UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Lwela Ukuba Nobuntu Obubonisa Ukwesaba UNkulunkulu—Isibindi
OKWENZA KUBALULEKE:
Kudingeka sibe nesibindi ukuze sishumayele.—IzE 5:27-29, 41, 42
Usizi olukhulu luzovivinya isibindi esinaso.—Math 24:15-21
Ukwesaba abantu kuholela enhlekeleleni.—Jer 38:17-20; 39:4-7
INDLELA YOKUKWENZA:
Ikuphi ukwesaba okudingeka ngikunqobe enkonzweni?
BUKELA I-VIDEO ETHI GWEMA IZINTO EZIPHAZAMISA UBUQOTHO—UKWESABA ABANTU, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Kungani kubalulekile ukuba nesibindi enkonzweni yethu?
Ikuphi ukuqhathanisa okwenziwayo emBhalweni wezAga 29:25?
Kungani kumelwe sikulwele manje ukuba nesibindi esibonisa ukuthi sesaba uNkulunkulu?