Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Febhuwari k. 32
  • Funda Ukwesaba UNkulunkulu Njengo-Obadiya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funda Ukwesaba UNkulunkulu Njengo-Obadiya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nesibindi Ngosizo Lokholo Nokwesaba UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Kungani Kufanele Simesabe UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-31—UObadiya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Obadiya, KaJona NekaMika
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Febhuwari k. 32

UMLINGISWA OSEBHAYIBHELINI

Funda Ukwesaba UNkulunkulu Njengo-Obadiya

U-Obadiya wayengamele indlu yeNkosi embi u-Ahabi, umbusi owavumela izenzo ezimbi zokukhulekela uBhali ukuba zigcwale ezweni. Kodwa, u-Obadiya wayemesaba uJehova ‘kusukela ebusheni bakhe.’ (1 AmaKh. 18:​1-13) Ngakho lapho iNdlovukazi uJezebeli iyala ukuba kubulawe bonke abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wayazi ukuthi kwakudingeka abe nesibindi futhi enze okuthile ukuze avimbele leyo nto embi ukuba ingenzeki. Ukufihla umprofethi oyedwa nje kwakuyingozi; noma kunjalo, u-Obadiya wafihla abaprofethi abangu-100 wabanika nokudla ngesikhathi kunendlala enkulu! Cabanga ukuthi kwakunzima kangakanani ukufihlela amakhulu abaprofethi bamanga ababekhonza inkosi nendlovukazi lokho ayekwenza.—1 AmaKh. 18:19.

Yini esingayifunda kule ndoda eyayesaba uNkulunkulu? Nakuba u-Obadiya ayemesaba u-Ahabi, wayemesaba nakakhulu uNkulunkulu. Lokho kwamenza waba nesibindi sokubeka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele abafowabo. Uma ukukhulekela kweqiniso kuvinjezelwe lapho esihlala khona, nathi singafunda ukwesaba uNkulunkulu. Ukwesaba uNkulunkulu ngale ndlela kungasinika amandla okusekela abafowethu nodadewethu ababhekene novivinyo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela