Ingabe Uyobambelela Ebuqothweni Bakho?
“Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—JOBE 27:5.
1, 2. Iyiphi imfanelo okudingeka siyihlakulele, futhi imiphi imibuzo esizoyidingida?
ZIBONE ngeso lengqondo ubuka ipulani yendlu. Ikuhlaba umxhwele indlela eklanywe ngokuhlakanipha ngayo. Kuyakujabulisa ukucabanga ngezindlela le ndlu eyokuzuzisa ngayo wena nomkhaya wakho. Kodwa awuvumi yini ukuthi leyo pulani nanoma yini ongase uyicabange ngayo ngeke isize ngalutho uma ungayakhi leyo ndlu, uhlale kuyo futhi uyinakekele?
2 Ngokufanayo, singase sibheke ubuqotho njengemfanelo ebalulekile engaba usizo olukhulu kithi nakulabo esibathandayo. Kodwa ukuyithanda le mfanelo yobuKristu ngeke kusisize kangako uma singayihlakuleli futhi silwele ukuhlale siyibonisa. Namuhla, ukwakha indlu kuvame ukumba eqolo. (Luka 14:28, 29) Ngokufanayo, ukuhlakulela ubuqotho kudinga isikhathi esiningi nokuzikhandla, kodwa kuwufanele umzamo. Ngakho, ake sidingide le mibuzo emithathu: Singaba kanjani abantu abaqotho? Singabulondoloza kanjani ubuqotho bethu bobuKristu? Yini umuntu angase ayenze uma eye wangabugcina ubuqotho bakhe isikhathi esithile?
Singaba Kanjani Abantu Abaqotho?
3, 4. (a) UJehova usisiza ngaziphi izindlela ukuze sihlakulele ubuqotho? (b) Singabuhlakulela kanjani ubuqotho njengoba kwenza uJesu?
3 Esihlokweni esandulele siphawule ukuthi uJehova uyasihlonipha ngokusinika ilungelo lokunquma ukuthi siyoba abantu abaqotho yini noma cha. Nokho, kuyajabulisa ukuthi uyasisekela kule ndaba. Usifundisa indlela yokuhlakulela le mfanelo eyigugu futhi usinikeza insada yomoya wakhe ongcwele osisiza ukuba sisebenzise lokho asifundisa khona. (Luka 11:13) Uze abavikele ngokomoya labo abazama ukuhamba ngobuqotho.—IzAga 2:7.
4 UJehova usifundise kanjani ukuba sibe abagcini bobuqotho? Indlela evelele kunazo zonke yaba ukuthumela iNdodana yakhe, uJesu, emhlabeni. UJesu walalela ngokuphelele. “Walalela kwaze kwaba sekufeni.” (Fil. 2:8) Kukho konke akwenza, walalela uYise osezulwini ngisho nalapho kwakunzima kakhulu. Wathi kuJehova: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe nginesimo sengqondo esifanayo sokulalela?’ Ngokuphishekela inkambo yokulalela ngesisusa esihle, siyoba abagcini bobuqotho. Ake ucabange ngezici ezithile ekuphileni ukulalela okubaluleke ngokukhethekile kuzo.
5, 6. (a) UDavide wakugcizelela kanjani ukubaluleka kokugcina ubuqotho ngisho nalapho singabonwa abanye abantu? (b) Ubuqotho bamaKristu buvivinywa kanjani namuhla lapho ewodwa?
5 Kudingeka silalele uJehova ngisho nalapho kubonakala sengathi sisodwa. Umhubi uDavide waqaphela ukuthi kwakubalulekile ukuba qotho ngezikhathi okungenzeka ukuthi wayeyedwa ngazo. (Funda iHubo 101:2.) Njengenkosi, uDavide wayehlale enabantu. Akungabazeki ukuthi wayehlale ephakathi kwamakhulu, ngisho nezinkulungwane zabantu. (Qhathanisa neHubo 26:12.) Kwakubalulekile ukuba agcine ubuqotho ngalezo zikhathi ngoba kwakudingeka inkosi ibabekele isibonelo esihle abantu bayo. (Dut. 17:18, 19) Nokho, uDavide wafunda ukuthi lapho eyedwa—‘ngaphakathi endlini yakhe’—kwakusadingeka ahambe ngobuqotho. Thina sifundani kulokhu?
6 IHubo 101:3 linala mazwi kaDavide: “Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.” Maningi amathuba namuhla okubeka phambi kwamehlo ethu izinto ezingasizi ngalutho, ikakhulu lapho sisodwa. Ukutholakala kwe-Internet kuye kwavivinya abaningi kule ndaba. Kulula ukuyengeka sibuke izithombe ezisikisela ubulili ngisho nezibubonisa ingcaca. Kodwa uma senza kanjalo, siyobe siyamlalela yini uNkulunkulu owaphefumulela uDavide ukuba abhale lawo mazwi? Ukubuka izithombe zobulili ezingcolile kuyalimaza ngoba kokhela izifiso ezingafanele nezobugovu, kungcolisa unembeza, kuqeda imishado futhi kululaze wonke umuntu ohilelekile.—IzAga 4:23; 2 Kor. 7:1; 1 Thes. 4:3-5.
7. Isiphi isimiso esingasisiza ukuba sigcine ubuqotho lapho sisodwa?
7 Yiqiniso, ayikho inceku kaJehova okuke kwenzeke ibe yodwa ngempela. UBaba wethu osezulwini uhlale esibhekile ngoba esithanda. (Funda iHubo 11:4.) Yeka indlela okumelwe ukuba uJehova ujabula ngayo lapho ekubona umelana nesilingo! Uma wenza kanjalo, usuke ulalela isixwayiso esiqukethwe amazwi kaJesu akuMathewu 5:28. Ngakho, zimisele ukuba ungabuki izithombe ezingase zikulingele ekwenzeni okubi. Ungenani ubuqotho bakho obuyigugu ngesenzo esiyihlazo sokubuka izithombe zobulili ezingcolile noma ukufunda izincwadi zazo!
8, 9. (a) Ubuqotho bukaDaniyeli nabangane bakhe bavivinywa kanjani? (b) Intsha engamaKristu namuhla imthokozisa kanjani uJehova namanye amaKristu?
8 Singaba abagcini bobuqotho nangokulalela uJehova lapho sinabantu abangakholwa. Cabanga ngoDaniyeli nabangane bakhe abathathu. Bathunjelwa eBhabhiloni besebasha. Njengoba ayephakathi kwabantu abangamaqaba cishe ababengazi lutho ngoJehova, la maHebheru amane abhekana nengcindezi yokuba adle izibiliboco ezazenqatshelwa uMthetho kaNkulunkulu. Kwakungaba lula ngalaba bafana ukuba bakubone kungekubi ukuyekethisa. Kakade, abazali, amadoda amadala nabapristi babengeke bakubone ababekwenza. Kwakuyokwazi bani? UJehova wayeyokwazi. Ngakho, abazange bayekethise futhi bamlalela naphezu kwaleyo ngcindezi nezingozi ezazihilelekile.—Dan. 1:3-9.
9 Emhlabeni kabanzi, intsha engoFakazi BakaJehova ilandela inkambo efanayo, inamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu azibekele amaKristu futhi ayivumi ukunqotshwa ukucindezela kontanga okulimazayo. Lapho nina basha nenqaba izidakamizwa, ubudlova, inhlamba, ukuziphatha okubi nezinye izinto ezingalungile, nisuke nilalela uJehova. Njengoba nenza kanjalo, nigcina ubuqotho benu. Lokhu kuyanizuzisa futhi nithokozisa uJehova namanye amaKristu!—IHu. 110:3.
10. (a) Imiphi imibono engalungile ngobufebe eye yaholela enye intsha ukuba yephule ubuqotho bayo? (b) Ubuqotho busenza ukuba siziphathe kanjani ngokuphathelene nengozi yobufebe?
10 Kudingeka silalele nalapho sisebenzelana nabobulili obuhlukile. Siyazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyabenqabela ubufebe. Nokho, ave kulula ukuyeka ukulalela bese uyekelela. Ngokwesibonelo, enye intsha iye yahlanganyela ubulili bomlomo noma bendunu noma yaphululana izitho zobulili, izitshela ukuthi lokhu akukubi kangako ngoba icabanga ukuthi empeleni lezi zenzo azikona “ukuhlanganyela ubulili.” Leyo ntsha iyakhohlwa—noma mhlawumbe ikhetha ukunganaki—ukuthi igama eliseBhayibhelini elisho ubufebe lihlanganisa yonke le mikhuba, ukuziphatha okubi okungenza ukuba umuntu asuswe ekuhlanganyeleni.a Okubi nakakhulu ukuthi isishaya indiva isidingo sokuba qotho. Njengoba silwela ukugcina ubuqotho bethu, asibheki izaba zokuyekethisa. Asizami ukusondela kakhulu ekwenzeni isono kodwa singajezi. Asigxili kuphela esijezisweni esingase sisithole ebandleni ngenxa yokwenza okungalungile. Kunalokho, sigxila ekwenzeni okuyojabulisa uJehova, sigweme okuyomzwisa ubuhlungu. Kunokuzama ukubona ukuthi singasondela kangakanani esonweni esithile, sideda kude naso futhi ‘sibalekele ubufebe.’ (1 Kor. 6:18) Ngokwenza kanjalo, sibonisa ukuthi singabantu abaqotho ngempela.
Singabulondoloza Kanjani Ubuqotho Bethu?
11. Kungani isenzo ngasinye sokulalela sibalulekile? Fanekisa.
11 Sihlakulela ubuqotho ngokulalela, ngakho sibulondoloza ngokuqhubeka silwela ukulalela. Isenzo esisodwa sokulalela singase sibonakale singelutho—siyinto encane. Kodwa lapho izenzo ezinjalo zihlangana, zisho lukhulu ngokuhamba kwesikhathi. Ngokwesibonelo, isitini esisodwa singabonakala singelutho, kodwa uma sizibeka zibe ziningi ndawonye, singakha ngazo indlu enhle. Ngakho, ngokuqhubeka silalela, silondoloza ubuqotho bethu.—Luka 16:10.
12. UDavide wasibekela kanjani isibonelo sokugcina ubuqotho lapho ephathwa kabi nangendlela engenabulungisa?
12 Ubuqotho bethu bubonakala ngokukhethekile lapho sikhuthazelela ubunzima, ukungaphathwa kahle noma ukungabi nabulungisa. Cabanga ngesibonelo sikaDavide esiseBhayibhelini. Ngesikhathi eseyinsizwa, wakhuthazelela ukushushiswa inkosi okwakufanele ngabe imelela igunya likaJehova. Nokho, iNkosi uSawule yayingasenawo umusa kaJehova futhi isinomhawu obabayo ngoDavide, owayethandwa uNkulunkulu. Noma kunjalo, uSawule waqhubeka eyinkosi isikhathi esithile futhi wasebenzisa ibutho lakwa-Israyeli ukuzingela uDavide. UJehova wakuvumela lokhu kungabi nabulungisa ukuba kuqhubeke iminyaka ethile. Ingabe uDavide wacasukela uNkulunkulu? Ingabe waphetha ngokuthi akusizi ngalutho ukukhuthazela? Cha, kunalokho wahlale enenhlonipho enkulu ngesikhundla sikaSawule njengogcotshiwe kaNkulunkulu, enqaba ukuziphindiselela lapho kuvela ithuba.—1 Sam. 24:2-7.
13. Singabulondoloza kanjani ubuqotho bethu lapho siphathwe kabi noma sicasuliwe?
13 Yeka ukuthi isibonelo sikaDavide sinesifundo esinamandla kangakanani kithi namuhla! Siyingxenye yebandla lomhlaba wonke labantu abangaphelele, futhi kungenzeka ukuthi noma ubani kubo asiphathe kabi noma nje angathembeki. Yiqiniso, siyajabula ngokuphila esikhathini lapho abantu bakaJehova bengasoze bonakaliswe njengeqembu. (Isaya 54:17) Noma kunjalo, siyosabela kanjani uma othile engase asidumaze noma asizwise ubuhlungu? Uma singaqhubeka sithukuthelele umfowethu, singase sibe sengozini yokuyekethisa ebuqothweni bethu kuNkulunkulu. Ukuziphatha kwabanye akufanele nanini kube izaba zokuthukuthelela uNkulunkulu noma zokushiya inkambo yokwethembeka. (IHu. 119:165) Ukukhuthazela ngisho nalapho sibhekene nezilingo kuyosisiza ukuba silondoloze ubuqotho bethu.
14. Abagcini bobuqotho basabela ngayiphi indlela lapho kuba nezinguquko enhlanganweni futhi kuthuthukiswa indlela esiqonda ngayo izimfundiso ezithile?
14 Singabulondoloza ubuqotho nangokugwema umoya wokufuna amaphutha nokugxeka. Yiqiniso, ukuze senze lokhu kufanele sibe qotho kuJehova. Namuhla ubusisa abantu bakhe kunanini ngaphambili. Kuwo wonke umlando, ukukhulekela okuhlanzekile akukaze kuphakanyiswe ngale ndlela emhlabeni. (Isaya 2:2-4) Lapho kwenziwa izinguquko endleleni amavesi athile abechazwa ngayo noma endleleni izinto ezenziwa ngayo, sifuna ukuzamukela. Kuyasijabulisa ukubona ubufakazi bokuthi ukukhanya okungokomoya kusaqhubeka kwanda. (IzAga 4:18) Uma sikuthola kunzima ukuqonda ushintsho oluthile, sicela uJehova ukuba asisize ukuba siqonde lelo phuzu. Lapho sisalindele lokho, sihlale silalela, sigcina ubuqotho bethu.
Umuntu Angenzani Uma Eye Wangabugcina Ubuqotho?
15. Ubani ukuphela komuntu ongakwephuca ubuqotho bakho?
15 Lona umbuzo osangulukisayo, akunjalo? Njengoba sifundile esihlokweni esandulele, ubuqotho bubaluleke ngempela. Ngaphandle kwabo, asinakuba nobuhlobo noJehova futhi asinakuba nethemba langempela. Hlale ukhumbula lokhu: Munye kuphela umuntu endaweni yonke ongakwephuca ubuqotho bakho. Lowo muntu nguwe uqobo. UJobe wayeliqonda kahle leli qiniso. Wathi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!” (Jobe 27:5) Uma uzimisele ukwenza okufanayo futhi uhlale usondelene noJehova, uyobambelela njalo ebuqothweni bakho.—Jak. 4:8.
16, 17. (a) Uma umuntu ewela esonweni esingathí sina, iyiphi inkambo engalungile okungafanele ayithathe? (b) Iyiphi inkambo okufanele ayithathe?
16 Noma kunjalo, abanye abaqhubeki bebambelele ebuqothweni babo. Njengoba kwenzeka ngesikhathi sabaphostoli, abanye bakwenza umkhuba ukwenza izono ezingathí sina. Uma nawe wenza okufanayo, ingabe awunakusizakala? Akunjalo ngempela. Yini ongayenza? Asicabangele kuqala lokho okungafanele ukwenze. Abantu bathambekele ekufihleni izono zabo kubazali babo, kwamanye amaKristu noma kubadala. Nokho, iBhayibheli liyasikhumbuza: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” (IzAga 28:13) Labo abazama ukumboza izono zabo benza iphutha elikhulu ngoba ayikho into abangayifihlela uNkulunkulu. (Funda amaHebheru 4:13.) Abanye baze bazame ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili, benze sengathi bakhonza uJehova kanti benza izono ezinkulu. Ukuphila okunjalo akububonisi ubuqotho—empeleni, kuphambene ngokuphelele nobuqotho. UJehova akakujabuleli ukukhulekelwa abantu abafihla izono zabo ezingathí sina. Kunalokho, ukuzenzisa okunjalo kuyamthukuthelisa.—IzAga 21:27; Isaya 1:11-16.
17 Lapho umKristu ehileleka esonweni esingathí sina, inkambo okufanele ayithathe icacile. Kumelwe afune usizo lwabadala. UJehova unelungiselelo lokusiza abantu abagula kakhulu ngokomoya. (Funda uJakobe 5:14.) Ungavumeli ukwesaba isiyalo noma ukuqondiswa ongase ukuthole kukuvimbele ekutholeni usizo oluyokwenza ululame ngokomoya. Kakade, ingabe umuntu ohlakaniphile angavumela ubuhlungu besikhashana bomjovo noma ngisho bokuhlinzwa bumvimbele ukuba athole usizo esifweni esisongela ukuphila?—Heb. 12:11.
18, 19. (a) Isibonelo sikaDavide sibonisa kanjani ukuthi umuntu angaphinde abe qotho? (b) Yini ozimisele ukuyenza ngokuqondene nobuqotho bakho?
18 Kungenzeka yini ukuba umuntu alulame ngokugcwele? Ingabe umuntu angaphinde abe qotho uma eke waphaphalaza? Phinde ucabange ngesibonelo sikaDavide. Wenza isono esingathí sina. Wabuka umfazi wenye indoda wamkhanuka, waphinga naye, futhi waceba ukuba umyeni wakhe ongenacala abulawe. Kunzima ukubheka uDavide njengendoda eqotho ngaleso sikhathi, akunjalo? Noma kunjalo, ingabe lalingasekho ithemba ngaye? UDavide wayedinga isiyalo esiqatha futhi wasithola. Ukuphenduka kwakhe ngobuqotho kwabe sekwenza ukuba uJehova ambonise isihe. Wafunda kuleso siyalo futhi waphinde waba qotho ngokulalela uNkulunkulu nangokuqhubeka emlalela. Ukuphila kukaDavide kukubonisa kahle lokho esikufunda kuyizAga 24:16: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.” Waba yini umphumela? Cabanga ngalokho okwashiwo uJehova kuSolomoni ngoDavide ngemva kokuba efile. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 9:4.) UNkulunkulu wakhumbula uDavide njengendoda eqotho. Yebo, uJehova angazihlanza izoni eziphendukayo ngisho nalapho zinezisihla zezono ezingathí sina.—Isaya 1:18.
19 Yebo, uma ulalela uNkulunkulu ngoba umthanda uyoba umuntu oqotho. Qhubeka ukhuthazela ngokwethembeka, futhi uma kwenzeka wenza isono esingathí sina, bonisa ukuphenduka kweqiniso. Yeka ukuthi ubuqotho buyimfanelo eyigugu kangakanani! Kwangathi ngamunye wethu angazimisela njengoDavide: “Kepha mina, ngizohamba ngobuqotho bami.”—IHu. 26:11.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 2004, ikhasi 13, isigaba 15.
Ungaphendula Kanjani?
• Ungaba kanjani umuntu ogcina ubuqotho?
• Iziphi izindlela ongalondoloza ngazo ubuqotho bakho?
• Iyiphi indlela umuntu angaphinde abe qotho ngayo?
[Ibhokisi ekhasini 8]
“WENZÉ INTO ENHLE”
Owesifazane othile owayenezinyanga ezinhlanu ekhulelwe washo la mazwi encoma umusa nobuqotho ayekuboniswe umuntu ayengamazi. Wayesethilomu futhi waqaphela ngemva kwamahora amaningana ukuthi wayeshiye isikhwama semali kulelo thilomu. Leso sikhwama sasinemali engu-R16 000, imali engaphezulu kakhulu kwaleyo ayejwayele ukuyiphatha. Kamuva lapho ekhuluma nabephephandaba lendawo wathi: “Ngangiphele amandla.” Nokho, intokazi ethile yasithola lesi sikhwama futhi ngokushesha yafuna umnikazi waso. Lapho ihluleka ukumthola, yasithatha yasiyisa emaphoyiseni, futhi amaphoyisa agcina emtholile lona wesifazane okhulelwe. Echichima amazwi okubonga, umnikazi wesikhwama wathi: “Wenzé into enhle ngempela.” Kungani le ntokazi yazihlupha kangaka ukuze ibuyisele le mali? Iphephandaba laphawula ukuthi njengoba ingomunye woFakazi BakaJehova, le ntokazi ithi “ubuqotho bayo bungenxa yenkolo eyakhuliswa ngayo.”
[Isithombe ekhasini 9]
Intsha ingakwazi ukugcina ubuqotho bayo lapho ibhekene novivinyo
[Isithombe ekhasini 10]
UDavide wake wangabugcina ubuqotho, kodwa waphinde walulama ngokomoya