Agasti 10-16
EKSODUSI 15-16
INgoma 149 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Dumisa UJehova Ngokumculela”: (10 imiz.)
Eks 15:1, 2—UMose namadoda akwa-Israyeli adumisa uJehova ngokumculela (w95 10/15 11 ¶11)
Eks 15:11, 18—UJehova uyakufanelekela ukuba simdumise (w95 10/15 11-12 ¶15-16)
Eks 15:20, 21—UMiriyamu nabesifazane bakwa-Israyeli badumisa uJehova ngokumculela (it-2-E 454 ¶1; 698)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Eks 16:13—Kungaba yiziphi izizathu ezenza uJehova wakhetha ukondla ama-Israyeli ngezigwaca ehlane? (w11 9/1 14)
Eks 16:32-34—Yayibekwa kuphi imbiza yemana? (w06 1/15 31)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Eks 16:1-18 (th isifundo 10)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Nixoxa Okokuqala: (4 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo, bese ubuza izilaleli le mibuzo: Yini ebonisa ukuthi ummemezeli uyisebenzise kahle imibuzo? Ubonise kanjani kahle indlela yokusebenzi umbhalo?
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Nikeza umninikhaya incwadi eseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. (th isifundo 3)
Lapho Nixoxa Okokuqala: (5 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe sewethula (ungayidlali) ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? bese nixoxa ngayo. (th isifundo 9)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Dumisa UJehova Ngokuthi Ube Yiphayona”: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Osisi Abathathu BaseMongolia. Xoxa nomzalwane noma nodade, osebandleni okulo, oyiphayona elivamile noma oke waba yilo. Mbuze le mibuzo: Yiziphi izinselele oke wabhekana nazo? Yiziphi izibusiso ozitholile?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 16 ¶16-29, ibhokisi ek. 142; nokubukeza, 144
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 137 Nomthandazo