UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yimani Niqine Njengoba Ukuphela Kusondela
OKWENZA KUBALULEKE: Kungekudala kuzoba nezenzakalo ezesabekayo ezizokwenza kudingeke sibonise isibindi futhi sithembele kuJehova ngendlela esingakaze senze ngayo ngaphambili. Usizi olukhulu luzoqala lapho kubhujiswa inkolo yamanga. (Math 24:21; IsAm 17:16, 17) Ngaleso sikhathi esinesiphithiphithi, kungenzeka sizobe sikhipha umyalezo wesahlulelo odinga isibindi. (IsAm 16:21) UGogi wakwaMagogi uzosihlasela. (Hez 38:10-12, 14-16) UJehova uyosisiza ngokuletha ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAm 16:14, 16) Ukuze sibe nesibindi ngaleso sikhathi, kudingeka sime siqine lapho ukholo lwethu luvivinywa.
INDLELA YOKUKWENZA:
Phila ngezimiso zikaJehova eziphakeme futhi uzivikele ngesibindi.—Isaya 5:20
Qhubeka ukhonza kanye namanye amaKristu.—Heb 10:24, 25
Zilalele ngokushesha iziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova.—Heb 13:17
Zindla ngendlela uJehova asindisa ngayo abantu bakhe esikhathini esidlule.—2Pet 2:9
Thandaza kuJehova futhi umethembe.—IHu 112:7, 8
BUKELA IVIDIYO ETHI IZENZAKALO EZISEZA EZIZODINGA SIBE NESIBINDI—ISIQEPHU, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yini eyenzeka ebandleni elalihlanganiswa nelinye okwakudingeka abamemezeli babonise ukuthi bayalalela yini?
Isibindi nokulalela kuhlobana kanjani?
Kungani kuyodingeka isibindi lapho sekufika i-Armagedoni?
Zilungiselele manje ukuze ukwazi ukubhekana nezinto ezizokwenzeka ezizodinga ube nesibindi
Yiziphi izindaba eziseBhayibhelini ezingasisiza sikholelwe nakakhulu ukuthi uJehova angasisindisa?—2Kro 20:1-24