Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Kabanzi
E-AFRIKA
INANI LAMAZWE 57
INANI LABANTU 827 387 930
INANI LABAMEMEZELI 1 086 653
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 2 027 124
ECôte d’Ivoire
Endaweni yaseBianouan, esempumalanga yezwe, izakhamuzi zakhona zomele iqiniso. Ezinye zivusa abamemezeli ngo-6:00 ekuseni ukuze zixoxe ngeBhayibheli ngaphambi kokuba ziyosebenza emasimini. Ezinye zicela ukufundelwa iBhayibheli kusihlwa ngemva kwemihlangano yebandla. Ngolunye usuku, owesifazane ongakwazi ukufunda wacela kumzalwane incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Wathi umyeni wakhe uzomfundela. Lo mzalwane wamnikeza incwadi wayesemvakashela kwakhe ngakusasa. Lo wesifazane nomyeni wakhe base bemlindile. Indoda ayizange iye emasimini ngenxa yokuthi yayichithe ubusuku bonke ifunda incwadi. Manje yayisifuna ukuxoxa nomzalwane ngalokho eyayikufundile. Kwaqalwa isifundo nalo mbhangqwana.
EBenin
Umkhaya omkhulu ohlala endaweni esemajukujukwini waqala ukufundelwa. Ubaba wakhona wayengumfundisi wesonto lendawo. Ngemva kwamasonto amabili beqale ukufunda, wonke umkhaya wamukela isimemo sokuya emhlanganweni wesigodi. NgoMgqibelo kusihlwa, indodakazi endala yahlatshwa ukugula yashona. Naphezu kwalo mshophi, ubaba waba khona esimisweni sangeSonto. NgoMsombuluko, ekhuluma ngalokhu kufelwa, wathi, “USathane wonke lo, ufuna ukusithena amandla, kodwa ngeke umkhaya wami ukuvumele lokho.” Wakhipha zonke izinto zakhe zesonto: isivatho, isigqoko, ibhande, amafutha okugcoba nobhoko. Umkakhe, naye owayenesikhundla esontweni, wenza okufanayo. Lo mfundisi wamemezela: “Akusekho lutho olusihlanganisa naleli sonto.” Ngemva kwalokho, njengoba sifunda encwadini yezEnzo 19:19, washisa zonke izinto zakhe phambi kwawo wonke umuntu. Lo mkhaya uyaqhubeka uthuthuka kahle.
EMadagascar
Ngonyaka odlule endaweni enabantu abangaba ngu-500, umshumayeli mumbe wathola incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli komunye uFakazi kwenye indawo. Ngemva kokuyifundisisa, lo mshumayeli waqiniseka ukuthi uthole iqiniso futhi wayesexoxela amalungu esonto lakhe lokho ayekufundile. Ngokushesha, yena, umkhaya wakhe nabanye abangu-20 besula esontweni futhi baqala ukuba nemihlangano, njengoba oFakazi BakaJehova benza yonke indawo. Kwafika amaphayona akhethekile ezobasiza. Aqhuba izifundo zeBhayibheli nabaningi abathakazelayo, ahlela nokuba kube neSifundo Sencwadi Sebandla kanye neSifundo Se-Nqabayokulinda esiqhutshwa njalo. Ngo-October, abantu abayisihlanu baba abamemezeli abangabhapathiziwe futhi manje la maphayona asenze amalungiselelo oMhlangano Weningi kanye neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Imihlangano iba nesilinganiso sabangaba ngu-40 futhi kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-20.
ENingizimu Afrika
UHennie nomkakhe babeshumayela endlini ngendlu. Njengoba behamba eduze kocingo olubiyele umuzi, inja enolaka yachushisa ikhanda layo ocingweni yagxavuna isandla sikaHennie. Wopha kakhulu, ngakho baphuthuma ekhaya lapho umkakhe ageza khona inxeba futhi walibopha. UHennie wahlela ukuba aye kudokotela kamuva. Wathi kumkakhe ngeke avumele inja imyekise inkonzo yasensimini, ngakho baphindela kuleyo nsimu ngemva kwehora. Baqala ngendlu engumakhelwane wale enenja enolaka. Ngemva kokungena izindlu ezimbalwa, indoda ethile yabangenisa. Yalalela ngokukhulu ukucophelela futhi yayifisa ukuba baphinde bayivakashele. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli futhi ngokushesha yaqala ukuba khona njalo emihlanganweni. Lapho yesula eSontweni LaseDashi, ilungu eliphakeme lesonto leza kuyo lathi lizoyenza idiyakoni. Nokho, yama yaqina esinqumweni sayo sokwesula esontweni. Iyaqhubeka ithuthuka kahle futhi isibhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
ETanzania
Phakathi nomkhankaso wokusebenza insimu engayodwa ngo-October 2005, abazalwane abangu-9 baseBandleni Lase-Iringa balibangisa ePawaga, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-75. Babezwile ukuthi kunommemezeli ongayedwa ohlala kule ndawo, ngakho bahamba bayomfuna. Ngemva kokumthungatha, bamthola, wabachazela ukuthi wayesehlale lapha iminyaka engaphezu kuka-20, azi ukuthi umsebenzi woMbuso eTanzania usavinjelwe. Kule minyaka edlule ubelokhu eshumayeza abanye abantu, futhi wathi bakhona abanesithakazelo esiqotho esigijimini seBhayibheli. Abafowethu baseBandleni Lase-Iringa babeya ePawaga bahlale khona amasonto amabili isikhathi ngasinye ukuze bahlakulele isithakazelo. Ngo-2006, amaphayona avamile amabili athuthela lapha ukuze anakekele le nsimu evundile. Lo mzalwane ongayedwa wasizwa ngokomoya, futhi manje leli qembu elincane linabamemezeli abangu-9. Okwamanje baqhubela imihlangano yabo ngaphansi kwesihlahla, kodwa kwenziwa izinhlelo zokwakha indawo encane yokuhlanganyela kusetshenziswa izinto zokwakha ezitholakala endaweni.
ERwanda
Intombazane eyeve eshumini nambili okuthiwa uGentille yaduma ngenxa yekhono layo lokushaya amagoli emdlalweni webhola. Abantu bayetha ngokuthi uManayibitego, okusho ukuthi “Unkulunkulu Wamagoli” ngolimi lwesiKinyarwanda. AmaNtaliyane athile aliphawula ikhono layo ayeseyinika ukuqeqeshwa okwengeziwe. Ngemva kwalokho ayimema ukuba iyodlala emidlalweni yebhola e-Italy. Ukuya eYurophu kanye nethuba lokuba umdlali webhola odume umhlaba wonke kwakukhanga. Nokho, uGentille wayazi ukuthi ukwamukela lesi simemo kwakuyosho nokushiya umkhaya wakubo. Unina unguFakazi, kodwa nakuba uGentille ayeke wafundelwa iBhayibheli, wayengakaze asithathe ngokungathí sina isifundo sakhe. Okwakuza kuqala ekuphileni kwakhe kwakuyibhola. UGentille waxoxa ngale ndaba nonina futhi wazibona izingozi ezingokomoya ezihilelekile. Wanquma ukusenqaba lesi simemo futhi wabeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakhe. Ubhapathizwe emhlanganweni wamuva nje.
Emazwekazini AseMelika
INANI LAMAZWE 55
INANI LABANTU 893 357 181
INANI LABAMEMEZELI 3 367 544
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 3 236 692
ECuraçao
Ngolunye usuku umzalwane eyoqhuba isifundo seBhayibheli, umninikhaya wamnikeza inhlamvu yesibhamu wayesembuza ukuthi uyazi ukuthi iyini. Le ndoda yabe isichaza ukuthi ngaphambi kokuba lo mzalwane ayivakashele okokuqala, kwase kuyizinyanga ezimbalwa icabanga ngokuzibulala ngoba yayilahlekelwe umsebenzi nomkhaya wayo. Yenganywe imicabango yokuziphindiselela, yayinqume ukuthi izobulala abantu abane eyayinomuzwa wokuthi babeyimbangela yezinkinga zayo. Yayihlohle ivolovolo layo ngezinhlamvu ezine maqede yabekela eceleni inhlamvu eyodwa yokuzibulala uma kudingeka. Nokho, ngaphambi kokuba iphume endlini, yanquma ukucela usizo lukaNkulunkulu. Yavula ithelevishini, ifuna uhlelo lwezenkolo. Ngaso leso sikhathi, kwangqongqoza oFakazi ababili futhi ekugcineni kwaqalwa isifundo seBhayibheli nayo. Yazilahla lezo zinhlamvu ezine, kodwa yakhohlwa inhlamvu yesihlanu. Ngesikhathi iyithola ekhukhwini, yayibonisa lo mzalwane, yabe isimlandisa le ndaba, yaphawula nangendlela ukuphila kwayo okwase kushintshe ngayo kusukela yaqala ukufunda iBhayibheli. Le ndoda ithi laba bantu abahlanu bakweleta oFakazi BakaJehova ukuphila kwabo. Manje iba khona emihlanganweni yebandla.
E-Uruguay
OFakazi ababili bangeniswa endlini yowesifazane owabachazela ehlengezela izinyembezi ukuthi wayethandaze kuNkulunkulu ubusuku bonke, emnxusa ukuba amembulele intando yakhe. Abefundisi besonto lakhe babesanda kumvakashela, kodwa babemane nje bezozilandela okweshumi kwesamba semali ayesitholile. Wayedumazekile ngoba babengakaze bamvakashele, ngisho nalapho ecele usizo ngesikhathi ecindezelekile. Kwase kudlule isikhathi esingaphezu kwenyanga engasalubhadi esontweni. Ekugcineni, watshela omunye wabefundisi ukuthi wayezizwa ekhohlisiwe ngenxa yokuphikisana kwezimfundiso zabo. Nokho, esikhundleni sokuba azame ukucacisa izimfundiso ezididayo, wamtshela ukuthi wayezoshaywa ngeziqalekiso ezingu-7 ngokushiya kwakhe isonto. Abafowethu bamchazela ukuthi uNkulunkulu weqiniso usebenzisa izingelosi zakhe ukuba zifune abantu abafuna iqiniso. Wabuza imibuzo eminingi, futhi ngokushesha kwaqalwa isifundo ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Kamuva umyeni wakhe waqala ukuhlanganyela esifundweni, futhi bobabili baba khona eSikhumbuzweni nasenkulumweni ekhethekile. Bajatshuliswa izinga eliphakeme lokufundisa eHholo LoMbuso futhi abakholwanga lapho bebona ukuthi akuthathwa nkongozelo. Bobabili bathuthuka kahle futhi sebenenqwaba yabangane ebandleni.
EChile
Emajukujukwini aseCape Horn eningizimu ekude lé, kuqhutshwa isifundo seBhayibheli nowesifazane okungase kuthiwe siqhele kunazo zonke emhlabeni. Uyinkosikazi yomqaphi wendlu yesibani kule ndawo ekude. Ngesikhathi lo wesifazane esePunta Arenas, udade oyiphayona elisizayo wamqhubela isifundo seBhayibheli amasonto amane kwaze kwaba yilapho lo wesifazane ethuthela eCape Horn. Kusukela ngaleso sikhathi, ubelokhu efundelwa ngocingo. Uthuthuka kahle kakhulu.
ECosta Rica
Kule lizwe kunamaNdiya AngamaGuaymi athi awabe ngu-10 000, iningi lawo eliseSixaola, idolobhana eligudle umngcele wasePanama. Iningi lalaba bantu bomdabu liye labonisa isithakazelo sangempela ekufundeni ngeBhayibheli. Ukuze kunakekelwe izidingo ezingokomoya zalaba bantu, kwabelwa umbhangqwana osemusha ongamaphayona akhethekile ukuba uyosebenza le nsimu. Baqala ngokufunda ulimi. Ngosizo lwabazalwane nodade abangu-26 abangamaGuaymi, kuningi osekufeziwe. Ngokokuqala ngqá, iSikhumbuzo saqhutshwa ngesiGuaymi futhi kwaba khona inani elimangalisayo labangu-264. Kusukela lapho, bekulokhu kunokwanda okuqhubekayo. Ngokwesibonelo, iqembu leSifundo Sencwadi Sebandla labamemezeli abangu-13 liba nesilinganiso sabantu abangu-20. Manje lelo nani selenyukele ku-40. Lokho sekuphumele ekuvulweni kwamanye amaqembu amabili eSifundo Sencwadi Sebandla.
EPanama
Uthisha wezifundo zokuvivinya umzimba ogama lakhe nguRamiro waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngo-2004. Ngaleso sikhathi, amaqembu ayisithupha ayewafundisa ayedinga imfundo yamahora angu-12 kuphela ngesonto, esikhundleni samahora angu-24 okusebenza ayelindeleke kuye. Ngakho umphathi wesikole wamtshela ukuthi lesi esinye isikhathi esisele kwakufanele asisebenzisele ukufundisa la maqembu ayisithupha ezenkolo. Umphathi wathi: “Mane ukhulume nabo ngoNkulunkulu, ngoJesu nangeBhayibheli.” URamiro wabafundisa lokho naye ayekufunda. Ngalowo nyaka, esebenzisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, wafundisa abafundi abangu-150 ababephakathi kwebanga lesine nelesithupha. Ngonyaka olandelayo, lapho kukhululwa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? uRamiro wayesethuthuke kwaze kwaba seqophelweni lokuba afanelekele ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe. Waqhubeka efundisa amakilasi, kulokhu esesebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Inani labafundi lase likhule laba ngu-160, lahlukaniswa laba amaqembu ayisithupha. Ube yini umphumela? URamiro nabanye abamemezeli ebandleni manje baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabaningana balaba bafundi. Abanye abazali balaba bafundi baye babonga kakhulu kuRamiro ngoshintsho oluhle abaye balubona ekuziphatheni kwezingane zabo. Abanye babo baze babakhona ngisho nasemihlanganweni yebandla, baya nakweminye imihlangano yethu yesifunda. URamiro yena ubhapathizwe ngo-November 2006 futhi uyaqhubeka eshisekela ukubamba wonke amathuba okufundisa iqiniso leBhayibheli.
EGuatemala
EGuatemala City, ummemezeli okuthiwa uJeremy waya kubo kwensizwa ayefunda nayo iBhayibheli. Indlu yayo yayisemhubheni. UJeremy wangqongqoza, umnyango wavulwa udadewabo omncane wale nsizwa owathi umfowabo wayengekho ekhaya. Ngesikhathi uJeremy esesemnyango, kwasondela abalisa ababili. Oyedwa wahosha isibhamu wasibeka ekhanda likaJeremy, wathi, “Ngikhokhelwe ukuba ngizokubulala.” (Kamuva uJeremy wezwa ukuthi abaphangi basho kanjalo ukuze basabise izisulu zabo.) UJeremy uyalandisa: “Intombazane yavala umnyango, ngabe sengibabuza laba balisa, ‘Nifunani?’ Omunye wabo waphendula, ‘Wenzani lapha?’ Ngabatshela ukuthi ngishumayela iZwi likaJehova. Ngendelelo wathi, ‘Ngishumayeze phela!’ Ngathuka kwaphela nasozwaneni. Ngavula isikhwama sami sezincwadi ngakhipha iBhayibheli. Kuwo lowo mnyama, owayephethe isibhamu wavele waqhumuka wakhala ngoba wayenza izinto ezimbi aziyo ukuthi azilungile. Wangincenga ukuba ngimsize. Waphenya isikhwama sami sezincwadi wakhipha i-Phaphama! eyayikhuluma ngemali. Lona omunye waqala ukungikhuthuza emakhukhwini, efuna isikhwama sami semali, kodwa lona owayephethe isibhamu wathi kuye: ‘Myeke. Ungamkhuthuzi.’ Wabe esengibonga, wanganga, base behamba. Ngemva kwalokho, kwathi gidí futhi ngabonga uJehova ngokungiphephisa kuleso simo.”
EDominican Republic
Udade ongudokotela wamazinyo waya engqungqutheleni yosuku olulodwa ephathelene nokufakelwa kwamazinyo. Odokotela bamazinyo abangaphezu kuka-250 ababekhona lapho kwathiwa abafake izicelo ukuze babe sethubeni lokuthola imfundo ephambili nebizayo eYurophu. Kwakuzokhethwa odokotela bamazinyo abangu-8 kuphela. Ekupheleni kwalolo suku, udade akatshelwanga nje kuphela ukuthi ukhethelwe ukuthola le mfundo kodwa nokuthi uzofundiswa mahhala. Emangele, udadewethu waphendula: “Ngiyabonga ngokunginika leli thuba, kodwa angizange ngisifake isicelo, futhi ngeke ngikwazi ukusamukela lesi sipho somusa eninginika sona. Njengomunye woFakazi BakaJehova, angisoze ngabeka lutho ngaphambi kwezithakazelo ezingokomoya zomkhaya wami. Uma ngamukela lesi sipho ngiyofuna ukwenza konke engingakwenza ezifundweni zami, okuyinto edinga amandla, kodwa nginemihlangano emihlanu yeBhayibheli masonto onke efuna ngiyinake ngokuphelele. Iyiphi nje injabulo ukuqeqeshwa kwezinga eliphezulu neziqu okunganginika yona uma, lapho ngibuya ngifica abafana bami ababili sebedla izidakamizwa noma sebeyimidlwembe ngenxa yokungabi khona kwami?”
E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI
INANI LAMAZWE 47
INANI LABANTU 3 993 686 009
INANI LABAMEMEZELI 607 112
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 496 577
Kwa-Israel
U-Ella, iphayona elisizayo eliselisha, wabona owesifazane osekhulile esindwa izibi. U-Ella wamsiza, wayesemshumayeza kafushane. Nakuba lona wesifazane anikeza u-Ella ikheli lakhe, u-Ella akakwazanga ukuphinde axhumane naye naphezu kokubuyela ephindelela kuye. Ekugcineni, wamthola lo wesifazane. Ngenxa yokuthi unenkinga yokuzwa, wayengazange amuzwe u-Ella ngesikhathi engqongqoza ngaphambilini. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye. Ekuqaleni, wayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa kancane kancane waqala ukumthanda uNkulunkulu kanye neZwi lakhe. Ngemva kweminyaka emibili, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi ubhapathizwe muva nje eneminyaka engu-92.
EMongolia
UTerbish, owesifazane osekhulile, wayesebenze ukuphila kwakhe konke esitolo sezincwadi. Lapho uMunkhzaya, udade oyiphayona oneminyaka engu-18 emshumayeza, uTerbish wathi ngenxa yokuthi wayesefunde izincwadi eziningi, wayesheshe ayiqonde noma iyiphi incwadi ayifundayo kungakhathaliseki ukuthi uyiqala ekuqaleni, maphakathi, noma ekugcineni. Kodwa iBhayibheli lalihlukile. Kungakhathaliseki ukuthi wayelifunda kaningi kangakanani, wayengaliqondi. Ukuya esontweni akumsizanga. Ngakho wayezifundela lona, ebhala amaphuzu emBhalweni ngamunye. UTerbish wayenesithakazelo ngokukhethekile ekuqondeni amaHebheru 11:6. UMunkhzaya walichaza leli vesi, wasikisela isifundo seBhayibheli, wammemela naseHholo LoMbuso. Lapho ezwa ukuthi likuphi, uTerbish wathi: “Usho lesiya sakhiwo esinezimbali ezinhle ngaphandle? Njalo uma ngidlula ngakhona, ngiyama ngizibuke. Ungangixhuma nomuntu ozinakekelayo?” UMunkhzaya wakwenza ngenkulu injabulo lokhu. Manje uTerbish ufunda ngenkuthalo ngoMdali futhi uba khona ezifundweni. UMunkhzaya uthi, “Izimbali zashumayela kulo wesifazane ngaphambi kwami.”
EJapane
Ngenxa yokuthi uhlushwa imilenze, uHiroko oneminyaka engu-78 akasakwazi ukufakaza njengoba ayenza ngaphambili. Wathandazela isiqondiso kuNkulunkulu, wabe esethola isitobhi sebhasi lapho angahlala khona imizuzu engu-30. Uhlale emamatheka futhi ebonisa nesithakazelo kubantu. Kunesibhedlela esiseduze, ngakho lapho ebona abantu bephethe imithi, uyababuza ukuthi banjani. Uma abantu bezama ukufunda uhlelo lokuhamba kwamabhasi, uyabasiza, bese echazela nalabo abangayijwayele le ndawo lokho okungase kubathakazelise kuyo. Uyalalela lapho bekhuluma bese ebahambisela omagazini. Abanye abantu ubabona njalo; ngakho uyakwazi ukwenza izimpindelo.
EMyanmar
ULazaru wayengumshushumbisi wezidakamizwa. Indlela ayephila ngayo yayihilela ukusebenzisa izidakamizwa, ukubulala, nayo yonke inhlobo yobubi. Lapho udade oyiphayona embonisa eBhayibhelini ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, uLazaru walibona ngaso leso sikhathi iqiniso futhi wamukela nesifundo seBhayibheli. Wafundelwa isikhathi eside, kodwa wayelokhu ethuthuka kancane kancane ngokomoya. Isinyathelo esinzima okwadingeka asithathe kwakuwukugqashula ngokuphelele endleleni ayephila ngayo. Lapho etshela abangane bakhe ukuthi useyabashiya, bangenwa amanzi emadolweni kwazise kuningi ayekwazi ngezinhlelo zabo zokushushumbisa izidakamizwa. Nakuba bamthumelela ngababulali ukuze bambulale, uLazaru wakwazi ukuphunyuka. Ekugcineni, wathuthela kwenye indawo, futhi yena nomkakhe babhapathizwa.
ETaiwan
Abamemezeli abathile bama isikhashana ngaphandle kwethilomu elinegama elingavamile—IThilomu Lencwadi Ka-Ezra. Efuna ukwazi, omunye kulaba bamemezeli wabuza umninisitolo ngokusetshenziswa kwegama lika-Ezra. Waphendula ngokuthi ubelokhu emthanda u-Ezra ngenxa yentshiseko yakhe ngokukhulekela kweqiniso. Kwase kuyiminyaka eminingi lo mninisitolo esonta, kodwa wayesanda kuyeka ngenxa yokuthi umkakhe ungowaseVietnam ngakho wayengaziqondi izintshumayelo zesonto. Lo mmemezeli wathi uzomphathela iBhayibheli lolimi lwaseVietnam, abajabula lapho efika nalo ngaleyo ntambama. Isifundo saqalwa nawo wonke lowo mkhaya.
E-India
Edolobheni lapho kunokuphikiswa okukhulu komsebenzi wokushumayela, odade abahlanu bavalelwa ejele izinsuku ezine ngenxa yokushumayela. Ekuqaleni, owesifazane ongumqaphi weziboshwa wayenokhahlo kubo futhi wabaxwayisa ngokuthi bangashumayeli ngobuKristu lapha ejele. Nokho, njengoba izinsuku ziqhubeka, wabona ubumnene nothando lwabo, futhi lokhu kwashintsha isimo sakhe sengqondo. Lab’ odade babelana nezinye iziboshwa kanye nalo mqaphi ngokudla nezithelo ababekulethelwa abazalwane. Ngobunye ubusuku, lo mqaphi wezwa odade bexoxa ngamaphuzu abawathole encwadini ethi Sondela KuJehova. Kungakabiphi, waqala ukuhlanganyela nabo ezingxoxweni zabo ehlezi esihlalweni esisemnyango wesitokisi sabo. Ngosuku odade abadedelwa ngalo ejele, lo mqaphi washonelwa isihlobo sakhe. Odade bakwazi ukumduduza ngethemba lovuko.
Ngaphambidlana, omunye umqaphi wesifazane wayebabuze isizathu sokuboshwa kwabo. Oyedwa kodade wachaza ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuqondwa kabi, njengokungathi uyindlela engekho emthethweni yokuguqula abantu. Ethintwe yilokho ayekuzwile, lo mqaphi wathi: “Naphezu kwesimo senu, nikhuluma ngomoya omuhle. Mina ngiyashesha ukucasuka, ngakho uma ngiphambi kwenu ngizizwa nginamahloni. Ngicela ningitshele phela uma sengikhuluma ngokhahlo futhi ningifundise ukukhuluma njengani. Angazi nje ukuthi abantu abahle njengani bavalelelweni la ejele.” Lapho ethola isikhathi, wayeza kodade, athi: “Phela ngitsheleni okwengeziwe ngeBhayibheli. Ave liyizolisa inhliziyo yami.” Iziboshwa ezimbili ezazibhekene necala lokubulala, nazo zahlatshwa umxhwele isigijimi seBhayibheli. Lab’ odade bafakaza ngokuqapha kulezi ziboshwa nakwezinye. Manje sebededelwe, futhi basafuna izindlela ezifanele zokulandelela isithakazelo abasithola ngenkathi besejele.
E-Indonesia
UResmawati, udade oyiphayona elikhethekile, wayesanda kuqeda enkonzweni yasensimini futhi esezophindela ekhaya lapho owesifazane othile emmemela kwakhe ukuze baxoxe ngeBhayibheli. Ezinsukwini ezintathu kamuva, uResmawati waphindela ukuyombona. Kulokhu, lo wesifazane wakhala wayesemxoxela ngomyeni wakhe omhlukumezayo. UResmawati wamfundela incwadi yamaHebheru 4:12 wayesemchazela ukuthi ukutadisha iBhayibheli kungashintsha izinto eziningi. Wamlandisa okuhlangenwe nakho kukaTony okwavela e-Khalendeni LoFakazi BakaJehova Lika-2003. Lo wesifazane waba nesithakazelo futhi wacela ikhophi yalelo khalenda. Ekuhambeleni okulandelayo, uResmawati wamphathela lelo khalenda. Baqala ukutadisha incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lapho ephinde ebuya, umyeni walo wesifazane wabuza ukuthi angahlanganyela yini naye esifundweni. Wayefunde indaba kaTony ekhalendeni futhi yamthinta ngokujulile. Kwaziqondanela nje ukuthi negama lale ndoda uTony, kanti nesimo sayo sengqondo nokuziphatha kwayo kwakufana nse nokukaTony osekhalendeni ngaphambi kokuba afunde iqiniso. Lapho ebona le ndaba ekhalendeni, wathi kumkakhe nasezinganeni zakhe: “Yigama lami leli, angithi? Lo mshumayeli ulaze kanjani igama lami aze abhale ngami?” Umkakhe wathi: “OFakazi abalazi igama lakho. Ngisho noma bebelazi, besebengabhala ngawe ekhalendeni lika-2003, libe likhona elika-2007! Eqaphela isithakazelo umyeni wakhe ayesenaso, wambuza ngobuhlakani, “Ungathanda yini ukufana noTony osekhalendeni?” Ngokungalindelekile le ndoda yathi, “Ngingathanda ukuzama.” NjengoTony osekhalendeni, uTony wase-Indonesia usekuhlanzile ukuphila kwakhe, wagunda nezinwele ezinde walungisa nendlela abukeka ngayo. Wonke umkhaya uyaqhubeka nesifundo sawo seBhayibheli.
EMalaysia
Kwezinye izingxenye zaseBorneo, abafowethu basebenzisa izithombe zesiphuphutheki ezitholakala kuyi-Internet ukuze bathole imizi yabantu. Umbiko wabo uthi: “Lokhu kuyasisiza sikwazi ukubona imizi esemahlathini emvula. Sike sithole ukuthi olunye ‘uphahla’ olwezibaya zezimbuzi, kuye kusihlekise ukucabanga ngokushumayeza ‘izimbuzi.’ Nokho olunye uphahla lusuke lungolwemizi yabantu. Asikaze sishumayele kule nsimu enezintaba ngaphambili. Ngenxa yokuthi amahlathi emvula aminyene futhi akulula ukulandela umkhondo, izithombe zesiphuphutheki ziyasisiza ekutholeni indlela.”
EYUROPHU
INANI LAMAZWE 47
INANI LABANTU 732 610 687
INANI LABAMEMEZELI 1 533 790
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 749 911
EHungary
Udade oneminyaka engu-12 uyabika: “Ngibhapathizwe ezinyangeni ezingu-9 ezedlule, futhi senginezinyanga ezintathu ngikhonza njengephayona elisizayo. Umama ungisiza kakhulu. Abaningi bayangibuza ukuthi ngikwazi kanjani ukukhonza njengephayona elisizayo ngibe ngifunda esikoleni, kodwa ngicabanga ukuthi ngaphandle kwesikole bekuyoba nzima ukufeza inkonzo yami. Ngisebenzisa isikhathi esingenzi lutho ngaso phakathi namakilasi ukuze ngishumayele. Kunabayisihlanu engifunda nabo esikoleni engivame ukuxoxa nabo ngeBhayibheli. Ababili kubo ngibaqhubela izifundo zeBhayibheli. Ngenxa yalokho, ngiyasibona isibusiso sikaJehova. Ukuphayona akuwona umthwalo kodwa kuwumthombo wenjabulo kimi. Umama uyiphayona elivamile futhi nami ngifuna ukuba yilo. Ngifuna ukukhonza uJehova isikhathi esigcwele.”
EBrithani
USusan waqala ukufunda iBhayibheli ngo-2001 futhi waqhubeka nokufunda iminyaka ecishe ibe mibili. Phakathi nalesi sikhathi, wathwala kanzima impela ezama ukuyeka ukubhema. Wazama kaningi, kodwa elokhu ehluleka. Ngenxa yalokho, wayeka ukufunda kodwa waqhubeka eya emihlanganweni yebandla. Ngemva kweminyaka emine, uSusan waba nomuzwa wokuthi kumelwe azame ukuthuthuka ngokomoya, ngakho wacela usizo ebandleni. Waphinde waqala ukufunda, futhi wathola ukuthi ukwaziswa okusencwadini ethi Sondela KuJehova kuwusizo. Ingxoxo ebanzi ngothando uJehova analo ngathi kanye nendlela thina esingabonisa ngayo ukuthi siyamthanda, yaba nethonya elinamandla ekuphileni kwakhe. Ngamasonto angu-8, wayeseyeke ngokuphelele ukubhema. USusan unomuzwa wokuthi ukufunda le ncwadi kwamsiza ukuba afunde ukwethembela kuJehova. Uye wenza intuthuko enhle, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wakubonakalisa ngokubhapathizwa emanzini eMhlanganweni Wesigodi othi “Landela UKristu!”
E-Estonia
UHelgi, umfundi oneminyaka engu-17 ongahlali nabazali bakhe abahlukanisile, wabonisa isithakazelo eqinisweni futhi waqala ukufunda iBhayibheli. Ekuqaleni, wayephuthelwa imihlangano eminingi ngenxa yokuthi wayechitha isikhathi esiningi ecula neqembu lomculo lendawo. Njengoba ukuqonda kwakhe amaqiniso kukhula, waqala ukwenza izinguquko endleleni yakhe yokuphila. Wachazela labo ayecula nabo ukuthi kungani ayengeke akwazi ukucula ngobusuku bemihlangano. Wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi wathuthukela ekubeni ummemezeli ongabhapathiziwe. Wangenela umncintiswano kazwelonke wokucula, okwakuyothi lowo onqobile athole umsebenzi enkampanini edumile yokuqopha umculo. Nakuba abaningi bahluleka zisuka nje, uHelgi wavele wathandwa amajaji futhi wadlulela emzuliswaneni olandelayo. Nokho, umzuliswano olandelayo wawuzoqondana nesikhathi senkulumo yakhe yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Wayezokwenzenjani? Unina, ongeyena uFakazi kaJehova, wasikisela ukuba ayihoxise inkulumo noma ayibeke ngesinye isikhathi. UHelgi wathi lena kwakungeyona nje indaba yokubeka inkulumo kodwa kwakuyindaba yokuthi yini eza kuqala ekuphileni kwakhe, izinto ezingokomoya noma ezingokwenyama. Wacabangisisa ngokujulile ngakho futhi wanquma ukunikeza inkulumo yakhe kunokuya emncintiswaneni wokucula. UHelgi wayibeka inkulumo yakhe, futhi unina wasihlonipha isinqumo sakhe.
Esikhathini esithile kamuva, intatheli yethelevishini yaya eMhlanganweni Wesigodi othi “Landela UKristu!” ukuze ithathe izithombe zomhlangano nezobhapathizo. Lapho ibona uHelgi engena echibini labazobhapathizwa, yathatha izithombe zakhe ebhapathizwa, kamuva yaxoxa naye. Ngalolo suku kusihlwa, lolu kwakuwudaba oluhamba phambili ezindabeni, kwaboniswa i-video kaHelgi ecula ngasekuqaleni komncintiswano futhi lwaphetha ngezithombe zakhe ebhapathizwa, esho emamatheka: “Lesi isinqumo esingcono kakhulu ekuphileni kwami.”
EBulgaria
U-Ivelin uyisiboshwa ejele laseBelene. Wabhalela ihhovisi legatsha lendawo loFakazi BakaJehova, wathi: “Njengoba ngilapha ejele, ngithuke sengizithela kumagazini INqabayokulinda futhi ngenxa yalokho nginemibuzo eminingi engifuna ukunibuza yona. Sengiphendukile ezonweni zami, futhi ngifuna ukushintsha ngokuphelele ngokomoya. Ngifuna ukunicela okuthile okungase kube nzima ukuba nikwenze, empeleni angikholwa ukuthi kungenzeka. Ningakwazi yini ukungibhalela ukuze ngifunde okuthile ngoJehova uNkulunkulu? Angazi noma nizongiphendula yini, kodwa ukwazi nje ngoJehova kungilethela injabulo. Ngifuna ukwazi okwengeziwe ngalezi zinto, kungemina nje kuphela kodwa nezinye iziboshwa. Ngicela nikhumbule ukuthi uma ningeke nikwazi ukungibhalela, ngelinye ilanga ngiyophuma lapha futhi ngiyonithinta!” Abafowethu basilandelela ngokushesha lesi sithakazelo futhi sikhuluma nje iziboshwa eziyishumi kuleli jele ziyafundelwa, kuhlanganise no-Ivelin.
EPortugal
UJana, iphayona elikhethekile, uyalandisa: “Ngolunye usuku lapho ngehla esitimeleni, ngabona umlisa ongumShayina futhi nganquma ukukhuluma naye ngezindaba ezinhle. Kwammangaza ukuthi ngikhuluma isiShayina futhi wangitshela ukuthi uya esibhedlela ngoba maduzane umkakhe wayezobeletha ngokuhlinzwa. Yena nomkakhe babengakwazi ukukhuluma isiPutukezi, ngakho isibhedlela sabacela ukuba bathole umuntu ozobahumushela. Wayekhathazekile ngakho wangicela ukuba ngimsize. Ngosuku olulandelayo, odokotela abahlinzayo bangicela ukuba ngigqoke izingubo zasegunjini okuhlinzelwa kulo ukuze ngibe nalo wesifazane lapho ehlinzwa. Njengoba ehlinzwa, ngangimbambe ngesandla lo wesifazane, futhi wabuza imibuzo eminingi ngeBhayibheli nangomsebenzi wethu. Wabeletha ingane enhle yentombazane, futhi ngendlela lo mama alwazisa ngayo usizo lwami waze wangicela nokuba ngiyiqambe igama. Ngacabanga, ngabe sengikhetha igama elithi Sarah. Walithanda leli gama futhi wabonisa isithakazelo ekwazini okwengeziwe ngoSara okukhulunywa ngaye eBhayibhelini kanye nangoNkulunkulu ayemkhulekela. Sesiphumile esibhedlela, ngasikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa njalo. Ngaphambili, yena nomyeni wakhe babengafuni ukukhuluma noFakazi, kodwa usizo abaluthola kimi ngenkathi inkosikazi ihlinzwa lwakushintsha ngokushesha konke lokho. Basamukela ngokushesha isifundo futhi manje baba khona emihlanganweni.”
ESlovakia
Umbhangqwana ongamaphayona akhethekile wahlangana nezinsizwa ezimbili zase-Afghanistan. Phakathi nesikhathi esifushane ezasihlala eSlovakia, lezi zinsizwa zabonisa isithakazelo eBhayibhelini. La maphayona ahlangana nazo izikhathi ezimbalwa futhi azinikeza iBhayibheli nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Azitshengisa nendlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo ukuze zikwazi ukuzifundela zona iBhayibheli futhi zifundise nabanye.
E-OCEANIA
INANI LAMAZWE 30
INANI LABANTU 36 829 259
INANI LABAMEMEZELI 96 691
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 51 122
ENew Zealand
Ngenye intambama umzalwane ogama lakhe nguPaul watholana nowesifazane lapho esemsebenzini wendlu ngendlu. Lapho emhambisela incwajana, lo wesifazane wathi isihlobo sakhe sasisanda kumtshela ukuthi udinga iqiniso. Ekuseni ngalo lolo suku wayekade ethandaze kuJehova esebenzisa igama laphezulu, emcela ukuba othile afike kuye. “Emahoreni amathathu kamuva,” kusho uPaul, “ngafika qathatha kwakhe. Ngalé kwalokho, ngafika ngesikhathi angavamile ukuba sekhaya ngaso.” Wasamukela ngenjabulo isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi uthuthuka kahle kakhulu.
E-Australia
U-Armando no-Elvira, umbhangqwana oshadile osemusha, bahlala e-East Timor, enakekelwa igatsha lase-Australia. Ngo-2006, isigodi abahlala kuso sahlaselwa kaningi abantu bolunye uhlanga, ngakho baphoqeleka ukuba baphume ngesamagundane. Baphephela ekamu lababaleki, bephethe izinto ezimbili kuphela—iBhayibheli lika-Armando kanye nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngemva kokuba sebephinde baxhumana nabazalwane, u-Armando no-Elvira baqala ukufunda kabili ngesonto nokuba khona emihlanganweni yebandla. U-Armando wabuye wafakaza nasezihlotsheni zakhe ezihlala kwesinye isigodi esiqhele eDili ngamahora amane nesigamu. Lapho umndeni wakubo ubonisa isithakazelo esigijimini soMbuso, wahlela ukuba amaphayona aseBaucau athathe uhambo lwehora nesigamu ukuze ayowusiza ngokwengeziwe. Kwabuthana abantu abangaphezu kuka-20 bezolalela lawo maphayona. Uyise ka-Armando, owayekhulumela iqembu, wathi lizimisele ukulahla izithombe zalo kodwa wayesebuza ukuthi lisazoqhubeka yini livikelekile emimoyeni emibi. Amaphayona abaqinisekisa ukuthi ngempela uJehova uzobasiza. LeIi qembu lazilahla izithombe zalo. Sikhuluma nje kunabangaphezu kuka-25 abafundelwa iBhayibheli kuleso sigodi. U-Armando uthemba ukuthi uzobhapathizwa maduzane kanti no-Elvira uthuthuka kahle kakhulu.
EGuam
Esiqhingini saseSaipan, esiqondiswa igatsha laseGuam, udade wajabula lapho ethola ukuthi umyeni wakhe, ngaphambili owayemphikisa, wayezifunda ngasese izincwadi zeBhayibheli eziningi ezazisendlini. Ngaphandle nje kokufunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama, wayesefunde iziNcwadi Zonyaka nencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngolunye usuku wabizela ndawonye umkakhe nezingane zakhe ezinhlanu kulokho akuchaza ngokuthi “umhlangano obalulekile womkhaya.” Kwakungajwayelekile lokhu. Kwacaca ukuthi ubaba wayehlose ukunikeza amadodakazi akhe amathathu izeluleko ezithile ngomshado. Wayenze ishadi ayebhale kulo uhlu lwezimfanelo zalabo abangase babe abayeni abakahle. Lo baba ongakholwa wayehlatshwe umxhwele indaba yokuphila kaSheila Winfield da Conceição, eyavela kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2006, kangangokuba, njengoSheila, wenza uhlu lwezimfanelo zomngane womshado ofanelekayo. Weluleka amadodakazi akhe ukuba ashade kuphela nomunye woFakazi BakaJehova futhi athole abayeni abathanda uJehova nabazi okwengeziwe ngeBhayibheli kunawo. Wawatshela ukuthi uwafisela ukuba athole injabulo efana naleyo ayefunde ngayo esihlokweni sikamagazini. Lokhu kwabathinta izinhliziyo futhi kwabanika nethemba lokuthi ngelinye ilanga kuyokwenzeka uyise akhonze uJehova kanye nabo.
ESamoa
Muva nje, umzalwane kanye nomkakhe abavela kwelinye igatsha babelwe ukuba bazokhonza eSamoa. Emzini wokuqala angena kuwo enkonzweni, umzalwane wahambisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Engalindele, wangeniswa endlini. Nokho, umninikhaya, ongusomabhizinisi wesifazane osewathatha umhlalaphansi, wathi ukuthula kancane wayesethi, “Nginemizuzu engu-45 kuphela engingakunikeza yona ekuseni nje”—lo mzalwane wayeqala ukuzwa umuntu esho kanjalo. Waqala isifundo ngaso leso sikhathi. Lapho umzalwane nomkakhe befika ngesonto elilandelayo, lo wesifazane wabamukela eseliphethe ngesandla iBhayibheli kanye nencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Kwethenjwa ukuthi isifundo sizoqhubeka.
ESolomon Islands
U-Emily uyena yedwa uFakazi nephayona elivamile endaweni ahlala kuyo esiqhingini saseSan Cristobal. Uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-20, ezintathu kuzo esezingabamemezeli abangabhapathiziwe, okuhlanganisa nabazali bakhe. Izikhonzi zakwamanye amazwe uLance noDiane zathatha iholide, zahamba amahora angu-14 ngomkhumbi wezimpahla omncane ominyene ukuze ziyosiza u-Emily ngeSikhumbuzo. ULance wabika: “Lapho sifika, okuwukuphela kwento esasifuna ukuyenza kwakuwukulala, kodwa sabona kungcono ukuba siqale ngokubona inkosi yendawo. Ngemva kokuchaza injongo yokuba sendaweni yayo, inkosi yasibuza: ‘Abaningi abazange basithole lesi simemo. Bangeza yini nabo?’ Simamatheka, sayiqinisekisa ngokuthi kwakuyoba into enhle leyo.
“Njengoba isikhathi sokuba kuqale iSikhumbuzo sasisondela, kwakunabesifazane ababili nje kuphela kanye nedlanzana lezingane. Nokho, laphaya eduze kwezihlahla sabona abanye abantu abaningi bezidlisa satshanyana, ngakho saya kubo masinyane sababiza. Njengoba kuhwalala, sadumisa i-generator encane, izibani zakhanya bhá. Bonke babelalelisisile njengoba inkulumo yeSikhumbuzo iqhubeka.” Babecela ku-130 ababelalele inkulumo, kuhlanganise nomfundisi wesonto lamaSabatha owacela ikhophi ye-Nguqulo Yezwe Elisha ngenxa yokuthi icace kangcono kuneBhayibheli ayelisebenzisa. Kulesi senzakalo esikhethekile, kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezintsha ezinhlanu.
EPapua New Guinea
Kunezindawo ezimbili ezingaphandle nje kwedolobhana ebezilokhu zingaphansi kwethonya elinamandla leSonto LamaKatolika, futhi ukushumayela lapho bekuwumqansa. Muva nje, abafowethu bavakashele izinduna zalezi zindawo ngenjongo yokuchaza umsebenzi wethu, nokuthi kungani sithanda ukuxoxa nabo bonke abantu. Kwaqondana nokuthi izakhamuzi zazisanda kuba nembizo mayelana nokuthi zingayisiza kanjani intsha ithuthukise indlela yayo yokuziphatha. Abafowethu batshela lezi zinduna ukuthi ulwazi lweBhayibheli lungasiza kule ndaba.
Abafowethu banikezwa imvume yokushumayela obala, futhi eziningi izinsizwa zaqala ukufunda. Umphakathi waphawula ukuthi ukuziphatha kwalezi zinsizwa kwase kuthuthuke kakhulu ngenxa yokuzihlanganisa noFakazi BakaJehova, ngakho wayeka ukuphikisa umsebenzi wethu. Kancane kancane, abangane nabazali nabo baqala ukufunda, phakathi kwabo kwakunendodakazi yomuntu owayefundisa ikhathekizimu, ngaphambili owayeke wasongela abafowethu. Wathi endodakazini yakhe: “Ngenza iphutha elikhulu ngaleso sikhathi. Ngithemba ukuthi uNkulunkulu noFakazi BakaJehova bazozixolela izono zami.” Kulezi zindawo ezimbili, sekunabantu abangu-27 abahlanganyela njalo. Okungenani abane sebebhapathiziwe futhi bangamaphayona asizayo. Manje basebenzela ukuba amaphayona avamile.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 48]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
[Isithombe]
Indlu yesibani eCape Horn
[Ibalazwe ekhasini 63]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ISan Cristobal
[Isithombe ekhasini 44]
Kuqhutshwa iSifundo Se-“Nqabayokulinda” endaweni yase-Antanandava, eMadagascar
[Isithombe ekhasini 46]
Kufundwa incwadi ethi “Okufundiswa IBhayibheli” kanye neqembu ePawaga, eTanzania
[Isithombe ekhasini 49]
ISifundo Sencwadi Sebandla eSixaola, eCosta Rica
[Isithombe ekhasini 50]
URamiro ephethe incwadi ethi “Okufundiswa IBhayibheli”
[Isithombe ekhasini 53]
UHiroko efakaza esitobhini sebhasi
[Isithombe ekhasini 58]
UHelgi (kwesikudla) enikeza inkulumo eSikolweni Senkozo Esingokwasezulwini
[Isithombe ekhasini 64]
ULance, uDiane no-Emily