi lo mfundi wathi izihlobo nabangane bakhe bangathanda ukuba khona eSikhumbuzweni. Ngakho uLouy wamshiyela ezinye izimemo ezingu-20 ukuze abanikeze. Into eyayimkhathaza ukuthi uzobasiza kanjani bonke laba bantu ukuba bafike eSikhumbuzweni. Wathandaza, wabe esekhuluma noyise womunye ayemfundela, oyinduna kuleyo ndawo. Wathi uma engafuna i-tuk-tuk (inqola encane ethatha abantu abane, edonswa isithuthuthu) eyodwa ezobathatha, bonke bangahamba ngoba babezokuma noma bagonane. ULouy wakujabulela ukubona abangu-18 ababa khona bevela kule ndawo.
ENdiya
Umfowethu oziphilisa ngokudonsa urisho wabamba ithuba lokushumayeza umgibeli oyintatheli. Isibindi sakhe sayihlaba umxhwele intatheli ngoba abanye oFakazi kuleyo ndawo babeshaywe abaphikisi ngenkathi beshumayela. Yanquma ukuyikhipha ephepheni ingxoxo yabo. Yabhala: “Ngamchukuluza: ‘Awuzizwanga yini izindaba namuhla? Awuzwanga indlela abantu besonto lenu abashaywe ngayo nendlela amasonto enu ahlaselwe ngayo ezindaweni ezihlukahlukene?’ Wathi, ‘Yebo ngifundile ngakho ephepheni lanamuhla.’ ‘Manje nizokwenzenjani uma [abaphikisi] beqhubeka benihlupha?’ Wanikina ikhanda, wathi: ‘Akunandaba. Sizoqhubeka sikukholelwa [okuyiqiniso].’”
Lapho ikhuluma ngepheshana elayinikezwa yilo Fakazi, yabhala: “Ngathi uma ngifika ekhaya ngalikhipha esikhwameni. Lalinesithombe esihle ngokubabazekayo esinendawo eluhlaza, ichibi, izihlahla ezinezimbali, abantu abavuna okusanhlamvu nezithelo, nezintaba ezilele iqhwa. Lalithi, ‘Ukuphila ezweni elisha elinokuthula.’ Lalikhuluma ngenkolo. Ngokuvamile, akekho umuntu owayengenqaba ukunikezwa ipheshana, kungakhathaliseki ukuthi likhangisa ngezinto zokugqoka noma likhuluma ngendlela yokuphila. Kodwa uma ungake nje ukhulume ngezwe lokuthula usuzibangele izitha.”
EPhilippines
Kwenye indawo yasesifundazweni saseZamboanga kunentaba ephakeme kakhulu kangangokuba isiqongo sayo sibonakala usaqhele kuyo ngamakhilomitha angu-200. Abafowethu abahlala eduze kwale ntaba babevame ukuntela lapho besenkonzweni yasensimini bathi, “Kazi singenzenjani uma kungaba nomuntu othakazelayo ohlala esiqongweni sale ntaba?” Ngelinye ilanga beshumayela ezansi nale ntaba, kweza indoda eyathi ifuna oFakazi BakaJehova. Yathi ifuna bayisize itadishe iBhayibheli. Abafowethu bayibuza ukuthi ihlala kuphi. Yathi ingakhomba isiqongo, bakhexa. Le ndoda yachaza ukuthi umuzi wayo awukho esiqongweni kodwa ungalé kwaso nokuthi okuwukuphela kwendlela yokufika khona ukudlula esiqongweni. Abafowethu bavuma ukuya. Baqala isifundo seBhayibheli futhi manje le ndoda iba khona masonto onke esifundweni eHholo LoMbuso nakuba likude kakhulu nalapho ihlala khona. Le ndoda isiphakathi kwabantu bazo zonke izizwe abagobhozela ‘entabeni yendlu kaJehova.’—Isaya 2:2.
EYUROPHU
INANI LAMAZWE 47
INANI LABANTU 736 988 468
INANI LABAMEMEZELI 1 563 910
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 819 067
EFinland
Abazalwane ababili babecela izifundo zeBhayibheli zasekhaya endlini ngendlu ngepheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Komunye umuzi kwavula indoda, kwathi besathi bethula isigijimi, yathi abangene. Yathi, “Nginemibuzo eminingi. Beningezi ngani sonke lesi sikhathi?”
“Ibandla lethu likhona kule ndawo,” kuphendula abafowethu.
Le ndoda yathi: “Bengilokhu ngithandazela ukuba kufike oFakazi BakaJehova. Ngokuvamile ngalesi sikhathi ngisuke ngigijima, kodwa namhlanje angiyanga ndawo. Kanti nizofika!” Yayinomuzwa wokuthi imithandazo yayo iphenduliwe. Abantu esebenza nabo babevame ukukhuluma kabi ngoFakazi BakaJehova. Ngakho yaya emtatsheni wezincwadi ukuze ithole ukwaziswa, ibone ukuthi kuyiqiniso yini lokhu okushiwo ngabo. Yathola incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, yayifunda, yabona ukuthi kungamanga lokhu esimangalelwa ngakho. Yingakho yafuna ngobuqotho ukubonana noFakazi BakaJehova. Kwaqalwa isifundo, ngaso leso sikhathi yaqala ukuba khona emihlanganweni. Yafakaza kumkayo nasendodakazini yabo, nabo bafundelwa.
EBrithani
UKirsty, iphayona elivamile, wafunda isiFulentshi nesiLingala ukuze afakaze kubantu baseCongo abahlala ensimini yakubo. Ngelinye ilanga wabona owesifazane waseCongo owayesindwa imithwalo njengoba engena ebhasini. UKirsty wacela ukumsiza, wayesemphathisa izimpahla wangena naye ebhasini, ekhuluma naye ngesiLingala. Owesifazane wabuza, “Kungani ukhuluma isiLingala ungumlungu?” UKirsty wachaza ukuthi ukhonza ebandleni lesiLingala nokuthi oFakazi bendawo babemfundise sona ukuze akwazi ukukhuluma nabantu ngeBhayibheli. UKirsty wayefuna ukumfundela, ngakho wahlala ebhasini waze wehla lona wesifazane. Wamphathisa imithwalo yakhe, wakhuphuka naye baze bayofika esitezi sesithathu lapho ehlala khona. Endlini kwakukhona umyeni walona wesifazane nezingane zabo ezine, wabe esebatshengisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lo mama nezingane zakhe ezimbili manje bayafundelwa. Bobathathu bazama ukujabulisa uJehova.
EGeorgia
Izinsizwa ezimbili ezingamaphayona zanquma ukuthuthela endaweni enezintaba enoFakazi abambalwa. Zashumayela ezindaweni eziningana lapha futhi abantu basabela kahle kakhulu. Zahambisa izincwadi eziningi, zaqala nezifundo zeBhayibheli eziningi. Ngesikhathi zisaqala ukushumayela kule ndawo, zazinezinto ezimbalwa futhi zingazi nokuthi zizolalaphi. Kodwa zazizithola njalo izinto ezazizidinga. Abantu bendawo babezilalisa emizini yabo baziphe nokudla. Ngezinye izikhathi ngisho nabantu ababengafuni ukuzilalela babezimema, bazilalise emizini yabo, baziphe nokudla. Kamuva, lezi zinsizwa zamiswa njengamaphayona akhethekile kule ndawo. Ngenxa yokuthi zaziqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi, zazibekela inani lezifundo ezazingaziqhuba. Kusavamile ukuba abantu beze kuzo emgwaqweni bazicelele ukufundelwa, futhi naphezu kokuzibekela inani lezifundo ezingaziqhuba, ngamunye wazo, ngokwesilinganiso, useqhube izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-20 nyanga zonke.
EHungary
Udade othile njalo ulethelwa ipulasitiki enobisi igaxwe ocingweni lomuzi wakhe. Ngelinye ilanga lapho ebuyisela amabhodlela angasenalutho, wafaka ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? kule pulasitiki. Wamangala lapho ngakusasa ethi uyolanda ubisi ethola ukuthi owesifazane oletha ubisi ufake iphepha elinemibuzo mayelana nepheshana, wacela neBhayibheli. Lo dade wamvakashela ngokushesha epulazini ayehlala kulo, waqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lona wesifazane wayekade efuna izimpendulo zemibuzo yakhe emasontweni ahlukahlukene, kodwa akazitholanga. Empeleni, ukuya kwakhe kulawo masonto kwaphakamisa neminye imibuzo eminingi. Lapho enye yamadodakazi akhe ibonisa isithakazelo esikhulu, udade wayinika incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Unina wathi umntanakhe wayevame ukuvuka ebusuku ephupha kabi. Nokho, ngemva kokufunda izahluko ezithile kule ncwadi, le ngane ayisesabi kakhulu futhi isilala kamnandi ebusuku. Basaqhubeka befunda futhi lo mama uba khona njalo emihlanganweni namadodakazi akhe amabili ngeSonto.
E-Italy
UCristina noManel, abayizikhonzi zesikhathi esigcwele, babehambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? endaweni yasemaphandleni maphakathi ne-Italy. Kwelinye ipulazi bezwa umsindo ngemuva. Lapho umninikhaya ebabona, wamemeza: “Sheshani! Wozani nizongisiza!” Lapho lab’ oFakazi begijima beyosiza babona ukuthi uzama ukuvimba ingulube enkulu eyayithukuthele ukuba ingaphumi esibayeni. Isango laliphukile futhi wayekhathazwa ukuthi ingulube ingase ibalekele ehlathini eliseduze. Wayeyedwa ezama ukuvala isango. Wathi kuCristina ngokhahlo, “Libambe lingavuleki, ngisayofuna into ezolivala!” UCristina waphendula ngokushesha ethi uyayisaba ingulube. Lona wesifazane wabe esenika uManel ithanga nommese wathi kuye: “Ungakhathazeki. Yisikele kancane kancane izingcezu zethanga ukuze inganihluphi kakhulu, ngisayobheka omunye umshudo.”
Owesifazane wayesehamba, kwaphela isikhathi engabuyi. UCristina wayelokhu ecela uManel ukuba asheshise aphonsele ingulube ithanga kodwa laliqinile, uManel engakwazi ukulisika ngokushesha. Ekugcineni wabuya lona wesifazane walilungisa isango. Lapho amaphaphu esehlile wababaza: “Nilethwe uMninimandla onke!”
Baphendula, “Uqinisile mama!” bekhipha ipheshana bembonisa.
Ngokushesha lona wesifazane wathi: “Lento ibaluleke kakhulu, asikwazi ukuyixoxa simile. Kufanele sixoxe kahle sihlezi.” Walanda izihlalo, bahlala ngaphandle esigcakini, wababuza imibuzo eminingi futhi wabalalelisisa. Kamuva kwenziwa amalungiselelo okuba kuqalwe isifundo seBhayibheli. UCristina noManel bathi babonga ingulube eyafuna ukweqa ngesikhathi esikahle ngalokhu okuhlangenwe nakho.
E-OCEANIA
INANI LAMAZWE 30
INANI LABANTU 38 338 482
INANI LABAMEMEZELI 99 816
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 59 619
E-Australia
UFred, uFakazi ohlala edolobheni elithulile elingasogwini washiyela enye indoda ama-DVD ethu amathathu. Kamuva, uFred wathola incwadi evela kule ndoda, ithi: “Ukubukela ama-DVD enu kungenze ngazola. Ngikuzwile ukuthula, injabulo nokumomotheka kwabantu ebengibabukele. Sekuyiminyaka ngagcina ukuzizwa ngaleyo ndlela. Manje sengiqala ukukholelwa ukuthi ngingaphila kangcono esikhathini esizayo. Ngaphambili ngangibaphatha kabi oFakazi ababengena kwami. Ngixolisa kakhulu ngalokhu. Babengezi ngokubi kodwa babenobungane nesifiso sokusakaza izindaba ezinhle. Kwazi bani, ngelinye ilanga uyothi uyaqalaza, ungibone ngihleli emva kwakho eHholo LoMbuso.”
ENew Zealand
Odade ababili baya enhlanganweni ebhekela imikhaya, bahlela ukubonana nomqondisi. Lapho belungela ukuya khona bathatha izincwadi ezikhuluma ngomkhaya, ezinezihloko lo mqondisi ayezokujabulela ukuzifunda njengoba ayesebenzelana nemikhaya. Babephethe ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, i-Phaphama! ka-August 2007 enezihloko eziwuchungechunge ezithi “Izinyathelo Eziyisikhombisa Zokuba Abazali Abangcono” neka-October 2007 ethi “Gcina Abantwana Bakho Bevikelekile!”
Lapho befika, lab’ odade bamchazela ngomsebenzi wethu wokuzithandela, bamtshela nokuthi sinesifiso esijulile sokusiza imikhaya, ikakhulukazi ngokomoya. Bathatha isikhathi eside bembonisa izincwadi. Umqondisi walalela, wazithatha futhi wathi angathanda ukuba zonke izisebenzi ezingu-35 zizithole. Wabuye wathi izihloko ze-Phaphama! zizozuzisa yonke imikhaya engu-503 asebenzelana nayo. Lab’ odade bakwazi ukuthola amakhophi angu-557 e-Phaphama! Ngemva kwamasonto amabili, bashayelwa ucingo batshelwa ukuthi yonke imikhaya ibatholile omagazini.
EFiji
Insizwa okuthiwa uViliame yayingumpetha webhola lombhoxo futhi inesifiso sokudlalela izwe lakubo. Umfowabo, uLeone, naye wayefuna ukulidlala, kodwa ngemva kokuvuma ukufundelwa iphayona elikhethekile, wabona ukuthi ngeke akwazi ukukhonza amakhosi amabili. Waqala ukuhlanganyela, waliyeka ibhola lombhoxo. Unina, onguFakazi, wamthengela izingubo ayezozigqoka emihlanganweni kodwa uLeone noViliame baxabana, uViliame wadabula izingubo zikaLeone. ULeone waphatheka kabi kakhulu kodwa akazange aphindisele. Kamuva wahamba wayothengisa amakhabe emakethe, wathatha imali ayithola wathenga izingubo, iBhayibheli, amapeni nama-highlighter, ayezokusebenzisa emihlanganweni. Wathengela noViliame. UViliame wathinteka kakhulu ngomusa awuboniswa umfowabo uma ecabanga ngalokho yena ayemenze kona. Wagqoka izimpahla zakhe ezintsha waya esifundweni umfowabo engazi. Naye wavuma ukufundelwa futhi bobabili bathuthuka ngokomoya. Njengoba babelungiselela ukubhapathizwa, uViliame wathola isimemo sokuyodlala ibhola lombhoxo eYurophu esasizomenza acebe, isimemo ezinye izinsizwa ezisibheke ngabomvu ngenxa yokuthi iningi imali nodumo ezingaluthola ngokusamukela. Nokho, imigomo yakhe yayisishintshile futhi esikhundleni sokusamukela, wanquma ukuzinikezela kuJehova. UViliame noLeone baba amaphayona asizayo izinyanga eziyisithupha ngemva kokubhapathizwa. Ebona isibonelo esihle sezingane zakhe, uyise, uWaisea, naye wafundelwa. Wenza izinguquko ezinkulu futhi wabhapathizwa namadodakazi akhe amabili emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa.
[Izithombe ekhasini 45]
Ukuzimisela nobuchwepheshe besimanje basiza udade ukuba aqhube isifundo seBhayibheli
[Isithombe ekhasini 46]
Ukwethembeka kwakhe kwanikeza ubufakazi
[Isithombe ekhasini 48]
Ukukhulekela komkhaya kwahlomisa uStefan ukuba ashumayele esikoleni
[Isithombe ekhasini 49]
Ukuphikelela kwakhe kwasindisa ukuphila
[Isithombe ekhasini 50]
Wathola uFakazi owayengemncane futhi engagugile
[Isithombe ekhasini 55]
Wathola i-“tuk-tuk” eyodwa
[Isithombe ekhasini 58]
Ukufunda olunye ulimi kwaholela ekuqalweni kwesifundo seBhayibheli
[Isithombe ekhasini 60]
Ziningi izindlela zokushumayela ngokwethukela
[Isithombe ekhasini 63]
Balungiselela izincwadi ezikhuluma ngomkhaya
[Isithombe ekhasini 64]
Bayeka ithuba lokudlala ibhola lombhoxo elalizobenza bacebe, bakhonza uJehova