AGASTI 3-9, 2026
INGOMA 113 Imfuyo Yethu Yokuthula
Hlonipha Izinqumo Zabanye
“Ningamahluleli umuntu ngenxa yemibono engafani.”—ROMA 14:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi singababonisa kanjani inhlonipho esikholwa nabo lapho benza izinqumo esingavumelani nazo.
1-2. Kungani ngezinye izikhathi izinqumo esizenzayo zihluka kulezo ezenziwa amanye amaKristu?
KWAKE kwenzeka yini waba nomuzwa wokuthi othile ukwahlulele kabi washo into engelona iqiniso ngenxa yesinqumo osenzile? Kwake kwenzeka yini wahlulela umKristu okanye naye ngenxa yesinqumo ayesenzilea? Akungabazeki ukuthi iningi lethu lingayiphendula ngoyebo yomibili le mibuzo.
2 Akufanele kusimangaze ukuthi ngezinye izikhathi senza izinqumo ezihlukile kulezo ezenziwa amanye amaKristu athembekile. Kungani? Kungenxa yokuthi asifani. Ngamunye wethu unendlela ehlukile yokucabanga. Ukucabanga kwethu kuthonywe yisiko lethu, indlela esikhule ngayo nezinto esike sabhekana nazo ekuphileni. Kodwa akufanele sivumele ukuba nemibono engafani kuphazamise ukuthula nobunye bebandla.—Efe. 4:3.
3. Yini engasenza sahlulele umKristu esikholwa naye ngesinqumo asenzile?
3 Lapho umKristu esikholwa naye enza isinqumo esingavumelani naso, singase sibe nomuzwa wokuthi kudingeka simenze ashintshe umqondo noma singase sitshele abanye ngalokho okusikhathazayo. Cishe sinezisusa ezinhle. Siyabathanda abafowethu nodadewethu futhi sibafunela okungcono. (IzAga 17:17) Ngakho asifuni ukubabona benza isinqumo abazozisola ngaso kamuva noma esingalimaza ubuhlobo babo noJehova.
4-5. Yini okufanele siyenze uma umKristu esikanye naye enquma ukwenza into ehlukile kuleyo thina ebesiyoyenza?
4 Ingabe kufanele sixoxe nomfowethu ngalokho okusikhathazayo uma singavumelani nesinqumo sakhe? Ziningi izinto ezinganquma ukuthi kuwukuhlakanipha yini ukwenza kanjalo. Ngokwesibonelo, uma sithola ukuthi ucabanga ukwenza into ephula umthetho weBhayibheli, ngenxa yothando esinalo ngaye kufanele sizame ukumsiza alungise indlela acabanga ngayo. (IzAga 27:5, 6) Kodwa yini okufanele siyenze uma umfowethu enquma ukwenza into engawephuli omunye wemithetho kaNkulunkulu, kodwa emane nje ihlukile kulokho thina ebesiyokwenza? UmBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko usinika impendulo. ‘Asimahluleli umuntu ngenxa yemibono engafani.’—Roma 14:1.
5 Noma kunjalo, singase sikuthole kunzima ukuhlonipha isinqumo sakhe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kufanele sihloniphe izinqumo zabanye nangokuthi singakwenza kanjani lokho. Kodwa ake siqale sixoxe ngezinye izimo ezihilela ukuba umuntu azenzele izinqumo zomuntu siqu ezingasenza sahlulele abafowethu nodadewethu.
YIZIPHI IZINQUMO ZOMUNTU SIQU EZINGASENZA SAHLULELE ABANYE?
6-7. Nikeza izibonelo ezingasenza sahlulele abanye ngenxa yezinqumo zabo.
6 Njengoba kushiwo ekuqaleni, singase sibe nemibono eqinile ngezindaba ezithile ngenxa yendlela esikhule ngayo noma ngenxa yezinto esike sabhekana nazo ekuphileni. Singase sizitshele ukuthi abanye banombono ofana nowethu. Kodwa kungase kungabi njalo. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa. Isibonelo 1: Ngaphambi kokuba afunde iqiniso, umzalwane wakhulela ekhaya elinobaba owayenenkinga yokuphuza kakhulu utshwala. Ngelinye ilanga lapho kunombuthano, ubona amanye amaKristu ephuza utshwala. Udumele futhi utshela la maKristu ukuthi lokhu akwenzayo akulungile. Isibonelo 2: Udade obephethwe yisifo esibucayi uselaphekile. Kamuva uzwa ukuthi omunye udade kutholakale ukuthi unesifo esifanayo. Lo dade oselaphekile ufuna ukusiza lo dade ogulayo, ngakho umcindezela ukuba elashwe ngendlela naye elashwa ngayo—kungaba ukwelashwa ngokudla izinhlobo ezithile zokudla, noma ukwelashwa odokotela, noma ngokusebenzisa amakhambi esintu. Isibonelo 3: Umzalwane wayeyilungu lenkolo yamanga. Uyayizonda indlela ayephila ngayo. Lapho ezwa ukuthi umKristu akholwa naye ubesemngcwabeni osesontweni uyakhubeka.b
7 Cabanga nangezinye izibonelo ezimbalwa. Isibonelo 4: Umzalwane wakhula ngesikhathi lapho abantu abaningi benomuzwa wokuthi akufaneleki ukuba abazalwane bakhulise intshebe noma ukuba abesifazane bagqoke amabhulukwe esifundweni, emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Nakuba lo mzalwane esazi isiqondiso samuva ngokuphathelene nale ndaba, uyaqhubeka etshela wonke umuntu ukuthi abazalwane akufanele bakhulise intshebe nokuthi odade kufanele bagqoke izingubo noma iziketi lapho benza imisebenzi kaJehova. Isibonelo 5: Umdala wazi umzalwane owakhetha ukuthola imfundo eyengeziwe futhi kamuva wayeka ukukhonza uJehova. Manje umzalwane osemusha osebandleni elifanayo nalo mdala unqume ukuthola imfundo eyengeziwe. Lo mdala ukhathazekile futhi uzama ukwenza lo mzalwane osemusha nabazali bakhe bashintshe umqondo.
8. (a) Yini engenza umzali aqale ukwahlulela abanye abazali? (b) Ukugxeka kwethu abanye kungalithinta kanjani ibandla?
8 Cabanga ngesimo esingase sithinte abazali. Isibonelo 6: Njengomzali, usebenza kanzima ukuze ukhulise izingane zakho ‘ngokuziqeqesha nangesiyalo sikaJehova.’ (Efe. 6:4) Kodwa kubonakala sengathi abanye abazali abangamaKristu bavumela izingane zabo ukuba zenze izinto eziningi kunalezo wena ozivumelayo. Ngokwesibonelo, bavumela izingane zabo ukuba zibuye ebusuku kakhulu kunezakho, ukuba zidlale imidlalo yamavidiyo engenabo ubudlova, noma ukuba zibe namafoni zisencane. Ngenxa yalokho, ingane yakho inomuzwa wokuthi unesandla esiqine kakhulu. Iyakubuza, “Kungani ungafani nabazali bomngani wami?” Isimo esinjengaleso singakwenza uqale ukugxeka abanye abazali. Iqiniso liwukuthi noma yisiphi isinqumo somKristu esihlukile kwesethu singasenza simahlulele. Ngokwesibonelo, singase sigxeke indlela asebenzisa ngayo imali yakhe, ukuthi uya kaningi kangakanani eholidini, noma sigxeke izinto akhetha ukuzijabulisa ngazo. Kodwa akumele sivumele imizwa yethu ibaluleke ukwedlula ubunye bebandla.
9. Yini okufanele siyikhumbule? (Bheka nesithombe.)
9 Nakuba izinqumo zomunye umKristu zingase zehluke kwezamanye amaKristu, lokho akusho ukuthi isinqumo somunye silungile futhi esomunye asilungile. (Roma 14:5) Ukuthi amaKristu ayalwa ukuba ‘acabange ngokuvumelana’ uma kuziwa emithethweni kaJehova akusho ukuthi kufanele sicabange ngendlela efanayo uma kuziwa ezindabeni zomuntu siqu. (2 Kor. 13:11) Singafanisa izinqumo zomuntu siqu nalokho esikhetha ukukwenza lapho sikhetha ukuya endaweni ethile. Ngokuvamile, ziningana izindlela esingahamba ngazo ezisiyisa endaweni efanayo. Sikhetha indlela esiyithandayo nesizokwazi ukuhamba ngayo. Ngendlela efanayo, amaKristu akhetha izinto ezingafani ezindabeni zomuntu siqu, kodwa sonke sinomgomo ofanayo: Sifuna ukujabulisa uJehova. Ngakho asibahluleli abanye ngezinqumo abazenzayo.—Math. 7:1; 1 Thes. 4:11.
Ziningi izindlela ezingasetshenziswa abantu abathatha uhambo ukuze bafike lapho beya khona; ngendlela efanayo, amaKristu angase enze izinqumo ezingafani ezindabeni zomuntu siqu lapho ekhonza uJehova (Bheka isigaba 9)
KUNGANI KUFANELE SIHLONIPHE IZINQUMO EZENZIWA ABANYE?
10. NgokukaJakobe 4:12 yiliphi igunya esingenalo, futhi kungani?
10 IBhayibheli lisinika izizathu eziningana zokuthi kungani kufanele sihloniphe izinqumo ezenziwa abanye. Cabanga ngezinye zalezo zizathu ezimbalwa. Asinalo igunya lokwahlulela abanye ezindabeni zomuntu siqu. (Funda uJakobe 4:12.) UJehova unguMniki-mthetho noMahluleli olungile. Nguye kuphela onelungelo lokusibekela imithetho okufanele siphile ngayo. Ngakho abafowethu nodadewethu kufanele balandise kuJehova, hhayi kithi. (Roma 14:10) Asinalo ilungelo lokwahlulela noma lokugxeka izinqumo zabanye ngokwendlela thina esiphila ngayo noma ngokwemibono yethu.c
11. Yini esingayenza ukuze sibe nesandla ekwenzeni ibandla libe nobunye? (Bheka nesithombe.)
11 UJehova ufuna abakhulekeli bakhe babe nobunye, hhayi ukuthi bafane nse. Empeleni, uNkulunkulu wethu uyazithanda izinto ezingafani! Ubufakazi balokho sibubona endalweni. Ngokwesibonelo, awekho amacembe esihlahla afana ncamashi. Cabanga nje ngabantu. Kubantu abangaphezu kuka-8 bhiliyoni emhlabeni, abekho abantu ababili ababukeka noma abanobuntu obufana ncamashi. Lapho uJehova esidala wasidala sehluka komunye nomunye. Akafuni sifane ncamashi nomunye umuntu. Kodwa ufuna sibe munye. Ngakho kunokuba sivumele ukungafani kwethu kusihlukanise, senza konke esingakwenza ukuze kuhlale kunokuthula. Ubunye bebandla bubaluleke kakhulu kithi kunemibono yethu nalokho esikuthandayo.—Roma 14:19.
Lapho uJehova esidala wasenza sahluka komunye nomunye, kodwa ufuna sibe munye (Bheka isigaba 11)
INDLELA ESINGAYIHLONIPHA NGAYO IMIBONO YABANYE
12-13. Yini okufanele siyikhumbule uma sinomuzwa wokuthi othile uthathe “isinyathelo okungesona”? (Galathiya 6:1; bheka nebhokisi elithi “Lapho Ungavumelani Nesinqumo Somunye.”)
12 Lapho abanye benza izinqumo ezindabeni zomuntu siqu. Zibuze, ‘Ingabe lo muntu uthatha “isinyathelo okungesona” noma umane nje wenza into ehlukile?’ Uma ethatha isinyathelo okungesona, esephula umthetho weBhayibheli, zibuze, ‘Ingabe nginezimfanelo ezingokomoya ezenza ngikufanelekele ukumsiza noma ukhona omunye osesimweni esingcono ukuba amsize?’ Uma ukufanelekela ukumsiza, zama ukubonisana naye ngomoya omnene. (Funda eyabaseGalathiya 6:1.) Kodwa ezimweni eziningi, ungase uthole ukuthi lokho akukhethile kumane nje kuyindlela ehlukile yokwenza izinto—engahambisani nombono wakho. Uma kunjalo, ungazingabazi izisusa zakhe noma ukhulume kabi ngesinqumo sakhe. Hlonipha ilungelo lakhe lokuzenzela izinqumo, ungamahluleli.—Roma 14:2-4.
13 Cabanga ngalesi sibonelo: Uma uya endaweni yokudlela nomngani wakho, ingabe ubuyomphoqelela ukuba a-ode ukudla okufana nokwakho? Cha. Ubuyolihlonipha ilungelo lakhe lokuzikhethela ukudla akuthandayo. Phela lokho akhetha ukukudla akukuthinti kangako wena. Ukube ubusezicathulweni zakhe, cishe ubungeke ufune umngani wakho akukhethele ukudla ozokudla ngoba nakhu kuthandwa nguye. Ngendlela efanayo, singababonisa inhlonipho abanye ngokubavumela ukuba bazenzele izinqumo ngaphandle kokuzama ukubenza babheke izinto njengathi.
14. Lapho wenza izinqumo zomuntu siqu, yini ongayenza ukuze usize ekulondolozeni ubunye? (1 Korinte 8:12, 13)
14 Lapho wenza izinqumo ezindabeni zomuntu siqu. Ungasiza ekwenzeni ibandla lihlale linobunye ngokwenza okusemandleni akho ukuze ugweme ukukhuba abanye. (Funda eyoku-1 Korinte 8:12, 13.) Ngezinye izikhathi, ungase wazi ukuthi isinqumo ozosenza ‘singokomthetho,’ okuwukuthi samukelekile. Kodwa uma sizokhuba umfowenu, ingabe kuhle ukusenza?d (1 Kor. 10:23, 24) Ezimweni ezinjalo, kunokuba uphikelele ukuba wenze lokho okuyilungelo lakho, cabangela imizwa yabanye kunokucabanga ngalokho okuthandwa nguwe. (Roma 15:1) Kodwa asishongo yini ukuthi abanye kufanele bahloniphe izinqumo zethu ezindabeni zomuntu siqu? Kunjalo. Kufanele bakuhloniphe lokho esikhetha ukukwenza, njengoba nje nathi kufanele sikuhloniphe lokho abakukhethayo. Kodwa kufanele sikhumbule neseluleko seBhayibheli esikweyabaseRoma 12:18, esithi: “Ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu.” Ngakho senza konke okusemandleni ethu ukuze silondoloze ukuthula nabanye futhi sigweme ukubakhuba ngokungenasidingo.
15. Abadala bangasiza kanjani ekugcineni ibandla linobunye? (1 Korinte 4:6)
15 Abadala bayazihlonipha izinqumo zabanye. Abadala bayasiza ekugcineni ibandla linobunye ngokungabeki imithetho ezindabeni zomuntu siqu ‘nangokungeqeli ngale kwezinto ezilotshiwe’ eBhayibhelini. (Funda eyoku-1 Korinte 4:6.) Lokho kusho nokuthi abeqeli ngale kweseluleko esisekelwe eBhayibhelini esisezincwadini zethu. Ngaphezu kwalokho, lapho omunye umKristu ecela usizo kubo, abadala bayaqikelela ukuba bangathembeli kulokho bona abakwaziyo kuphela lapho bemeluleka. Kunalokho, basekela iseluleko sabo eZwini likaNkulunkulu.—Isaya 48:17, 18.
16. Umdala angabonisa kanjani ukuthi uyazihlonipha izinqumo ezenziwa yindikimba yabadala?
16 Umdala uyazihlonipha nezinqumo ezenziwa yindikimba yabadala. Lapho indikimba yabadala seyithandazile yacela umoya ongcwele, yahlola iziqondiso zeBhayibheli futhi yazisebenzisa yabe seyenza isinqumo, umdala ngamunye kufanele asisekele leso sinqumo ngisho noma iningi lingahambisani nombono wakhe. (Efe. 5:17) Ngaphezu kwalokho, abadala bayoqikelela nokuba bangeqeli ngale kwesiqondiso senhlangano. Ngokwesibonelo, umdala ngeke asebenzise kabi umusho othile okwenye yezincwadi zethu ukuze asekele umbono wakhe.
17. Sizuza kanjani lapho sihlonipha izinqumo zabanye?
17 Njengoba sifundile, asifani. Ngamunye wethu unemibono yakhe nezinto azithandayo. Kodwa ukungafani kwethu kuyinto enhle! Izizinda zethu ezingafani nobuntu bethu obungafani kwenza kube mnandi ebandleni. Ngakho, kunokuvumela ukungafani kwethu kusihlukanise, senza ukuba kuhlale kunokuthula. Siyaqikelela ukuba singabakhubi abanye. Siyazihlonipha izinqumo zabanye ezindabeni zomuntu siqu. Lapho senza kanjalo, uJehova uyoyibusisa imizamo yethu. Siyojabulela ukuba sebandleni elinenjabulo nobunye.—IHu. 133:1; Math. 5:9.
INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe
a Lokhu kwaziswa kuyasebenza nakodade.
b Ziningi izinto umKristu okufanele acabange ngazo lapho enquma ukuthi uzoya yini emngcwabeni noma emshadweni osesontweni. Bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2002.
c Ngezinye izikhathi, abadala kudingeka bahlulele labo abephula imiyalo yeBhayibheli. Noma kunjalo, abadala bayakhumbula ukuthi bamelela uJehova njengoba bekhipha izahlulelo ezisekelwe emithethweni yakhe yokulunga, hhayi emibonweni yabo.—Qhathanisa neyesi-2 IziKronike 19:6.
d Ngokwesibonelo, bheka incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!, isifundo 35, iphuzu 5.