Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Julayi kk. 26-30
  • Ukuvumela UJehova Angenze Umuntu Ongcono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvumela UJehova Angenze Umuntu Ongcono
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • NGESIKHATHI NGISEYINGANE NGIFUNA UNKULUNKULU
  • UKUYEKA UKUFUNDA EYUNIVESITHI UKUZE NGIPHAYONE
  • NGAFUNDA IZIFUNDO EZIBALULEKILE EBETHEL YASEBROOKLYN
  • “KUFANELE UFUNDE ISIJAPANE!”
  • IGATSHA LASEJAPANE NENSIMU YAKHONA
  • NGIZIMISELE UKUQHUBEKA NGIVUMELA UJEHOVA ANGENZE UMUNTU ONGCONO
  • Ingabe Lona Kungaba Umsebenzi Okulungele Kunayo Yonke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Ungazenza Yini Utholakale?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Kumenywa Wonke Umuntu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Julayi kk. 26-30
UKen Kiuchi.

INDABA YOKUPHILA

Ukuvumela UJehova Angenze Umuntu Ongcono

ILANDISWA UKEN KIUCHI

ANGISOZE ngalukhohlwa usuku engaqala ngalo ukusebenza eMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi eBethel yaseBrooklyn, eNew York, e-U.S.A. Lapho nje ngingena khona, ngezwa umsindo omkhulu wemishini, ngabona nemishini yokuhlanganisa izincwadi eyayilokhu idume njalo. Kwakunezimpephelezi zamaphepha emoyeni, kunuka nowoyela wemishini.

Ziningi izinto engaziqaphela kuleyo ndawo, kodwa okwangikhanga ngokukhethekile kwakungabantu bakhona. Kwakunabafowethu nodadewethu abasebasha ababenza umsebenzi owawubonakala sengathi uyabhora. Ababaningi abantu ababebona umsebenzi abawenzayo. Noma kunjalo, babejabule futhi banelisekile. Isibonelo sabo sangifundisa ukuthi kusho ukuthini ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka.

Kuyo yonke le minyaka, uJehova ubelokhu engisiza ukuba ngibe umkhulekeli wakhe ongcono. Kodwa ake ngiqale ngikuxoxele ngokuphila kwami ngesikhathi ngisafuna iqiniso ngisesenkolweni yobuBuddha.

NGESIKHATHI NGISEYINGANE NGIFUNA UNKULUNKULU

Ngazalelwa futhi ngakhulela eChicago, e-Illinois, e-U.S.A. Ekhaya, yimi owokuqala ezinganeni ezine. Abazali bami bathuthela eChicago besuka eJapane ngoba babekholelwa ukuthi babezothola ukuphila okungcono e-America. Babefuna izingane zabo zithole imfundo engcono futhi ziphumelele ekuphileni.

Abazali bami babeyithanda kakhulu inkolo yabo yobuBuddha. Umama wayekhulele ekhaya elalinethempeli lamaBuddha. Ubaba wakhe nabafowabo ababili babeyizindela zamaBuddha. Ngakho inkolo yobuBuddha yadlala indima enkulu ekukhuleni kwami. Into yokuqala engangiyenza uma ngibuya esikoleni ukushisa impepho, nginikele ilayisi namanzi esithixweni samaBuddha. NgamaSonto sasiya ethempelini lamaBuddha, lapho esasifike siculele khona isithixo esifana nalesi esasisekhaya—ukuthi nje sona sasisikhulu futhi siyigolide.

Ngesikhathi sengizohlanganisa iminyaka engu-7, ngikhumbula ngigqolozele isithixo esasisekhaya, ngizibuza ukuthi, ‘Ingabe kuyoba njani ukuphila kwami ngemva kokuba sengifile?’ Inkolo yobuBuddha yayingifundise ukuthi ngiyoqhubeka ngiphila kwenye indawo ezweni lemimoya. Ngaqonda ukuthi ngelinye ilanga ukuphila kwami kwakuyophela. Mhlawumbe ngangiyophila kwenye indawo sengiwumoya, kodwa ngangingeke ngisakujabulela ukuphila njengomuntu. Kwangiphatha kabi kakhulu lokho! Ngavele ngaphelelwa amandla.

Lapho sengizohlanganisa iminyaka engu-15, ngaba nomuzwa wokuthi amasiko obuBuddha engangiwenza ayengangisizi ngalutho. Kunento eyayishoda ekuphileni kwami. (Math. 5:3) Ekujuleni kwenhliziyo yami ngangizwa ukuthi kumele ukuba ukhona uNkulunkulu ophilayo onamandla amakhulu. Ngangifuna ukumazi. Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe iBhayibheli linazo izimpendulo. Ngakho ngathenga i-King James Version emkhosini wamaBuddha—cabanga nje!

UKen Kiuchi ngesikhathi esemusha, emi noWilson Bashou owayemfundela iBhayibheli.

Ngimi noWilson Bashou, owangifundisa iqiniso

Ngesikhathi ngineminyaka engu-17, umzalwane okuthiwa uWilson Bashou weza kimi ngesikhathi ngilula izinyawo nenja yami. Wangibuza ukuthi, “Uyazi yini ukuthi yini uNkulunkulu athembisa ukusenzela yona esikhathini esizayo?” Lowo mbuzo wasenza saba nengxoxo yeBhayibheli ejulile. UWilson wafunda isAmbulo 17:1 wabe esengibuza ukuthi, “Abhekisela kuphi ‘amanzi amaningi’ isifebe esihleli phezu kwawo?” Ngangingayazi nhlobo impendulo yalowo mbuzo. Wangibonisa ivesi 15, elithi lawo manzi abhekisela kubantu. Kwangithinta ukubona ukuthi oFakazi BakaJehova basebenzisa iBhayibheli ukuze baqonde amavesi okunzima ukuwaqonda. Ngasekupheleni kwengxoxo yethu, uWilson wanginika incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Leyo ncwadi encane eluhlaza yakushintsha ukuphila kwami.

Ngemva kwezinsuku eziyishumi, ngaya emhlanganweni webandla eHholo LoMbuso okokuqala ngqa. Angisoze ngayikhohlwa indlela abantu ababelapho abangibonisa ngayo uthando nomusa. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke bengilokhu ngiya emihlanganweni yebandla. Ngemva kokuba ngiqale ukuya emihlanganweni yebandla, uWilson waqala ukutadisha nami iBhayibheli. Ngangikuthanda kakhulu ukutadisha iBhayibheli kangangokuba ngezinye izikhathi sasifunda amahora angu-8.

Abazali bami babekhathazekile futhi babengiphikisa kakhulu ngenxa yokutadisha kwami iBhayibheli. Kodwa njengoba ngangiqhubeka ngilitadisha, ngaqiniseka nakakhulu ukuthi engangikufunda kwakuyiqiniso. Ngabhapathizwa ngo-1983.

UKUYEKA UKUFUNDA EYUNIVESITHI UKUZE NGIPHAYONE

Ngesikhathi ngibhapathizwa ngangifunda eyunivesithi ephambili, ngisemkhakheni wezokwelapha. Abazali bami babedele izinto eziningi ukuze ngithole leyo mfundo. Ngangingaqhubeka nokufunda eyunivesithi, kodwa ngangifuna ukunika uJehova okungcono kakhulu nokumkhonza isikhathi esigcwele.

Ubaba wayengixwayisile wathi, “Uma uyeka eyunivesithi ngizokuxosha lay’ khaya!” Ngangiphatheke kabi kakhulu futhi ngididekile. Ngangibathanda abazali bami futhi ngangingafuni ukubadumaza. Ngakho ebusuku ngangivame ukuphumela ngaphandle emagcekeni aseyunivesithi njengoba isibhakabhaka sasigcwele izinkanyezi, ngithandaze ngokusuka enhliziyweni ngithi, “Jehova, ngicela ungisize ngenze isinqumo esifanele.” Ngesikhathi ekugcineni nginquma ukuyeka eyunivesithi, ubaba wangitshela ukuthi mangiphume ngiphele ekhaya. Ngafonela uWilson ngamtshela ngalokho okwakwenzekile. Ngomusa wathi mangize ngizohlala naye. Ngagibela ibhasi ngaya la ayehlala khona, nazo zonke izinto zami ezazisesikhwameni esisodwa. Ngiyakhumbula ngizizwa nginokuthula okungachazeki. Ngangazi ukuthi ngangenze isinqumo esifanele.

Ngazizwa njengenyoni ekhululwe ekhejini! Ekugcineni ngase nginenkululeko yokuzinikela ngokugcwele ekukhonzeni uJehova. Ngaqala ukuphayona ngo-1984.

Ngesikhathi ngiyiphayona elivamile, uJehova wangifundisa ukuba nezimfanelo ezibalulekile, ezifana nokuphikelela. Ngolunye usuku, kwakubonakala sengathi nganginezizathu ezizwakalayo zokungayi enkonzweni yasensimini. Ngangidikibele ngoba wayengekho umuntu owayengashumayela nami ngaleyo ntambama. Noma kunjalo ngahamba. Ngemva kwamahora ambalwa, ngabe senginquma ukuthi ngangizoyeka ukushumayela ngemva kokushumayela kwesinye isakhiwo esasinemizi eminingana. Ngangikhathele futhi ngizizwa nginesizungu futhi kwakubonakala sengathi imvula yayizona. Ngazibuza, ‘Ngiyeke yini ukuyoshumayela kulesi sakhiwo?’ Njengoba ngangikhuphuka izitebhisi ngiya esitezi sesithathu, ngabona insizwa yasePhilippines imi phambi kwami. Ngazitshela ukuthi, ‘Nakanjani ngeke ingilalele.’ Kwenzeka okuphambene! Ngaqala isifundo seBhayibheli naleyo nsizwa futhi kamuva yaba umkhulekeli kaJehova.

NGAFUNDA IZIFUNDO EZIBALULEKILE EBETHEL YASEBROOKLYN

Ngemva kokuhlala noWilson iminyaka emibili, ngamenywa ukuba ngiyokhonza eBethel yaseBrooklyn ngo-1985. Njengoba ngishilo ekuqaleni, ngathola isabelo sokusebenza eMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi. Ngolunye usuku, ngesikhathi ngisebenza emshinini obhala isihloko sencwadi oqwembeni lwayo, ngenza iphutha, konakala amakhulu ezinqwembe zezincwadi. Ihhovisi Lokuhlanganisa Izincwadi langicela ukuba ngibikele u-overseer ngalokho okwakwenzekile. Ngachaza zonke izizathu ezazingenze ngenza lelo phutha, kodwa kunento eyodwa engingazange ngiyisho. Ngomusa, u-overseer wangikhumbuza ukuthi, “Kuhlale kukuhle ukuxolisa.” Ngaleso sikhathi, ngafunda ukubaluleka kokuvuma amaphutha ami nokubaluleka kokuthi, “Ngiyaxolisa.”

UKen useMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi eBethel yaseBrooklyn, uphethe into yokwenza izinqwembe zezincwadi.

Ngibonisa abantu abavakashele eBethel yaseBrooklyn umsebenzi owenziwa eMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi

Isibonelo samalungu omndeni waseBethel athembekile nasekhulile ngeminyaka sangenza ngaba nombono ohlukile ngokukhonza abanye. Ngelinye ilanga, uMfoweth’ uMilton Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo, wayehleli etafuleni lethu ngesikhathi sesidlo sasemini. Ngalolo suku, indawo yokudlela yayinabantu abaningi kakhulu futhi oweta babetatazela njengoba behambisa ukudla ematafuleni. Thina bazalwane abasebasha esasihlezi etafuleni lethu sasikhononda ngokuthi ukudla kwakwephuza ukufika ematafuleni. Ngaphandle kokusho okuthile, uMfoweth’ uHenschel wavele wasukuma wasebenza noweta, bahambisa ojeke bamanzi namapulethi anesinkwa nebhotela ematafuleni. Angisoze ngayikhohlwa leyo nkonzo yokuthobeka. Yangikhumbuza indlela uJesu akhonza ngayo abaphostoli bakhe.—Joh. 13:​3-5.

“KUFANELE UFUNDE ISIJAPANE!”

Ngimi noMichiko Oda nomyeni wakhe

Ngo-1987 ngavakashela eJapane futhi kwangithinta ngempela ukubona indlela abamemezeli bakhona ababeshiseka ngayo nababethobeke ngayo. Ngangifuna ukubasiza, kodwa inkinga kwakuwukuthi ngangingasazi isiJapane. Omunye udade waseBethel, uMichiko Oda, wangibuka ngqo emehlweni wathi kimi, “Kufanele ufunde isiJapane!” Yilokho kanye engakwenza. Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi amazwi akhe ayeyokushintsha kangakanani ukuphila kwami.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngashintsha ibandla ngaya ebandleni lesiJapane eNew York. Ukufunda isiJapane kwangivulela amathuba amaningi okukhonza uJehova uNkulunkulu. Ngo-1989, ngaya okokuqala ngqa emhlanganweni wesifunda wesiJapane eLos Angeles, eCalifornia. UMiwako Onami, udade oyiphayona owayekanye nethimba elalidlala idrama yomhlangano, wangikhanga.

Mina noMiwako sashada ngo-1992 futhi saba nelungelo lokukhonza eBethel yaseBrooklyn. UMiwako ungumuntu ocabangelayo nokhathalelayo, ohlale ekulungele ukusiza abanye. Isibonelo sakhe singisisizile ukuba ngithuthukise indlela engiphatha ngayo abanye. Uyisipho esivela kuJehova—uhlale ewumthombo wenjabulo nenduduzo kimi.

UKen noMiwako Kiuchi ngosuku lwabo lomshado.

Ngosuku lwethu lomshado

IGATSHA LASEJAPANE NENSIMU YAKHONA

Ngokuhamba kwesikhathi, abazali bakaMiwako ababehlala eJapane, bagula kakhulu. Ngakho savunyelwa ukuba sithuthele egatsheni laseJapane ukuze sibe seduze nabo sikwazi ukubanakekela. Sathuthela khona ngo-1999.

Lapho nje sifika khona, umndeni waseBethel yaseJapane wasenza sazizwa sisekhaya futhi sashesha ukulijwayela ikhaya lethu elisha. Ukulingisa izimfanelo ezinhle zabafowethu nodadewethu baseJapane, ezinjengokupha nokungenisa izihambi, nakho kwangisiza ngaba umuntu ongcono. Uma kuziwa emsebenzini, abadlali futhi bayazimisela. Bayakwazi nokusebenzisana kahle nabanye abantu. Kanjani? Isiko labantu baseJapane likhuthaza ukusebenza nabanye ngobunye nangokubambisana ukuze kuzuze wonke umuntu, kunokusebenza wedwa ukuze uzizuzise wena. Isibonelo sabo esihle sangikhuthaza ukuba ngithobeke lapho ngisebenza nabanye, ngiqonde nokuthi lokho okuncane engikwenzayo kusiza kanjani ekufezeni injongo kaJehova iyonke.

Noma kunjalo, ngenxa yokuba namasiko angafani, ngezinye izikhathi ngangikuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani izinto ziye zasingathwa ngendlela ethile. Kwadingeka ngifunde ukuba nesineke nokungathathi izinto ngamawala. Ngokuhamba kwesikhathi, ngalungisa isimo sami sengqondo, ngaqonda nokuthi uJehova angabusisa noma yisiphi isinqumo, uma nje silandela isiqondiso asinika sona ngenhlangano yakhe. Ekugcineni, nguJehova owenza umsebenzi wethu uphumelele.

Ngivame ukuqhathanisa ukuqeqeshwa engikuthole eBethel nokuqeqeshwa okwatholwa uMose. UJehova wasiza uMose ukuba abe mnene phakathi neminyaka engu-40 engumalusi. NjengoMose, nami ngivela emndenini oyazisayo imfundo ephakeme. Ngavumela leyo mfundo ukuba ingenze umuntu oqhoshayo nozethemba yena. IBethel ingifundise ukuba umuntu othobekile nothembele kuJehova. Njengoba nje uJehova amqeqesha uMose, ungiqeqeshile nami kuyo yonke le minyaka.

UKen usedeskini lakhe.

Ngesikhathi ngisebenza egatsheni laseJapane

Sanakekela abazali bakaMiwako iminyaka engaba ngu-24, kwaze kwaba yilapho beshona. Ziningi izikhathi esasifona ngazo nesasifonelwa ngazo, izikhathi esasesaba ngazo nesasiya ngazo esibhedlela. Impilo kamama kaMiwako, uMasako, yaba buthaka kakhulu kangangokuba kwase kunzima nokuhamba. Kwakunzima ngoMasako ukuya emihlanganweni yebandla nokuya enkonzweni yasensimini. Emavikini okugcina ngaphambi kokushona kwakhe, kwadingeka asebenzise isihlalo sabakhubazekile. Noma kunjalo, naphezu kwazo zonke lezi zimo uthando lwakhe ngoJehova alukaze lunciphe. Ubuso bakhe babuhlale buchichima injabulo njalo lapho exoxela abanye ngoJehova. Singikhuthazile kakhulu isibonelo sikaMasako sokukhonza uNkulunkulu nesokwaneliseka nokujabula noma ngabe ubhekene nasiphi isimo.

UKen noMiwako basesabelweni sabo, bakhonza njengamaphayona akhethekile.

Ngesikhathi ngishumayela noMiwako e-Okinawa

Ngo-2024 kwaba noshintsho olukhulu ekuphileni kwethu. Ngemva kokukhonza eBethel iminyaka engaphezu kwengu-30, sathola isabelo sokuyokhonza ensimini. Njengamanje sikhonza njengamaphayona akhethekile esiqhingini sase-Okinawa futhi sinelungelo lokushumayeza imindeni endaweni ehlala amasosha eseduze kwaleso siqhingi. Ukuqeqeshwa okuhle esakuthola eBethel kwenze kwaba lula ukuzivumelanisa nalolo shintsho. Senza konke esingakwenza ukuze singaphazamiseki isimiso sethu sokushumayela futhi sisisebenzisa kahle isikhathi sethu ngokuhlale sigxile enkonzweni yasensimini nangokusebenza kanzima. UJehova usibusise ngokusinika abantu esizotadisha nabo iBhayibheli asebefana nomndeni kithi. Sizibonela mathupha ukubaluleka kokuthanda abantu. Mina noMiwako simbonga nsuku zonke uJehova ngalesi sabelo esihle.

NGIZIMISELE UKUQHUBEKA NGIVUMELA UJEHOVA ANGENZE UMUNTU ONGCONO

Nakuba umndeni wakithi ungasangiphikisi ngokuthi ngikhonza uJehova, awukamkhonzi uJehova kanye nami. Noma kunjalo, uJesu wathembisa ukuthi labo abashiya imindeni yabo ukuze babe abafundi bakhe, bayothola umndeni ongokomoya izikhathi eziphindwe kawu-100. (Marku 10:​29, 30) Yilokho kanye okwenzekile kimi. Miningi kakhulu imindeni esezindaweni ezihlukahlukene engibonise uthando futhi yanginakekela phakathi nayo yonke le minyaka.

Ngisenayo leya ncwadi ethi Iqiniso uWilson anginika yona. Leyo ncwadi eluhlaza ingikhumbuza indlela uJehova angibonise ngayo umusa ngokungenza ngimthole. (1 IziKr. 28:9) Ngizimisele ukuqhubeka ngimvumela ukuba angenze umuntu ongcono nokusiza abanye ukuba bafunde iqiniso eliholela ekuphileni okuphakade.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela