AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 40-41
UJehova Ukhulula UJosefa
Kwaphela iminyaka engaba ngu-13 uJosefa eyisigqila futhi eboshiwe ngaphambi kokuba uJehova amkhulule. Kunokuba acasuke, uJosefa wafunda izinto eziningi ezinhle kulokho okwenzeka kuye. (IHu 105:17-19) Wayazi ukuthi uJehova wayengakaze amlahle. UJosefa wakwenza kanjani okuhle ayengakwenza esimweni ayebhekene naso?
Wayekhuthele futhi ethembekile, okwenza uJehova wambusisa.—Gen 39:21, 22
Wayekhathalela abanye kunokulokhu ecabanga izindlela zokuziphindiselela kulabo abamphatha kabi.—Gen 40:5-7
Lokho okwenzeka kuJosefa kungisiza kanjani ngikhuthazelele izinkinga zami?
Yini engingayenza ukuze ngisisebenzise kahle isimo engibhekene naso, kuze kube yilapho uJehova engikhulula e-Armagedoni?