Yilungiseni Ngokushesha Inkinga!
KWAKE kwenzeka yini umzalwane noma udade wakuzwisa ubuhlungu kwaze kwathinteka nobungani benu? Ukuze ulungise inkinga ephakathi kwenu futhi nihlale ningabangani, kudingeka uthathe isinyathelo ngokushesha futhi ube nezisusa ezinhle.a
Ngokwesibonelo, ithambo eliphukile kumele lilungiswe ukuze ligcine lisebenza kahle ngaphandle kokukuzwisa ubuhlungu. Kodwa liyoqhubeka libuhlungu uma lingalungiswa ngokushesha. Okubi nakakhulu, ithambo lingase ligudluke unomphela futhi lingabe lisakwazi ukusebenza kahle.
Njengethambo eliphukile, uma ubungani bakho nomunye umKristu bulimele, kufanele nilungise izinto ngokushesha. Uma kungenjalo, niyoqhubeka nizwa ubuhlungu ngenxa yalobo bungani obulimele. Ningase niqhubeke nibambe igqubu futhi ubungani benu bungase buphele. UJesu wathi: “Lungisa izindaba ngokushesha.” (Math. 5:25) Ngakho, khuluma nomngani wakho ngendlela enomusa, kodwa umtshele indlela ozizwa ngayo. Kungani kungase kube nzima lokho? Cabanga ngalezi zizathu ezimbili.
Okokuqala, ungase ulingeke ukuba ukuzibe lokho okwenzekile, ungakulungisi, mhlawumbe ngenxa yokuthi awukuthandi ukukhuluma ngezinkinga.b Cabanga ngo-Evodiya noSintike, odade abangamaKristu okubonakala sengathi babehluleka ukuxazulula ingxabano eyayiphakathi kwabo. Kubonakala sengathi inkinga yabo yathatha isikhathi eside, njengoba nomphostoli uPawulu owayekude eseRoma ezwa ngayo. Wabanxusa ukuba benze noma yini okwakudingeka bayenze ukuze baphinde babe nobunye. (Fil. 4:2) Uma babethobekile, bekhulumisana kahle futhi bethethelelana ngokusuka enhliziyweni, babengaphinde babe abangani.
Okwesibili, ungase ulindele ukuba umuntu onenkinga naye avume iphutha lakhe. Kodwa injongo yakho ukuba niphinde nibe abangani, hhayi ukuveza ukuthi ubani onephutha. Udokotela olungisa ithambo eliphukile uyogxila ekulenzeni liphole, kunokulokhu efuna yonke imininingwane yokuthi ithambo liphuke kanjani. Lapho ukhuluma nomngani wakho, ungagxili ekutheni ubani obe yimbangela yenkinga. Kunalokho, khumbula ukuthi buyigugu kangakanani kuwe ubungani benu bese ugxila kulokho okudingeka ukwenze ukuze nilungise izinto.
Uma kunomzalwane noma udade onenkinga naye, kunganjani ukhulume naye namuhla ukuze nilungise inkinga futhi niphinde nibe abangani? “Ilanga malingashoni nisacasukile.” (Efe. 4:26) Ngokuthatha izinyathelo zokuyilungisa ngokushesha inkinga, uyosiza ekulondolozeni ‘isibopho sethu esihlanganisayo sokuthula.’—Efe. 4:1-3.
a Ukungaboni ngaso linye okuncane kufanele kulungiswe ngasese futhi kufanele sithethelelane ngokukhululekile. (Math. 5:23, 24) Ezinye izinkinga ezinkulu zingase zidinge usizo lwabadala. (Math. 18:17) Nokho, umKristu uyofuna lolo sizo kuphela uma esekwenzile lokho okushiwo kuMathewu 18:15, 16.
b Uma esikholwa naye esiphathe kabi, kodwa bangalimala ubungani bethu naye, singase sikhethe ukumane silishalazelele iphutha lakhe.—IzAga 26:20.