Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
ERussia
Umlando woFakazi BakaJehova eRussia ungowokholo nesibindi, indaba yobuqotho obungaxegi kuNkulunkulu naphezu kokuphikiswa okunesihluku nokungapheli. Ukudingiswa, ukuboshwa nokufukuziswa—akukho okwakungabathulisa noma kubaqede amandla lab’ oFakazi.
Lona akuwona umlando odabukisayo. Labo ababeka ukholo lwabo kuJehova babelulindele ushushiso. Abazange baqhathe usizi kodwa babheka lokho kuhlupheka njengethuba lokubonisa ubuqotho babo kuJehova. Omunye umzalwane wathi: “Ngesikhathi kukhishwa isigwebo sethu, akekho noyedwa kwengangibafundela iBhayibheli owangenwa amanzi emadolweni. Kwangijabulisa ngempela lokho! Bobane bagwetshwa iminyaka engu-25 emakamu. Mina nganikezwa isigwebo esithe ukuba qatha . . . Sathi ukuma ukuze sibonge uJehova ngokusisekela. Onogada bamangala, bezibuza ukuthi kazi yini lena esijabulisayo.”
Funda ngentombazane eyathola iqiniso ezincwadini ezaziboshelwa etsheni zibe sezijikijelwa ngale kocingo lwasejele. Yizwa ukuthi iziboshwa zazizigcina kanjani ziqinile ngokomoya. Bona ukuthi kwenzekani ngesikhathi abazali abangoFakazi beqanjelwa amanga kuthiwa balume indlebe yendodakazi yabo.
Le ndaba ayigcini ngokukhuluma ngamashumi eminyaka yokuvinjelwa. Eminyakeni engu-20 edlule, inani loFakazi liye landa kakhulu kuleli zwe elikhulukazi. Yizwa ukuthi abafowethu baye babhekana futhi bazinqoba kanjani izinselele ezintsha ezihlobene nokwanda okumangalisayo. Kuyinjabulo ukunethulela umlando wezwe elilodwa kuphela kule Ncwadi Yonyaka—iRussia.