Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Meyi kk. 14-19
  • Funa Idolobha Eliyohlale Lizinzile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funa Idolobha Eliyohlale Lizinzile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • METHEMBE LOWO ONGASOZE AKULAHLA
  • LALELA ABAHOLAYO
  • BONISA UTHANDO LOBUZALWANE, WAMUKELE NEZIVAKASHI
  • OKUYOKWENZEKA ESIKHATHINI ESIZAYO
  • Incwadi Engasisiza Sikhuthazele Ngokwethembeka Kuze Kube Sekupheleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Ngesizotha Yamukela Ukuthi Kunezinto Ongazazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Thola Izimpendulo Zale Mibuzo
    Isimiso SoMhlangano Wesigodi Onombonisi Wesigodi Ka-2025-2026
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Meyi kk. 14-19

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 21

INGOMA 21 Qhubekani Nifuna UMbuso Kuqala

Funa Idolobha Eliyohlale Lizinzile

‘Silifuna ngobuqotho [idolobha] elizayo.’—HEB. 13:14.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela incwadi yamaHebheru isahluko 13 engasizuzisa ngayo namuhla nasesikhathini esizayo.

1. Yini uJesu abikezela ukuthi yayiyokwenzeka eJerusalema ngekhulu lokuqala?

EZINSUKWINI ezimbalwa ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu Kristu wakhuluma ngesiprofetho esinemininingwane eminingi esaqala ukugcwaliseka phakathi nezinsuku zokugcina zesimiso sezinto samaJuda. Wakhipha isixwayiso esithi ngelinye ilanga idolobha laseJerusalema ‘laliyohaqwa amabutho akanisile.’ (Luka 21:20) UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi lapho nje bebona lawo mabutho—okwakungamabutho amaRoma—kwakufanele bahambe eJudiya ngokushesha.—Luka 21:21, 22.

2. Yini umphostoli uPawulu ayikhumbuza amaKristu angamaHebheru aseJudiya naseJerusalema?

2 Eminyakeni embalwa nje ngaphambi kokuba amabutho amaRoma ahaqe iJerusalema, umphostoli uPawulu wabhala incwadi enamandla, manje eyaziwa ngokuthi incwadi yamaHebheru. Kuleyo ncwadi, uPawulu wanika amaKristu aseJudiya naseJerusalema iseluleko esibalulekile esasiyowasiza alungele okwakuseza. Yini ngempela le eyayiseza? IJerusalema lalizobhujiswa. Uma lawo maKristu ayenethemba lokusinda, kwakuyomele akulungele ukushiya imizi yawo namabhizinisi awo. Ngokuphathelene nedolobha laseJerusalema, uPawulu wabhala: “Asinalo lapha idolobha elizinzile.” Wabe esenezela: “Kodwa sifuna ngobuqotho lelo elizayo.”—Heb. 13:14.

3. Liyini “idolobha elinezisekelo zangempela,” futhi kungani silifuna?

3 AmaKristu anquma ukuhamba eJerusalema naseJudiya cishe ahlanjalazwa futhi enziwa inhlekisa, kodwa leso sinqumo sasindisa ukuphila kwawo. Namuhla senziwa inhlekisa ngenxa yokuthi asibeki ithemba lethu kubantu noma sifune ukulondeka nokuphila okuntofontofo kuleli zwe. Pho kungani sikhetha ukwenza kanjalo? Yingoba leli zwe elibi elesikhashana. Sifuna “idolobha elinezisekelo zangempela,” okuwukuthi “lelo elizayo,” uMbuso kaNkulunkulu.a (Heb. 11:10; Math. 6:33) Isihlokwana ngasinye kulesi sihloko sizoxoxa: (1) ngendlela iseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe esawasiza ngayo amaKristu angekhulu lokuqala ukuba aqhubeke efuna “[idolobha] elizayo,” (2) indlela uPawulu awasiza ngayo alungela izenzakalo ezaziseza, (3) nendlela iseluleko sakhe esisisiza ngayo namuhla.

METHEMBE LOWO ONGASOZE AKULAHLA

4. Kungani iJerusalema lalibalulekile kumaKristu?

4 IJerusalema lalibalulekile kumaKristu. Ibandla lamaKristu angekhulu lokuqala lamiswa khona ngo-33 C.E., futhi indikimba ebusayo yalelo bandla yayihlala kulelo dolobha. Ngaphezu kwalokho, amaKristu amaningi ayenemizi kulelo dolobha futhi ayeseqongelele izinto eziningi kulo. Noma kunjalo, uJesu waxwayisa abalandeli bakhe ukuthi kwakuyodingeka baphume eJerusalema, baphume ngisho naseJudiya.—Math. 24:16.

5. UPawulu wawasiza kanjani amaKristu ukuba alungele okwakuseza?

5 Ukuze asize amaKristu alungele okwakuseza, uPawulu wawasiza ukuba agxile endleleni uJehova ayebheka ngayo idolobha laseJerusalema. UPawulu wawakhumbuza ukuthi ngokombono kaJehova, ithempeli, ubupristi kanye nemihlatshelo eyayenziwa eJerusalema kwakungasekho ngcwele. (Heb. 8:13) Abaningi ababehlala kulelo dolobha abazange bamamukele uMesiya. Ithempeli laseJerusalema lalingaseyona indawo eyinhloko yokukhonza uJehova ngendlela emsulwa futhi lalizobhujiswa.—Luka 13:34, 35.

6. Kungani isikhumbuzo sikaPawulu esitholakala kweyamaHebheru 13:5, 6 sasifike ngesikhathi kumaKristu?

6 Ngesikhathi uPawulu ebhalela amaHebheru, iJerusalema laliyidolobha elichumayo. Umbhali ongumRoma owayephila ngaleso sikhathi wabiza iJerusalema ngokuthi “idolobha elidume kunawo wonke eMpumalanga.” AmaJuda ayevela ezindaweni ezihlukahlukene ayeya khona unyaka nonyaka ukuze agubhe imikhosi, okwaba nomthelela ekuchumeni kwalo kwezomnotho. Akungabazeki ukuthi amanye amaKristu nawo azuza kuleso simo sezomnotho esihle. Mhlawumbe yingakho uPawulu athi kuwo: “Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona.” Wabe esecaphuna amazwi anamandla aqinisekisayo atholakala emiBhalweni avela kuJehova, athi: “Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.” (Funda eyamaHebheru 13:5, 6; Dut. 31:6; IHu. 118:6) AmaKristu ayehlala eJerusalema naseJudiya ayezosidinga leso siqinisekiso. Kungani? Ngenxa yokuthi ngokushesha nje ngemva kokuthola le ncwadi, kwakuyodingeka ashiye imizi yawo, amabhizinisi awo nempahla yawo eningi. Ngemva kwalokho kwakuyodingeka abhekane nokwakuseza.

7. Kungani kufanele simethembe nakakhulu uJehova manje?

7 Esikufundayo: Yini ezokwenzeka maduzane? Ukuphela kwaleli zwe elibi ‘ngosizi olukhulu.’ (Math. 24:21) NjengamaKristu angekhulu lokuqala, kumele sihlale siphapheme futhi silungele leso sikhathi. (Luka 21:34-36) Phakathi nosizi olukhulu, kungase kudingeke sishiye enye yempahla yethu noma konke esinakho, simethembe ngokuphelele uJehova ukuthi akasoze abalahla abantu bakhe. Ngisho kwamanje, ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu, sinethuba lokubonisa ukuthi sithembele kubani. Zibuze, ‘Ingabe izenzo zami nemigomo yami kuyabonisa ukuthi ithemba lami angilibekile engcebweni, kodwa ngithembele kuNkulunkulu othembisa ukuthi uzonginakekela?’ (1 Thim. 6:17) Yiqiniso ukuthi nakuba singafunda izifundo ezithile kulokho okwenzeka ngekhulu lokuqala, “usizi olukhulu” oluzayo luyoba yinto engakaze ibe khona emlandweni. Pho sizokwazi kanjani ukuthi yini ngempela okufanele siyenze lapho kuqala usizi olukhulu?

LALELA ABAHOLAYO

8. Yisiphi isiqondiso uJesu asinika abafundi bakhe?

8 Ngemva kweminyaka embalwa ethole incwadi kaPawulu ayeyibhalele amaHebheru, amaKristu abona amabutho amaRoma ehaqa idolobha laseJerusalema. Lokho kwawabonisa ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba abaleke; idolobha laseJerusalema lalizobhujiswa. (Math. 24:3; Luka 21:20, 24) Kodwa ayezobalekela kuphi? UJesu wayethe: “Labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni.” (Luka 21:21) Zaziziningi izintaba kuleyo ndawo. Ngakho ayezobalekela kuziphi izintaba?

9. Yini eyayingenza amaKristu azibuze ukuthi yiziphi izintaba ayezobalekela kuzo? (Bheka nebalazwe.)

9 Cabanga ngezinye zezintaba amaKristu ayengase abalekele kuzo: izintaba zaseSamariya, izintaba zaseGalile, iNtaba iHermoni nezintaba zaseLebhanoni, nezintaba ezingaphesheya kweJordani. (Bheka ibalazwe.) Amanye amadolobha ayekulezo zintaba kungenzeka ayebonakala ephephile. Ngokwesibonelo, idolobha laseGamla laliphezulu entabeni futhi kwakunzima kakhulu ukufika kulo. Amanye amaJuda ayebheka lelo dolobha njengendawo ekahle umuntu angabalekela kuyo. Nokho, kwaba nempi embi kakhulu eGamla eyayiphakathi kwamaJuda namaRoma futhi abantu abaningi ababehlala kulelo dolobha bafa.b

Ibalazwe elibonisa ezinye zezintaba namadolobha akwa-Israyeli ngekhulu lokuqala. ENyakatho yeJerusalema kunezintaba zaseLebhanoni, ezaseGalile, ezaseSamariya nezaseGileyadi, kanye neNtaba iHermoni neNtaba iThabhori. Amadolobha aseNyakatho yeJerusalema iGamla, iKhesariya, nePhela. ENingizimu yeJerusalema kunezintaba zaseJudiya nezase-Abharimi, kanye nedolobha iMasada. Ibalazwe libonisa nezindlela okwakuhamba kuzo imikhankaso yamaRoma nezindawo ezalahlekela amaJuda kusukela ngo-67 C.E. kuya ku-73 C.E.

Zaziziningi izintaba amaKristu okuqala ayengabalekela kuzo, kodwa akuzona zonke ezaziphephile (Bheka isigaba 9)


10-11. (a) Iyiphi indlela okungenzeka uJehova wayeyisebenzisa ukuze aqondise amaKristu? (Hebheru 13:7, 17) (b) Kwawazuzisa kanjani amaKristu ukulalela abaholayo? (Bheka nesithombe.)

10 Kubonakala sengathi uJehova wayeqondisa amaKristu esebenzisa labo ababehola ebandleni. Isazimlando okuthiwa u-Eusebius kamuva sabhala: “UNkulunkulu wembulela abanye abazalwane baseJerusalema ukuthi amaKristu kufanele abaleke eJerusalema ngaphambi kokuba kuqale impi, ahambe ayohlala edolobheni elithile lasePhereya elibizwa ngokuthi iPhela.” Kubonakala sengathi iPhela yayiyindawo ekahle. Yayingekude neJerusalema, okwakwenza kube lula ukuya kuyo. Ngokuyinhloko, iPhela yayiyidolobha labeZizwe futhi impi eyayiphakathi kwamaRoma namaJuda ayelwela inkululeko yayingalithinti.—Bheka ibalazwe.

11 AmaKristu ayebalekele ezintabeni asilalela iseluleko sikaPawulu sokuba ‘alalele abaholayo’ ebandleni. (Funda eyamaHebheru 13:7, 17.) Ngenxa yalokho, abantu bakaNkulunkulu basinda. Umlando uyakuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu akabalahlanga labo ‘ababelindele idolobha elinezisekelo zangempela’—uMbuso kaNkulunkulu.—Heb. 11:10.

Iqembu lamaKristu angekhulu lokuqala lihamba ezintabeni, liphethe izimpahla zawo.

IPhela laliyindawo ephephile (Bheka izigaba 10-11)


12-13. UJehova ubahole kanjani abantu bakhe phakathi nezikhathi ezinzima?

12 Esikufundayo: UJehova usebenzisa abaholayo ukuze anike abantu bakhe iziqondiso. ImiBhalo inezibonelo eziningi zendlela uJehova asebenzise ngayo abelusi ukuba bahole abantu bakhe phakathi nezikhathi ezinzima. (Dut. 31:23; IHu. 77:20) Nathi namuhla sibubonile ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJehova uyaqhubeka esebenzisa abaholayo.

13 Ngokwesibonelo, ngesikhathi kuhlasela ubhubhane lwe-COVID-19, “abaholayo” banikeza amabandla iziqondiso ayezidinga. Abadala bathola iziqondiso zokuthi amabandla kufanele ahlangane kanjani ukuze aqhubeke ekhonza uJehova. Ngemva kwesikhashana nje kuqale ubhubhane, saqopha umlando ngokuba nomhlangano wesifunda ngezilimi ezingaphezu kuka-500 sisebenzisa i-inthanethi, i-TV nomsakazo. Saqhubeka sondliwa ngokomoya. Ngenxa yalokho, saqhubeka sinobunye. Singaqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uvivinyo esingase sibhekane nalo esikhathini esizayo, uJehova uyoqhubeka esiza abaholayo ukuba benze izinqumo ezihlakaniphile. Ngaphandle kokuthembela kuJehova nokulalela imithetho yakhe, yiziphi ezinye izimfanelo eziyosisiza silungele usizi olukhulu futhi senze ngokuhlakanipha phakathi naleso sikhathi esinzima kakhulu?

BONISA UTHANDO LOBUZALWANE, WAMUKELE NEZIVAKASHI

14. Ngokwencwadi yamaHebheru 13:1-3, yiziphi izimfanelo amaKristu okwakudingeka azibonise phakathi nezinsuku zokugcina zesimiso sezinto samaJuda?

14 Lapho kuqala usizi olukhulu, kuyodingeka sibonisane uthando ngezinga esingakaze silubonise ngalo ngaphambili. Ngaleso sikhathi, kuyodingeka silingise isibonelo samaKristu ayehlala eJerusalema naseJudiya. Ayehlale ebonisana uthando. (Heb. 10:32-34) Kodwa eminyakeni embalwa ngaphambi kokuba kuphele isimiso sezinto samaJuda, amaKristu kwakudingeka alubonise nakakhulu “uthando lobuzalwane” futhi ‘amukele izivakashi.’c (Funda eyamaHebheru 13:1-3.) Kuyoba njalo nangathi njengoba sekuseduze ukuba leli zwe elibi liphele.

15. Kungani amaKristu angamaHebheru kwakudingeka abonise uthando lobuzalwane futhi amukele izivakashi ngemva kokubaleka?

15 Ngesikhathi amabutho amaRoma ayehaqe iJerusalema ehoxa kungazelelwe, amaKristu abaleka nezinto ezimbalwa kakhulu. (Math. 24:17, 18) Kwakudingeka ancike komunye nomunye njengoba ayehamba eya ezintabeni nanjengoba ayeqala ukuphila okusha. Akungabazeki ukuthi zaziziningi ‘izidingo eziphuthumayo’ futhi lezo zidingo zaziyovulela amaKristu ithuba lokubonisa uthando lobuzalwane lwangempela nelokwamukela izivakashi ngokuthi basekelane futhi baphe nabanye lokho abanakho.—Thithu 3:14.

16. Singababonisa kanjani uthando esikholwa nabo abadinga usizo lwethu? (Bheka nesithombe.)

16 Esikufundayo: Uthando lusenza sisekele esikholwa nabo lapho bedinga usizo. Abantu bakaNkulunkulu abaningi bebelokhu bezimisele ukunakekela izidingo ezingokomoya nezingokwenyama zabafowabo nodadewabo abangababaleki ngenxa yezimpi zamuva nezinhlekelele zemvelo. Udade wase-Ukraine owashiya umuzi wakhe ngenxa yempi wathi: “Siyibonile indlela uJehova asihole ngayo nasisize ngayo esebenzisa abafowethu. Basamukele ngezandla ezifudumele futhi basisiza e-Ukraine, e-Hungary nalapha eJalimane.” Labo abamukela abafowabo nodadewabo futhi banakekele izidingo zabo, bangamathuluzi ezandleni zikaJehova.—IzAga 19:17; 2 Kor. 1:3, 4.

Indoda nomkayo asebekhulile basemzini wabo, bawamukela ngezandla ezifudumele umndeni ongababaleki. Lo mndeni uphethe i-⁠suitcase eyodwa nezikhwama ezimbalwa.

AmaKristu angababaleki namuhla adinga usizo lwethu (Bheka isigaba 16)


17. Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sikufunde manje ukubonisa uthando lobuzalwane nokwamukela izivakashi?

17 Akungabazeki ukuthi esikhathini esizayo siyoba sikhulu nakakhulu isidingo sokuba sisizane. (Hab. 3:16-18) UJehova usiqeqesha manje ukuba sibonise uthando lobuzalwane futhi samukele izivakashi, okuyizimfanelo eziyodingeka ngempela ngaleso sikhathi.

OKUYOKWENZEKA ESIKHATHINI ESIZAYO

18. Singawalingisa kanjani amaKristu angamaHebheru angekhulu lokuqala?

18 Njengoba umlando ubonisa, amaKristu abalekela ezintabeni akwazi ukubalekela inhlekelele eyehlela iJerusalema. Alishiya idolobha, kodwa uJehova akazange awashiye. Kuthiwani ngosuku lwethu? Asikwazi konke okuyokwenzeka esikhathini esizayo. Kodwa siyasazi isixwayiso sikaJesu sokuba sihlale sikulungele ukulalela. (Luka 12:40) Singakwazi nokusebenzisa iseluleko sikaPawulu esisencwadini ayibhalela amaHebheru, okuyiseluleko esisasebenza nasosukwini lwethu, njengoba nje sasisebenza nangekhulu lokuqala. Sinanesiqinisekiso esivela kuJehova sokuthi akasoze asishiya noma asilahla. (Heb. 13:5, 6) Kwangathi singalifuna ngobuqotho idolobha eliyohlale lizinzile—uMbuso kaNkulunkulu—futhi sijabulele izibusiso zaphakade eliyosilethela zona.—Math. 25:34.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Kungani kudingeka simethembe nakakhulu uJehova manje?

  • Kungani ukulalela kuyobaluleka kakhulu phakathi ‘nosizi olukhulu’?

  • Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sikufunde manje ukubonisa uthando lobuzalwane nokwamukela izivakashi?

INGOMA 157 Ek’gcineni S’yoba Nok’thula!

a Ngezikhathi zeBhayibheli, ngokuvamile amadolobha ayebuswa yinkosi. Amadolobha anjalo ayengase abhekwe njengombuso.—Gen. 14:2.

b Lokho kwenzeka ngo-67 C.E., ngemva kwesikhashana nje amaKristu ebalekile eJudiya naseJerusalema.

c Igama elihunyushwe ngokuthi “uthando lobuzalwane” lingabhekisela othandweni umuntu analo ngezihlobo zakhe eziseduze, kodwa uPawulu ulisebenzisa ukuze achaze uthando olunamandla esinalo ngabafowethu nodadewethu ebandleni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela