Imibuzo Evela Kubafundi
Izizwe ziyosenza nini isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka”?
Njengoba sibonile kuyi-Nqabayokulindaa yamuva esihlokweni esithi “Imibuzo Evela Kubafundi,” maduzane uJehova uzofaka “umqondo wakhe” ezinhliziyweni ‘zezimpondo eziyishumi’ (kubo bonke ohulumeni), okusho ukunika ‘isilo sasendle esinombala obomvu’ (izizwe ezihlangene) amandla negunya lazo. Lesi silo sibizwa nangokuthi “isithombe sesilo sasendle.” (IsAm. 13:14, 15; 17:3, 16, 17) “Izimpondo eziyishumi” nesilo sasendle esiyobe sesinikwe amandla kuyoyiqeda inkolo yamanga emhlabeni wonke. Ingabe izizwe ziyokwenza isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka”b ngaphambi noma ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga?—1 Thes. 5:3.
Ngamazwi alula, asazi ngokuqondile ukuthi izizwe ziyosenza nini isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka.” Ukube besiyazi yonke imininingwane ngale ndaba bekungeke kudingeke sihlale siphapheme futhi siqaphile. Kodwa uJesu wabeluleka izikhathi eziningi abalandeli bakhe ukuba ‘bahlale belindile.’ (Math. 24:42; 25:13; 26:41) Manje ake sihlolisise isiprofetho esiphefumulelwe umphostoli uPawulu asibhala encwadini yakhe eya kwabaseThesalonika.
UPawulu wabhala: “Noma nini lapho bethi, ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi.” (1 Thes. 5:2, 3) Izincwadi zethu bezivame ukuwachaza ngale ndlela amazwi kaPawulu: Isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” siyokwenziwa ngaphambi nje kokuqala kosizi olukhulu, okuqala ngokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu—umbuso wezwe wenkolo yamanga. Lesi simemezelo esiyokwenziwa esikhathini esizayo besichazwa njengophawu lokugcina lokuthi usizi olukhulu seluzoqala.
Nokho, ngemva kokuyihlolisisa ngokucophelela, kubonakala sengathi kungenzeka kunenye indlela esingayiqonda ngayo le ndaba. Mhlawumbe isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” siyokwenziwa ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga. Kungani singase sisho kanjalo? Cabanga ngale mibuzo elandelayo.
Inkolo yamanga ibe nasiphi isandla ezimpini zezwe? IBhayibheli liyachaza: ‘Kwatholakala kuso [‘isifebe esikhulu,’ iBhabhiloni Elikhulu] igazi . . . labo bonke abaye babulawa emhlabeni.’ (IsAm. 17:1, 5; 18:24) Phakathi nawo wonke umlando wesintu, isifebe esikhulu siye sagqugquzela izimpi zezizwe futhi ngokuvamile yiso ebesilokhu siyimbangela yezenzo zobuphekula. Ngakho besilokhu siyimbangela yezimpi nobudlova, hhayi imbangela yokuthula nokulondeka. Lokhu kuphakamisa umbuzo othi: Ingabe izizwe ziyokwenza isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” kuphela ngemva kokuba sezilibhubhisile iBhabhiloni Elikhulu? Kungenzeka, kodwa asiqiniseki ngalokho.
Yini eyolandela ngemva kwesimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka”? UPawulu uthi: “Khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi.” (1 Thes. 5:3) I-study note esikuleli vesi sithi: “Lapha uPawulu ubonisa ukuthi ngemva kokuba sekukhishwe isimemezelo esithi ‘ukuthula nokulondeka’ sincane noma ngeke sibe khona nhlobo isikhathi esiyoba khona ngaphambi kokuba kubhujiswe labo abayokwenza leso simemezelo. Imbubhiso iyofika ngokushesha futhi akekho oyokwazi ukuyibalekela.” Uma ohulumeni baleli zwe benza isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” ngemva kokuba inkolo yamanga seyibhujisiwe, ngaleyo ndlela ukubhujiswa kwazo zonke izizwe kuyolandela ngokushesha okukhulu.
Abantu bakaJehova bayosabela kanjani kulezi zenzakalo ezibikezelwe? UPawulu uthi: “Bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice ngendlela ukukhanya kosuku obekungafica ngayo amasela.” (1 Thes. 5:4) Cabanga ngalokhu: Uma isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” senziwa ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga, lokho kusho ukuthi abantu bakaJehova bayokwazi ukuthi ukubhujiswa kwezizwe sekusondele. Kodwa ngokombono wezizwe, ukubhujiswa kwazo kuyofika njengesela—kungazelelwe nangokuzumayo.
Pho yini esingayilindela? Esikhathini esizayo esiseduze “izimpondo eziyishumi” nesilo sasendle esiyobe sinikwe amandla amakhulu kuyobhubhisa inkolo yamanga. Lokho kuyoba ukuqala kosizi olukhulu. Siyazi nokuthi ngesikhathi esithile izizwe ziyokwenza isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka.” Kuyokwenzeka nini lokho? Sixoxe ngezinkathi ezimbili okungenzeka zisenze ngaso leso simemezelo. Inkathi yokuqala: Kungenzeka leso simemezelo siyokwenziwa lapho sekusondele isikhathi (ngaphambi noma ngemva nje) uJehova ayofaka ngaso umqondo wakhe ezinhliziyweni zezizwe ukuba zinike isilo sasendle amandla negunya lazo. Inkathi yesibili: Kungenzeka leso simemezelo siyokwenziwa ngemva kokuba ohulumeni sebelibhubhise ngokuphelele iBhabhiloni Elikhulu. Kuyodingeka silinde sibone ukuthi yini eyokwenzeka. Ngokuvamile iziprofetho zeBhayibheli ziqondakala ngokuphelele lapho zigcwaliseka noma ngemva kokuba sezigcwalisekile.—Qhathanisa noJohane 12:16.
Okwamanje, okubaluleke kakhulu akukhona ukuthi siyokwenziwa nini isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” esiyokwenziwa esikhathini esizayo, kodwa ukuba sihlale sithembekile kuNkulunkulu. Kumele “sihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile,” ukuze sikulungele ngokuphelele okuyokwenzeka, kungakhathaliseki ukuthi lezi zenzakalo esixoxe ngazo ziyokwenzeka nini.—1 Thes. 5:6.
a Bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaNovemba 2025.
b Amazwi asetshenziswe umphostoli uPawulu abonisa ukuthi kungenzeka akukhulunywa ngesimemezelo esisodwa, kodwa kukhulunywa ngezimemezelo eziningana.